Ingabe Ukwelashwa Ngokuyisimangaliso Kusenzeka?
“YAMUKELA uJesu uzophila!” Iziqubulo ezinjengalesi zenza ukuba u-Alexandre, oyilungu lesonto i-Evangelical, akholelwe ukuthi ukuphuza umuthi ngenxa yokugula kwakuyobonisa ukuntula ukholo. Wayeseqiniseka ukuthi ukholo lwakhe lulodwa lwaluyokwenza ukuba aphile ngokuyisimangaliso ayekudinga. UBenedita, umKatolika oshisekayo, wathinteka ngokujulile lapho ezwa ngezimangaliso zokuphulukisa endlini engcwele ka-Aparecida do Norte, esifundeni saseSão Paulo, eBrazil. Esebenzisa amagama omlingo uninakazi ayemfundise wona, uBenedita wayethandaza eNkosazaneni Yethu Yase-Aparecida, ku-Anthony, nakwabanye “osanta” ukuze athole amandla okuphulukisa abagulayo.
Kusobala ukuthi ngisho nasekupheleni kwekhulu lama-20 leminyaka, abantu abaningi basakholelwa ekwelashweni ngokuyisimangaliso—kodwa kungani? Cishe, abanye bayakhungatheka lapho odokotela behluleka ukuqeda ukugula, izinhlungu nokuhlupheka kwalabo ababathandayo, ikakhulukazi izingane zabo. Abanezifo ezingamahlalakhona bangase babe nomuzwa wokuthi njengoba ezokwelapha zanamuhla zimba eqolo, kuhle baphephele ekuphulukisweni ngokuthandazelwa. Abanye babona amasonto nabantu abahlukahlukene ku-TV bethi banamakhambi okwelapha ingculaza, ukucindezeleka, umdlavuza, ukusangana, umfutho wegazi ophakeme nokunye ukugula okuningi. Kungakhathaliseki ukuthi bayakukholelwa yini lokho kuzisholo noma cha, bangase baphendukele kukho lapho sebephelelwe amasu. Noma kunjalo abanye abakholelwa ukuthi ukugula kwabo kubangelwa imimoya emibi bangase babe nomuzwa wokuthi ukwelashwa okuvamile akunawo amandla okubasiza.
Ngakolunye uhlangothi, kunalabo abawuphikisa ngokuqinile, baze bawusole, umqondo wokwelashwa ngokuyisimangaliso “osanta” asebafa noma abelaphi abaphilayo. Ngokwe-Jornal da Tarde, udokotela wezokuzivikela komzimba ezifweni uDráusio Varella unomuzwa wokuthi lenkolelo “iqeda ukholo lwabangaqaphile nabangasenathemba.” Uyanezela: “Benethemba lokuthi kuzokwenzeka izimangaliso, abaningi bangase bayeke ukwelashwa okubalulekile ngenxa yalaba bakhohlisi.” Futhi i-New Encyclopædia Britannica iyachaza: “Esikhathini esidlule ukuphulukisa okungavamile kwakuhlotshaniswa nezindawo ezingcwele nemikhuba engokwenkolo, futhi isayensi yezokwelapha ithambekele ekuchazeni konke ukuphulukisa okunjalo njengokubangelwa yinqubo evamile yemicabango eholela kweminye isebenza ngaphansi kwezimo ezikahle.” Noma kunjalo, kunabaningi abakholelwa ukuthi belashwa ngokuyisimangaliso ngempela. Kubo, ukuphulukiswa kwasebenza!
Labo abajwayelene neBhayibheli bayazi ukuthi uJesu Kristu wabaphulukisa kaningi abantu abagulayo, ekwenza ‘ngamandla kaNkulunkulu.’ (Luka 9:42, 43) Ngakho bangase bazibuze ukuthi, ‘Ingabe amandla kaNkulunkulu asakubangela yini ukuphulukiswa ngokuyisimangaliso namuhla?’ Uma kunjalo, kungani imizamo yokwelapha ihluleka ukuveza imiphumela ethenjiswayo? Ingabe kungenxa yokuthi isiguli sisuke singenalo ukholo olwanele noma umnikelo waso osuke ungenele? Ingabe kulungile ukuba umKristu afune ukwelashwa ngokuyisimangaliso lapho ephethwe isifo esibuhlungu noma mhlawumbe esingelapheki? Futhi ingabe ukwelashwa ngokuyisimangaliso okuphumelela njalo okufana nokwakwenziwa uJesu kuyoke kuphinde kwenzeke? Izimpendulo zalemibuzo ebalulekile ungazithola esihlokweni esilandelayo.