Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 3/1 kk. 6-7
  • Indlela Engcono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Engcono
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwe Elinezindinganiso Eziqinile
  • Ubufandamentali—Buyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Uhulumeni Oyosekela Izindinganiso ZikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2003
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
    Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 3/1 kk. 6-7

Indlela Engcono

OFAKAZI BAKAJEHOVA bakhathazekile ngokukhukhuleka kwengokomoya ezweni nokuziphatha okubi nokuntengantenga kwenkolo okugcwele emphakathini. Ngenxa yalokho, ngezinye izikhathi babizwa ngokuthi bangabalandeli bobufandamentali. Kodwa ingabe bayibo? Cha. Nakuba benezinkolelo ezingokwenkolo eziqinile, ababona abalandeli bobufandamentali ngomqondo leli gama elisetshenziswa ngawo. Ababacindezeli abaholi bezombangazwe ukuba bathuthukise umbono othile, futhi abaphendukeli ekubhikisheni nasebudloveni bephikisa labo abangavumelani nabo. Baye bathola indlela engcono. Balingisa uMholi wabo, uJesu Kristu.

OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi likhona iqiniso elingokwenkolo, ukuthi litholakala eBhayibhelini. (Johane 8:32; 17:17) Kodwa iBhayibheli lifundisa amaKristu ukuba abe nomusa, abe nemfanelo yobuhle, abe mnene futhi abe alinganiselayo—izimfanelo ezingakuvumeli ukushiseka okweqisayo. (Galathiya 5:22, 23; Filipi 4:5) Encwadini yeBhayibheli kaJakobe, amaKristu akhuthazwa ukuba ahlakulele “ukuhlakanipha okuvela phezulu,” okuchazwa ngokuthi “okokuqala kumsulwa, bese kuba okunokuthula, okunengqondo, okusheshayo ukulalela, okugcwele isihe nezithelo ezinhle.” UJakobe wanezela: “Isithelo sokulunga imbewu yaso ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.”—Jakobe 3:17, 18.

OFakazi BakaJehova bayakhumbula ukuthi uJesu wayelikhathalela kakhulu iqiniso. Watshela uPontiyu Pilatu: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Nakuba ayengummeleli weqiniso onesibindi, akazange afune ukuphoqelela izinkolelo zakhe kwabanye. Kunalokho, wafinyelela izingqondo nezinhliziyo zabo. Wayazi ukuthi uYise wasezulwini, onguNkulunkulu ‘omuhle nolungile,’ wayeyonquma ukuthi uyowaqeda kanjani futhi nini amanga nokungabi nabulungisa emhlabeni. (IHubo 25:8) Ngenxa yalokho, akazange afune ukucindezela labo ababengavumelani naye. Ngokuphambene nalokho, kwakungabaholi benkolo abangamukeli mibono emisha bosuku lwakhe abazama ukucindezela uJesu.—Johane 19:5, 6.

OFakazi BakaJehova banezinkolelo eziqinile ngezimfundiso ezingokwenkolo, futhi babonisa izindinganiso eziqinile endabeni yokuziphatha. Njengomphostoli uPawulu, bayaqiniseka ukuthi kukhona “iNkosi inye, ukholo lunye, ubhapathizo lunye.” (Efesu 4:5) Bayawaqaphela namazwi kaJesu athi: “Liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Noma kunjalo, abazami ukuphoqelela abanye ukuba balandele izinkolelo zabo. Kunalokho, balingisa uPawulu futhi ‘bancenga’ bonke labo abafisayo ukuba ‘babuyisane noNkulunkulu.’ (2 Korinte 5:20) Yilena indlela engcono. Yindlela kaNkulunkulu.

Ubufandamentali obungokwenkolo, ngendlela leli gama elisetshenziswa ngayo namuhla, buhluke kakhulu. Abalandeli bobufandamentali basebenzisa amasu amaningi—kuhlanganise nobudlova—ukuze baphoqelele izimiso zabo emphakathini. Ngokwenza kanjalo, baba yingxenye yesimiso sezombangazwe. Nokho, uJesu wathi abalandeli bakhe kwakufanele ‘bangabi ingxenye yezwe.’ (Johane 15:19; 17:16; Jakobe 4:4) Ngokuvumelana nalawo mazwi, oFakazi BakaJehova balondoloza ukungathathi-hlangothi ngokuqinile ezimpikiswaneni zezombangazwe. Futhi, njengoba iphephandaba lase-Italy i-Fuoripagina lakuvuma, “abaphoqeleli lutho kunoma ubani; wonke umuntu ukhululekile ukwamukela noma ukwenqaba abakushoyo.” Uyini umphumela? Isigijimi seBhayibheli esinokuthula soFakazi sikhanga abantu bazo zonke izinhlobo, ngisho nalabo abake baba abalandeli bobufandamentali.—Isaya 2:2, 3.

Izwe Elinezindinganiso Eziqinile

OFakazi bayaqaphela ukuthi abantu abanakuzixazulula izinkinga ezikhathaza abalandeli bobufandamentali. Awunakumphoqa umuntu ukuba akholelwe kuNkulunkulu noma amukele izinkolelo zakho siqu. Ukucabanga ukuthi lokhu kungenzeka kuye kwaholela kwezinye zezinto ezesabeka kakhulu emlandweni, njengeZimpi Zenkolo, uKuqulwa Kwamacala Ezihlubuki kwangeNkathi Ephakathi, ‘nokuguqulwa’ kwamaNdiya aseMelika. Nokho, uma uthembela kuNkulunkulu, uyozimisela ukushiyela izinto ezandleni zakhe.

NgokweBhayibheli, uNkulunkulu usilinganisele isikhathi avumela ngaso abantu ukuba baphule imithetho yakhe futhi kanjalo babangele ukuhlupheka nobuhlungu. Leso sikhathi sesiyaphela. Kakade, uJesu ubusa njengeNkosi eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini, futhi ngokushesha lowo Mbuso uzothatha isinyathelo sokususa ohulumeni babantu futhi uthathe izintambo ubuse isintu usuku nosuku. (Mathewu 24:3-14; IsAmbulo 11:15, 18) Umphumela uyoba ipharadesi lomhlaba wonke okugcwele ukuthula nokulunga kulo. Ngaleso sikhathi ngeke kube khona ukungaqiniseki ngendlela uNkulunkulu weqiniso okufanele akhulekelwe ngayo. “Abalungileyo [bayokudla] ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) Izimfanelo ezingunaphakade ezinjengomusa wothando, iqiniso, ubulungisa nobuhle ziyonqoba kube kuhle kuso sonke isintu esilalelayo.

Elangazelela leso sikhathi, umhubi ukhuluma ngendlela esankondlo: “Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini. Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo. Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.”—IHubo 85:10-13.

Nakuba singenakulishintsha izwe, thina ngabanye singazihlakulela izindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu ngisho nanamuhla. Ngakho, singazama ukuba uhlobo lwabantu uNkulunkulu ayofuna lube abakhulekeli bakhe kulelozwe elisha. Ngaleso sikhathi siyoba phakathi kwabathobekileyo umhubi akhuluma ngabo: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:11) UNkulunkulu uyabasekela futhi ababusise labo abenza intando yakhe, futhi uthembisa izinto ezimangalisayo ngekusasa labo. Umphostoli uJohane wathi: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

[Isithombe ekhasini 7]

OFakazi BakaJehova bamema wonke umuntu ukuba azi izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu

[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]

Lamp on pages 3, 4, 5, and 6: Printer’s Ornaments/by Carol Belanger Grafton/Dover Publications, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela