Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 11/1 k. 22
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Impicabadala—Yegolide
    I-Phaphama!—1998
  • Igolide Elagudluza Izintaba
    I-Phaphama!—2001
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 11/1 k. 22

Ingabe Bewazi?

Kungani amaJuda ayehlakazeke kangaka ngesikhathi sikaJesu?

Lapho uJesu etshela izilaleli zakhe ukuthi zazingeke zimlandele lapho eya khona, amaJuda azibuza: “Lo muntu uhlose ukuyaphi . . . ? Akahlosile ukuya kumaJuda ahlakazekile phakathi kwamaGreki . . . akunjalo?” (Johane 7:32-36) Ngokushesha ngemva kwalokho, izithunywa zevangeli ezingamaKristu zashumayela izindaba ezinhle phakathi kwamaJuda ayehlakazeke kuso sonke isifunda saseMedithera.—IzEnzo 2:5-11; 9:2; 13:5, 13, 14; 14:1; 16:1-3; 17:1; 18:12, 19; 28:16, 17.

Lokhu kuhlakazeka kwavela ngoba amaJuda adingiswa asuswa ezweni lakubo yizizwe ezawanqoba—ekuqaleni okwakungabase-Asiriya, ngo-740 B.C.E., kamuva kwaba abaseBhabhiloni, ngo-607 B.C.E. Yinsali kuphela yabadingiswa eyabuyela kwa-Israyeli. (Isaya 10:21, 22) Abanye basala behlakazekile.

Ngakho, ekhulwini lesihlanu B.C.E., imiphakathi yamaJuda yayitholakala ezifundeni ezingu-127 zoMbuso WamaPheresiya. (Esteri 1:1; 3:8) Imizamo yamaJuda yokuguqulela abantu ebuJudeni yasho ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, inani elikhulu labantu lagcina selimazi uJehova noMthetho awunika amaJuda. (Mathewu 23:15) AmaJuda avela emazweni amaningi ayekhona eJerusalema ngoMkhosi WePhentekoste ngo-33 C.E., lapho ezwa khona izindaba ezinhle mayelana noJesu. Ngakho-ke, ukuhlakazeka kwamaJuda kuwo wonke uMbuso WamaRoma kwaholela ekusakazekeni ngokushesha kobuKristu.

INkosi uSolomoni yayine-golide elingakanani?

ImiBhalo ithi uHiramu, inkosi yaseThire, yathumela amathani amane egolide kuSolomoni, indlovukazi yaseSheba yamnika inani elifanayo, kanti imikhumbi kaSolomoni yaletha amathani angaphezu kwangu-15 egolide elalivela e-Ofiri. Ukulandisa kuthi: “Isisindo segolide elaliza kuSolomoni ngonyaka owodwa sasingamathalenta egolide angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha,” noma amathani angaphezu kwangu-25. (1 AmaKhosi 9:14, 28; 10:10, 14) Ingabe lokhu kunengqondo? Yayingakanani imithombo yegolide ezikhathini zasendulo?

Umbhalo wasendulo, izazi ezithi uyiqiniso, uthi uFaro Thutmose III waseGibhithe (wangekhulu lesibili B.C.E.) waletha amathani angaba ngu-13,5 egolide ethempelini lika-Amun-Ra eKarnak. Ekhulwini lesi-8 B.C.E., inkosi yase-Asiriya uThigilati-phileseri III yathola amathani angaphezu kwamane egolide njengentela evela eThire, kanti uSarigoni II waletha inani elifanayo njengesipho sonkulunkulu baseBhabhiloni. Inkosi yaseMakedoniya uPhilip II (359-336 B.C.E.) kubikwa ukuthi wayethola amathani angaphezu kwangu-28 egolide unyaka ngamunye ezimayini zasePangaeum eThrace.

Lapho indodana kaPhilip u-Alexander Omkhulu (336-323 B.C.E.) ethumba umuzi wasePheresiya iSusa, kuthiwa wathatha amathani angaba ngu-1 180 egolide kanye namathani angaba ngu-7 000 kulo lonke elasePheresiya. Ngakho uma kuqhathaniswa nale mibiko, incazelo yeBhayibheli yegolide leNkosi uSolomoni ayilona ihaba.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela