Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 8/1 kk. 4-6
  • Ekugcineni—Ubulungisa Kuwo Wonke Umuntu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ekugcineni—Ubulungisa Kuwo Wonke Umuntu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isithembiso Esingasethemba
  • Ukungabi Nabulungisa Kunganqotshwa
  • Ukuhlwanyela Imbewu Yokulunga
  • Siyoke Sizwakale Yini Isikhalo Sobulungisa?
    Izihloko Ezengeziwe
  • UJehova—Umthombo Wobulungisa Nokulunga Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • “Konke Akwenzayo Kunobulungisa”
    Sondela KuJehova
  • Lingisa UJehova—Bonisa Ubulungisa Nokulunga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 8/1 kk. 4-6

Ekugcineni—Ubulungisa Kuwo Wonke Umuntu

“Sizolwela ukuwalalela ngezindlela ezintsha . . . amazwi abalimele, abakhathazekile, abaphelelwe ithemba lokuthi bayozwiwa. . . . Okusele ukuba senze umthetho usebenze: siqiniseke ekugcineni ukuthi njengoba bonke abantu bezalwa belingana ngesithunzi phambi kukaNkulunkulu, bonke bazalwa belingana ngesithunzi phambi kwabantu.”—Umongameli wase-United States uRichard Milhous Nixon, enkulumweni yokugcotshwa kwakhe, ngo-January 20, 1969.

LAPHO amakhosi, abengameli nondunankulu bethatha izikhundla zabo, bathambekela ekukhulumeni ngobulungisa. Kwaba njalo nangoRichard Nixon, owayengumongameli wase-United States. Kodwa amazwi akhe obugagu awakhangi lapho kucatshangelwa umlando ngendlela esangulukile. Nakuba athembisa ‘ukwenza umthetho usebenze,’ uNixon kamuva watholakala enecala lokwaphula umthetho futhi waphoqeleka ukuba asishiye isikhundla sakhe. Emashumini amathathu eminyaka kamuva, ‘amazwi abalimele, abakhathazekile, abaphelelwe ithemba’ asaqhubeka empongoloza efuna ukuzwiwa.

Ukuzwa amazwi anjalo nokusingatha izikhalo zawo akuwona umsebenzi olula, njengoba abaholi abangenakubalwa abanezisusa ezinhle beye bakuthola. Umgomo wokuba ‘wonke umuntu aphathwe ngobulungisa’ kuye kwabonakala kunzima ukuwufinyelela. Nokho, emakhulwini amaningi eminyaka adlule, kwenziwa isithembiso okufanelekayo ukuba sisinake—isithembiso esiyingqayizivele esiphathelene nobulungisa.

Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uNkulunkulu waqinisekisa abantu baKhe ukuthi wayeyobathumelela “inceku” eyayiyokhethwa nguye. UJehova wabatshela: “Nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.” (Isaya 42:1-3) Akukho mbusi ongumuntu ongalokotha enze isimemezelo esinjalo esihlanganisa indawo ebanzi kangako, esingasho ubulungisa obuhlala njalo kuzo zonke izizwe. Ingabe lesi sithembiso singathenjwa? Ingabe lesi senzakalo esikhulu ngokungavamile ngale ndlela singafinyelelwa?

Isithembiso Esingasethemba

Isithembiso ungasethemba ngezinga othemba ngalo lowo osenzayo. Kulokhu, nguNkulunkulu uMninimandla onke ngokwakhe omemezela ukuthi “inceku” yakhe iyomisa ubulungisa emhlabeni wonke. Ngokungefani nezazi zezombangazwe, uJehova akenzi izithembiso ngokunganaki. IBhayibheli liyasiqinisekisa: ‘Akunakwenzeka ngaye ukuba aqambe amanga.’ (Heberu 6:18) UNkulunkulu usho ngokugcizelela: “Lokho enginqume ukukwenza kuzokwenzeka.”—Isaya 14:24, Today’s English Version.

Ukuthembela kwethu kuleso sithembiso kuqiniswa nawumlando ‘wenceku’ ekhethiwe kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Lowo ongamisa ubulungisa kumelwe abuthande ubulungisa futhi aphile ngendlela yobulungisa. UJesu washiya umlando ongenasici wokuba indoda ‘eyathanda ukulunga futhi yazonda ukungabi namthetho.’ (Heberu 1:9) Lokho akusho, indlela aphila ngayo, ngisho nendlela afa ngayo, konke kwafakazela ukuthi ngempela wayeyindoda enobulungisa. Ekufeni kukaJesu, isikhulu sebutho lamaRoma, ngokusobala esabona kokubili ukuqulwa kwecala likaJesu nokubulawa kwakhe, sashukumiseleka ukuba sithi: “Ngempela lomuntu ubelungile.”—Luka 23:47.

Ngaphandle kokuphila ngokulunga yena ngokwakhe, uJesu wamelana nokungabi nabulungisa okwakusakazeke kakhulu osukwini lwakhe. Lokho akazange akwenze ngokugumbuqela noma ngokuvukela, kodwa ngokufundisa ubulungisa bangempela kubo bonke ababelalela. INtshumayelo yakhe yaseNtabeni iyincazelo enamandla yendlela ubulungisa nokulunga kwangempela okufanele kwenziwe ngayo.—Mathewu, izahluko 5-7.

UJesu wayephila ngokuvumelana nalokho ayekufundisa. Akazange abashaye indiva abasosizini lokuba nochoko kanye nabesigaba ‘sabangathintwa’ somphakathi wamaJuda. Kunalokho, wakhuluma nabo, wabathinta, wabaphulukisa ngisho nokubaphulukisa. (Marku 1:40-42) Bonke abantu ahlangana nabo, kuhlanganise nabampofu nababecindezelwe, babebalulekile kuye. (Mathewu 9:36) Wabatshela: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—Mathewu 11:28.

Ngaphezu kwakho konke, uJesu wenqaba ukonakaliswa noma ukudangaliswa ukungabi nabulungisa okwakumzungezile. Akazange abuyisele okubi ngokubi. (1 Petru 2:22, 23) Ngisho nalapho esezinhlungwini ezinzima, wona kanye lamasosha ayembethela wawathandazela kuYise wasezulwini. Wanxusa: “Baba, bathethelele, ngoba abakwazi abakwenzayo.” (Luka 23:34) Ngokuqinisekile, uJesu ‘wacacisela izizwe ukuthi ubulungisa buyini.’ (Mathewu 12:18) Ibuphi ubufakazi obudlula obesibonelo esingokoqobo seNdodana yakhe siqu uNkulunkulu obubonisa isifiso sakhe sokumisa izwe elinobulungisa?

Ukungabi Nabulungisa Kunganqotshwa

Nasezweni lanamuhla bukhona ubufakazi obucacile bokuthi ukungabi nabulungisa kunganqotshwa. Ngabanye, nanjengenhlangano, oFakazi BakaJehova balwela ukunqoba ubandlululo, ukukhetha, ubuzwe nobudlova. Cabangela isibonelo esilandelayo.

UPedroa wayekholelwa ukuthi isenzo sokugumbuqela umbuso sasiwukuphela kwendlela okungalethwa ngayo ubulungisa eZweni labantu abakhuluma isiBasque, esifundeni saseSpain lapho ayehlala khona. Ukuze afeze lokho waba ilungu lenhlangano yamaphekula eyamqeqesha njengesosha lawo eFrance. Lapho eseqedile ukuqeqeshwa, wayalwa ukuba akhe iqembu lamaphekula abese ebhomba izindawo zokuhlala zamaphoyisa. Iqembu lakhe lase limatasa lilungisa iziqhumane lapho eboshwa amaphoyisa. Wachitha izinyanga ezingu-18 ejele, kodwa ngisho nalapho eseboshiwe, waqhubeka nomsebenzi wakhe wezombangazwe, ehlanganyela ekudubeni ukudla futhi ngesinye isikhathi wazisika izihlakala.

UPedro wayecabanga ukuthi wayelwela ubulungisa. Wabe esezwa ngoJehova nangezinjongo zakhe. Lapho uPedro esesejele, umkakhe waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi lapho ekhululwa, umkakhe wammema ukuba abe khona komunye wemihlangano yabo. Wawujabulela kakhulu umhlangano kangangokuba wacela ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli, isifundo esaholela ekubeni enze ushintsho olukhulu embonweni wakhe nasendleleni yakhe yokuphila. Ekugcineni, ngo-1989, bobabili uPedro nomkakhe babhapathizwa.

UPedro uthi: “Ngibonga uJehova ngokuthi angizange ngibulale muntu phakathi neminyaka engangiyiphekula ngayo. Manje ngisebenzisa inkemba yomoya kaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuze nginike abantu isigijimi sokuthula nobulungisa bangempela—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” Muva nje uPedro, manje okhonza njengomdala woFakazi BakaJehova, ubevakashele zona kanye lezi zindawo zokuhlala zamaphoyisa ayehlose ukuzonakalisa. Kulokhu, waya ngenjongo yokushumayela isigijimi sokuthula emikhayeni ehlala lapho.

OFakazi BakaJehova benza lolu shintsho ngenxa yokuthi balangazelela izwe elinokulunga. (2 Petru 3:13) Nakuba bethembela ngokuphelele esithembisweni sikaNkulunkulu sokuletha lokhu, bayaqaphela ukuthi kuwumthwalo wabo ukuba nabo baphile ngokuvumelana nobulungisa. IBhayibheli lisishiya singangabazi ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba sifeze ingxenye yethu.

Ukuhlwanyela Imbewu Yokulunga

Yiqiniso, lapho sibhekene nokungabi nabulungisa, singase sizizwe sithambekele ekukhonondeni sithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungisa?” Amemeza kanjalo amaJuda osuku lukaMalaki. (Malaki 2:17, NW) Ingabe uNkulunkulu wakubheka njengokufanelekile ukukhononda kwawo? Ngokuphambene, kwamenza wazizwa ‘ekhathala’ ngoba, phakathi kwezinye izinto, wona ngokwawo ayekhohlisa omkawo abase begugile, ehlukanisa nabo ngezaba eziyize. UJehova wazwakalisa ukukhathazeka kwakhe ‘ngabafazi bobusha bawo ayebakhohlisile, noma ayengabangane bawo nabafazi besivumelwano sawo.’—Malaki 2:14.

Ingabe singakhononda ngokufanelekile ngokungabi nabulungisa uma thina ngokwethu senza ngokungenabulungisa? Ngakolunye uhlangothi, uma sizama ukulingisa uJesu ngokukhipha ngokuphelele ubandlululo nobuzwe ezinhliziyweni zethu, ngokuba abangakhethi nabathanda wonke umuntu nangokungaphindiseli okubi ngokubi, sibonisa ukuthi sibuthanda ngempela ubulungisa.

Uma sifuna ukuvuna ubulungisa, iBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sihlwanyele ngokulunga.’ (Hoseya 10:12) Kungakhathaliseki ukuthi kungase kubonakale kukuncane kanjani, ukunqoba ngakunye umuntu akwenzayo ekungabini nabulungisa kubalulekile. Kunjengoba uMartin Luther King, Jr., abhala encwadini yakhe ethi Letter From Birmingham Jail, ukuthi “ukungabi nabulungisa noma yikuphi kuwusongo ebulungiseni kuyo yonke indawo.” Labo ‘abafuna ukulunga,’ uNkulunkulu ubakhethela ukuba bawuzuze njengefa umhlaba wakhe omusha wokulunga ozofika maduze nje.—Zefaniya 2:3.

Asinakwakhela ithemba lethu lobulungisa esisekelweni esintengantengayo sezithembiso zabantu, kodwa singathembela kulokho okushiwo uMdali wethu onothando. Yingakho uJesu atshela abalandeli bakhe ukuba baqhubeke bethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike. (Mathewu 6:9, 10) UJesu, iNkosi emisiwe yalowo Mbuso, “iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.”—IHubo 72:12, 13.

Ngokusobala, ukungabi nabulungisa ngeke kuhlale phakade. Ukubusa kukaKristu komhlaba wonke kuyokunqoba phakade ukungabi nabulungisa, njengoba uNkulunkulu esiqinisekisa ngomprofethi wakhe uJeremiya: “Siyeza isikhathi lapho ngiyogcwalisa isithembiso engasenza . . . Ngaleso sikhathi ngiyokhetha inzalo ethembekile kaDavide ibe inkosi. Leyo nkosi iyokwenza okulungile nokuwubulungisa ezweni lonke.”—Jeremiya 33:14, 15, TEV.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela