Yini Esemqoka Ekuphileni Kwakho?
“Ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo.”—IHUBO 143:8.
1. Yisiphi isiphetho iNkosi uSolomoni eyafinyelela kuso ngalokho okuphishekelwa umuntu nangalokho akufezayo?
NJENGAWO wonke umuntu, cishe uyazi ukuthi ukuphila kunemisebenzi nezinto eziningi zokukhathalelwa. Uma ucabanga ngalezi zinto, ezinye zazo ungaziphawula njengezidingekile. Eminye imisebenzi nezinto esizikhathalelayo akubalulekile kangako noma kuyize leze. Ukuthi uyakuqaphela lokhu kusho ukuthi uyavumelana nenye yamadoda ayehlakaniphe kunawo wonke, iNkosi uSolomoni. Ngemva kokuyibukeza ngokuphelele imisebenzi yokuphila, yaphetha: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso futhi ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu yisibopho esiphelele somuntu.” (UmShumayeli 2:4-9, 11; 12:13) Lokhu kusho ukuthini kithi namuhla?
2. Yimiphi imibuzo eyisisekelo abantu abesaba uNkulunkulu okufanele bazibuze yona, okuholela kumiphi imibuzo ehlobene nayo?
2 Uma ufuna ‘ukwesaba uNkulunkulu weqiniso futhi ugcine imiyalo yakhe,’ zibuze lombuzo oyinselele, ‘Yini esemqoka ekuphileni kwami?’ Yiqiniso, ungase ungacabangi ngalowo mbuzo nsuku zonke, kodwa kungani ungawucabangeli manje? Eqinisweni, uvusa eminye imibuzo ehlobene nawo, njengokuthi, ‘Kungenzeka yini ukuthi ngikhathalela umsebenzi wami ngokweqile, ikhono lomsebenzi noma izinto ezibonakalayo? Umuzi wami, umkhaya, nengibathandayo kubaluleke kangakanani?’ Osemusha angase abuze, ‘Imfundo ikuthatha ngezinga elingakanani ukunaka nesikhathi sami? Ngempela, ingabe isithakazelo sami esiyinhloko sisemsebenzini othile wokuchitha isizungu, umdlalo, noma uhlobo oluthile lokuzijabulisa noma ubuchwepheshe?’ Futhi kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sikusiphi isimo, kumelwe sibuze ngokufanele, ‘Ukukhonza uNkulunkulu kunayiphi indawo ekuphileni kwami?’ Cishe uyovuma ukuthi kuyadingeka ukuba nezinto eziza kuqala. Kodwa singaluthola kanjani futhi kuphi usizo lokuzihlela ngokuhlakanipha?
3. Ukuhlela izinto eziza kuqala kuhilelani kumaKristu?
3 Igama elithi “okusemqoka” linomqondo oyisisekelo wento eza kuqala kunazo zonke ezinye noma okudingeka icatshangelwe kuqala. Kungakhathaliseki ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova noma uphakathi kwezigidi zabafundi abaqotho beZwi likaNkulunkulu ezihlanganyela nabo, cabangela leli qiniso: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” (UmShumayeli 3:1) Ngokufanele, lokhu kuhlanganisa nokuba ubonise ukukhathalela kothando ngobuhlobo bomkhaya. (Kolose 3:18-21) Kuhilela ukondla ngobuqotho umkhaya wakho ngokwenza umsebenzi wokuziphilisa. (2 Thesalonika 3:10-12; 1 Thimothewu 5:8) Futhi ukuze uziphumuze, ungase ubekele eceleni isikhathi sokwenza umsebenzi othile wokuchitha isizungu, noma ukuzijabulisa noma ukuzilibazisa ngezikhathi ezithile. (Qhathanisa noMarku 6:31.) Nokho, uma ucabangisisa, awuboni yini ukuthi akukho nokukodwa kulokhu okusemqoka ekuphileni? Kunokunye okubaluleke ngokwengeziwe.
4. AbaseFilipi 1:9, 10 bathintana kanjani nokuhlela kwethu izinto eziza kuqala?
4 Kungenzeka uyaqaphela ukuthi izimiso zeBhayibheli zokusiqondisa ziwusizo olubalulekile ekuhleleni izinto eziza kuqala nasekwenzeni izinqumo ezihlakaniphile. Ngokwesibonelo, kweyabaseFilipi 1:9, 10, amaKristu anxuswa ukuba ‘avame nakakhulu olwazini olunembile nasekuqondeni okugcwele.’ Ngayiphi injongo? Umphostoli uPawulu wanezela: “Ukuba niqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.” Lokho kunengqondo, akunjalo? Ngesisekelo solwazi olunembile, umKristu oqondayo anganquma ukuthi yini okufanele ize kuqala—esemqoka—ekuphileni.
Isibonelo Sokuhlela Izinto Ezisemqoka
5. Lapho ichaza isibonelo esashiyelwa amaKristu, imiBhalo ibonisa kanjani ukuthi yini eyayisemqoka ekuphileni kukaJesu?
5 Sithola isici esiyigugu solwazi kulamazwi omphostoli uPetru: “Nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Yebo, ukuze sazi ukuthi yini esemqoka ekuphileni, singahlola lokho uJesu Kristu ayekucabanga ngakho. Ngokwesiprofetho, iHubo 40:8 lathi ngaye: “Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Washo iphuzu elifanayo ngalendlela: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34; Heberu 12:2.
6. Singaba kanjani nemiphumela efana naleyo uJesu aba nayo ekwenzeni intando kaNkulunkulu ize kuqala?
6 Phawula lawo mazwi ayisihluthulelo—ukwenza intando kaNkulunkulu. Isibonelo sikaJesu sigcizelela lokho abafundi bakhe okumelwe bakwenze kube semqoka ngokufanele ekuphileni kwabo, ngoba wathi “wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe.” (Luka 6:40) Futhi njengoba uJesu ahamba endleleni eyayiyinjongo kaYise, wabonisa ukuthi ‘kunokugcwala kwenjabulo’ ekugcineni intando kaNkulunkulu iyinto esemqoka. (IHubo 16:11; IzEnzo 2:28) Ingabe uyabona ukuthi kusikiselani lokho? Njengoba abalandeli bakaJesu bekhetha ukuba ukwenza intando kaNkulunkulu kube yinto esemqoka ekuphileni kwabo, bayojabulela “ukugcwala kwenjabulo” nokuphila kwangempela. (1 Thimothewu 6:19) Ngakho ziningi izizathu zokuba ukwenza intando kaNkulunkulu kube yinto eza kuqala ekuphileni kwethu.
7, 8. Yiluphi uvivinyo uJesu abhekana nalo, futhi singafundani kulokhu?
7 Ngemva nje kokuba uJesu ezilethe ukuba enze intando kaNkulunkulu, uDeveli wafuna ukumphambukisa. Kanjani? Ngokumlinga ezicini ezintathu. Isikhathi ngasinye uJesu waphendula ngokomBhalo nangokunganqikazi. (Mathewu 4:1-10) Kodwa wayesalindelwe uvivinyo olwengeziwe—ukushushiswa, ukujivazwa, ukukhashelwa uJuda, ukumangalelwa ngamanga, kwase kuba ukufa esigxotsheni sokuhlushwa. Nakuba kunjalo, akukho nokukodwa kulokhu kuvivinywa okwenza iNdodana kaNkulunkulu ekholekile yachezuka enkambweni yayo. Eqophelweni elibucayi, uJesu wathandaza: “Kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena. . . . Intando yakho mayenzeke.” (Mathewu 26:39, 42) Akufanele yini ukuba ngamunye wethu ashukunyiswe ngokujulile yilesi sici sesibonelo esashiyelwa sona, sisenze ‘siphikelele emthandazweni’?—Roma 12:12.
8 Yebo, lapho sihlela izinto eziza kuqala ekuphileni, isiqondiso saphezulu siwusizo ngokukhethekile, ikakhulukazi uma sibhekene nezitha zeqiniso nabaphikisi bentando kaNkulunkulu. Khumbula ukunxusa kweNkosi ekholekile uDavide isiqondiso lapho isitha siyimele ngenhla. Sizokubona lokhu lapho sicabangela ingxenye yeHubo 143. Lokhu kufanele kusisize ukuba siqonde indlela esingabuqinisa ngayo ubuhlobo bethu bomuntu siqu noJehova futhi kusikhuthaze ukuba sigcine ukwenza intando kaNkulunkulu kuyinto eza kuqala ekuphileni kwethu.
UJehova Uyayizwa Futhi Ayiphendule Imithandazo Yethu
9. (a) Nakuba uDavide ayeyisoni, amazwi nezenzo zakhe kwembulani? (b) Kungani kungafanele siyeke ukwenza okulungile?
9 Nakuba ayengumuntu ofayo onesono, uDavide wayenokholo lokuthi uJehova uyokuzwa ukunxusa kwakhe. Ngokuthobeka wancenga: “Jehova, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekuncengeni kwami. Ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho-muntu okhona olungile emehlweni akho.” (IHubo 143:1, 2) UDavide wayekuqaphela ukungapheleli kwakhe, kodwa wayenenhliziyo ephelele kuNkulunkulu. Ngakho, wayeqiniseka ukuthi uyophendulwa ngokulunga. Akusikhuthazi yini lokhu? Nakuba sisilela ekulungeni kukaNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi uyasizwa uma sinenhliziyo ephelele kuye. (UmShumayeli 7:20; 1 Johane 5:14) Njengoba siphikelela emthandazweni, kumelwe sizimisele ‘ukunqoba okubi ngokuhle’ kulezi zinsuku zokugcina.—Roma 12:20, 21; Jakobe 4:7.
10. Kungani uDavide aba nezikhathi zokukhathazeka?
10 UDavide wayenezitha njengathi. Wayenezikhathi ayekhathazeka ngazo, kungaba yilezo ayebalekela ngazo uSawule, ephoqeleka ukuba afune isiphephelo ezindaweni ezikhala ibhungane nokungayi lubuyayo kuzo, noma lapho evinjezelwa yizitha ngesikhathi eyinkosi. Wachaza indlela lokhu okwamthinta ngayo: “Isitha siyangizingela . . . Singihlalisile ebumnyameni . . . Umoya wami uphelile kimi; inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.” (IHubo 143:3, 4) Wake waba nesizathu sokuzizwa ngendlela efanayo?
11. Yiziphi izikhathi zokukhathazeka izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla eziye zabhekana nazo?
11 Ukucindezela kwezitha, uvivinyo ngenxa yobunzima bezomnotho, ukugula okungathi sína, noma ezinye izinkinga ezikhathazayo kuye kwaholela abanye babantu bakaNkulunkulu ekubeni babe nomuzwa wokuphelelwa yithemba. Ngezinye izikhathi kuye kwaba sengathi nezinhliziyo zabo zindikindiki. Kunjengokungathi ngabanye baye banxusa: “Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise . . . Ungiduduze.” (IHubo 71:20, 21) Baye basizwa kanjani?
Indlela Yokubhekana Nemizamo Yezitha
12. INkosi uDavide yabhekana kanjani nengozi novivinyo?
12 IHubo 143:5 libonisa lokho uDavide akwenza lapho ehaqwe ingozi novivinyo olukhulu: “Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo, ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.” UDavide wakhumbula ukusebenzelana kukaNkulunkulu nezinceku zaKhe nendlela yena ngokwakhe akhululwa ngayo. Wazindla ngalokho uJehova ayekwenzile ngenxa yegama laKhe elikhulu. Yebo, uDavide wayekhathalela imisebenzi kaNkulunkulu.
13. Lapho sibhekene novivinyo, ukucabanga kwethu ngezibonelo zasendulo nezanamuhla zezinceku ezikholekile kuyosisiza kanjani ukuba sikhuthazele?
13 Asizange yini sikhumbule ngokuphindaphindiwe ukusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu bakhe? Ngokuqinisekile! Lokhu kuhlanganisa nomlando owenziwa ‘ifu elikhulu lawofakazi’ ezikhathini zangaphambi kobuKristu. (Heberu 11:32-38; 12:1) AmaKristu agcotshiwe ekhulwini lokuqala nawo akhuthazwa ukuba ‘aqhubeke ekhumbula izinsuku zangaphambili’ nalokho ayekukhuthazelele. (Heberu 10:32-34) Kuthiwani ngalokho izinceku zikaNkulunkulu eziye zabhekana nakho ezikhathini zanamuhla, njengalokho okulandiswe kwethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu?a Ukulandisa okulotshwe lapho nakwezinye izincwadi kusenza sikhumbule indlela uJehova aye wasiza ngayo abantu bakhe ukuba bakhuthazelele ukuvinjelwa, ukuboshwa, ukuhlaselwa izixuku, namakamu okuhlushwa nokugqilazwa. Kuye kwaba novivinyo emazweni acekelwe phansi yimpi, njengeBurundi, iLiberia, iRwanda, neYugoslavia yangaphambili. Lapho kuvela ukuphikiswa, izinceku zikaNkulunkulu zakhuthazela ngenxa yokulondoloza ubuhlobo obuqinile noJehova. Isandla sakhe sabasekela labo abenza ukwenza intando yakhe kwaba yinto esemqoka ekuphileni kwabo.
14. (a) Yisiphi isibonelo sokuqinisa kukaNkulunkulu umuntu osesimweni esingase sifane nesethu? (b) Ufundani kuleso sibonelo?
14 Nokho, ungase usabele ngokuthi awuzange ubhekane nokuphathwa ngesihluku okunjalo, futhi ungase ube nomuzwa wokuthi cishe awusoze wabhekana nakho. Nokho, ukusekela kukaNkulunkulu abantu bakhe akuzange ngaso sonke isikhathi kube sezimweni abanye abangase bazibheke njengeziyingqayizivele. Uye wasekela abantu abaningi “abavamile” ezimweni “ezivamile.” Nasi esinye sezibonelo eziningi: Ingabe uyasibona isithombe esingenhla, futhi ingabe siyakusiza ukuba ukhumbule ukusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu bakhe? Savela kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1996. Wayifunda indaba elandiswa uPenelope Makris? Yeka isibonelo esihle sobuqotho bobuKristu! Uyakukhumbula lokho akukhuthazelela komakhelwane, indlela alwa ngayo nokugula okubuhlungu, nokuthi yimiphi imizamo ayenza ukuze ahlale enkonzweni yesikhathi esigcwele? Kuthiwani ngokuhlangenwe nakho kwakhe okuvuzayo eMytilene? Iphuzu liwukuthi, Ingabe izibonelo ezinjalo uzibheka njengeziwusizo kithi sonke ekuhleleni izinto eziza kuqala, senze ukwenza intando kaNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwethu?
15. Yiziphi ezinye zezenzo zikaJehova okufanele sizindle ngazo?
15 Kuyasiqinisa ukuzindla ngemisebenzi kaJehova, njengoba uDavide enza. Efeza injongo yakhe, uJehova wenza ilungiselelo lokusindisa ngokufa kweNdodana yakhe, ukuvuka, nangokukhazinyuliswa kwayo. (1 Thimothewu 3:16) Uye wamisa uMbuso wakhe wasezulwini, wakhipha uSathane namademoni akhe emazulwini, futhi wabuyisela ukukhulekela kweqiniso lapha emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-12) Uye wakha ipharadesi elingokomoya futhi wabusisa abantu bakhe ngokwanda. (Isaya 35:1-10; 60:22) Manje, abantu bakhe banikeza ubufakazi bokugcina ngaphambi kokugqashuka kosizi olukhulu. (IsAmbulo 14:6, 7) Yebo, kuningi esingazindla ngakho.
16. Yini esikhuthazwa ukuba siyikhathalele, futhi lokhu kuyogcizelelani kithi?
16 Ukukhathalela kwethu umsebenzi wezandla zikaNkulunkulu kunokuba sibe matasa ngemisebenzi yabantu kugcizelela kithi ukuthi amandla uJehova awasebenzisayo awahlulwa. Nokho, leyo misebenzi ayigcini ngemisebenzi yendalo ebonakalayo nemangalisayo esemazulwini nalapha emhlabeni. (Jobe 37:14; IHubo 19:1; 104:24) Imisebenzi yakhe emangalisayo ihlanganisa nemisebenzi yokukhulula abantu bakhe kubacindezeli abayizitha, njengoba kubonakala kulokho abantu bakhe basendulo abakhethiwe ababhekana nakho.—Eksodusi 14:31; 15:6.
Ukwazi Indlela Okumelwe Sihambe Ngayo
17. UJehova wayengokoqobo kangakanani kuDavide, futhi kungasiqinisekisa kanjani lokhu?
17 UDavide wathandazela usizo ukuze uloya lwakhe lungomi: “Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.” (IHubo 143:6, 7) UDavide, isoni, wayazi ukuthi uNkulunkulu uyasazi isimo sakhe. (IHubo 31:7) Ngezinye izikhathi nathi singase sibe nomuzwa wokuthi ingokomoya lethu lehlile. Kodwa isimo akusona esingenathemba. UJehova, oyizwayo imithandazo yethu, angase akusheshise ukuvuseleleka kwethu ngokusiqabula ngabadala abanothando, izihloko ezikuyi-Nqabayokulinda, noma izinkulumo zemihlangano ezibonakala ziklanyelwe thina ngokukhethekile.—Isaya 32:1, 2.
18, 19. (a) Kufanele kube yini ukunxusa kwethu okuqotho kuJehova? (b) Yini esingaqiniseka ngayo?
18 Ukuthembela kwethu kuJehova kusishukumisela ukuba simnxuse: “Ngizwise umusa wakho . . . , ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo.” (IHubo 143:8) Ingabe wamdumaza uDade Makris, owayeyedwa esiqhingini saseGreece? Ngakho uyokudumaza yini wena njengoba wenza ukwenza intando yakhe kube yinto esemqoka ekuphileni kwakho? UDeveli namanxusa akhe bangathanda ukuwuphazamisa noma ukuwuvimbela ngokuphelele umsebenzi wethu wokumemezela uMbuso kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sikhonza emazweni lapho ukukhulekela kweqiniso kuvunyelwe khona noma sikhonza lapho kuvinjelwe khona, imithandazo yethu yobunye iyavumelana nokunxusa kukaDavide: “Ngikhulule ezitheni zami; Jehova, ngicashe kuwe.” (IHubo 143:9) Ukulondeka kwethu enhlekeleleni engokomoya kuxhomeke ekuhlaleni kwethu endaweni esithekile yoPhezukonke.—IHubo 91:1.
19 Ukuqiniseka kwethu ngalokho okusemqoka kunesisekelo esiqinile. (Roma 12:1, 2) Khona-ke, melana nemizamo yezwe yokugxilisa kuwe lokho elicabanga ukuthi kubalulekile ngokwezimiso zabantu. Qhubeka uvumela zonke izici zokuphila kwakho zibonise lokho okwaziyo ukuthi kusemqoka—ukwenza intando kaNkulunkulu.—Mathewu 6:10; 7:21.
20. (a) Sifundeni ngoDavide kumaHubo 143:1-9? (b) Namuhla amaKristu awubonisa kanjani umoya kaDavide?
20 Amavesi angu-9 okuqala eHubo 143 agcizelela ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu uDavide ayenabo noJehova. Lapho ehaqwe izitha, wanxusa isiqondiso sikaNkulunkulu ngokukhululekile. Wathulula isifuba sakhe, efuna usizo lwendlela okufanele ahambe ngayo. Kuyefana nangensali yabagcotshwe ngomoya emhlabeni nabangane bayo namuhla. Babheka ubuhlobo babo noJehova njengobuyigugu njengoba benxusa isiqondiso sakhe. Bagcina ukwenza intando kaNkulunkulu kuza kuqala, naphezu kokucindezela kukaDeveli nezwe.
21. Kungani kubalulekile ukuba sibeke isibonelo esihle ukuze sifundise abanye ngalokho okufanele kube semqoka ekuphileni kwabo?
21 Izigidi ezitadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova kudingeka ziqaphele ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kusemqoka. Singazisiza ukuba zikuqonde lokhu lapho sifunda isahluko 13 sencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, esichaza izimiso ezihilelekile ekulaleleni iZwi.b Yebo, kufanele zikubone kithi lokho esizifundisa kona. Ngemva kwesikhathi esingeside kakhulu, nazo ziyoyazi indlela okufanele zihambe ngayo. Njengoba lezi zigidi zizibonela mathupha lokho okufanele kubaluleke kunakho konke ekuphileni kwazo, abaningi bazo bayoshukumiseleka ukuba bathathe isinyathelo sokuzinikezela nokubhapathizwa. Ngemva kwalokho, ibandla lingabasiza ukuba baqhubeke behamba endleleni yokuphila.
22. Yimiphi imibuzo ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
22 Abaningi bavuma ngokushesha ukuthi intando kaNkulunkulu kufanele ibe yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwabo. Nokho, uJehova uzifundisa kanjani ngokuqhubekayo izinceku zakhe ukuba zenze intando yakhe? Lokho kuzilethela ziphi izinzuzo? Lemibuzo kanye nengxoxo ngevesi eliyisihluthulelo, iHubo 143:10, kuzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Eyanyatheliswa ngo-1993 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Eyanyatheliswa ngo-1995 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Singazihlela kanjani izinto eziza kuqala ngokusebenzisa eyabaseFilipi 1:9, 10?
◻ UJesu wabonisa kanjani ukuthi yini eyayisemqoka ekuphileni kwakhe?
◻ Singafundani ezenzweni zikaDavide lapho engaphansi kovivinyo?
◻ AmaHubo 143:1-9 asisiza ngayiphi indlela namuhla?
◻ Yini okufanele ibe semqoka ekuphileni kwethu?
[Isithombe ekhasini 10]
Izenzo zikaDavide zabonisa ukuthi uthembele kuJehova
[Umthombo]
Reproduced from Illustrirte Pracht - Bibel/Heilige Schrift des Alten und Neuen Testaments, nach der deutschen Uebersetzung D. Martin Luther’s