Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 10/1 kk. 19-23
  • Amasiko Endawo Nezimiso ZobuKristu—Ingabe Kungahambisana?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amasiko Endawo Nezimiso ZobuKristu—Ingabe Kungahambisana?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimo Ezisobala
  • Kuthiwani Ngamasiko Angeyona Ingozi?
  • Uma Isiko Livimbela Intuthuko Engokomoya
  • Ukucabangela Okuthandwayo Endaweni
  • Qaphela Ukweqa Umngcele!
  • Isiko Linendawo Yalo
  • Umbono Olinganiselayo Ngamasiko Athandwayo
    I-Phaphama!—2000
  • Amasiko Noma Izimiso ZeBhayibheli—Ikuphi Okubusa Ukuphila Kwakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Qaphela Amasiko Angamjabulisi UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izithiyo Zokukhulumisana
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 10/1 kk. 19-23

Amasiko Endawo Nezimiso ZobuKristu—Ingabe Kungahambisana?

USTEPHEN, uFakazi waseNyakatho Yurophu, wabelwa ukuba abe yisithunywa sevangeli ezweni lase-Afrika. Lapho bezihambela edolobheni nomzalwane wakuleyo ndawo, washaqeka lapho lo mzalwane embamba ngesandla.

Umqondo wokuhamba emgwaqweni omatasa ebambene ngesandla nomunye umuntu wesilisa wawushaqisa kuStephen. Ngokwesiko lakubo umkhuba onjalo wawusikisela ubungqingili. (Roma 1:27) Nokho, kulo mzalwane womdabu, ukubambana ngezandla kwakumane kuwukubonakalisa ubungane. Ukusenqaba lesi sandla kwakuyobonisa ukwenqaba ubungane.

Kungani kufanele sikhathazeke ngokungqubuzana kwamasiko? Okokuqala nje kungenxa yokuthi abantu bakaJehova bamagange ukufeza ukuthunywa kwabo kwaphezulu ‘kokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19) Ukuze bafeze lo msebenzi, abanye baye bathutha bayokhonza lapho isidingo sezikhonzi sisikhulu khona. Ukuze baphumelele esimweni sendawo esisha abazithola bekuso, kumelwe baqonde futhi bazivumelanise namasiko ahlukile abahlangabezana nawo. Khona-ke, bayokwazi ukusebenza ngobunye nabafowabo nodadewabo abakanye nabo, kuyilapho beba abaphumelela ngokwengeziwe enkonzweni yasobala.

Ngaphezu kwalokho, kuleli lizwe elinesiyaluyalu, abantu abaningi baye babaleka emazweni akubo anezinxushunxushu ngezizathu zezombangazwe noma zezomnotho bayohlala kwamanye amazwe. Ngakho, cishe kungenzeka sithole ukuthi lapho sishumayela kulabo makhelwane abasha, sihlangabezana namasiko amasha. (Mathewu 22:39) Ukubhekana okokuqala nezindlela ezihlukile kungase kuphumele ekubeni nomuzwa wokudideka ngokuphathelene namasiko amasha.

Izimo Ezisobala

Isiko liyingxenye yomphakathi wesintu. Ngakho-ke, yeka ukuthi bekungaba umshikashika ongenambuyiselo kanjani ukuba “ngolungileyo ngokudluleleyo,” uphenye wonke amasiko angasho lutho ukuze unqume ukuthi ayahambisana yini nezimiso zeBhayibheli!—UmShumayeli 7:16.

Ngakolunye uhlangothi, sikhona isidingo sokukwazi ukuwabona amasiko endawo aziphula ngokucacile izimiso zaphezulu. Nokho, ngokuvamile lokho akunzima ukukwenza, njengoba iZwi likaNkulunkulu likhona ukuze ‘liqondise izinto.’ (2 Thimothewu 3:16) Ngokwesibonelo, ukuba namakhosikazi amaningi kungokwesiko emazweni athile, kodwa kumaKristu eqiniso indinganiso engokomBhalo iwukuba indoda ibe nenkosikazi eyodwa kuphela ephilayo.—Genesise 2:24; 1 Thimothewu 3:2.

Ngokufanayo, amasiko athile okungcwaba aklanyelwe ukuxosha imimoya emibi, noma asekelwe enkolelweni yomphefumulo ongafi, ngeke amukeleke kumKristu weqiniso. Abanye abantu banikela ngempepho noma benzele ofile imithandazo ukuze bavimbele imimoya emibi. Abanye benza imilindelo, ngisho nomgcwabo wesibili ngenjongo yokusiza ofile ukuba azilungisele ukuphila ‘ezweni elilandelayo.’ Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi lapho umuntu efa, ‘akazi-lutho,’ kanjalo akanakwenzela muntu okuhle noma amlimaze.—UmShumayeli 9:5; IHubo 146:4.

Kuyavunywa, maningi amasiko ahambisanayo neZwi likaNkulunkulu. Yeka ukuthi kuqabula kanjani lapho sizithela phezu kwamasiko okusandé kuwo umoya wokungenisa izihambi, lapho ngokwesiko kumelwe nesihambi imbala sibingelelwe ngokufudumele futhi lapho kudingekile, sivulelwe ikhaya! Lapho kunguwe ophathwa ngaleyo ndlela, awushukunyiselwa yini ukuba usilandele leso sibonelo? Uma kunjalo, ngokuqinisekile kuyobuthuthukisa ubuntu bakho bobuKristu.—Heberu 13:1, 2.

Ubani kithi othanda ukuba elokhu elindisiwe? Kuyaqabukela kwenzeka lokhu kwamanye amazwe ngoba ukugcina isikhathi kubhekwa njengokubalulekile. IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova unguNkulunkulu wokuhleleka. (1 Korinte 14:33) Ngenxa yalokho, umisile ‘usuku nehora’ lokuqeda ububi, futhi uyasiqinisekisa ukuthi lesi senzakalo ‘asiyukwephuza.’ (Mathewu 24:36; Habakuki 2:3) Amasiko athuthukisa ukugcinwa kwesikhathi okunengqondo ayasisiza ukuba sihleleke futhi sibonise inhlonipho efanele ngabanye abantu nesikhathi sabo, okungokuthile ngokuqinisekile okuvumelanayo nezimiso ezingokomBhalo.—1 Korinte 14:40; Filipi 2:4.

Kuthiwani Ngamasiko Angeyona Ingozi?

Nakuba amanye amasiko ehambisana ngokucacile nendlela yokuphila yobuKristu, amanye awahambisani nayo. Kodwa kuthiwani ngalawo masiko angenakuchazwa ngokuthi mahle noma mabi? Amasiko amaningi awayona ingozi, noma awalimazi, futhi isimo sethu sengqondo ngawo singabonisa ukulinganisela kwethu okungokomoya.

Ngokwesibonelo, kunezindlela eziningi zokubingelela—ukuxhawula, ukukhothama, ukuqabula noma ngisho nokwanga. Ngokufanayo, kunezinhlobo eziningi zamasiko ezilawula imikhuba yasetafuleni. Kwamanye amazwe abantu badlela esitsheni noma endishini eyodwa. Emazweni athile, ukubhodla kuyisibonakaliso esamukelekayo—ngisho nesifiselekayo—sokwazisa kuyilapho kwamanye kungamukeleki futhi kungase kubhekwe njengomkhuba omubi kakhulu.

Kunokuba unqume ukuthi yiliphi kulawa masiko angeyona ingozi wena ngokwakho olithandayo noma ongalithandi, gxila ekubeni nesimo sengqondo esifanele ngawo. Iseluleko seBhayibheli esingaphelelwa isikhathi situsa ukuba singenzi ‘lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo sibheke abanye njengabaphakeme kunathi.’ (Filipi 2:3) Ngokufanayo, u-Eleanor Boykin, encwadini yakhe ethi This Way, Please—A Book of Manners, uthi: “Into yokuqala oyidingayo inhliziyo emnene.”

Le ndlela yokuthobeka iyosivimbela ekujivazeni amasiko abanye. Siyozizwa sishukumiseleka ukuba sisithathe kuqala isinyathelo sokufunda indlela abanye abantu abaphila ngayo, sihlanganyele nabo amasiko abo, sinambithe nokudla kwabo kunokuba sizigodle noma sikubheke ngokusola konke okubonakala kuhlukile. Ngokuba abasabela ngokufanele nabazimisele ukuzama izindlela ezintsha, sibonisa inhlonipho ngalabo abasamukele noma omakhelwane bethu bakwamanye amazwe. Futhi siyazizuzisa njengoba ‘sanula’ izinhliziyo zethu neso lethu lengqondo.—2 Korinte 6:13.

Uma Isiko Livimbela Intuthuko Engokomoya

Kuthiwani uma sinqwamana namasiko angamelene nemiBhalo, kodwa angenalusizo entuthukweni engokomoya? Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe abantu bangase bathambekele kakhulu ekuzindeleni. Le ndlela yokuthatha kancane ingakunciphisa ukucindezeleka, kodwa cishe iyokwenza kube nzima ngokwengeziwe ngathi ukufeza inkonzo yethu “ngokugcwele.”—2 Thimothewu 4:5.

Singabakhuthaza kanjani abanye ukuba bagweme ukuzihlehlisela ‘ikusasa’ izinto ezibalulekile? Khumbula ukuthi “into yokuqala oyidingayo inhliziyo emnene.” Sishukunyiswa uthando, singabeka isibonelo bese sichaza ngomusa izinzuzo zokungakuhlehliseli ikusasa okufanele kwenziwe namuhla. (UmShumayeli 11:4) Ngesikhathi esifanayo, kumelwe siqaphele ukuba singadeli ukwethembana ngenxa nje yokwenziwa komsebenzi. Uma abanye bengakwamukeli ngokushesha ukusikisela kwethu, akufanele sizenze izingqongqo phezu kwabo noma sikhiphele ukukhungatheka kwethu phezu kwabo. Ngaso sonke isikhathi kumelwe sibonise uthando ngaphezu kokucabanga ngokwenziwa komsebenzi ngokuphumelelayo.—1 Petru 4:8; 5:3.

Ukucabangela Okuthandwayo Endaweni

Kudingeka siqiniseke ukuthi noma ikuphi ukusikisela esikwenzayo kungokufanele futhi akuwona nje umzamo wokufunza abanye okuthandwa yithi siqu. Ngokwesibonelo, izitayela zezingubo zokugqoka ziyahlukahluka kakhulu. Ezifundeni eziningi kuyafaneleka ngendoda eshumayela izindaba ezinhle ukuba ifake uthayi, kodwa emazweni athile asezindaweni ezishisayo, kungase kubhekwe njengokugqoka okuhlonipheke ngokweqile. Ukucabangela okuthandwayo endaweni ngokubheka ukuthi yikuphi ukugqoka okufanelekayo kumuntu osebhizinisini lokusebenzelana nomphakathi kaningi kungaba isiqondiso esiwusizo. Kubalulekile ‘ukuhluzeka kwengqondo’ lapho sibhekene nendaba ebucayi yezingubo zokugqoka.—1 Thimothewu 2:9, 10.

Kuthiwani uma umkhuba othile ungasijabulisi? Ingabe kufanele siwenqabe ngaphandle kokuwucabangela? Akunjalo ngempela. Umkhuba wokubambana ngezandla kwabesilisa, okukhulunywe ngawo ngaphambili, wawamukeleka ngokuphelele kulowo mphakathi othile womdabu. Lapho lesi sithunywa sevangeli siqaphela ukuthi nabanye abantu besilisa babehamba bebambene ngezandla, sazizwa sikhululeke ngokwengeziwe.

Phakathi nohambo lwakhe lwezithunywa zevangeli olwaluhlanganisa izindawo ezikude, umphostoli uPawulu wavakashela amabandla ayenamalungu ayevela ezizindeni ezihlukene. Ngokungangabazeki, kwakuvamile ukuba kube nokungqubuzana kwamasiko. Ngakho, uPawulu wazivumelanisa nanoma imiphi imikhuba ayengase azivumelanise nayo kuyilapho ayenamathele ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Wathi: “Ngiye ngaba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela ngisindise abathile.”—1 Korinte 9:22, 23; IzEnzo 16:3.

Imibuzo embalwa ehlobene nalokhu ingasisiza ukuba sinqume indlela okufanele sisabele ngayo emikhubeni emisha. Yini esifuna ababukele bayicabange ngokwamukela kwethu umkhuba othile—noma ukwenqaba ukwenza kanjalo? Ingabe bayokhangwa isigijimi soMbuso ngoba bebona ukuthi siyazama ukuzivumelanisa nesiko labo? Ngakolunye uhlangothi, uma samukela isiko lendawo, ingabe ‘inkonzo yethu ingatholakala inephutha’?—2 Korinte 6:3.

Uma sifisa ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo,” kungase kudingeke ukuba siguqule imibono egxilile ngokuphathelene nokuthi ikuphi okufanele nokungafanele. Ngokuvamile indlela “elungile” kanye “nengalungile” yokwenza okuthile ixhomeke nje ekutheni sihlalaphi. Ngakho, kwelinye izwe ukubambana ngezandla kwabantu besilisa kuwukubonisa ubungane, kuyilapho kwamaningi amanye ngokuqinisekile kuyosithunaza isigijimi soMbuso.

Nokho, kukhona eminye imikhuba eyamukelekayo ezifundeni ezithile futhi engase ibe efanelekayo ngisho nakumaKristu; kodwa kumelwe siqaphe.

Qaphela Ukweqa Umngcele!

UJesu Kristu wathi nakuba abafundi bakhe babengeke bakhishwe ezweni, kwakumelwe bahlale ‘bengeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:15, 16) Nokho, ngezinye izikhathi, akuyona into elula ukuhlukanisa phakathi kokuyingxenye yezwe likaSathane nalokho okuyisiko nje. Ngokwesibonelo, umculo nomdanso kukhona cishe kuwo wonke amasiko, nakuba kwamanye amazwe kubhekwa njengokubaluleke kakhulu.

Kalula nje singase senze isinqumo—ngokusekelwe kakhulu esizindeni sethu kunasezizathwini ezinengqondo ezingokomBhalo. U-Alex, umzalwane waseJalimane, wabelwa eSpain. Endaweni ayehlala kuyo ngaphambili, ukudansa kwakungeyona into abantu abankamunkamu kangako ngayo, kodwa eSpain kuyingxenye yokuphila komphakathi. Lapho eqala ukubona umzalwane nodade bedansa umdanso wakuleyo ndawo oshis’uphondo, waphazamiseka. Ingabe lo mdanso wawungalungile noma mhlawumbe wawungowezwe? Ingabe wayezobe ehlisa izindinganiso zakhe uma ayengamukela lo mkhuba? U-Alex wafunda ukuthi nakuba umculo nomdanso kwakuhlukile, sasingekho isizathu sokuba aphethe ngokuthi abafowabo nodade baseSpain babehlisa izindinganiso zabo zobuKristu. Ukuphazamiseka kwakhe kwakubangelwa ukwehluka kwamasiko.

Nokho, u-Emilio, umzalwane okujabulelayo ukudansa okungokwesiko kwaseSpain, uyaqaphela ukuthi ikhona ingozi. “Ngiqaphela ukuthi izinhlobo eziningi zokudansa zidinga ukuba abantu ababili bobulili obuhlukile basondelane kakhulu,” echaza. “Njengomuntu ongashadile, ngiyaqaphela ukuthi lokhu kungase kuyithinte imizwa okungenani yoyedwa walaba ababili. Ngezinye izikhathi, umdanso ungasetshenziswa njengethuba lokubonisa uthando kumuntu okukhangayo. Ukuqiniseka ukuthi umculo uhlanzekile nokuthi ukuthintana ngokomzimba kugcinwa kusesilinganisweni esifanele kungasebenza njengesivikelo. Nokho, kumelwe ngivume ukuthi lapho iqembu labafowethu nodade abasebasha liphuma liyodansa ndawonye, kunzima kakhulu ukulondoloza isimo esingokwasezulwini.”

Ngokuqinisekile, ngeke sithande ukusebenzisa isiko lakithi njengethuba lokuzitika ekuziphatheni kwezwe. Ukuhlabelela nokudansa kwakunendawo yako esikweni lakwa-Israyeli, futhi lapho ama-Israyeli ekhululwa eGibithe oLwandle Olubomvu, ukudumisa kwawo kwakuhlanganisa kokubili umculo nomdanso. (Eksodusi 15:1, 20) Nokho, uhlobo lwawo lomculo nokudansa lwaluhlukile kolwezwe lamaqaba elaliwazungezile.

Kuyadabukisa ukuthi lapho ayelinde uMose ukuba abuye eNtabeni iSinayi, ama-Israyeli aphelelwa isineke, enza ithole legolide, futhi ngemva kokudla nokuphuza ‘avuka ukuba ayodlala.’ (Eksodusi 32:1-6) Lapho uMose noJoshuwa bezwa umsindo wokuhlabelela kwawo, wabaphazamisa ngokushesha. (Eksodusi 32:17, 18) Ama-Israyeli ayeweqile “umngcele,” futhi uhlobo lwawo lokucula nokudansa manje lwase lubonisa isimo sobuqaba sezwe elaliwazungezile.

Ngokufanayo nanamuhla, umculo nokudansa kungase kwamukeleke kwabaningi endaweni yakithi futhi kungase kungabalimazi onembeza babanye. Kodwa lapho ukukhanya kuncishisiwe, kwenezelwa izibani ezicwayizayo, noma kudlalwa umculo onesigqi esihlukile, lokho obekwamukeleka ngaphambili manje kungase kubonise umoya wezwe. Singase siphikise ngokuthi: “Kumane nje kuyisiko lethu.” U-Aroni wazithethelela kanjalo lapho evumelana nezindlela zobuqaba zokuzijabulisa nokukhulekela, ezichaza ngokungeyikho ngokuthi “umkhosi kaJehova.” Lokho kuzithethelela okungenasisindo kwakungezwakali. Ingani ukuziphatha kwabo kwakubhekwa ngisho ‘nanjengehlazo phakathi kwababaphikisayo.’—Eksodusi 32:5, 25, qhathanisa ne-NW.

Isiko Linendawo Yalo

Imikhuba ehluke kakhulu ingase ishaqise okokuqala, kodwa akuyona yonke engamukeleki ngempela. ‘Ngamandla ethu okuqonda aqeqeshiwe,’ singanquma ukuthi imiphi imikhuba ehambisanayo nezimiso zobuKristu nokuthi imiphi engahambisani nazo. (Heberu 5:14) Lapho sibonisa inhliziyo emnene, egcwele uthando ngomakhelwane bethu, sizosabela ngendlela efanele lapho sibhekene nemikhuba engeyona ingozi.

Njengoba sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kubantu endaweni yakithi noma emasimini akwamanye amazwe, indlela elinganiselayo ezinhlotsheni ezihlukahlukene zamasiko iyosenza sikwazi ukuba ‘yikho konke kubo bonke abantu.’ Futhi ngokungangabazeki siyothola ukuthi njengoba samukela izinhlobo ezihlukahlukene zamasiko, lokho kusisiza ukuba sibe nokuphila okucebile, okuthakazelisayo nokukhangayo.

[Isithombe ekhasini 20]

AmaKristu angabingelelana ngokufanele ngezindlela eziningi

[Isithombe ekhasini 23]

Umbono olinganiselayo ngamasiko ahlukahlukene ungaholela ekuphileni okucebile nokuthakazelisayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela