“Baphila Ngalokho Abakufundiswa Yinkolo Yabo”
OWESIFAZANE othile waseMiami, eFlorida, e-U.S.A., wathumela incwadi elandelayo ephephandabeni lendawo: “Ngomhla ka-10 ku-Dec[ember] indodana yami yakhuthuzwa isikhwama semali e-flea market. Sasinezincwadi zayo zokushayela, ikhadi le-Social Security, nokunye, kanye no-$260 [R1 215].
“Ngemva kokubikela imenenja ngokulahlekelwa kwayo yabuyela ekhaya. Kusihlwa yathola ucingo olwaluvela entokazini ethile ekhuluma iSpanishi eyayitshela ukuthi isitholile isikhwama semali sendodana yami, njengoba isisebenzi [sasemshinini wocingo] sasibahumushela.
“Lentokazi yayinika ikheli layo. . . . Yayinika isikhwama semali, esasisenjengoba sasinjalo, sinalowo $260 [R1 215].
“Yayilibonile isela liyikhuthuza yayisimemeza. Leli sela ladedela isikhwama semali labaleka. Ngaleso sikhathi ayibange isayibona indodana yami, ngakho yasithatha leso sikhwama yaya naso ekhaya yafike yashaya ucingo.
“Yona nomkhaya wayo bangoFakazi BakaJehova. Kusobala ukuthi baphila ngalokho abakufundiswa yinkolo yabo.”
OFakazi BakaJehova ababonisi ukwethembeka ukuze banconywe abantu. (Efesu 6:7) Kunalokho, banesifiso esiqotho sokuyisa udumo kuYise osezulwini, uJehova. (1 Korinte 10:31) Uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane lubashukumisela ukuba bamemezele “izindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) NgaloMbuso, uNkulunkulu uthembisa ukuguqula umhlaba ube ipharadesi elihle. Ngaleso sikhathi umhlaba ngeke ugcine ngokuba indawo ebukeka kahle kodwa futhi uyoba indawo yobuqotho lapho ukwethembeka kuyohlala phakade khona.—Heberu 13:18; 2 Petru 3:13.