Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 6/1 kk. 5-6
  • Ukugcina Izimfihlo Egameni LeNkosi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugcina Izimfihlo Egameni LeNkosi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingozi Zokugcina Izimfihlo Ezinkolweni
  • Kungani Kugcinwa Izimfihlo Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Imfihlo AmaKristu Angenakulokotha Ayigcine!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Imfihlo Ongayitshela Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 6/1 kk. 5-6

Ukugcina Izimfihlo Egameni LeNkosi

UKUHLASELWA ngesisi esinoshevu komzila ohamba ngaphansi komhlaba eTokyo, eJapane, ngo-March 1995 kwabulala abantu abangu-12, kwagulisa abayizinkulungwane abengeziwe, futhi kwambula imfihlo. Ihlelo lenkolo elaziwa ngokuthi i-Aum Shinrikyo (IQiniso Eliphakeme) lalakhe ngomshoshaphansi indawo yokugcina isisi i-sarin, elalizosisebenzisela ukuzama ukufinyelela imigomo engaqondakali.

Ngemva kwenyanga ukuqhuma kwebhomu kwasakaza isakhiwo sikahulumeni e-Oklahoma City, e-U.S.A., futhi kwabulala abangu-167. Kwabonakala sengathi ubufakazi bukhomba ukuthi lokhu kuhlasela kwakuhlobene ngandlela-thile nokungavumelani kukahulumeni nehlelo lenkolo i-Branch Davidian laseWaco, eTexas, eminyakeni emibili egcwele ngaphambili. Ngaleso sikhathi kwakufe amalungu angaba ngu-80 aleli hlelo. Lokhu kuqhuma kwebhomu kwambula nento iningi labantu elalikade lingayazi: Kunenqwaba yamaqembu amabutho aqeqeshiwe e-United States, okungenani amanye awo okusolakala ukuthi ahlela ngomshoshaphansi ukulwa nohulumeni.

Kamuva, ngasekupheleni kuka-1995, kwatholakala izidumbu ezishile zabantu abangu-16 endaweni eyihlathi eduze naseGrenoble, eFrance. Babekade bengamalungu e-Order of the Solar Temple, ihlelo lenkolo elincane elalivele ezindabeni ngo-October 1994 eSwitzerland naseCanada lapho amalungu alo angu-53 ayezibulele noma ayebulewe. Kodwa ngisho nangemva kwalenhlekelele, leli hlelo laqhubeka lisebenza. Kuze kube namuhla, izisusa nemigomo yalo kusalokhu kuyimfihlo.

Izingozi Zokugcina Izimfihlo Ezinkolweni

Uma kucatshangelwa izimo ezinjengalezi, ingabe kuyamangaza ukuthi abantu abaningi bayawaxwaya amaqembu enkolo? Ngokuqinisekile akekho ongafuna ukusekela inhlangano yomshoshaphansi—kungakhathaliseki ukuthi eyenkolo noma cha—esizakala ngokuyethemba kwakhe bese imenza aphishekele imigomo angahambisani nayo. Nokho, abantu bangenzani ukuze bagweme ukuwela ogibeni lokuhileleka ezinhlanganweni zomshoshaphansi ezingabazekayo?

Kusobala ukuthi noma ubani ocabanga ukuba ilungu lenhlangano yomshoshaphansi wenza kahle ngokuqiniseka ngemigomo yayo yangempela. Kumelwe kugwenywe ukucindezelwa abangane noma abantu obajwayele, futhi izinqumo kufanele zisekelwe emaqinisweni, hhayi ekuthathekeni. Khumbula, cishe kuyoba yilowo muntu ngokwakhe—hhayi abanye—oyohlupheka nganoma imiphi imiphumela engase ibe khona.

Ukulandela izimiso zeBhayibheli kuyindlela eqinisekile yokugwema amaqembu ayingozi anezisusa ezingezinhle. (Isaya 30:21) Lokhu kuhilela ukulondoloza ukungathathi-hlangothi kwezombangazwe, ukubonisa abanye uthando, ngisho nezitha, ukugwema “imisebenzi yenyama,” nokuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu. Ngaphezu kwakho konke, amaKristu eqiniso kumelwe angabi ingxenye yezwe, njengoba noJesu ayengeyona, futhi lenkambo iyakwenqabela ukuhlanganyela ezinhlanganweni zezwe zomshoshaphansi.—Galathiya 5:19-23; Johane 17:14, 16; 18:36; Roma 12:17-21; Jakobe 4:4.

OFakazi BakaJehova bangabafundi beBhayibheli abaqotho, abaluthatha ngokungathi sína ukholo lwabo futhi bazame ukuphila ngokuvumelana nalo obala. Emhlabeni wonke, badume ngokuba iqembu lenkolo ‘elifuna ukuthula futhi likuphishekele.’ (1 Petru 3:11) Incwadi yabo ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu isho okuyikho lapho ithi: “OFakazi BakaJehova abayona neze inhlangano yezinto eziyimfihlo. Izinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini zichazwa ngokugcwele ezincwadini ezingase zitholwe yiwo wonke umuntu. Ngaphezu kwalokho, benza umzamo okhethekile wokumemela umphakathi emihlanganweni yabo ukuze ubone futhi uzizwele lokho okwenzekayo.”

Inkolo yeqiniso ayiyona nakancane eyomshoshaphansi. Abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso baye bayalwa ukuba bangazifihli ukuthi bangobani noma ukuthi iyini injongo yabo njengoFakazi BakaJehova. Abafundi bakaJesu bokuqala bagcwalisa iJerusalema ngemfundiso yabo. Babephumela obala ngokuphathelene nezinkolelo nemisebenzi yabo. Kunjalo nangoFakazi BakaJehova namuhla. Kuyaqondakala ukuthi lapho imibuso yomashiqela ivimbela ngokungafanele inkululeko yokukhulekela, amaKristu kumelwe aqhube umsebenzi wawo ngokuqapha nangesibindi, elalela “uNkulunkulu njengombusi kunabantu,” okuyisimo abaphoqwayo ukuba babe kuso ngenxa yokufakaza kwabo obala ngesibindi.—IzEnzo 5:27-29; 8:1; 12:1-14; Mathewu 10:16, 26, 27.

Uma kwake kwakufikela ukuthi oFakazi BakaJehova kungenzeka bayihlelo lomshoshaphansi, cishe lokho kwakubangelwa ukuthi wawungenalwazi olutheni ngabo. Kumelwe ukuba sasinjalo isimo kwabaningi ekhulwini lokuqala leminyaka.

IzEnzo isahluko 28 zisitshela ngomhlangano umphostoli uPawulu aba nawo eRoma ‘namadoda avelele kumaJuda.’ Athi kuye: “Sikucabangela njengokufanelekile ukuzwa kuwe ukuthi iyini imicabango yakho, ngoba ngempela ngokuqondene nalelihlelo siyazi ukuthi kukhulunywa ngokumelene nalo kuyo yonke indawo.” (IzEnzo 28:16-22) Ephendula, uPawulu “wabachazela lendaba ngokunikeza ubufakazi obuphelele ngokuphathelene nombuso kaNkulunkulu” futhi “abanye baqala [ukukholwa].” (IzEnzo 28:23, 24) Ngokuqinisekile kwakuyobazuzisa njalo ukuthola amaqiniso njengoba enjalo ngobuKristu beqiniso.

Njengoba bezinikele ekukhonzeni uNkulunkulu obala naphambi komphakathi, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukwambula amaqiniso amsulwa ngomsebenzi nezinkolelo zabo kunoma ubani ofuna ukwazi amaqiniso. Kungani ungazihloleli, kanjalo ube nolwazi oluyilonalona ngenkolo yabo?

[Isithombe ekhasini 6]

OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukwambula ukuthi bangobani nokuthi benzani

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela