Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 5/15 kk. 21-23
  • Ukufinyelela Izinhliziyo Ngekhono Lokuthonya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufinyelela Izinhliziyo Ngekhono Lokuthonya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenzisa Ikhono Lokuthonya Enkonzweni
  • Ukusingatha Imizwelo
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Ngokukholisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Indlela Yokuthonya Abanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Naka ‘Ikhono Lakho Lokufundisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Siza Obafundelayo Babe Abafundi Ababhapathiziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 5/15 kk. 21-23

Ukufinyelela Izinhliziyo Ngekhono Lokuthonya

ABANTU abaningi balibheka ngokusola igama elithi “ukuthonya.” Engqondweni yomuntu lingase lisikisele umthengisi ophoqelelayo noma isikhangiso esiklanyelwe ukukhohlisa noma ukuphamba abathengi. Ngisho naseBhayibhelini, umqondo wokuthonya ngezinye izikhathi uba nezincazelo ezingezinhle, ezibonisa ukonakalisa noma ukudukisa. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu ongumKristu wabhalela abaseGalathiya: “Nanigijima kahle. Ubani onithiyile ukuba ningaqhubeki nilalela iqiniso? Loluhlobo lokuthonya aluveli kuLowo onibizayo.” (Galathiya 5:7, 8) UPawulu waphinde waxwayisa abaseKolose ukuba bangavumeli noma ubani ‘abadukise ngezinkulumo ezithonyayo.’ (Kolose 2:4) Lokho kuthonya kuxhomeke ezinkulumweni ezinobuhlakani ezakhelwe ezisekelweni ezingamanga.

Nokho, encwadini yakhe yesibili kuThimothewu, umphostoli uPawulu wasebenzisa umqondo wokuthonya ngokuhlukile. Wabhala: “Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe, wazi ukuthi wazifunda kubaphi abantu.” (2 Thimothewu 3:14) Lapho ‘ethonyelwa ukuba akholelwe,’ uThimothewu akazange akhohliswe unina noninakhulu, ayefunde kubo amaqiniso emiBhalo.—2 Thimothewu 1:5.a

Lapho eboshelwe endlini eRoma, uPawulu wanikeza ubufakazi obuphelele kwabaningi, ‘esebenzisa ikhono lokukholisa kubo ngokuphathelene noJesu esusela kokubili emthethweni kaMose nakubaProfethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.’ (IzEnzo 28:23) Ingabe uPawulu wayebakhohlisa labo ababemlalele? Akunjalo neze! Khona-ke, kusobala ukuthi ukuthonya akukubi ngaso sonke isikhathi.

Lapho lisetshenziswa ngomqondo omuhle, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘thonya’ lisho ukukholisa, ukushintsha ingqondo ngenkulumo ezwakalayo nenengqondo. Ngakho umfundisi angakhela esisekelweni esingokomBhalo, esebenzisa ikhono lokuthonya ukuze agxilise kwabanye inkolelo yeqiniso leBhayibheli. (2 Thimothewu 2:15) Empeleni lesi kwakuyisici esiphawula inkonzo kaPawulu. Ngisho noDemetriyu umkhandi wesiliva, owayebheka izimfundiso zobuKristu njengezingamanga, waphawula: “LoPawulu [uthonye] isixuku esikhulu wasiphendulela komunye umbono, ethi labo abenziwe ngezandla ababona onkulunkulu, kungekhona e-Efesu nje kuphela kodwa cishe kuso sonke isifunda sase-Asiya.”—IzEnzo 19:26.

Ukusebenzisa Ikhono Lokuthonya Enkonzweni

UJesu Kristu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo. Futhi, bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:19, 20) OFakazi BakaJehova balalela lo myalo emazweni angaphezu kuka-230. Inyanga ngayinye phakathi nonyaka wabo wenkonzo ka-1997, babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezilinganiselwa ku-4 552 589 emhlabeni wonke.

Uma unelungelo lokuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, ungase ukwazi ukuzibona kusengaphambili izinselele ezizodinga usebenzise ikhono lokuthonya. Ngokwesibonelo, ake sithi esifundweni senu sangesikhathi esizayo, kuzophakama umbuzo ophathelene noZiqu-zintathu. Kuthiwani uma wazi ukuthi ofunda naye uyayikholelwa le mfundiso? Ungamnika incwadi ekhuluma ngale ndaba. Ngemva kokuba eseyifundile, ungase uthole ukuthi uye wathonyekela ekubeni akholelwe ukuthi uNkulunkulu noJesu abayena umuntu oyedwa. Kodwa ungenzenjani uma kuseneminye imibuzo?

Lalelisisa. Lokhu kuyokusiza ukuba uthole ukuthi yini ofunda naye ayikholelwayo kakade ngokuqondene naleyo ndaba. Ngokwesibonelo, uma ofunda naye ethi, “Ngikholelwa kuZiqu-zintathu,” ngokushesha ungase uqale ingxoxo engokomBhalo ukuze ulahle le mfundiso. Kodwa kunezinkolelo ezihlukahlukene eziphathelene noZiqu-zintathu. Ofunda naye angase akholelwe kokuhluke kakhulu kulokho ongakuchaza ngokuthi imfundiso kaZiqu-zintathu. Kungashiwo okufanayo nangezinye izinkolelo njengokuphind’ukuzalwa, ukungafi komphefumulo nokusindiswa. Ngakho lalelisisa ngaphambi kokuba ukhulume. Ungazicabangeli nje ukuthi yini umfundi ayikholelwayo.—IzAga 18:13.

Buza imibuzo. Lena ingase ihlanganise ethi: ‘Ingabe ubulokhu ukholelwa kuZiqu-zintathu? Wake wacwaningisisa yini ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba? Uma uNkulunkulu ebeyingxenye kaziqu-zintathu, iZwi lakhe, iBhayibheli, belingeke yini lisitshele ngokucacile nangokuqondile?’ Lapho ufundisa umfundi, ngemva kwezikhathi ezithile yima ubuze imibuzo enjengokuthi: ‘Ingabe lokho esesikuhlanganisile kuze kube manje kuzwakala kunengqondo kuwe?’ ‘Uyavumelana yini nale ncazelo?’ Ngokusebenzisa imibuzo ngobuciko, uhilela umfundi esifundweni. Akufanele amane alalele wena nje uchaza indaba.

Sebenzisa amaphuzu anengqondo. Ngokwesibonelo, lapho nixoxa ngemfundiso kaZiqu-zintathu ungase uthi kofunda naye: ‘Lapho uJesu ebhapathizwa, kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo.” Uma uNkulunkulu ayesemhlabeni ngempela ebhapathizwa, ingabe wayengakhuphulela izwi lakhe phezulu ezulwini abese elibuyisa ukuze lawo mazwi azwakale emhlabeni? Ingabe lokho bekungeke kube ukudukisa? Ingabe uNkulunkulu, “ongenakuqamba amanga,” wayengenza into ekhohlisa kanjalo?’—Luka 3:21, 22; Thithu 1:1, 2.

Ngokuvamile ayaphumelela kakhulu amaphuzu anengqondo ethulwe ngendlela yobuhlakani. Cabangela isibonelo sowesifazane esizombiza ngokuthi uBarbara. Ukuphila kwakhe konke, wayekade ekholelwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu futhi uyingxenye kaziqu-zintathu ohlanganisa nomoya ongcwele. Kodwa omunye woFakazi BakaJehova wabe esemtshela ukuthi uNkulunkulu noJesu abantu ababili abahlukene, futhi wambonisa imibhalo esekela lokho ayekusho.b UBarbara wayengenakuliphikisa iBhayibheli. Ngesikhathi esifanayo, wayekhungathekile. Wayeyithanda imfundiso kaZiqu-zintathu.

Lo Fakazi wabonisana noBarbara ngesineke. Wabuza: “Uma ubungazama ukungifundisa ukuthi abantu ababili bayalingana, ubungasebenzisa buphi ubuhlobo bomkhaya ukuze ubonise lokhu?” Wacabanga isikhashana, wabe esephendula: “Bengingase ngisebenzise obezelamani ezimbili.” “Ushaye khona,” kuphendula uFakazi. “Mhlawumbe ngisho nobamawele afanayo. Kodwa lapho esifundisa ukuba sibheke uNkulunkulu njengoYise naye ngokwakhe njengeNdodana, yini uJesu ayefuna siyiqonde?” “Ngiyabona,” kuphendula uBarbara ethi ukuhlahla amehlo. “Uchaza omunye njengomdala nonegunya kunomunye.”

“Yebo,” kuphendula uFakazi, “nezilaleli zikaJesu ezingamaJuda, ezaziphila emphakathini wezinzalamizi, ngokukhethekile kufanele ukuba zafinyelela leso siphetho.” Egcizelela iphuzu lakhe, uFakazi waphetha: “Uma sicabange umfanekiso ofaneleka kanje ukuze sifundise ukulingana—kwezelamani noma amawele afanayo—ngokuqinisekile noJesu, uMfundisi Omkhulu, wayeyokwenza kanjalo. Kunalokho, yena wasebenzisa igama elithi ‘baba’ nelithi ‘ndodana’ ukuze achaze ubuhlobo obuphakathi kwakhe noNkulunkulu.”

Ekugcineni uBarbara walithola iphuzu, futhi walamukela. Inhliziyo yakhe yayifinyelelwe ngekhono lokuthonya.

Ukusingatha Imizwelo

Izinkolelo ezingokwenkolo ezigxile kakhulu ngokuvamile zihilela isici somzwelo. Cabangela indaba ka-Edna, umKatolika ozinikele. Abazukulu bakhe abasebasha bamnikeza ubufakazi obucacile obungokomBhalo bokuthi uNkulunkulu noJesu abayena umuntu oyedwa. U-Edna wakuqonda lokho ayekuzwa. Nokho, washo ngomusa kodwa ngokuqinile ukuthi: “Mina ngikholelwa kuZiqu-zintathu ongcwele.”

Mhlawumbe wake wabhekana nesimo esifanayo. Abantu abaningi babheka izimfundiso zenkolo yabo njengeziyingxenye yobuntu babo. Ukuze uthonye abafundi beBhayibheli abanjalo, kudingeka okwengeziwe kunenkulumo enengqondo engathinti mizwelo noma ngisho nemibhalo elandelanayo efakazela ukuthi umbono walowo muntu uyiphutha. Izimo ezinjalo zingasingathwa kahle ngokuhlanganisa ikhono lokuthonya nesihawu. (Qhathanisa neyabaseRoma 12:15; Kolose 3:12.) Kuyavunywa, umfundisi ophumelelayo kufanele abe nokuqiniseka okukhulu. Ngokwesibonelo, uPawulu wasebenzisa amazwi anjengokuthi “Ngiyaqiniseka” nathi “Ngiyazi futhi ngikholisekile eNkosini uJesu.” (Roma 8:38; 14:14) Nokho, lapho sikhuluma ngezinkolelo zethu, akufanele sikhulume ngendlela ephoqelelayo neyenza sibonakale singabalungile, futhi akufanele sibhinqe noma silulaze abanye lapho sinikeza amaqiniso eBhayibheli. Ngokuqinisekile asifuni ukucasula noma sidelele umfundi.—IzAga 12:18.

Kuphumelela kakhulu ukuhlonipha izinkolelo zomfundi futhi uqaphele ilungelo lakhe lokuba nazo. Ukuthobeka kuyisihluthulelo. Umfundisi othobekile engqondweni akabi nomuzwa wokuthi uphakeme ngokwemvelo kunalowo amfundelayo. (Luka 18:9-14; Filipi 2:3, 4) Ukuthonya kokuhlonipha uNkulunkulu kuhlanganisa nokuthobeka, empeleni, okuthi: ‘UJehova uye wangisiza ngomusa wakhe ukuba ngikubone lokhu. Ake ngikuhlanganyele nawe.’

KumaKristu akanye naye eKorinte, uPawulu wabhala: “Izikhali zempi yethu azizona ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okugumbuqela izinto ezibiyelwe ngokuqinile. Ngoba sigumbuqela imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu; futhi sithumba yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu.” (2 Korinte 10:4, 5) Namuhla, oFakazi BakaJehova basebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze bagumbuqele izinkolelo zamanga ezibiyelwe ngokuqinile kanye nemikhuba nokuthambekela okugxilile okungamjabulisi. (1 Korinte 6:9-11) Ngokwenza lokhu, oFakazi bayakhumbula ukuthi uJehova uye wababekezelela ngothando. Yeka ukuthi bajabula kanjani ngokuba neZwi lakhe, iBhayibheli, nokusebenzisa leli thuluzi elinamandla ukuze basiphule izimfundiso zamanga futhi bafinyelele izinhliziyo ngekhono lokuthonya!

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka isihloko esithi “U-Evnike NoLowisi—Abafundisi Abayisibonelo,” emakhasini 7-9 ayo le Nqabayokulinda.

b Bheka uJohane 14:28; Filipi 2:5, 6; Kolose 1:13-15. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana engangomagazini ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, enyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Ibhokisi ekhasini 23]

Ukufinyelela Inhliziyo Yofunda Naye

◻ Thandazela isiqondiso sikaJehova ekufinyeleleni inhliziyo yomfundi weBhayibheli.—Nehemiya 2:4, 5; Isaya 50:4.

◻ Qonda lokho umfundi akukholelwayo nokuthi kungani engase abone inkolelo engamanga ikhanga.—IzEnzo 17:22, 23.

◻ Ngendlela enomusa nangesineke, cabangela amaphuzu anengqondo nangokomBhalo kuyilapho ugcina kunokuthile enivumelana ngakho.—IzEnzo 17:24-34.

◻ Uma kungenzeka, gcizelela amaqiniso eBhayibheli ngemifanekiso ephumelelayo.—Marku 4:33, 34.

◻ Bonisa umfundi izinzuzo zokwamukela ulwazi olunembile oluseBhayibhelini.—1 Thimothewu 2:3, 4; 2 Thimothewu 3:14, 15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela