Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 10/15 kk. 8-9
  • Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Impicabadala—Yegolide
    I-Phaphama!—1998
  • Igolide Elagudluza Izintaba
    I-Phaphama!—2001
  • Funa Okungcono Kakhulu Kunegolide
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 10/15 kk. 8-9

Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?

“Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide.”—1 AmaKhosi 10:14.

NGOKWALELI VESI leBhayibheli, iNkosi uSolomoni yayithola amathani angaphezu kuka-25 egolide ngonyaka owodwa! Lokhu namuhla kungalingana namaRandi angu-1 044 000 000. Kucishe kuliphinde kabili igolide elambiwa emhlabeni wonke ngonyaka ka-1800. Ingabe kungenzeka lokho? Ubufakazi bemivubukulo bubonisani? Busikisela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli ngokuphathelene nengcebo kaSolomoni kuyiqiniso ngempela. I-Biblical Archaeology Review ithi:

◻ INkosi uThutmose III yaseGibithe (yangenkulungwane yesibili B.C.E.) yaletha amathani alinganiselwa ku-13,5 ezinto zegolide ethempelini lika-Amon-Ra eKarnak—futhi lokhu kwakuyingxenye nje yesipho.

◻ Imibhalo eqoshiwe yaseGibithe inezipho zegolide nesiliva eziyingqikithi elinganiselwa emathanini angu-383 ezanikelwa iNkosi u-Osorkon I (ekuqaleni kwenkulungwane yokuqala B.C.E.) konkulunkulu.

Ngaphezu kwalokho, umqulu othi Classical Greece wochungechunge oluthi Great Ages of Man uyabika:

◻ INkosi uPhilip II (359-336 B.C.E.) yayithola amathani egolide angaphezu kuka-37 unyaka ngamunye ezimayini zasePangaeum eThrace.

◻ Lapho indodana kaPhilip u-Alexander Omkhulu (336-323 B.C.E.) ithumba i-Susa, ikomkhulu lombuso wasePheresiya, kwatholakala ingcebo engaba amathani egolide angaphezu kuka-1 000.—I-New Encyclopædia Britannica.

Ngakho incazelo yeBhayibheli yengcebo yeNkosi uSolomoni ayiyona engenakuba iqiniso. Futhi khumbula ukuthi uSolomoni ‘wayemkhulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha’ ngaleso sikhathi.—1 AmaKhosi 10:23.

USolomoni wayisebenzisa kanjani ingcebo yakhe? Isihlalo sakhe sobukhosi sasinanyekwe “ngegolide elicwengekileyo,” izitsha zakhe zokuphuza “zaziyigolide,” futhi wayenezihlangu ezinkulu ezingu-200 namahawu angu-300 “egolide elikhandiweyo.” (1 AmaKhosi 10:16-21) Ngaphezu kwakho konke, igolide likaSolomoni lasetshenziswa ethempelini likaJehova elaliseJerusalema. Izinti zezibani zethempeli nezitsha ezingcwele, njengezimfologo, izitsha zokudla, izinkezo, nezitsha zokugezela, kwakwenziwe ngegolide nesiliva. Amakherubhi ayeseNgcwelengcwele ayengamamitha angu-4,5 ubude, i-altare lempepho, ngisho nalo lonke ingaphakathi lendlu lalinanyekwe ngegolide.—1 AmaKhosi 6:20-22; 7:48-50; 1 IziKronike 28:17.

Kuthiwani ngethempeli elalicakwe ngegolide? Ngokuthakazelisayo, ukusetshenziswa okunjalo kwegolide kwakungeyona neze into engavamile emphakathini wasendulo. I-Biblical Archaeology Review iphawula ukuthi u-Amenophis III waseGibithe “wabonisa inhlonipho kunkulunkulu omkhulu u-Amun ngokumakhela ithempeli eThebes ‘elalicakwe ngegolide yonke indawo, phansi lihlotshiswe ngesiliva, [futhi] yonke iminyango yalo ihlotshiswe nge-electrum’”—inhlanganisela engokwemvelo yegolide nesiliva. Ngaphezu kwalokho, u-Esar-haddon wase-Asiriya (wekhulu lesi-7 B.C.E.) wanameka iminyango nezindonga zendawo yokukhulekela u-Ashur ngegolide. Ngokuphathelene nethempeli likaSin elaliseHarran, uNabonidus waseBabiloni (wekhulu lesithupha B.C.E.) wabhala: “Ngacaka izindonga zalo ngegolide nesiliva, futhi ngazenza zacwazimula njengelanga.”

Ngakho, imibhalo engokomlando isikisela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nengcebo yeNkosi uSolomoni akulona ihaba.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela