Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Undunankulu Uyaphawula
KUYAKHUTHAZA ukwazi ukuthi kulelizwe kusenamadoda asezikhundleni eziphakeme athanda ukwethembeka nokwahlulela ngokulunga nakhuluma ngesibindi ekumeleleni lezizimfanelo. Isibonelo salokho yinkosi ethile ezweni elithile laseAfrika lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona. Make sivumele umbiko usitshele:
“Muva nje amaqembu enkolo ahlukene aba nomhlangano wamabandla onke edolobheni lakithi, futhi lokhu kwahlanganisa amaKatolika, abaseHabe, abakaMoya, nabanye. Lapho umhlangano usuyophetha uNdunankulu wamenywa ukuba akhulume kwababekhona. Kwezinye zezinto azikhuluma, okwamangalisa umhlangano wonke, ukubatshela ukuba balingise ukwethembeka nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha zoFakazi BakaJehova, enezela ngokuthi ukuba bonke bebenjengoFakazi BakaJehova, bekuyoba nokuthula esizweni.
“Ngosuku olulandelayo amalungu aholayo amaSonto ayemelelwe kulowomhlangano afika koMkhulu futhi afaka isikhalo esinamandla ngengxenye yenkulumo eyayitusa oFakazi futhi ambuza ukuthi akazi yini ukuthi oFakazi benqatshelwe ezweni. UNdunankulu wavuma kodwa wabatshela ukuthi akatholi-phutha koFakazi BakaJehova. Waqhubeka wathi: ‘Kuyo yonke iminyaka yami njengoNdunankulu, akukaze nakanye kulethwe omunye woFakazi bakaJehova esigcawini sami ngenxa yobubi obungathi sína. Ngakolunye uhlangothi, uma umdumbula webiwe epulazini, ngokuvamile kuye kutholakale ukuthi isela umKatolika, futhi uma kwebiwe ubhatata, kusuke kungowaseHabe owenze lokho. Amalungu esonto lenu aye angcolisa izwe lami ngokukhipha izisu, kodwa akekho noyedwa koFakazi BakaJehova oye walethwa esigcawini ngenxa yamacala anjalo. Ingabe imithetho kaNkulunkulu ayibunqabeli yini ububi obunjalo, noma ingabe amasonto awasaboshiwe ngumthetho kaNkulunkulu?’ Abefundisi ababanga nampendulo.
“Kamuva, uNdunankulu wabiza abameleli boFakazi BakaJehova futhi wabakhuthaza ukuba baziqaphele ukuze kungabi nasihlamba esilethwa egameni likaNkulunkulu wabo, nasegameni lakhe njengoNdunankulu oye wamelela oFakazi BakaJehova.”
Umbiko uthi manje abaningi abasha bathatha ukuma kwabo ngaseqinisweni. Omunye uFakazi uthi muva nje uye wakwazi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli namakhosi amathathu kuleyondawo, enye yawo nguNdunankulu, futhi womathathu aba khona emihlanganweni yebandla yoFakazi BakaJehova!
UJehova uNkulunkulu uyabaqaphela labo abathanda futhi bamelele iqiniso nokulunga ngenxa yezinceku zaKhe.—Mathewu 10:42.