UJehova—Ungubani?
UHENRI MOUHOT, umhloli wamazwe ongumFulentshi wekhulu le-19, ehamba ecaba indlela enqamula kudukathole wehlathi laseCambodia, wafika emseleni obanzi ozungeze ithempeli. Kwakuyi-Angkor Wat, isakhiwo esiyisikhumbuzo esingokwenkolo esikhulu kunazo zonke emhlabeni. Ngokusithi nje nhlá, uMouhot wakwazi ukubona ukuthi lesi sakhiwo esabe sesembozwe ulwelwe sasakhiwe umuntu. Wabhala: “Sakhiwa uMichelangelo othile wasendulo, sikhulu kunanoma yini esiyishiyelwe iGrisi noma iRoma.” Nakuba kwase kuphele amakhulu eminyaka sashiywa futhi singanakekelwa, wayengangabazi ukuthi lesi sakhiwo esiyinkimbinkimbi sasiklanywe othile.
Ngokuthakazelisayo, incwadi yokuhlakanipha eyabhalwa emakhulwini eminyaka edlule yakhuluma amazwi afanayo, lapho ithi: “Yebo, yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Kodwa abanye bangase bathi, ‘Indlela imvelo esebenza ngayo ihlukile kweyezinto ezenziwe umuntu.’ Nokho, akubona bonke ososayensi abavumelana nalokho kuphikisa.
Ngemva kokuvuma ukuthi “izinqubo zamakhemikhali ezinto eziphilayo azizona izinto ezingaphili,” uMichael Behe, omunye woprofesa besayensi yamakhemikhali ezinto eziphilayo eLehigh University, ePennsylvania, e-U.S.A., uyabuza: “Ingabe izinqubo zamakhemikhali ezinto eziphilayo zingaklanywa ngobuhlakani?” Uqhubeka ebonisa ukuthi ososayensi manje baklama izinguquko eziyisisekelo ezintweni eziphilayo ngokusebenzisa izindlela ezifana nokuqondiswa kwezakhi zofuzo. Yebo, kokubili izinto eziphilayo nezingaphili ‘ziyakhiwa’! Ecubungula izakhi ezincane kakhulu zamangqamuzana aphilayo, uBehe waphawula izinto eziyinkimbinkimbi ngokumangalisayo ezakhiwa izakhi ezincike kwezinye ukuze zikwazi ukusebenza. Waphetha ngokuthini? “Umphumela wale mizamo ekhulayo yokucubungula ingqamuzana—ukucubungula ukuphila kusuka esilongoshaneni—uwubufakazi obusobala nobucacile ‘bomklamo!’”
Ubani-ke onguMklami wazo zonke lezi zinto eziyinkimbinkimbi?
Ubani OnguMklami?
Impendulo itholakala kuleyá ncwadi yokuhlakanipha yasendulo ecashunwe ngasekuqaleni—iBhayibheli. Emazwini alo okuqala, iBhayibheli liwuphendula kalula nangokucacile umbuzo wokuthi ubani owaklama zonke izinto: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.
Nokho, ukuze azihlukanise kwabanye okuthiwa bawuNkulunkulu, uMdali uzibiza ngegama eliyingqayizivele: “Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, . . . nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula.” (Isaya 42:5, 8, omalukeke sizenzele.) Elithi Jehova, liyigama likaNkulunkulu owaklama indawo yonke wenza abesilisa nabesifazane emhlabeni. Kodwa ungubani uJehova? Uluhlobo luni lukaNkulunkulu? Futhi kungani wena kufanele umlalele?
Lokho Okushiwo Yigama Lakhe
Okokuqala nje, igama loMdali elithi Jehova, lisho ukuthini? Leli gama laphezulu libhalwa ngezinhlamvu ezine zesiHeberu (יהוה) futhi livela izikhathi ezicishe zibe ngu-7 000 engxenyeni yesiHeberu yeBhayibheli. Leli gama kuthiwa liyimpambosi yokwenzisa yesenzo sesiHeberu esithi ha·wahʹ (“ukuba”) ngakho lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Ngamanye amazwi, ngokuhlakanipha, uJehova uzenza ukuba abe yinoma yini afuna ukuba yiyo ukuze afeze izinjongo zakhe. Uba nguMdali, uMahluleli, uMsindisi, uMsekeli wokuphila nokunye, ukuze afeze izithembiso zakhe. Ngaphezu kwalokho, le senzo sesiHeberu sithatha isimo sohlelo lolimi esibonisa isenzo esisenqubweni eqhubekayo. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova usazigcwalisa izithembiso zakhe. Yebo, unguNkulunkulu ophilayo!
Izimfanelo ZikaJehova Ezivelele
IBhayibheli libonisa ukuthi lo Mdali nomgcwalisi wezithembiso zakhe ungumuntu okhanga kakhulu. UJehova ngokwakhe wembula izimfanelo zakhe ezivelele wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono.” (Eksodusi 34:6, 7) UJehova uvezwa enguNkulunkulu onomusa wothando. Igama lesiHeberu elisetshenziswe lapha lingahunyushwa futhi ngokuthi “uthando oluthembekile.” Lapho efeza injongo yakhe yaphakade, uJehova ngokwethembeka uqhubeka ebonisa uthando ezidalweni zakhe. Ubungeke ulwazise uthando olunjalo?
UJehova uyephuza ukuthukuthela futhi uyashesha ukuthethelela iziphambeko zethu. Kuyajabulisa ukuba seduze nomuntu ongalokhu ebona amaphutha kodwa ozimisele ukusithethelela. Kodwa, lokho akusho ukuthi uJehova uyakushalazelela ukwenziwa kokubi. Wathi: “Mina-Jehova ngithanda ukulunga, ngizonda ukuphanga kanye nokubi.” (Isaya 61:8) Njengoba enguNkulunkulu wokulunga, akazibekezeleli phakade izoni ezeyisayo eziqhubekela phambili ebubini bazo. Khona-ke, singaqiniseka ukuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uJehova uyokulungisa ukungabi nabulungisa okusezweni elisizungezile.
Kudingeka ukuhlakanipha ukuze umuntu akwazi ukulondoloza ukulinganisela okuphelele phakathi kothando nobulungisa. UJehova ulinganisela kahle kakhulu kulezi zimfanelo ezimbili lapho esebenzelana nathi. (Roma 11:33-36) Yiqiniso, ukuhlakanipha kwakhe kubonakala kuyo yonke indawo. Kufakazelwa izimangaliso zendalo.—IHubo 104:24; IzAga 3:19.
Nokho, ukuhlakanipha kukodwa akwanele. Ukuze akufeze ngokugcwele lokho okusengqondweni yakhe, uMdali kumelwe futhi abe namandla. IBhayibheli libonisa ukuthi unguNkulunkulu onjalo, lithi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo . . . ngobuningi bamandla . . . ayisilali neyodwa.” (Isaya 40:26) Ngempela, uJehova ‘unamandla amaningi’ angawasebenzisela ukufeza intando yakhe. Ingabe izimfanelo ezinjalo azikudonseli kuJehova?
Izinzuzo Zokwazi UJehova
UJehova ‘akawudalelanga ize [umhlaba]’ kodwa “wawubumba ukuba kuhlale kuwo” abantu abanobuhlobo obuphilayo naye. (Isaya 45:18; Genesise 1:28) Uyazinakekela izidalwa zakhe zasemhlabeni. Wanikeza isintu isiqalo esiphelele ekhaya elinjengengadi, ipharadesi. Abantu bona bayawonakalisa, okwenza uJehova angajabuli. Nokho, njengegama lakhe, uJehova uyoyifeza injongo yakhe yokuqala ngesintu nangomhlaba. (IHubo 115:16; IsAmbulo 11:18) Uyobuyisela iPharadesi emhlabeni libe elalabo abazimisele ukumlalela njengabantwana bakhe.—IzAga 8:17; Mathewu 5:5.
Incwadi yokugcina yeBhayibheli ichaza uhlobo lokuphila ongalujabulela kulelo Pharadesi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Lokho ukuphila kwangempela uJehova afuna ukujabulele. Yeka ukuthi unguBaba onomusa kanjani! Ingabe uzimisele ukufunda okwengeziwe ngaye nangalokho okudingeka kuwe ukuze uphile ePharadesi?
Izingcaphuno zemiBhalo YesiGreki zithathwe kweyolimi lwanamuhla INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YesiGreki. Futhi izingcaphuno zemiBhalo YesiHeberu zithathwe eBhayibhelini LesiZulu Elivamile.