Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 5/1 kk. 3-4
  • Ubani Owadala Zonke Izinto?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Owadala Zonke Izinto?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova—Ungubani?
    UJehova—Ungubani?
  • Ingxoxo Nesazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo
    I-Phaphama!—2006
  • Ubani Ongasitshela?
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • ‘Kukhona Okusilelayo’—Kuyini?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 5/1 kk. 3-4

Ubani Owadala Zonke Izinto?

ECABA indlela engena phakathi ehlathini laseCambodia, uHenri Mouhot, umhloli wamazwe ongumFulentshi wekhulu le-19, wafika emseleni obanzi ozungeze ithempeli. Ebangeni elithi alibe ikhilomitha ukusuka lapho ayemi khona, kwakunemibhoshongo emihlanu yethempeli eyayiphakeme ngamamitha angaphezu kuka-60. Kwakuyi-Angkor Wat, isakhiwo sesikhumbuzo senkolo esikhulu kunazo zonke emhlabeni. Sase simelane nesimo sezulu amakhulu angu-7 eminyaka lapho uMouhot esithola.

UMouhot wayengabona ngokusithi shazi nje ukuthi lesi sakhiwo esasimbozwe ulwembu sasiwumsebenzi wezandla zomuntu. Wabhala: “Sakhiwa uMichelangelo othile wasendulo, sikhulu kunanoma yini esiyishiyelwe yiGrisi noma iRoma.” Naphezu kokuba kwase kuphele amakhulu eminyaka singanakiwe, wayengangabazi ukuthi lesi sakhiwo esihle kangako saklanywa othile.

Ngokuthakazelisayo, incwadi yokuhlakanipha eyabhalwa emakhulwini amaningi eminyaka edlule yasebenzisa umqondo ofanayo ukuze ichaze ukuthi kungani izwe elisizungezile kumelwe libe noMklami. Kumelwe ukuba ladalwa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yebo, yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Abanye bangase bangavumelani nalokho kuqhathaniswa kwezinto, bathi: ‘Indlela imvelo esebenza ngayo ihlukile kweyezinto ezenziwe ngumuntu.’ Nokho, akubona bonke ososayensi abavumelana nalokho kuphikisa. Ngemva kokuvuma ukuthi “izimiso zokulumbana kwamakhemikhali ezintweni eziphilayo azizona izinto ezingaphili,” uMichael Behe, omunye woprofesa bokulumbana kwamakhemikhali ezintweni eziphilayo eLehigh University, uyabuza: “Ingabe izimiso zokulumbana kwamakhemikhali ezintweni eziphilayo zingaklanywa ngobuhlakani?” Uyaqhubeka ebonisa ukuthi ososayensi manje baklama ushintsho oluyisisekelo ezintweni eziphilayo ngokusebenzisa izindlela ezifana nokuqondiswa kwezakhi zofuzo. Ngokusobala, kokubili izinto ezingaphili neziphilayo zingaklanywa futhi ziqondiswe! Ecubungula amangqamuzana amancane kakhulu aphilayo, uBehe ukhuluma ngezimiso eziyinkimbinkimbi ngokumangalisayo ezakhiwa izingxenye ezincike kwenye nenye ukuze zisebenze. Uphetha ngokuthini? “Umphumela wemizamo eminingi yokuhlola ingqamuzana—ukuhlola umsuka wokuphila emangqamuzaneni—uyisimemezelo esicacile nesisobala sokuthi ‘liwumklamo!’”

Izazi zesayensi yesimo sendawo yonke nezesayensi yezinto zemvelo nazo ziye zawuhlolisisa umhlaba nendawo yonke futhi zavela namaphuzu akhexisayo. Ngokwesibonelo, manje ziyazi ukuthi ukube kwakube noshintsho oluncú esilinganisweni sanoma iziphi izinto zendawo yonke ezinesilinganiso esingaguquki, ngabe indawo yonke ayinalutho oluphilayo.a Isazi sesayensi yesimo sendawo yonke uBrandon Carter sabiza lawa maqiniso ngokuthi ukuqondana kwezinto okukhexisayo. Kodwa uma ubungahlangana nohide lwezinto eziqondanayo, ezingaqondakali nezihlobene, ubungeke yini okungenani usole ukuthi kunothile ozenzile?

Ngokuqinisekile, ukhona uMklami wazo zonke lezi zimiso eziyinkimbinkimbi “nokuqondana” okucushwe kahle. Ubani? UProfesa uBehe wavuma: “Ukufuna umklami ngokusebenzisa izindlela ezingokwesayensi kungase kube nzima kakhulu,” futhi lo mbuzo uwushiyela “ifilosofi nemfundiso yenkolo” ukuba kuzame ukuwuphendula. Wena ungase ube nomuzwa wokuthi lo mbuzo awukuthinti. Nokho, uma ubungathola iphasela elisongwe kahle eligcwele kona kanye lokho okudingayo, ubungeke yini ufune ukuthola ukuthi ubani okuthumelele lona?

Ngendlela engokomfanekiso, sithole iphasela elinjalo—iphasela eligcwele izipho ezimangalisayo ezenza sikwazi ukuphila futhi sikujabulele. Leli phasela umhlaba, nazo zonke izimiso zawo ezimangalisayo zokusekela ukuphila. Akufanele yini sifune ukuthola ukuthi ubani osiphe lezi zipho?

Ngokujabulisayo, Othumele leli phasela unamathelise nomyalezo kulo. Lo “myalezo” yileya ncwadi yasendulo yokuhlakanipha okukhulunywe ngayo ekuqaleni—iBhayibheli. Emazwini alo okuqala, iBhayibheli liwuphendula kalula ngokuphawulekayo nangokucacile umbuzo wokuthi ubani osiphe leli phasela: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.

‘Emyalezweni’ wakhe uMdali uzisho ngegama: “Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, . . . , nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula.” (Isaya 42:5, omalukeke sizenzele.) Yebo, igama likaNkulunkulu owaklama indawo yonke wenza abesilisa nabesifazane emhlabeni nguJehova. Kodwa ungubani uJehova? Uluhlobo luni lukaNkulunkulu? Futhi kungani kufanele bonke abantu emhlabeni bamlalele?

[Umbhalo waphansi]

a “Izilinganiso ezingaguquki” ziyizilinganiso ezibonakala zingashintshi endaweni yonke. Izibonelo ezimbili isivinini, sokukhanya nokuhlobana kwamandla adonsela phansi nesisindo.

[Isithombe ekhasini 3]

I-Angkor Wat yakhiwa abantu

[Isithombe ekhasini 4]

Lapho uthola isipho, awufuni yini ukwazi ukuthi sithunyelwe ubani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela