Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe kungaba inkambo yokuhlakanipha ukuba umKristu aye kudokotela wengqondo?
Imibiko evela kwamanye amazwe ibonisa ukuthi kuye kwaba nokwanda kokugula okungokomzwelo nokungokwengqondo kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) AmaKristu aba nomuzwa ojulile wesihe lapho abakholwa nawo bethinteka, kodwa ayaqaphela ukuthi kumelwe ngamunye azinqumele ukuthi uyafuna yini ukwelashwa ngokugula kwakhe noma cha, futhi uma kunjalo, nhloboni yokwelashwa.a “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5) Abanye abahlushwa kakhulu i-schizophrenia, i-bipolar disorder, ukucindezeleka okunamandla okuqaphelekayo, i-obsessive-compulsive disorder, ukuzilimaza, nezinye izifo ezicindezelayo, baye bakwazi ukuphila kahle ngendlela evamile ngemva kokuthola usizo olufanele lodokotela.
Kwezinye izindawo ukufuna ukwelashwa kuye kwaba okuthandwa kakhulu. Ezimweni eziningi isiguli sisuke singenakho ukuphazamiseka kwengqondo okungathi sína kodwa sisuke sinenkinga yokubhekana nesimo esithile ekuphileni. Nokho, iBhayibheli elinikeza usizo olusebenza ngempela ekusingatheni izinkinga ezinzima zokuphila. (IHubo 119:28, 143) NgeBhayibheli, uJehova unikeza ukuhlakanipha, ikhono lokucabanga, nolwazi lweqiniso—izinto ezisiqinisa ngokwengqondo nangokomzwelo. (IzAga 2:1-11; Heberu 13:6) Ngezinye izikhathi izinceku zikaNkulunkulu ezikholekile zingase zikhulume ngokungaqondi ngenxa yokukhungatheka kwangaphakathi okungathi sína. (Jobe 6:2, 3) EkaJakobe 5:13-16 ikhuthaza abanjalo ukuba babize abadala ukuze bathole usizo neseluleko. Kungase kwenzeke ukuthi umKristu uyagula ngokomoya, noma ucindezelwe isimo esithile esingenakuguqulwa noma ukucindezeleka okunamandla, noma kungenzeka ukuthi unomuzwa wokuthi uyisisulu sokungabi nabulungisa. (UmShumayeli 7:7; Isaya 32:2; 2 Korinte 12:7-10) Umuntu onjalo angathola usizo kubadala, ‘abayomgcoba ngamafutha’—okusho ukuthi, bamnike ngekhono iseluleko seBhayibheli esiduduzayo—futhi ‘bamthandazele.’ Uyoba yini umphumela? “Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse [aphume ekudangaleni kwakhe noma ekubeni nomuzwa wokuthi uNkulunkulu umlahlile].”
Nokho, kuthiwani uma ukucindezeleka nokuphazamiseka komuntu okungokwengqondo kuphikelela naphezu kokusizwa ngekhono abelusi abangokomoya? Abanye abakulesi simo baye bakhetha ukuba baxilongisiswe emzimbeni. (Qhathanisa nezAga 14:30; 16:24; 1 Korinte 12:26.) Inkinga engokomzimba ingase ibe imbangela yokucindezeleka okungokomzwelo nokungokwengqondo. Ezimweni ezithile ukwelapha inkinga enjalo kuye kwaletha ukukhululeka kumuntu ogula ngokomzwelo.b Uma ingekho inkinga etholakalayo emzimbeni, udokotela, lapho ecelwa, angase atuse usizo lukadokotela wengqondo. Yini okufanele uyenze? Njengoba kubonisiwe, lesi isinqumo okumelwe umuntu ngamunye azenzele sona. Abanye akufanele bagxeke noma bahlulele.—Roma 14:4.
Noma kunjalo, kumelwe kusetshenziswe ukuhlakanipha okuwusizo futhi kuqashelwe ukuthi izimiso zeBhayibheli azilitshalwa. (IzAga 3:21; UmShumayeli 12:13) Lapho zigula ngokomzimba, iziguli zibhekana nezinhlobonhlobo zokwelapha ezingakhetha kuzo, kusukela emithini evamile kuya ekwelapheni okunjengokwelapha ngezinto zemvelo, ukutshopa, ne-homeopathy. Kukhona nezinhlobo ezihlukahlukene zodokotela bengqondo. Phakathi kwabo kukhona abelapha ingqondo ngokucubungula nabanye, abangase bacubungule umlando womuntu siqu wesiguli bezama ukuthola izizathu zokuziphatha kwaso okungavamile noma imizwelo ebuhlungu. Odokotela abelapha ingqondo ngokuhlola ukuziphatha bangase bazame ukusiza isiguli ukuba sifunde izindlela ezintsha zokuziphatha. Abanye odokotela bengqondo bakholelwa ukuthi izifo zengqondo eziningi kufanele zelashwe ngezidakamizwa.c Kubikwa ukuthi abanye batusa uhlobo oluthile lokudla namavithamini.
Iziguli nemikhaya yazo kufanele baqaphe lapho becabangela lezi zinhlobo zokwelapha. (IzAga 14:15) Ngokuphawulekayo, uProfesa Paul McHugh, umqondisi we-Department of Psychiatry and Behavioral Sciences eJohns Hopkins University School of Medicine, wathi ubuchwepheshe bezengqondo “buwubuciko bezokwelapha obungaphelele. Akulula ukuthola ubufakazi bokusikisela kwabo nakuba busebenza ngokuphazamiseka kwezici eziyinkimbinkimbi kunazo zonke zokuphila komuntu—ingqondo nokuziphatha.” Lesi simo sinikeza amathuba okuphambuka endleleni efanele nokukhohlisa, kanye nokusetshenziswa ngenhloso enhle kwezindlela zokwelapha ezingase zenze umonakalo omkhulu kunokuba zisize.
Kufanele kuphawulwe nokuthi nakuba odokotela bengqondo nezazi zokusebenza kwengqondo beneziqu zemfundo ephezulu yobuchwepheshe, kunabanye abaningi abangawufundelanga lomsebenzi abasebenza njengabeluleki noma abelapha ngaphandle kokuqondiswa. Abanye abantu baye bachitha imali eningi beya kubantu abanjalo abangafaneleki.
Ngisho nakudokotela wengqondo oqeqeshiwe nofanelekayo, kunezinto okufanele zicatshangelwe. Lapho sikhetha udokotela wezokwelapha noma ohlinzayo, kufanele siqiniseke ukuthi uzoyihlonipha imibono yethu esekelwe eBhayibhelini. Ngokufanayo, kungaba ingozi ukuya kudokotela wengqondo ongayihloniphi imibono yethu engokwenkolo neyokuziphatha. AmaKristu amaningi alwa kanzima, nakuba enokuphazamiseka okungokwengqondo nokungokomzwelo, ukuba abe “nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.” (Roma 15:5) Abanjalo bakhathazeka ngokufanelekile ngezimo zengqondo zanoma ubani ongase athikameze ukucabanga kwabo nokuziphatha. Abanye odokotela babheka noma imiphi imingcele ebekwa izinkolelo ezingokomBhalo njengengadingekile nengalimaza ingqondo. Bangase bavumele, baze batuse, imikhuba elahlwa iBhayibheli, njengobungqingili noma ukungathembeki emshadweni.
Lemiqondo ihlanganisiwe kulokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi ‘ukuphikisana okubizwa ngokungeyikho ngokuthi “ulwazi.”’ (1 Thimothewu 6:20) Iphikisana neqiniso ngoKristu futhi iyingxenye ‘yefilosofi nenkohliso eyize’ yalelizwe. (Kolose 2:8) Indinganiso yeBhayibheli isobala: “Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.” (IzAga 21:30) Ukuya kodokotela bengqondo abathi ‘okubi kungokuhle, nokuhle kungububi’ ‘kuwukuzihlanganisa nababi.’ Kunokuba basize ekwelapheni izingqondo eziphazamisekile, ‘bayokonakalisa imikhuba enosizo.’—Isaya 5:20; 1 Korinte 15:33.
Ngakho umKristu onomuzwa wokuthi kudingeka aye kudokotela wengqondo kufanele acwaningisise ukufaneleka, isimo sengqondo, nedumela lalowo dokotela nomphumela ongase ube khona ngemva kwanoma ikuphi ukwelapha okutuswayo. Uma umKristu ocindezelekile engenakukwenza lokhu ngokwakhe, mhlawumbe umngane oseduze noma isihlobo esivuthiwe singase sikwazi ukumsiza. UmKristu ongaqiniseki ngokuhlakanipha kohlobo oluthile lokwelapha angase akuthole kuwusizo ukukhuluma nabadala ebandleni—nakuba isinqumo sokugcina kungesakhe (noma sabazali bakhe, noma isinqumo esihlanganyelwe sendoda nomfazi).d
Isayensi ingenza okuningi namuhla kunangezikhathi zangaphambili ekudambiseni ukuhlupheka. Noma kunjalo, kunezifo eziningi—kokubili ezingokomzimba nezingokwengqondo—ezingalapheki okwamanje futhi okufanele zikhuthazelelwe kuze kuphele lesi simiso sezinto. (Jakobe 5:11) Okwamanje “isigqila esikholekile nesiqondayo,” abadala, nabo bonke abanye ebandleni babonisa isihe futhi basekele abagulayo. Futhi uJehova ngokwakhe uyabaqinisa ukuze bakhuthazele kuze kube yileso sikhathi esikhazimulayo lapho ukugula kungeke kusaba khona.—Mathewu 24:45; IHubo 41:1-3; Isaya 33:24.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngezinye izikhathi umuntu angase acelwe ukuba ahlolwe ingqondo, mhlawumbe lapho kucatshangelwa ukuba anikezwe umsebenzi wesikhundla esiphezulu. Ukuthi umuntu uyakuvuma ukuhlolwa okunjalo noma cha isinqumo sakhe siqu, kodwa kufanele kuphawulwe ukuthi ukuhlolwa ingqondo akukhona ukwelashwa ingqondo.
b Bheka isihloko esithi “Ukunqoba Impi Yokucindezeleka,” kuyi-Nqabayokulinda ka-March 1, 1990.
c Ezinye izifo zengqondo zibonakala zelapheka kahle ngemithi efanele. Kodwa lemithi kufanele isetshenziswe ngokuqapha ngaphansi kwesiqondiso sodokotela abavamile noma abelapha ingqondo abanekhono nokuhlangenwe nakho, ngoba kungaba nemiphumela emibi uma ingalinganiswanga ngendlela efanele.
d Bheka isihloko esithi “Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1988.