Sekela Ukuhambela Kombonisi Wesifunda
1 Kusukela ngo-October 15, 1946, kuya phambili, amabandla ahlelwa aba izifunda ezikhonzwa ababonisi abajikelezayo besikhathi esigcwele. Iminyaka ecishe ibe ngama-43 manje, kokubili abantu ngabanye namabandla baye bazuza kulelilungiselelo elingokwasezulwini. (Isaya 1:26) Ukulisekela kwethu okuqhubekayo lelilungiselelo kuyosilethela izibusiso ezicebile eziningi ezengeziwe.—Efe. 4:7, 8, 11.
UKULUNGISELELA UKUHANJELWA
2 Lapho nje ukuhambela kombonisi wesifunda sekumenyezelwe, singaqala ukukulungiselela. Singahlela ukuze sishintshe isimiso sethu esivamile ukuze siwusekele ngokugcwele umsebenzi wesonto elikhethekile. Abanye abamemezeli bahlela ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini ngokuba ngamaphayona asizayo. Abanye bangase bacele ukungayi emsebenzini wokuziphilisa usuku olulodwa noma ezimbili ukuze bahlanganyele enkonzweni. Abamemezeli abaningi bamisa izikhathi ezikhethekile ukuba basebenze nombonisi ojikelezayo esicini esithile senkonzo. Ukusekela inkonzo yasensimini ngenhliziyo yonke ngalesikhathi kuletha imivuzo eminingi.
3 Imibiko evela kubabonisi abajikelezayo ibonisa ukuthi kusengathuthukiswa ukusekelwa komsebenzi wezimpindelo zantambama nowezifundo zeBhayibheli. Ingabe ungazihlelela isikhathi santambama izimpindelo noma isifundo seBhayibheli phakathi nalelisonto? Umbonisi wesifunda angakujabulela ukuhamba nawe, futhi uma uthanda, angakujabulela nokuqhuba isifundo sakho.
USIZO KUMUNTU SIQU
4 Okuphambili ohlwini lombonisi wesifunda lwezinto ezibalulekile isidingo sokunikeza ukuqeqesha okwengeziwe kunoma ubani osebenzela amalungelo enkonzo engeziwe. (1 Thim. 3:1) Ingabe unemibuzo ngokuqondene nezabelo zakho noma imithwalo yemfanelo? Ingabe ungathanda ukuthuthukisa ikhono lakho nokuhleleka kwakho siqu? Ingabe unesithakazelo enkonzweni yobuphayona, enkonzweni yaseBethel, noma eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo? Ingabe ungathanda ukukhonza lapho indingeko inkulu khona, esifundeni sakini noma kwenye indawo ezweni lakini? Kungakhathaliseki ukuthi iyini imigomo yakho engokomoya, umbonisi wesifunda uyokujabulela ukuxoxa ngayo nawe.
5 Uma umbonisi wenu wesifunda eshadile, nomkakhe ngokufanayo uyinceku kaJehova ezinikele. Ngokunokwenzeka uyiphayona futhi uyoba sesimweni sokuwasekela ngokugcwele amalungiselelo enkonzo yasensimini. Ngenxa yokuhlangenwe nakho kwakhe nokuhlanganyela njalo enkonzweni emasimini ahlukahlukene, uba nekhono emsebenzini wokushumayela. Uzenza atholakalele ukusebenza ikakhulukazi nabanye odade enkonzweni yendlu ngendlu nokuhamba nabo ezimpindelweni nasezifundweni zeBhayibheli zasemakhaya. Ufanelwe ukutuswa okufanayo okufudumele lokho uPawulu akunikeza ngokuqondene neFebe.—Roma 16:1, 2.
6 Okungafanele kunganakwa ilungelo esinalo lokubonisa umoya wokwamukela izihambi kumbonisi ojikelezayo nomkakhe, uma eshadile. Baningi abazalwane abazazisayo izinkumbulo kanye nesikhuthazo abasithola ngenxa yokuba bevule amakhaya abo noma ngokudla ndawonye nalezikhonzi ezijikelezayo nangokujabulela ukuhlangana nazo okungokomoya okujabulisayo.—3 Joh. 5-8.
7 Ukuhambela njalo kwababonisi abajikelezayo abavuthiwe ngokomoya kuyaqhubeka kusiza abantu bakaJehova. Izinga esingazuza ngalo ngabanye kulelilungiselelo lixhomeke ezingeni esikulungiselela ngalo nesikusekela ngalo ukuhambela kombonisi wesifunda. Sengathi sonke singazimisela ukukusekela ngokugcwele ukuhambela okulandelayo kombonisi wethu wesifunda.