Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 5/15 k. 3
  • Inkosi Eyayinengcebo Nokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkosi Eyayinengcebo Nokuhlakanipha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 5/15 k. 3

Inkosi Eyayinengcebo Nokuhlakanipha

Ingabe ucabanga ukuthi ingcebo ingakwenza ujabule? Uma othile ebengakunika izizumbulu zemali, ubungeke ujabule? Cishe ubuyojabula. Kungenzeka ubungacabanga ngezindlela zokuyisebenzisa.

KUYAVUNYWA, kunezinto eziningi umuntu angazithenga ukuze aphile ngokunethezeka futhi ajabule kakhudlwana. Futhi imali ingaba ‘isivikelo’ ezinkingeni ezingalindelekile, ezinjengezifo noma zokuphelelwa umsebenzi.—UmShumayeli 7:12, qhathanisa ne-NW.

Kodwa yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi kwemali nenjabulo? Ingabe ucabanga ukuthi injabulo iwumphumela wokuba nengcebo, njengoba abaningi becabanga kanjalo? Kungase kube nzima ukuthola izimpendulo zale mibuzo ngoba imali ingakalwa kalula, noma ibalwe, kuyilapho kungenakuba njalo ngenjabulo. Injabulo awunakuyibeka esikalini uyikale.

Kanti futhi abanye abantu abacebile babonakala bejabule, kuyilapho abanye belusizi. Kungokufanayo nangabampofu. Noma kunjalo, abantu abaningi—ngisho nalabo asebecebile kakade—bakholelwa ukuthi imali eyengeziwe iyobalethela injabulo eyengeziwe.

Omunye umuntu owabhala ngale ndaba kwakuyinkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni. Yayingomunye wabantu abacebe kakhulu abake baphila. Ungafunda ngencazelo yengcebo yakhe eningi ngokumangalisayo esahlukweni 10 sencwadi yeBhayibheli yamaKhosi Okuqala. Ngokwesibonelo, phawula ukuthi ivesi 14 lithi: “Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide.” (Omalukeke sizenzele.) Lelo nani lilingana namathani angu-25 egolide. Namuhla, igolide elingako lingaba ngaphezulu kakhulu kuka-R900 000 000!

Nokho, uSolomoni wayengacebile nje kuphela; uNkulunkulu wayembusise ngokuhlakanipha. IBhayibheli liyalandisa: “Inkosi uSolomoni yaba-nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha. Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe.” (1 AmaKhosi 10:23, 24) Nathi singazuza ekuhlakanipheni kukaSolomoni, ngoba imibhalo yakhe iyingxenye yombhalo weBhayibheli. Ake sibone ukuthi wathini ngobuhlobo obukhona phakathi kwengcebo nenjabulo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Reproduced from Die Heilige Schrift - Übersetzt von Dr. Joseph Franz von Allioli. Druck und Verlag von Eduard Hallberger, Stuttgart

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela