Izithiyo Zokukhulumisana
UROBERT uyisithunywa sevangeli se-Watch Tower esihlala eSierra Leone, eNtshonalanga Afrika. Ngolunye usuku ngemva nje kokufika kwakhe kulelizwe, njengoba ayehamba emgwaqweni, waphawula ukuthi izingane zendawo zazimemeza zithi: “Umlungu! Umlungu!” URobert, ongumMelika onsundu, waqalaza ngapha nangapha efuna ukubona lomlungu, kodwa akambonanga. Khona-ke waqaphela ukuthi lezi zingane zazimemeza yena!
Lokhu kumemeza kwakungabangelwa ukuba nenzondo. Lezi zingane zazimane zizwakalisa ukuqaphela kwazo ukuthi uRobert wayengowesiko elingafani nelazo. Ukubiza uRobert ngokuthi umlungu kwakuyindlela engcono kakhulu ezaziyicabanga yokuveza lowo mehluko.
Indlela Isiko Elikuthonya Ngayo Lokho Esiyikho
Isiko liye lachazwa kabanzi ngokuthi “uhlu lwemibono ehlanganyelwayo, . . . imikhuba, izinkolelo, nolwazi oluphawula indlela yokuphila.” Sifunda izindinganiso eziningi ezingokwesiko ngokufundiswa ngokuqondile, kodwa futhi sifunda okuningi ngisho nangaphandle kokukuqaphela. Omunye umcwaningi wathi: “Kusukela esikhathini sokuzalwa [kwengane] isiko ezalelwa kulo lilolonga izinto ebhekana nazo ekuphileni nokuziphatha kwayo. Lapho isikwazi ukukhuluma, isuke isilolongwe isiko lakubo, futhi lapho isikhulile, isikwazi nokuhlanganyela emisebenzini yesiko lakubo, imikhuba yalo iba imikhuba yayo, izinkolelo zalo ziba izinkolelo zayo, ukuhluleka kwalo kuba ukuhluleka kwayo.”
Ngezindlela eziningi isiko lenza ukuphila kwethu kube lula. Njengezingane siyifunda ngokushesha indlela esingajabulisa ngayo abazali bethu. Ukwazi ukuthi yini eyamukelekayo emphakathini esiphila kuwo nokuthi yini engamukeleki kuyasiqondisa ekwenzeni izinqumo ngendlela yokwenza izinto, ukuthi yini okufanele siyigqoke, nendlela yokuhlalisana nabanye.
Yiqiniso, lokho esiyikho njengabantu ngabanye akuxhomekile kuphela esizindeni sethu esingokwesiko. Kuwo wonke amasiko kukhona abantu abahlukahlukene. Lokho esiyikho kuthonywa futhi izakhi zofuzo, okuhlangenwe nakho ekuphileni, nezinye izici eziningi. Noma kunjalo, isiko lithonya indlela esibheka ngayo izwe.
Ngokwesibonelo, isiko lethu alinqumi kuphela ukuthi iluphi ulimi esilukhulumayo kodwa linquma nendlela esilukhuluma ngayo. Ezingxenyeni zaseMpumalanga Ephakathi, abantu bayayazisa indlela abakhuluma ngayo ngobuciko ngamazwi amaningi, bephindaphinda futhi besebenzisa izingathekiso. Ngokuphambene, abantu bakwamanye amazwe aseMpumalanga Ekude bayalinganisela lapho bekhuluma. Isaga sesiJapane siyawuveza lombono: “Uyobhubha ngomlomo wakho.”
Isiko lethu libusa indlela esibheka ngayo isikhathi. ESwitzerland uma ufike sekwephuze ngemizuzu eyishumi, kulindeleke ukuba uxolise. Kwamanye amazwe ungase ufike sekwephuze ngehora elilodwa noma amabili, futhi kungalindeleki ukuba uxolise.
Isiko lethu lisifundisa nezindinganiso. Cabanga ukuthi bewungazizwa kanjani uma othile ethi kuwe: “Uyakhuluphala ngempela!” Uma wakhulela esikweni lase-Afrika lapho ukukhuluphala kuyigugu khona, ngokunokwenzeka lamazwi abeyokujabulisa. Kodwa uma wakhulela esikweni laseNtshonalanga lapho ukuba nomzimba omncane kuyinto eyaziswa kakhulu khona, ngokunokwenzeka lamazwi aqotho abeyokucasula.
‘Indlela Yethu Ingcono!’
Okuvame ukuthiya ukukhulumisana phakathi kwalabo bamasiko ahlukahlukene ukuthi abantu kuyo yonke indawo bathambekele ekucabangeni ukuthi isiko labo lingcono. Iningi lethu licabanga ukuthi izinkolelo zalo, izindinganiso, amasiko, indlela yokugqoka, nemibono ngobuhle ilungile, ifanele, futhi ingcono kunanoma imiphi eminye. Sithambekele futhi ekwahluleleni amanye amasiko ngokwezindinganiso zeqembu lethu. Ukucabanga okunjalo kubizwa ngokuthi ukuzazisa kobuhlanga. I-New Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Ukuzazisa kobuhlanga . . . kungase kushiwo ukuthi cishe kusemhlabeni wonke. Cishe amalungu awo wonke amasiko emhlabeni abheka indlela yawo yokuphila njengephakeme ngisho kuneyomakhelwane bawo.”
Eminyakeni engu-200 edlule, isikwaya saseNgilandi salimisa ngesihloko, sithi: “[Ngokombono] wami, abantu bezinye izizwe bayiziwula.” Umhleli wencwadi yezingcaphuno okuvela kuyo lamazwi wabhala: “[Lokhu] kumelwe ukuba umuzwa abantu abanawo emhlabeni wonke.”
Ziningi izibonelo zokungababekezeleli abantu bamanye amasiko. Nakuba ekuqaleni yayibhalwe umlobi wamanoveli ongumJalimane ngawo-1930, ingcaphuno elandelayo ngokuvamile kuthiwa yashiwo umholi wamaNazi uHermann Göring: “Lapho ngizwa igama elithi isiko, ngiphuthuma ivolovolo lami.”
Imibono enamandla yokuzazisa kobuhlanga ingaholela ekucwasaneni, okungase kuholele enzondweni nasengxabanweni. URichard Goldstone ungumshushisi we-International Criminal Tribunal ephenya amacala empi eRwanda nasezweni elaliyiYugoslavia. Ngokuphathelene nezenzo zobuqaba kuzo zombili lezi zingxabano, wathi: “Lokhu kungenzeka kunoma iyiphi indawo. Lawa amazwe amabili ahlukene, anamasiko nemilando ehlukene, kodwa izenzo zonya ezifanayo [zenziwa] umakhelwane kumakhelwane. Lolu hlobo lwempi yobuhlanga noma engokwenkolo enonya lumane luwukucwasana okuye kwaphumela ebudloveni. Iqembu eliyizisulu libhekwa njengelinobulwane noma elinobudemoni. Lapho lokhu sekwenziwe, kukhulula abantu abavamile emigoqweni yokuziphatha ngokuvamile ebingabavimbela [ekwenzeni] izinto ezimbi kanjalo.”
Ukuvula Ingqondo Yethu
Ngokuvamile abantu esikhetha ukuba babe abangane bethu abantu abafana nathi, abantu abanesimo sengqondo nezindinganiso ezifana nezethu. Siyabathemba futhi siyabaqonda. Sizizwa sikhululekile lapho sinabo. Uma sibheka ukuziphatha komunye umuntu njengokuyinqaba noma okungavamile, abangane bethu ngokunokwenzeka bayovumelana nathi ngoba abangane bethu banokuthambekela okufana nokwethu.
Khona-ke, yini esingayizuza ngokukhulumisana nabanye abangafani nathi ngenxa yesizinda esingokwesiko? Phakathi kokunye, ukukhulumisana okuhle kuyosisiza ukuba siqonde ukuthi kungani abanye becabanga futhi benza njengoba benza. UKunle, ongowaseNtshonalanga Afrika, uthi: “Izingane eziningi e-Afrika azikhuthazwa nhlobo ukuba zikhulume lapho zidla. Nokho, kwamanye amazwe aseYurophu kukhuthazwa ukuba kuxoxwe ngezikhathi zokudla. Kwenzekani lapho umuntu waseYurophu edla nomAfrika? OwaseYurophu uyazibuza ukuthi kwenziwa yini ukuba umAfrika adle ukudla ethulile. Kanti umAfrika uyazibuza ukuthi kungani umuntu waseYurophu ecevuza kangaka!” Ngokusobala, ezimweni ezinjalo, ukuqonda isizinda esingokwesiko somunye nomunye kungasiza kakhulu ekuqedeni ubandlululo olungokwezenhlalo.
Njengoba siqala ukwazi abantu bamanye amasiko, asithuthukisi kuphela ukuqonda kwethu abanye kodwa futhi siziqonda kangcono. Isazi esithile sendabuko yabantu sabhala: “Into yokugcina umuntu ohlala ekujuleni kolwandle angayiqaphela kungaba amanzi. Ubeyoqaphela ukuthi akhona kuphela lapho ingozi ethile imkhiphela ngaphandle futhi ethola umoya. . . . Ikhono lokubona isiko lomphakathi wonke umuntu aphila kuwo . . . lidinga izinga lokuhluzeka elingafinyeleleki kalula.” Nokho, ngokujwayelana namanye amasiko, sifana nomuntu ohlala olwandle oqala ukuthola umoya; siqala ukuqaphela “amanzi” angokwesiko esiphila kuwo. Umbhali uThomas Abercrombie wayichaza kahle lendaba: “Umuntu ongakhangwa isiko labanye abantu akasoze aziqonde izibopho zelakubo.”
Ngamafuphi, ukwazisa amanye amasiko kungacebisa ukuphila kwethu ngokusivula ingqondo, ukuze siziqonde kangcono thina nabanye. Nakuba ifa elingokwesiko nokuzazisa kobuhlanga kungaba izithiyo zokukhulumisana, akudingeki ukuba kube njalo. Lezo zithiyo zinganqotshwa.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Cishe amalungu awo wonke amasiko emhlabeni abheka indlela yawo yokuphila njengephakeme ngisho kuneyomakhelwane bawo.”
I-New Encyclopædia Britannica
[Isithombe ekhasini 7]
Singafunda ukujabulela izinto ezinhle zamanye amasiko
[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]
Globe: Mountain High Maps® Copyright © 1995 Digital Wisdom, Inc.