Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukushunyayelwa Kwamaqiniso EBhayibheli Kuyaqhubeka E-Ireland
EMINYAKENI yamuva izwe elihle lase-Ireland liye laba inkundla yeziyaluyalu ezinkulu. Ngesikhathi esifanayo, abantu base-Ireland baye basabela kahle esigijimini seBhayibheli sethemba abasilethelwa oFakazi BakaJehova. Okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela e-Ireland kufakazela lokhu.
■ EDublin omunye woFakazi BakaJehova nendodakazi yakhe encane babehlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Bahlangana nowesifazane okuthiwa uCathy owayematasa kakhulu ngezingane zakhe eziningi. LoFakazi wabuza ukuthi indodakazi yakhe, eyayifunda ukushumayela, yayingahlanganyela yini naye isigijimi esifushane nje. UCathy wavuma, futhi lentombazanyana yanikeza isigijimi esicacile nesicatshangwe kahle. UCathy wahlatshwa umxhwele yindlela lomntwana ayebonakala eqotho futhi enenhlonipho ngayo, futhi wamukela ipheshana leBhayibheli.
Kamuva uCathy wacabanga ngokulungiselela okuhle nemikhuba emihle yesihambeli sakhe esincane. “Kwangihlaba umxhwele ukuthi intombazanyana ikwazi ukuxoxa ngomyalezo othakazelisa kanjena ngaphandle kokuphapha,” esho. “Nganquma ukuthi lapho oFakazi BakaJehova bephinda befika, ngangiyobalalela.”
Phakathi nalesi sikhathi uCathy wathuthela edolobhaneni eliseningizimu-ntshonalanga ye-Ireland eduze komngcele wezifundazwe iCork neKerry. Esikhathini esithile kamuva kwafika oFakazi BakaJehova kwakhe, futhi wabangenisa. Wamukela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke futhi manje uba khona emihlanganweni yebandla nezingane zakhe eziningana. UCathy uyabonga ngesifiso esiqotho saleya ntombazanyana sokuba ihlanganyele izindaba ezinhle naye.
■ Endaweni yaseTullamore, oFakazi baba nezingxoxo zeBhayibheli nowesifazane othile okuthiwa uJean isikhathi esingaphezu kweminyaka engu-7. Ngezinye izikhathi wayebonisa isithakazelo futhi amukele izincwadi, kodwa ngezinye isithakazelo sakhe sasincipha. Ngolunye usuku, lapho uFakazi okuthiwa uFrances nowayehamba naye behambela uJean, bamthola engemnandi neze. “Kungakhathaliseki ukuthi sithini,” kubika loFakazi, “wayeba mubi nakakhulu. Ekugcineni, wasitshela ukuthi asibone esize ngayo wayesebhaklaza umnyango.”
UFrances wazibuza ukuthi kazi ukuhanjelwa okuqhubekayo kwakungeke yini kumane kumenze asabele ngendlela efanayo. ‘Mhlawumbe akusadingekile ukumhambela uma engenaso ngempela isithakazelo esigijimini,’ kucabanga uFrances. Nokho, waxoxa ngalendaba nomyeni wakhe, uThomas, futhi umyeni wakhe wayenethemba. Ngokulandelayo lapho bekulendawo, uJean waphinde wahanjelwa. Wayenobungane futhi wamukela omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ukumhambela ngemva kwalokho kwaba mnandi ngendlela efanayo, futhi uThomas noFrances baqala isifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke naye.
Lwalubangelwa yini lolu shintsho? UJean uyachaza ukuthi ngesikhathi eba luhlaza koFakazi, wayesanda kubeletha futhi ephuma nje esibhedlela. Ngenxa yokuncelisa usana lwakhe nokufunza umntwana wakhe owayesekhulakhulile, ubusuku ngabunye wayelala ihora elilodwa nengxenye kuphela. “Into engangingafuni du ukuyenza,” kusho uJean, “kwakuwukukhuluma ngenkolo.”
Ngezinyanga ezimbili uJean wayeseba khona kuyo yonke imihlangano yebandla, futhi ngezinyanga ezine wayesehlanganyela enkonzweni yasensimini. Ezinyangeni eziyishumi ngemva kokuba eqale ukutadisha iBhayibheli, wabhapathizwa. Manje, okuhlangenwe nakho kwakhe siqu uJean kuyamsiza enkonzweni. Uyalandisa: “Uma ngihlangana nomuntu oluhlaza ngempela, ngizama ukuba oqonda kakhudlwana. Njalo ngikubhala phansi. Mhlawumbe isimo siyoshintsha lapho ngibuya; kungenzeka lowo muntu uyobe esezizwa kangcono futhi asabele kahle.”