Ngathola Okungcono Kunegolide
NJENGOBA ILANDISWA NGUCHARLES MYLTON
Ngelinye ilanga uBaba wathi: “Masithumele uCharlie eMelika lapho imali imila khona ezihlahleni. Angafike ayithole abese esithumelela yona!”
EQINISWENI, abantu babecabanga ukuthi imigwaqo yaseMelika igandaywe ngegolide. Ngalezo zinsuku ukuphila kwakunzima kakhulu kubo empumalanga Yurophu. Abazali bami babenepulazi elincane befuye izinkomo ezimbalwa nezinkukhu. Sasingenawo ugesi noma amapayipi amanzi endlini. Kodwa futhi, akekho omunye eduze owayenakho.
Ngazalelwa eHoszowczyk ngo-January 1, 1893, eminyakeni ecishe ibe ngu-106 edlule. Idolobhana lakithi laliseGalicia, isifundazwe esasiyingxenye yombuso wase-Austro-Hungary ngaleso sikhathi. Manje iHoszowczyk isitholakala empumalanga yePoland eduze kwaseSlovakia nase-Ukraine. Ubusika babubanda kakhulu neqhwa libe ugqinsi olukhulu. Lapho ngineminyaka engaba ngu-7 ubudala, ngangihamba ibanga elingaba isigamu sekhilomitha ngiye emfuleni bese ngifike ngibhoboza imbobo eqhweni ngembazo ukuze ngithole amanzi. Ngangiwathwala ngiye nawo ekhaya, umama awasebenzisele ukupheka nokuhlanza. Izingubo wayeziwashela kulowo mfudlana, eshukela ematsheni amakhudlwana eqhwa.
Zazingekho izikole eHoszowczyk, kodwa ngafunda ukukhuluma isiPolishi, isiRashiya, isiSlovak, nolimi lwase-Ukraine. Sakhuliselwa enkolweni yamaGreki Yobu-Orthodox, futhi ngangikhonza e-altare. Kodwa nakuba ngangisemncane kangako, babengicasula abapristi ababethi kwakungafanele sidle inyama ngoLwesihlanu kodwa bona bebe beyidla.
Abanye babangane bethu babebuye emisebenzini e-United States nemali yokulungisa imizi yabo neyokuthenga imishini yokusebenza epulazini. Yilokho okwabangela ubaba ukuba akhulume ngokungithumela eMelika nabanye omakhelwane ababehlela olunye uhambo lokuya khona. Lokho kwakungo-1907 ngineminyaka engu-14.
Ukulahleka EMelika
Ngokushesha ngase ngisemkhunjini, futhi ngemva kwamasonto amabili sase siyiwelile i-Atlantic. Ngaleso sikhathi kwakudingeka ube nama-dollar angu-20, ngale kwalokho babekubuyisela emuva ezweni lakini. Nganginohlamvu lwesiliva olwalungama-dollar angu-20, kanjalo ngaba omunye wezigidi ezanqamula i-Ellis Island, eNew York, umnyango ongena eMelika. Yiqiniso, imali yayingamili ezihlahleni, futhi imigwaqo yayingagandayiwe ngegolide. Eqinisweni, eminingi yayo yayingagandayiwe nakugandaywa!
Sabamba isitimela esiya eJohnstown, ePennsylvania. Amadoda engangihamba nawo ayeke aya khona futhi azi indlu yezihambi engangingahlala kuyo. Icebo laliwukuba ngithole udadewethu omdala owayehlala eJerome, ePennslyvania, engezwa kamuva ukuthi yayiqhele cishe ngamakhilomitha angu-25 kuphela. Kodwa mina ngangithi Yarome, esikhundleni sokuthi Jerome, ngoba u“J” ubizwa njengo“Y” ngolimi lwakithi. Akekho owayeke wezwa ngeYarome, ngakho ngazithola ngisezweni engingalazi, ngingakwazi nokukhuluma isiNgisi futhi nginemali engengakanani.
Njalo ekuseni ngangihamba ngiyofuna umsebenzi. Ehhovisi okwakuqashwa kulo, kwakuqashwa ababili noma abathathu kuphela kubantu abaningi ababehlabe ujenga ngaphandle. Ngakho usuku ngalunye ngangibuyela endlini engangihlala kuyo ngiyofunda isiNgisi ngosizo lwezincwadi zokuzifundisa. Ngezinye izikhathi ngangithola amatoho, kodwa kwadlula izinyanga, futhi nemali yami yayisizophela.
Ukuhlangana Nodadewethu Nomfowethu
Ngelinye ilanga ngadlula ehhotela elalinesitolo sotshwala eduze kwasesiteshini. Kwakunuka kamnandi loko kudla! Amasemishi, ama-hot dog nokunye ukudla kuleso sitolo sotshwala kwakutholakala mahhala uma umuntu ethenga ubhiya, owawubiza amasenti amahlanu ingilazi enkulu. Nakuba ngangisemncane, umthengisi wangidabukela wangithengisela ubhiya.
Ngisadla, kwangena amadoda athile ethi: “Shesha uqede ukuphuza! Siyeza isitimela esiya eJerome.”
“Usho eYarome?” ngibuza.
“Cha, eJerome,” kusho la madoda. Yileso sikhathi engezwa ngaso ukuthi udadewethu uhlalaphi. Eqinisweni lapho, esitolo sotshwala, ngahlangana nomuntu owayehlala endlini yesithathu ukusuka kweyakhe! Ngakho ngathenga ithikithi lesitimela ekugcineni ngamthola udadewethu.
Udadewethu nomyeni wakhe babenendlu ababeqashise kuyo izisebenzi zasemgodini wamalahle, futhi ngahlala nabo. Bangitholela umsebenzi wokuqapha iphampu eyayidonsa amanzi emayini. Noma yinini lapho ima, kwakufanele ngibize umakhenika. Ngangihola amasenti angu-15 ngosuku ngalo msebenzi. Ngabe sengisebenza kuloliwe, ezitinini, ngasebenza ngisho nakumshuwalense. Kamuva ngathuthela ePittsburgh lapho umfowethu uSteve ayehlala khona. Lapho, sasebenza embonini yensimbi. Angizange ngibe nemali eningi kangangokuthi ngangingayithumela ekhaya.
Umkhaya Nomngcwabo
Ngelinye ilanga ngisendleleni ngiya emsebenzini, ngabona intokazi eyayiyisisebenzi sasendlini imi phambi komuzi eyayisebenza kuwo. ‘O, yaze yayinhle,’ ngisho ngizicabangela. Ngemva kwamasonto amathathu, ngo-1917, sashada noHelen. Eminyakeni eyishumi eyalandela, saba nabantwana abayisithupha, omunye wabo wafa esewusana.
Ngo-1918 i-Pittsburgh Railways yangiqasha njengomshayeli wemoto yokuthutha abantu. Eduze kwesikhumulo salezi zimoto kwakunesitolo sokudla lapho umuntu ayekwazi ukuthenga khona inkomishi yekhofi. Ngaphakathi, amadoda amabili ayengamaGreki ayengabanikazi besitolo ayebonakala engenandaba nokuthi uyathenga yini, uma nje uwavumela akushumayeze ngeBhayibheli. Ngangiye ngithi: “Nisho ukuthi umhlaba wonke unephutha yinina nobabili nje enineqiniso?”
Ayaye athi: “Zibhekele ngokwakho eBhayibhelini!” Kodwa ngaleso sikhathi awakwazanga ukungenza ngiwakholwe.
Ngokudabukisayo, uHelen wami othandekayo wahlatshwa ukugula ngo-1928. Ukuze abantwana banakekelwe kahle, ngabayisa ukuba bayohlala nodadewethu nomyeni wakhe eJerome. Manje base bethenge ipulazi. Ngangibavakashela njalo abantwana, ngikhiphe nemali yokukhokhela ukudla kwabo nyanga zonke. Ngangibathumelela nezingubo zokugqoka. Ngokudabukisayo, isimo sikaHelen saba sibi nakakhulu, washona ngo-August 27, 1930.
Ngazizwa nginesizungu futhi ngididekile. Lapho ngiya kumpristi ngiyokwenza amalungiselelo omngcwabo, wathi: “Awusasonti kuleli sonto. Sekungaphezu konyaka ungasawukhiphi umnikelo.”
Ngachaza ukuthi ngangikade ngigulelwa umkami isikhathi eside nokuthi noma iyiphi imadlana engangisala nayo ngangiyinikeza abantwana ukuze banikele esontweni eJerome. Noma kunjalo, ngaphambi kokuba umpristi avume ukusingatha umngcwabo, kwafuneka ngiboleke ama-dollar angu-50 okukhokha umnikelo engangiwukweleta. Umpristi wayefuna nama-dollar angu-15 ukuze aqhube iMisa emzini kadadewabo kankosikazi lapho kwakuhlelwe ukuba kuhlangane abangane nomndeni ukuze kuvaleliswe kuHelen. Ngahluleka ukuthola ama-dollar angu-15, kodwa umpristi wavuma ukuqhuba iMisa uma ngingamnika le mali ngosuku lomholo.
Lapho kufika usuku lokuhola kwadingeka ngisebenzise imali ukuze ngithengele izingane izicathulo nezingubo zesikole. Cishe ngemva kwamasonto amabili kamuva, umpristi wagibela emotweni yami. “Usangikweleta ama-dollar angu-15,” esho. Kwathi uma ehla esitobhini sakhe, wangisongela wathi, “Ngizokuya kubasi wakho ngimtshele ukuthi ayikhiphe emholweni wakho le mali.”
Ekupheleni kosuku, ngaya kumphathi wami ngamtshela okwakwenzekile. Nakuba ayengumKatolika, wathi, “Uma lowo mpristi engeza lapha, ngizomtshela izindaba zakhe!” Lokho kwangenza ngaqala ukucabanga, ‘Abapristi bafuna imali yethu kuphela, kodwa abasifundisi lutho ngeBhayibheli.’
Ukufunda Iqiniso
Lapho ngiphinda ngiya esitolo sokudla samadoda amabili angamaGreki, saxoxa ngodaba lwami nompristi. Ngenxa yalokho, ngaqala ukufunda nama-Bible Student, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ngangingalali ngifunda iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli ubusuku bonke. Ngezwa ukuthi uHelen wayengahlupheki esihlanzweni, njengoba umpristi ayeshilo, kodwa wayelele ekufeni. (Jobe 14:13, 14; Johane 11:11-14) Ngempela, ngangithole okuthile okungcono kakhulu kunegolide—iqiniso!
Emasontweni ambalwa kamuva, lapho ngiqala ukuya emhlanganweni nama-Bible Student eGarden Theatre ePittsburgh, ngaphakamisa isandla ngathi, “Ngiye ngafunda okuningi ngeBhayibheli kusihlwa nje kunalokho engikufunde kuyo yonke iminyaka ngisonta.” Kamuva, lapho bebuza ukuthi obani ababefuna ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngakusasa, ngaphinde ngaphakamisa isandla.
Khona-ke, ngo-October 4, 1931, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngokubhapathizwa emanzini. Phakathi naleso sikhathi ngakwazi ukuqasha indlu, ngabuyisa izingane ukuba zizohlala nami, ngaqasha isisebenzi sasendlini ukuba sizinakekele. Naphezu kwemithwalo yami yomkhaya, kusukela ngo-January 1932 kuya ku-June 1933, ngahlanganyela ohlotsheni oluthile lwenkonzo ekhethekile ebizwa ngokuthi eyamaphayona asizayo, lapho ngangisebenza amahora angu-50 kuya ku-60 inyanga ngayinye ngikhuluma nabanye ngeBhayibheli.
Cishe kwakungalesi sikhathi lapho ngaqala ukuphawula khona intokazi ethile enhle eyayibonakala igibela emotweni yami ngaso sonke isikhathi lapho iya emsebenzini. Kwakuvame ukuhlangana amehlo lapho ngibheka emuva esibukweni semoto. Yileyo ndlela esazana ngayo noMary. Sathandana sase sishada ngo-August 1936.
Ngo-1949 ukusebenza isikhathi eside emsebenzini kwenza ngakwazi ukukhetha ukusebenza ngesikhathi esangivumela ukuba ngiphayone, njengoba ibizwa kanjalo inkonzo yesikhathi esigcwele. Indodakazi yami encane, uJean, yayiqale ukuphayona ngo-1945, futhi saphayona ndawonye. Kamuva, uJean wahlangana noSam Friend, owayekhonza eBethel, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.a Bashada ngo-1952. Ngaqhubeka ngiphayona ePittsburgh, ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi, ngesinye isikhathi ngiqhubela imikhaya engu-14 ehlukene isonto ngalinye. Ngo-1958, ngawuyeka umsebenzi wami wokushayela imoto yokuthutha abantu. Ngemva kwalokho, ukuphayona kwakulula, njengoba kwakungasadingeki ngisebenze umsebenzi wokuziphilisa amahora angu-8 ngosuku.
Ngo-1983, uMary wahlatshwa ukugula. Ngazama ukumnakekela njengoba ayenginakekele cishe iminyaka engu-50. Ekugcineni, washona ngo-September 14, 1986.
Ukuthola Lapho Ngazalelwa Khona
Ngo-1989, uJean noSam bangithatha saya emihlanganweni ePoland. Savakashela nasendaweni engakhulela kuyo. Lapho amaRashiya edla leyo ngxenye yomhlaba, ashintsha amagama amadolobha futhi athuthela abantu kwezinye izindawo. Omunye wabafowethu wayethuthelwe e-Istanbul kanti udadewethu wayethuthelwe eRussia. Futhi igama lendawo yakithi lalingajwayelekile kulabo esababuza.
Ngabe sengibona izintaba ezabukeka zijwayelekile lé kude. Njengoba sasisondela, ngaqala ukubona ezinye izimpawu—igquma, impambano yemigwaqo, isonto, ibhuloho. Samangala, lapho singazelele sibona ibhodi elithi “Hoszowczyk”! Ngaphambidlana, amaKhomanisi ayengasenalo ithonya elingako, ngakho amagama okuqala ezindawo abuyiselwa.
Indlu yakithi yayingasekho, kodwa wawukhona uhhavini owawusetshenziselwa ukupheka ngaphandle, usucishe ugqibeke emhlabathini. Ngabe sengikhomba umuthi omkhulu ngathi: “Niyawubona lowaya muthi. Ngawutshala ngaphambi kokuba ngiye eMelika. Bhekani ukuthi usukhule kangakanani!” Ngemva kwalokho, saya emathuneni, sibheka amagama amalungu omkhaya, kodwa asizange siwathole.
Ukubeka Iqiniso Kuqala
Lapho umyeni kaJean eshona ngo-1993, wangibuza ukuthi ngangingathanda yini ashiye eBethel azonginakekela. Ngamtshela ukuthi leyo kungaba yinto embi kakhulu ayengayenza, namanje ngisazizwa ngendlela efanayo. Ngiye ngahlala ngedwa ngaze ngaba neminyaka engu-102, kodwa kwabe sekudingeka ngiye ekhaya labakhulile. Ngisengumdala eBandleni LaseBellevue ePittsburgh, futhi abazalwane bayeza bazongithatha bangiyise emihlanganweni eHholo LoMbuso ngamaSonto. Nakuba umsebenzi wami wokushumayela manje ungasengakanani, ngisesohlwini lwamaphayona abuthakathaka.
Phakathi neminyaka edlule ngiye ngajabulela izikole ezikhethekile zokuqeqesha ababonisi, ezilungiselelwa yi-Watch Tower Society. Ngo-December wanyakenye ngaba khona kwezinye zezingxenye zeSikole Senkonzo SoMbuso sabadala bamabandla. Futhi ngo-April 11 walo nyaka, uJean wangiyisa eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, okungumkhosi engiye ngakwazisa kakhulu ukuhlanganyela kuwo minyaka yonke kusukela ngo-1931.
Abanye balabo engiye ngafunda nabo iBhayibheli, manje bakhonza njengabadala, abanye bayizithunywa zevangeli eNingizimu Melika, kanti abanye bangomkhulu nogogo abakhonza uNkulunkulu nezingane zabo. Ezintathu ezinganeni zami—uMary Jane, uJohn noJean—kanye neziningi zezingane zabo nabazukulu, bakhonza uJehova uNkulunkulu ngokwethembeka. Ngithandazela ukuba ngelinye ilanga enye indodakazi yami kanye nabo bonke abanye abazukulu bami nezingane zabo nabo benze okufanayo.
Manje njengoba sengineminyaka engu-105, ngisakhuthaza wonke umuntu ukuba afunde iBhayibheli futhi akhulume nabanye ngalokho aye akufunda. Yebo, ngikholisekile ukuthi uma uhlala useduze noJehova, awusoze wadumazeka. Khona-ke nawe ungajabulela okuthile okungcono kunegolide elonakalayo—iqiniso elisivumela ukuba sibe nobuhlobo obuyigugu noMniki-kuphila, uJehova uNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a Indaba yokuphila kukaSam Friend ikuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1986, amakhasi 22-6.
[Isithombe ekhasini 25]
Lapho ngishayela imoto ethutha abantu
[Isithombe ekhasini 26]
Ekhaya labakhulile lapho ngihlala khona manje
[Isithombe ekhasini 27]
Ibhodi esalithola emgwaqweni ngo-1989