Indlela Ababonisi Abajikelezayo Abakhonza Ngayo Njengabaphathi Abakholekile
“Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.”—1 PETRU 4:10.
1, 2. (a) Ungalichaza kanjani igama elithi “umphathi”? (b) Obani abahlanganisiwe kubaphathi abasetshenziswa uNkulunkulu?
UJEHOVA usebenzisa wonke amaKristu akholekile njengabaphathi. Ngokuvamile umphathi inceku ephathiswe ikhaya. Angase aphathe nezindaba zebhizinisi zenkosi yakhe. (Luka 16:1-3; Galathiya 4:1, 2) UJesu wabiza indikimba yakhe yabagcotshiwe abathembekile emhlabeni ngokuthi “umphathi okholekile.” Lomphathi umphathise ‘konke okungokwakhe,’ kuhlanganise nemisebenzi yokushumayela ngoMbuso.—Luka 12:42-44; Mathewu 24:14, 45.
2 Umphostoli uPetru wathi wonke amaKristu angabaphathi bomusa kaNkulunkulu ongafanelwe obonakaliswa ngezindlela ezihlukahlukene. UmKristu ngamunye unendawo angaqhuba kuyo ubuphathi obukholekile. (1 Petru 4:10) Abadala abangamaKristu abamisiwe bangabaphathi, futhi phakathi kwabo kunababonisi abajikelezayo. (Thithu 1:7) Kufanele babhekwe kanjani laba badala abajikelezayo? Kufanele babe naziphi izimfanelo nemigomo? Futhi bangakufeza kanjani okuhle kakhulu?
Inkonzo Yabo Iyabongeka
3. Kungani ababonisi abajikelezayo bengase babizwe ngokuthi ‘abaphathi abahle’?
3 Ubhalela umbonisi ojikelezayo nomkakhe, omunye umbhangqwana oshadile ongamaKristu wathi: “Sithanda ukunibonga ngesikhathi senu nangalo lonke uthando enisinike lona. Njengomkhaya, siye sazuza kakhulu ezikhuthazweni zenu zonke nezeluleko. Siyazi ukuthi kufanele siqhubeke sikhula ngokomoya, kodwa ngosizo lukaJehova nangabafowethu nodade abanjengani, izinhlungu zokukhula ziyadamba.” Izinkulumo ezinjengalezi zivamile ngoba ababonisi abajikelezayo banesithakazelo somuntu siqu kwabakholwa nabo, njengoba nje nomphathi omuhle ezinakekela kahle izidingo zekhaya. Abanye bayizikhulumi ezivelele. Abaningi bayasampula emsebenzini wokushumayela, kanti abanye baziwa ngemfudumalo yabo nesihawu. Ngokuhlakulela nokusebenzisa izipho ezinjalo ekukhonzeni abanye, ababonisi abajikelezayo bangabizwa kufanele ngokuthi ‘abaphathi abahle.’
4. Yimuphi umbuzo ozocatshangelwa manje?
4 “Okufunekayo kubaphathi ukuba umuntu atholakale ekholekile,” kubhala umphostoli uPawulu. (1 Korinte 4:2) Ukukhonza amaKristu abakanye nawo ebandleni elihlukile isonto nesonto kuyilungelo eliyingqayizivele nelijabulisayo. Nakuba kunjalo, kuwumthwalo wemfanelo osindayo. Khona-ke, ababonisi abajikelezayo bangabufeza kanjani ngokukholeka nangempumelelo ubuphathi babo?
Ukufeza Ubuphathi Babo Ngempumelelo
5, 6. Kungani kubaluleke kangaka ukuncika kuJehova ngomthandazo ekuphileni kombonisi ojikelezayo?
5 Ukuncika kuJehova ngomthandazo kubalulekile ukuze ababonisi abajikelezayo babe abaphathi abaphumelelayo. Ngenxa yesimiso sabo nemithwalo yemfanelo eminingi, ngezinye izikhathi bangazizwa besindwa. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 5:4.) Ngakho kudingeka benze ngokuvumelana nengoma yomhubi uDavide: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Okududuzayo futhi, amazwi kaDavide: “Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla.”—IHubo 68:19.
6 UPawulu wawatholaphi amandla okunakekela imithwalo yakhe yemfanelo engokomoya? Wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.” (Filipi 4:13) Yebo, uJehova uNkulunkulu wayenguMthombo wamandla kaPawulu. Ngokufanayo, uPetru waluleka: “Uma noma ubani ekhonza, makakhonze njengoncike ezikhwepheni ezinikezwa nguNkulunkulu; ukuze kukho konke uNkulunkulu akhazinyuliswe ngoJesu Kristu.” (1 Petru 4:11) Omunye umzalwane owayengumbonisi ojikelezayo iminyaka eminingi wagcizelela isidingo sokuncika kuNkulunkulu, ethi: “Bheka kuJehova njalo lapho usingatha izinkinga futhi ufune usizo lwenhlangano yakhe.”
7. Ukulinganisela kunayiphi indima emsebenzini wombonisi ojikelezayo?
7 Umbonisi ojikelezayo ophumelelayo udinga ukulinganisela. Njengamanye amaKristu, ulwela ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10)a Lapho abadala bebandla benemibuzo ngodaba oluthile, kuwukuhlakanipha ngabo ukubuza umbonisi wesifunda osuke ehambele. (IzAga 11:14; 15:22) Cishe ukuphawula kwakhe neseluleko sakhe esingokomBhalo esinokulinganisela kuyoba usizo kakhulu lapho abadala beqhubeka besingatha udaba ngemva kokuba esehambile ebandleni. Ngomqondo othi mawufane, uPawulu watshela uThimothewu: ‘Izinto owazizwa kimi ngokusekela kofakazi abaningi, lezizinto ziphathise abantu abakholekayo, nabo abayokufanelekela ngokwanele ukufundisa abanye.’—2 Thimothewu 2:2.
8. Kungani sibalulekile isifundo seBhayibheli, ukucwaninga nokuzindla?
8 Ukutadisha imiBhalo, ukucwaninga nokuzindla, kuyizimfuneko zokunikeza iseluleko esinengqondo. (IzAga 15:28) Omunye umbonisi wesifunda wathi: “Lapho sinomhlangano nabadala, akufanele sesabe ukuvuma ukuthi asiyazi impendulo yombuzo othile.” Ukwenza umzamo wokuthola “umqondo kaKristu” odabeni oluthile kwenza kwenzeke ukunikeza iseluleko esisekelwe eBhayibhelini esiyosiza abanye ukuba benze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. (1 Korinte 2:16) Ngezinye izikhathi umbonisi ojikelezayo kudingeka abhalele i-Watch Tower Society ukuze athole isiqondiso. Kunoma yikuphi, ukholo kuJehova nothando ngeqiniso kubaluleke kakhulu kunedumela esizenzela lona kwabanye noma izinkulumo ezihlaba umxhwele. Esikhundleni sokufika “nokubukisa ngenkulumo noma ngokuhlakanipha,” uPawulu waqala inkonzo yakhe eKorinte “ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu.” Ingabe lokhu kwamenza wangaphumelela? Ngokuphambene, kwasiza abaseKorinte ukuba ukholo lwabo lungabi “sekuhlakanipheni kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu.”—1 Korinte 2:1-5.
Ezinye Izimfanelo Ezibalulekile
9. Kungani abadala abajikelezayo bedinga ububele?
9 Ububele busiza ababonisi abajikelezayo ukuba bathole imiphumela emihle. UPetru wanxusa wonke amaKristu ukuba ‘abonise ukuzwelana,’ noma abe “nesihawu.” (1 Petru 3:8, umbhalo waphansi we-NW) Omunye umbonisi wesifunda uzwa isidingo ‘sokuba nesithakazelo kuwo wonk’ umuntu ebandleni nesokuba oqaphelisisayo.’ Ngomqondo ofanayo, uPawulu wabhala: “Jabulani nabantu abajabulayo; khalani nabantu abakhalayo.” (Roma 12:15) Isimo sengqondo esinjalo sishukumisa ababonisi abajikelezayo ukuba benze imizamo eqotho yokuqonda izinkinga nezimo zabakholwa nabo. Khona-ke banganikeza iseluleko esakhayo esingokomBhalo esingafeza okuhle ngempela uma sisetshenziswa. Umbonisi wesifunda owenza kahle ekuboniseni ububele wathola lencwadi ivela ebandleni eliseduze kwaseTurin, e-Italy: “Uma ufuna ukuba othakazelisayo, yiba nesithakazelo; uma ufuna ukuba ojatshulelwayo, jabulisa; uma ufuna ukuthandwa, thandeka; uma ufuna ukusizwa, kulungele ukusiza. Yilokhu esikufunde kuwe!”
10. Yini eye yashiwo ababonisi besifunda nabesigodi ngokuthobeka, futhi uJesu wabeka siphi isibonelo kulokhu?
10 Ukuba othobekile nongenekayo kusiza ababonisi abajikelezayo ukuba bafeze okuhle kakhulu. Omunye umbonisi wesifunda waphawula: “Kubaluleke kakhulu ukuba nesimo sengqondo sokuthobeka.” Wayeye axwayise ababonisi abajikelezayo abasanda kuqala ngokuthi “Ningazivumeli ukuba nithonywe ngokungafanele abazalwane abami kahle ngenxa yalokho abangase banenzele khona, futhi ningagcini ngokuba nobungane nabo kuphela, kodwa zikhathi zonke lwelani ukusebenzelana nabanye ngokungakhethi.” (2 IziKronike 19:6, 7) Futhi umbonisi ojikelezayo othobeke ngempela ngeke abe nombono oweqisayo ngokubaluleka kwakhe njengommeleli weNhlangano. Umbonisi wesigodi waphawula ngokufanele: “Thobeka futhi uzimisele ukulalela abafowethu. Yiba ongenekayo ngaso sonke isikhathi.” Njengomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, uJesu Kristu wayengenza abantu bazizwe bengakhululekile, kodwa wayethobeke futhi engeneka kangangokuba nezingane imbala zazikhululeka uma zinaye. (Mathewu 18:5; Marku 10:13-16) Ababonisi abajikelezayo bafuna ukuba izingane, intsha, asebekhulile—empeleni noma ubani ebandleni—bazizwe bekhululekile ukuza kubo.
11. Lapho kudingeka, ungaba yini umphumela wokuxolisa?
11 Yebo, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi,” futhi akekho umbonisi ojikelezayo ongawenzi amaphutha. (Jakobe 3:2) Lapho bewenza amaphutha, ukuxolisa okuqotho kunikeza abanye abadala isibonelo sokuthobeka. NgokwezAga 22:4, “umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova [okunenhlonipho] uyingcebo, nodumo, nokuphila.” Futhi akuzona yini zonke izinceku zikaNkulunkulu okudingeka ‘zihambe noNkulunkulu wazo ngokuthobeka’? (Mika 6:8) Lapho ebuzwa ukuthi angameluleka athini umdala omusha ekujikelezeni, omunye umbonisi wesifunda waphawula: “Yiba nenhlonipho enkulu ngabo bonke abafowethu futhi ubabheke njengabangcono kunawe. Uyofunda okuningi kubafowethu. Hlala uthobekile. Yiba nguwe. Ungazenzisi.”—Filipi 2:3.
12. Kungani ibaluleke kangaka intshiseko ngenkonzo yobuKristu?
12 Intshiseko ngenkonzo yobuKristu yenza amazwi ombonisi ojikelezayo abe nesisindo. Eqinisweni, lapho yena nomkakhe bebeka isibonelo sentshiseko emsebenzini wobuvangeli, abadala, omkabo, nalo lonke ibandla bayakhuthazeka ukuba babonise intshiseko enkonzweni yabo. “Yishisekele inkonzo,” kunxusa omunye umbonisi wesifunda. Wanezela: “Ngiye ngathola ukuthi ngokuvamile, lapho ibandla lishiseka ngokwengeziwe enkonzweni, liba nezinkinga ezimbalwa.” Omunye umbonisi wesifunda waphawula: “Ngikholelwa ukuthi lapho abadala besebenza nabafowethu nodade ensimini futhi bebasiza ukuba bajabulele inkonzo, umphumela uba ukuthula kwengqondo nokwaneliseka okukhulu kakhulu ekukhonzeni uJehova.” Umphostoli uPawulu ‘waqunga isibindi ukuze akhulume izindaba ezinhle ngoNkulunkulu kwabaseThesalonika ngokushikashikeka okukhulu.’ Yingakho baba nezinkumbulo ezinhle zokuhambela kwakhe nomsebenzi wokushumayela futhi balangazelela ukuphinde bambone!—1 Thesalonika 2:1, 2; 3:6.
13. Yini umbonisi ojikelezayo ayicabangelayo lapho esebenza namaKristu akanye nawo enkonzweni yasensimini?
13 Lapho esebenza namaKristu akanye nawo enkonzweni yasensimini, umbonisi ojikelezayo ucabangela izimo nokulinganiselwa kwawo. Nakuba ukusikisela kwakhe kungase kube usizo, uyazi ukuthi abanye bangaba novalo lapho beshumayela nomdala ongumakad’ ebona. Ngakho-ke, kwezinye izimo isikhuthazo singase sisize kakhulu kuneseluleko. Lapho ehamba nabamemezeli noma amaphayona beya esifundweni seBhayibheli, bangase bakhethe ukuba asiqhube yena. Cishe lokhu bekwenzela ukujwayelana nezinye izindlela zokuthuthukisa amakhono abo okufundisa.
14. Kungani kungathiwa ababonisi abajikelezayo abashisekayo bayabashukumisa abanye?
14 Ababonisi abajikelezayo abashisekayo bayabashukumisa abanye. Omunye umbonisi wesifunda e-Uganda wadabula ehlathini elicinene isikhathi esiyihora ukuze aphelezele umfowethu othile eya esifundweni seBhayibheli esasingathuthuki kahle. Ngesikhathi besahamba layidliva imvula kangangokuba bafika bemanzi té. Lapho lomkhaya wabantu abayisithupha uzwa ukuthi isivakashi sawo singumbonisi ojikelezayo, wahlabeka umxhwele kakhulu. Wawazi ukuthi abefundisi besonto lawo babengeke neze babonise isithakazelo esinjalo emhlanjini. NgeSonto elilandelayo, waya emhlanganweni ngokokuqala ngqá futhi wazwakalisa isifiso sokuba oFakazi BakaJehova.
15. Yikuphi okuhlangenwe nakho okuhle okwajatshulelwa umbonisi wesifunda oshisekayo eMexico?
15 Esifundazweni sase-Oaxaca, eMexico omunye umbonisi wesifunda wenza umzamo owawungalindelekile ngempela kuyena. Wahlela ukuba ahlale esitokisini sasejele ubusuku obune ukuze ahambele iqembu leziboshwa ezingu-7 ezaziye zaba abamemezeli boMbuso. Wahamba nalezi ziboshwa izinsuku eziningana njengoba zifakaza esitokisini ngasinye futhi ziqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngenxa yesithakazelo esaboniswa, ezinye zalezi zifundo zaqhubeka kwaze kwaba sebusuku impela. “Ekupheleni kokuhambela, mina neziboshwa sazizwa sigcwele injabulo ngenxa yokukhuthazana,” kubhala lombonisi wesifunda oshisekayo.
16. Kungani kuzuzisa kangaka lapho ababonisi abajikelezayo nomkabo benikeza isikhuthazo?
16 Ababonisi abajikelezayo bazama ukuba isikhuthazo. Lapho uPawulu ehambele amabandla aseMakedoniya, ‘wawakhuthaza ngamazwi amaningi.’ (IzEnzo 20:1, 2) Amazwi esikhuthazo angaba usizo kakhulu ekuqondiseni abasha nabadala emigomweni engokomoya. Kwelinye ihhovisi legatsha elikhulu le-Watch Tower Society, ukuhlola kokwethukela kwambula ukuthi izisebenzi zakhona zokuzithandela ezicishe zibe ngamaphesenti angu-20 zazikhuthazwe ababonisi besifunda ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngesibonelo sakhe esihle njengommemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele, umkambonisi ojikelezayo naye uba umthombo omkhulu wesikhuthazo.
17. Omunye umbonisi wesifunda osekhulile uzizwa kanjani ngelungelo analo lokunikeza usizo kwabanye?
17 Asebekhulile nemiphefumulo ecindezelekile basidinga ngokukhethekile isikhuthazo. Omunye umbonisi wesifunda osekhulile uyabhala: “Isici somsebenzi wami esibangela injabulo yangaphakathi engachazeki ilungelo lokunikeza usizo kwasebepholile nababuthaka emhlanjini kaNkulunkulu. Amazwi akweyabaseRoma 1:11, 12 anencazelo ekhethekile kimi, njengoba ngithola isikhuthazo namandla amakhulu lapho ‘ngidlulisela kwabanjalo isipho esithile esingokomoya ukuze baqiniswe.’”
Imivuzo Yomsebenzi Wabo Ojabulisayo
18. Ababonisi abajikelezayo banamiphi imigomo engokomBhalo?
18 Ababonisi abajikelezayo banesithakazelo esiqotho ngabakholwa nabo. Bafuna ukuqinisa amabandla nokuwakha ngokomoya. (IzEnzo 15:41) Omunye umbonisi ojikelezayo uyazikhandla “ukuze anikeze isikhuthazo nokuqabuleka, futhi athuthukise isifiso sokufeza inkonzo futhi aqhubeke ephila ngeqiniso.” (3 Johane 3) Omunye ufuna ukuwasimamisa okholweni amakholwa akanye nawo. (Kolose 2:6, 7) Khumbula ukuthi umbonisi ojikelezayo ‘ungumngane woqobo ejokeni,’ akayona inkosi phezu kokholo lwabanye. (Filipi 4:3; 2 Korinte 1:24) Ukuhambela kwakhe kuyisikhathi sesikhuthazo nomsebenzi othé xaxa, kanye nethuba lokuba indikimba yabadala ibukeze intuthuko eyenziwe icabangele nemigomo yesikhathi esizayo. Ngamazwi nesibonelo sakhe, abamemezeli bebandla, amaphayona, izinceku ezikhonzayo nabadala bangalindela ukuba bakhiwe futhi bafakwe umdlandla womsebenzi ongaphambili. (Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 5:11.) Ngakho-ke, kusekele ngenhliziyo yonke ukuhambela kombonisi wesifunda futhi uzuze ngokugcwele enkonzweni eyenziwa umbonisi wesigodi.
19, 20. Ababonisi abajikelezayo nomkabo baye bavuzwa kanjani ngenkonzo yabo yokukholeka?
19 Ababonisi abajikelezayo nomkabo bavuzwa ngokucebile ngenkonzo yabo yokukholeka, futhi bangaqiniseka ukuthi uJehova uyobabusisa ngenxa yokuhle abakwenzayo. (IzAga 19:17; Efesu 6:8) UGeorg noMagdalena bangumbhangqwana osukhulile owakhonza iminyaka eminingi emsebenzini wokujikeleza. Emhlanganweni omkhulu eLuxembourg, umuntu othile uMagdalena ayemshumayeze eminyakeni engaphezu kuka-20 ngaphambili weza kuye. Isithakazelo salona wesifazane ongumJuda eqinisweni savuswa incwadi yeBhayibheli ayeyishiyelwe uMagdalena, futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa. KuGeorg kwafika omunye udadewethu ongokomoya, owayekhumbula ukuhambela kukaGeorg emzini wakhe eminyakeni cishe engu-40 edlule. Intshumayelo yakhe eshukumisayo yezindaba ezinhle ekugcineni yaholela ekutheni yena nomyeni wakhe bamukele iqiniso. Akungabazeki ukuthi bobabili uGeorg noMagdalena bajabula kakhulu.
20 Inkonzo kaPawulu enezithelo e-Efesu yamnikeza injabulo futhi kungenzeka ukuthi yamshukumisela ekubeni acaphune amazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Njengoba umsebenzi wokujikeleza uhilela ukupha njalo, labo abawenzayo bathola injabulo, ikakhulukazi lapho bebona imiphumela emihle yomsebenzi wabo. Omunye umbonisi wesifunda owasiza umdala owayedikibele, watshelwa encwadini: “Uye waba ‘usizo oluqinisa’ kakhulu ekuphileni kwami okungokomoya—ngaphezu kokuba wazi. . . . Awusoze wazi ngokugcwele ukuthi uye waba usizo olukhulu kangakanani ku-Asafa wosuku lwanamuhla, ‘ozinyawo zakhe zicishe zakhubeka.’”—Kolose 4:11; IHubo 73:2.
21. Kungani ungathi eyoku-1 Korinte 15:58 iyasebenza emisebenzini yababonisi abajikelezayo?
21 UmKristu othile osekhulile owayesemsebenzini wesifunda iminyaka uthanda ukucabanga ngeyoku-1 Korinte 15:58, lapho uPawulu anxusa khona: “Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.” Ngokuqinisekile ababonisi abajikelezayo banokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi. Futhi yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi bakhonza ngenjabulo kangaka njengabaphathi abakholekile bomusa kaJehova ongafanelwe!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ingabe Ungajabula Uma Unokuningi Okumelwe Ukwenze?” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1991, amakhasi 28-31.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani ababonisi abajikelezayo bengase babhekwe ‘njengabaphathi abahle’?
◻ Yiziphi ezinye zezici ezisiza ababonisi besifunda nabesigodi ukuba bafeze okuhle kakhulu?
◻ Kungani ukuthobeka nentshiseko kubaluleke kangaka kulabo abasemsebenzini wokujikeleza?
◻ Ababonisi abajikelezayo banamiphi imigomo emihle?
[Isithombe ekhasini 16]
Ababonisi abajikelezayo bafuna ukukhuthaza abakholwa nabo
[Izithombe ekhasini 17]
Abasha nabadala ngokufanayo bangazuza ngokuzihlanganisa nababonisi abajikelezayo nomkabo
[Isithombe ekhasini 18]
Inkonzo yentshiseko yombonisi ojikelezayo ifaka intshiseko kwabanye