Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 3/1 kk. 3-4
  • Amasonto Avuma Izono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amasonto Avuma Izono
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Upapa Ecela Intethelelo
  • Kungani Enza Kanjalo?
  • Kungani Ecela Intethelelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • ISonto LamaKatolika NokuQothulwa Kwesizwe
    I-Phaphama!—1998
  • Imizamo Yokubumbana
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuhambela KukaPapa EMexico—Ingabe Kuzolisiza Isonto?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 3/1 kk. 3-4

Amasonto Avuma Izono

“Upapa Uqulisa Isonto Icala.” “INkantolo Yamacala Ezihlubuki Nokubandlululwa KwamaJuda—ISonto Lilungiselela I-‘Mea Culpa’ Yalo.”a “I-‘Mea Culpa’ YokuQothulwa Kwesizwe SamaJuda.” “AbaseWeseli Bayaxolisa EmaNdiyeni AseNtshonalanga Ekude.”

INGABE wake wazifunda izihloko zezindaba ezinjena? Kubonakala kuya ngokwanda ukuba amasonto avume ukuthi anecala futhi axolise ngalokho aye akwenza phakathi namakhulu eminyaka. Abezindaba bahlale beqokomisa ama-mea culpa amasha enziwa upapa.

Lapho Upapa Ecela Intethelelo

Phakathi kuka-1980 no-1996, uJohn Paul II ‘waqaphela amaphutha avelele emlandweni weSonto noma wacela intethelelo’ okungenani izikhathi ezingu-94, kusho umkhulumeli waseVatican uLuigi Accattoli encwadini yakhe ethi Quando il papa chiede perdono (Lapho Upapa Ecela Intethelelo). Ngokuka-Accattoli, “eSontweni LamaKatolika, upapa kuphela onelungelo lokwenza i-mea culpa.” Futhi uye wenza lokhu, ebhekisela emlandweni ovusa impikiswano kakhulu wamaKatolika—iZimpi Zenkolo, izimpi, ukusekela ubushiqela, ukuhlukana emasontweni, ukuBandlululwa KwamaJuda, iNkantolo Yamacala Ezihlubuki, iQembu Lezigelekeqe nobuhlanga. Encwadini ayithumela kokhadinali ngo-1994 (ebhekwa abathile njengencwadi ebaluleke kakhulu yobupapa), uJohn Paul II wenza isiphakamiso sokuba ‘wonke umuntu avume izono zeminyaka eyinkulungwane.’

Izikhulu eziningana zesonto ziye zalandela isibonelo sikapapa. Ngo-December 1994 iphephandaba lase-Italy i-Giornale labika: “Ababhishobhi abaningi baseMelika bavela kuyithelevishini futhi bacela intethelelo obala.” Ngani? Ngenxa yokuyithatha kalula inkinga yabapristi abanukubeza izingane ngokobulili, okwaphumela ekulimaleni kwentsha eningi eyizisulu. Ngo-January 1995 iphephandaba okuthiwa yi-La Repubblica labika ‘ngesinyathelo esingalindelekile emlandweni wobuKatolika banamuhla’—kwadingidwa inkinga yokuthula kukaPapa uPius XII ngokuphathelene nokuQothulwa Kwesizwe SamaJuda. Ngo-January 1995, iphephandaba elifanayo labika ukuthi indikimba yababhishobhi yaseJalimane yacela intethelelo ‘ngamaphutha amaningi’ amaRoma Katolika ayesekela izenzo ezimbi zamaNazi. Amasonto amaningi obuProthestani nawo aye azigxeka wona ngokwawo.

Kungani Enza Kanjalo?

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sicele intethelelo lapho senze iphutha, futhi abaningi bayawancoma amasonto lapho ezigxeka wona ngokwawo. (Jakobe 5:16) Kodwa kungani amasonto enza lokhu? Lokhu kufanele kuyithinte kanjani indlela esiwabheka ngayo?

[Umbhalo waphansi]

a Inkulumo yesiLatini esho ukuthi “iphutha lami,” iyingxenye yomthandazo wamaKatolika (i-Confiteor noma ukuthi, “ngiyasivuma isono sami”), lapho abathembekile bephindaphinda khona la mazwi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela