Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 4/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Ugweme Ukusebenzelana Nemimoya
    I-Phaphama!—2000
  • Melana Nebutho Lomoya Ababi
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Izidalwa Zomoya—Indlela Ezisithinta Ngayo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Amademoni—Singamelana Kanjani Nawo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 4/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma umuntu ehlushwa amademoni, yini angayenza ukuze ayeke ukumhlupha?

IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi labo abahlaselwa amademoni bangathola impumuzo. Umthandazo unendima ebalulekile ukuze bathole leyo nkululeko. (Marku 9:25-29) Kodwa umuntu ohlushwa amademoni kungase kudingeke athathe ezinye izinyathelo. Okwenzeka kumaKristu ekhulu lokuqala kubonisa okunye okungenziwa.

Ngaphambi kokuba babe abalandeli bakaKristu, abathile e-Efesu yasendulo babesebenzisa ubudemoni. Nokho, lapho sebenqume ukuthi bazokhonza uNkulunkulu, “labo ababenza ubuciko bemilingo babuthela izincwadi zabo ndawonye bazishisa phambi kwawo wonke umuntu.” (IzEnzo 19:19) Ngokushisa izincwadi zabo zokubhula, lawo makholwa amasha ase-Efesu abekela isibonelo noma yimuphi umuntu ofisa ukuyeka ukuhlaselwa amademoni namuhla. Ngempela, labo bantu kumelwe nakanjani balahle zonke izinto ezihlangene nokusebenzelana nemimoya. Lezi zinto zihlanganisa izincwadi, omagazini, ama-video, izinto zobuchwepheshe, umculo onezosha ezihlangene nemimoya, kanye nemigexo noma ezinye izinto “zokuzivikela” ezigqokwayo ezihlangene nokusebenzelana nemimoya.—Duteronomi 7:25, 26; 1 Korinte 10:21.

Ngemva kweminyaka embalwa lawo maKristu ase-Efesu eshise izincwadi zawo zomlingo, umphostoli uPawulu wabhala: “Sibambene . . . nebandla lomoya ababi.” (Efesu 6:12) UPawulu wanxusa amaKristu: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11) Leso seluleko sisasebenza nanamuhla. AmaKristu kufanele aziqinise kakhulu ngokomoya ukuze ahlale evikelekile emimoyeni emibi. UPawulu wagcizelela: “Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (Efesu 6:16) Umuntu uqinisa ukholo lwakhe ngokutadisha iBhayibheli. (Roma 10:17; Kolose 2:6, 7) Ngakho, ukulitadisha njalo iBhayibheli kusisiza ukuba sibe nokholo oluba isivikelo emathonyeni emimoya emibi.—IHubo 91:4; 1 Johane 5:5.

Lawo maKristu ase-Efesu kwakudingeka athathe nesinye isinyathelo esibalulekile. UPawulu wawatshela: “[Qhubekani] nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke.” (Efesu 6:18) Yebo, ukuthandazela isivikelo sikaJehova ngokujulile kubaluleke ngempela kulabo abafuna ukuthola impumuzo ekuhlaselweni amademoni namuhla. (IzAga 18:10; Mathewu 6:13; 1 Johane 5:18, 19) IBhayibheli lisho kufanele: “Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jakobe 4:7.

Njengoba umuntu ohlaselwa amademoni kufanele athandazele impumuzo ngentshiseko, namanye amaKristu eqiniso angase amthandazele lowo muntu ofisa ngokujulile ukukhonza uJehova futhi ozama ngobuqotho ukumelana nemimoya emibi. Angacela uNkulunkulu ukuba asize lowo ohlushwa amademoni ukuba athole amandla angokomoya ukuze amelane nawo. Njengoba iZwi likaNkulunkulu lithi “ukunxusa komuntu olungileyo, lapho kusebenza, kunamandla amakhulu,” ngokuqinisekile imithandazo eyenziwa izinceku zikaNkulunkulu iyobasiza abahlushwa amademoni abenza konke okusemandleni abo ukuba ‘bamelane noDeveli.’—Jakobe 5:16.

[Isithombe ekhasini 31]

Amakholwa ase-Efesu ashisa izincwadi zawo zomlingo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela