Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukugqashula Ethonyeni Lamademoni
SEKUYISIKHATHI eside ukusebenzisa imimoya kulawula ukuphila kwezigidi zabantu. Kodwa kungenzeka ukugqashula kukho! Yilokho okwenzeka kwabaningi emzini wasendulo e-Efesu. Ngokulandisa kweBhayibheli, “abaningana impela kulabo ababenza ubuciko bemilingo baletha izincwadi zabo ndawonye futhi bazishisa . . . Ngakho ngendlela enamandla izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba.”—IzEnzo 19:19, 20.
Ibandla lobuKristu namuhla nalo liyanda. Njengase-Efesu, phakathi kwalabo ababa amakholwa kunababesebenzisa ubudemoni. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseZimbabwe kuyakubonisa lokhu.
UGog’ uMthupha wayedume ngamandla akhe emimoya. Abantu babesuka ezindaweni ezikude njengaseZambia, eBotswana naseNingizimu Afrika bezolashwa ngamakhambi akhe. UGog’ uMthupha wayefundisa nabanye ubunyanga. Futhi ngezinye izikhathi wayephonsa iziphonso!
Ngolunye usuku ngeSonto ekuseni uGog’ uMthupha wavakashelwa oFakazi BakaJehova ababesenkonzweni yendlu ngendlu. Wakujabulela kakhulu ukuxoxa nabo ngesithembiso seBhayibheli sezwe elisha lokulunga, izwe elingenawo nakancane amathonya amabi. Wamukela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya.a Ngemva kwezifundo ezintathu kuphela, waqala ukuba khona emihlanganweni.
Esifundweni sakhe seBhayibheli, uGog’ uMthupha wafunda ukuthi amandla akhe akhethekile ayevela ezidalweni zomoya ezimbi ezazivukele ubukhosi bukaJehova. (2 Petru 2:4; Jude 6) Wafunda nokuthi lamademoni azimisele ukwenza wonke umuntu ongatholakala ukuba amelane noJehova nokukhulekela okumsulwa. Njengoba ayeziphilisa ngokushweleza kulezi zidalwa zomoya ezimbi, wayezokwenzenjani?
UGog’ uMthupha wazwakalisa isifiso sokulahla zonke iziphandla zakhe nempahla yemimoya. Lokhu kwakuhlanganisa nomnqwazo wakhe okhethekile “nezimpondo zenkunzi ezikhulumayo,” ayezisebenzisa ekwelapheni kwakhe kobunyanga. UGog’ uMthupha wayefuna ukulahla zonke lezo zinto ukuze akhonze owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova.
Nokho, ezinye zezihlobo zakhe zamelana nalokho ngoba wayezisekela ngokwezimali. Zamnxusa ukuba adlulisele lempahla kuzo, kanye namandla akhe angavamile ukuze ziqhubeke zizuza. UGog’ uMthupha wenqaba.
Ngosizo lwebandla lendawo loFakazi BakaJehova, wakhipha izikhwama ezintathu ezinkulu ezinempahla yemimoya wazishisa zonke. Njengoba amalangabi engqongqisa izinto zakhe zokukhulekelwa kwamademoni, uGog’ uMthupha wamemeza: “Bheka! Loluya phondo, alukwazi ukuzisindisa.”
Ngokuhamba kwesikhathi, uGog’ uMthupha wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngenjabulo ngobhapathizo lwamanzi. Uziphilisa kanjani manje? Ngokuthengisa imifino. Yebo, ngamandla eZwi likaNkulunkulu, umuntu angagqashula ekukhulekeleni amademoni. UGog’ uMthupha uthi: “Angikaze ngizizwe ngikhululeke kangaka.”
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.