Ukuvikela Izindaba Ezinhle Ngokomthetho
KUSUKELA umuntu aqala ukwakha imizi, ubelokhu akha izindonga. Ikakhulukazi ezinsukwini zasendulo, lezi zindonga zaziyisivikelo. Abavikeli babelwa bephezu kwalezi zindonga ukuze bazivikele ekubhodlozweni noma ekubeni abahlaseli bambe ngaphansi kwazo. Akuzona nje kuphela izakhamuzi zendawo ezazithola isivikelo kodwa ngokuvamile labo ababehlala emadolobheni azungezile babephephela kulezi zindonga.—2 Samuweli 11:20-24; Isaya 25:12.
Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova baye bakha udonga—udonga olungokomthetho—lwesivikelo. Lolu donga alwakhelwe ukuhlukanisa oFakazi emphakathini, ngoba oFakazi BakaJehova baziwa ngokuba abantu abathanda abantu nabanobungane. Kunalokho, luqinisa imithetho eqinisekisa inkululeko eyisisekelo yabo bonke abantu. Ngesikhathi esifanayo, luvikela amalungelo oFakazi angokomthetho ukuze baqhube ukukhulekela kwabo ngenkululeko. (Qhathanisa noMathewu 5:14-16.) Lolu donga luvikela indlela yabo yokukhulekela nelungelo labo lokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Luyini lolu donga, futhi lwakhiwe kanjani?
Ukwakha Udonga Olungokomthetho Oluyisivikelo
Nakuba oFakazi BakaJehova bejabulela inkululeko engokwenkolo emazweni amaningi, kwamanye amazwe baye baba izisulu zokuhlaselwa ngokungafanele. Lapho inkululeko yabo yokukhulekela ngokuhlangana ndawonye noma ngokushumayela endlini ngendlu iye yabekelwa inselele, baye bathatha izinyathelo ezingokomthetho. Amacala angokomthetho ahlanganisa oFakazi aye abalelwa ezinkulungwaneni emhlabeni wonke.a Akuwona wonke anqotshwa. Kodwa lapho izinkantolo eziphansi ziye zabalahla ngecala, ngokuvamile baye badlulisela amacala ezinkantolo eziphakeme. Kuye kwaba namuphi umphumela?
Emashumini eminyaka ekhulu lama-20, amacala anqotshwa emazweni amaningi aye aba umhlahlandlela onokwethenjelwa oFakazi BakaJehova abaye babhekisela kuwo lapho bedlulisa amacala kamuva. Njengezitini noma amatshe okwakhiwe ngawo udonga, lezi zinqumo ezinhle zakha udonga olungokomthetho lwesivikelo. Bevikelwe yilolu donga lwamacala awumhlahlandlela, oFakazi baye baqhubeka belwela inkululeko engokwenkolo ukuze baqhube ukukhulekela kwabo.
Ngokwesibonelo, cabangela icala lika-Murdock v. Commonwealth of Pennsylvania, elanqunywa iNkantolo Eyinhloko yase-United States ngo-May 3, 1943. Nanku umbuzo owaphakanyiswa kuleli cala: Ingabe kufanele oFakazi BakaJehova bathole imvume yokudayisa ukuze basakaze izincwadi zabo zenkolo? OFakazi BakaJehova babambelela ekutheni akufanele kube imfuneko ngabo ukwenza kanjalo. Umsebenzi wabo wokushumayela akuwona—futhi awukaze ube—owezentengiselwano. Umgomo wabo akukhona ukwenza imali, kodwa uwukushumayela izindaba ezinhle. (Mathewu 10:8; 2 Korinte 2:17) Esinqumweni secala lika-Murdock, iNkantolo yavumelana noFakazi, yathi noma iyiphi imfuneko yokukhokhwa kwentela yemvume ukuze kusakazwe izincwadi zenkolo ayivumelani nomthetho-sisekelo.b Lesi sinqumo sabeka isibonelo esibalulekile, futhi oFakazi baye badlulisa amacala amaningi ngokubhekisela kuso njengegunya kusukela ngaleso sikhathi. Isinqumo secala lika-Murdock siye sabonakala siyisitini esiqinile odongeni lwesivikelo olungokomthetho.
La macala aye enza lukhulu ekuvikeleni inkululeko engokwenkolo yabo bonke abantu. Ngokuphathelene nalokho oFakazi abakwenzile ekuvikeleni amalungelo abantu e-United States, i-University of Cincinnati Law Review yathi: “OFakazi BakaJehova baye baba nethonya elikhulu ekuthuthukisweni komthetho-sisekelo, ikakhulukazi ngokwandisa imingcele yokuvikelwa kwenkululeko yokukhuluma neyenkolo.”
Ukuqinisa Udonga
Ngokunqoba ngakunye okungokomthetho, udonga luya luqina. Cabangela izinqumo ezimbalwa zeminyaka yawo-1990 eziye zazuzisa oFakazi BakaJehova, nabo bonke abathandi benkululeko, emhlabeni jikelele.
EGrisi. Ngo-May 25, 1993, i-European Court of Human Rights yasekela ilungelo lesakhamuzi esingumGreki lokuba sifundise abanye izinkolelo zaso zenkolo. Leli kwakuyicala elihilela uMinos Kokkinakis, owayeneminyaka engu-84 ubudala ngaleso sikhathi. Njengomunye woFakazi BakaJehova, uKokkinakis wayeboshwe izikhathi ezingaphezu kwezingu-60 kusukela ngo-1938, wayesevele izikhathi ezingaphezu kwezingu-18 enkantolo yaseGrisi futhi wayechithe iminyaka engaphezu kweyisithupha ejele. Wayelahlwe amacala amaningi ikakhulukazi ngaphansi komthetho waseGrisi wawo-1930 owawunqabela ukuguqulela abantu kwenye inkolo—umthetho owabangela ukuba kuboshwe oFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-20 000 kusukela ngo-1938 ukuya ku-1992. INkantolo YaseYurophu yanquma ukuthi uhulumeni waseGrisi wawuphazamise inkululeko engokwenkolo kaKokkinakis futhi yathi akhokhelwe isinxephezelo semali engu-R42 500. Esinqumweni sayo, iNkantolo yanquma ukuthi oFakazi BakaJehova “bayinkolo eyaziwayo” ngempela.—Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1993, amakhasi 27-31.
EMexico. Ngo-July 16, 1992, kwathathwa isinyathelo esikhulu eMexico ukuze kuvikelwe inkululeko engokwenkolo. Ngalolo suku kwamiswa UMthetho Wezinhlangano Zenkolo Nokukhulekela Kwasobala. Ngalo mthetho, iqembu lenkolo lingaqashelwa ngokomthetho njengenhlangano yenkolo ngokubhalisa ngokufanele. Ngaphambili, oFakazi BakaJehova, njengezinye izinkolo kulelo lizwe, bebelokhu bekhona kodwa bengaqashelwa ngokomthetho. Ngo-April 13, 1993, oFakazi bafaka isicelo sokubhaliswa. Ngokujabulisayo, ngo-May 7, 1993, babhaliswa ngokomthetho njenge-La Torre del Vigía, A. R., ne-Los Testigos de Jehová en México, A. R., zombili okuyizinhlangano zenkolo.—Bheka i-Phaphama! ka-July 22, 1994, amakhasi 12-14.
EBrazil. Ngo-November 1990, i-National Institute of Social Security (INSS) yaseBrazil yabikela ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society ukuthi izikhonzi zokuzithandela zaseBethel (igama lezakhiwo zegatsha zoFakazi BakaJehova) ngeke zisabhekwa njengezikhonzi zenkolo futhi ngenxa yalokho zazizoba ngaphansi kwemithetho yezisebenzi yaseBrazil. OFakazi badlulisa leso sinqumo. Ngo-June 7, 1996, i-Judicial Advisory of the Office of the Attorney General in Brasília yakhipha isinqumo esasisekela isimo sezikhonzi zaseBethel njengamalungu enkolo engokomthetho, hhayi njengabantu abasebenzela ukuziphilisa.
EJapane. Ngo-March 8, 1996, iNkantolo Eyinhloko yaseJapane yakhipha isinqumo ngendaba yemfundo neyenkululeko yenkolo—okwazuzisa wonke umuntu eJapane. Ngazwi-linye, inkantolo yanquma ukuthi i-Kobe Municipal Industrial Technical College yayephule umthetho ngokuxosha uKunihito Kobayashi esikoleni ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuhlanganyela ekuqeqeshelweni ubuciko bokulwa. Lokhu kwakungokokuqala ukuba iNkantolo Eyinhloko yenze isinqumo esisekelwe enkululekweni engokwenkolo eqinisekiswa uMthetho-sisekelo waseJapane. Elalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli, lo Fakazi osemusha waba nomuzwa wokuthi lokhu kuqeqeshwa kwakungavumelani nezimiso zeBhayibheli ezinjengaleso esitholakala ku-Isaya 2:4, esithi: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Leso sinqumo seNkantolo sakha isibonelo samacala esikhathi esizayo.—Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1996, amakhasi 19-21.
Ngo-February 9, 1998, iNkantolo Ephakeme yaseTokyo yakhipha esinye isinqumo esiyingqopha-mlando esiqinisa ukuthi kufanele lihlonishwe ilungelo lomunye woFakazi okuthiwa uMisae Takeda lokwenqaba ukwelashwa okungavumelani nomyalo weBhayibheli ‘wokudeda egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29.) Leli cala liye ladluliselwa eNkantolo Eyinhloko, futhi kusazobonakala ukuthi le nkantolo izosisekela yini isinqumo seNkantolo Ephakeme.
EPhilippines. Esinqumweni esakhishwa ngo-March 1, 1993, iNkantolo Eyinhloko yasePhilippines yasekela oFakazi BakaJehova ecaleni lentsha engoFakazi eyaxoshwa esikoleni ngoba ngenhlonipho iye yenqaba ukukhulekela ifulege.
Isinqumo senkantolo esihle ngasinye sifana netshe noma isitini esengeziwe esiqinisa udonga olungokomthetho olungavikeli amalungelo oFakazi BakaJehova kuphela kodwa nawabo bonke abantu.
Ukuvikela Udonga
OFakazi BakaJehova babhaliswe ngokomthetho emazweni angu-153, futhi bajabulela inkululeko enkulu ngokufanelekile, njengoba kunjalo nangezinye izinkolo eziqashelwayo. Ngemva kwamashumi eminyaka okushushiswa nokuvinjelwa eMpumalanga Yurophu nasemazweni ayeyi-Soviet Union, manje oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho emazweni anjengase-Albania, eBelarus, eCzech Republic, eGeorgia, eHungary, eKazakstan, eKyrgyzstan, eRomania naseSlovakia. Nokho, emazweni athile namuhla, kuhlanganise namazwe aseNtshonalanga Yurophu azenza kudala izimiso zokwahlulela, amalungelo oFakazi BakaJehova abekelwa inselele enkulu noma enqatshelwa. Abaphikisi bazama ngamandla ‘ukusebenza okubi kungathi ngomthetho’ ngokumelene noFakazi. (IHubo 94:20) Basabela kanjani?c
OFakazi BakaJehova bafisa ukubambisana nabo bonke ohulumeni, kodwa ngesikhathi esifanayo bafuna ukuba nenkululeko engokomthetho yokuqhuba ukukhulekela kwabo. Bakholelwa ngokuqinile ekutheni noma imiphi imithetho noma izinqumo zenkantolo ezibavimbela ukuba balalele imiyalo kaNkulunkulu—kuhlanganise nomyalo wokushumayela izindaba ezinhle—ayinasisindo. (Marku 13:10) Uma izivumelwano ezinhle zingafinyelelwa, oFakazi BakaJehova bayolwela ukunqoba enkundleni yomthetho, bathathe zonke izinyathelo ezidingekile zokudlulisa amacala ukuze bathole isivikelo esingokomthetho selungelo labo abalinikwe uNkulunkulu lokuqhuba ukukhulekela kwabo. OFakazi BakaJehova baqiniseka ngokuphelele ngesithembiso sikaNkulunkulu: “Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela.”—Isaya 54:17.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole indaba eningiliziwe ngokwaziswa okungokomthetho koFakazi BakaJehova, siza ubheke isahluko 30 sencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Esinqumweni secala lika-Murdock, iNkantolo Eyinhloko yahlehlisa isinqumo sayo eyasenza ecaleni lika-Jones v. City of Opelika. Ecaleni lika-Jones, ngo-1942, iNkantolo Eyinhloko yayivumelene nesinqumo senkantolo ephansi eyayilahle uRosco Jones ngecala, omunye woFakazi BakaJehova, ngokusakaza izincwadi emigwaqweni yase-Opelika, e-Alabama, ngaphandle kokukhokha intela yemvume.
c Bheka isihloko esithi “Bazondelwa Ukholo Lwabo” nesithi “Ukuvikela Ukholo Lwethu,” emakhasini 8-18.
[Ibhokisi ekhasini 21]
Ukuvikela Amalungelo OFakazi BakaJehova
Ukushushiswa koFakazi BakaJehova kuye kwabangela ukuba bahudulelwe phambi kwabahluleli neziphathimandla zikahulumeni emhlabeni wonke. (Luka 21:12, 13) OFakazi BakaJehova balwa kanzima ukuze bavikele amalungelo abo ngokomthetho. Ukunqoba ezinkantolo emazweni amaningi kuye kwasiza ekuvikeleni inkululeko engokomthetho yoFakazi BakaJehova, kuhlanganise nelungelo labo:
◻ lokushumayela endlini ngendlu bengavinjelwa imingcele ebekelwa abathengisi bezentengiselwano—Murdock v. Commonwealth of Pennsylvania, U.S. Supreme Court (1943); Kokkinakis v. Greece, European Court of Human Rights (ECHR) (1993).
◻ lokuhlangana ndawonye ngenjongo yokukhulekela—Manoussakis and Others v. Greece, ECHR (1996).
◻ lokunquma ukuthi bangayibonisa kanjani inhlonipho ngefulege lesizwe ngokuvumelana nonembeza—West Virginia State Board of Education v. Barnette, U.S. Supreme Court (1943); Supreme Court of the Philippines (1993); Supreme Court of India (1986).
◻ lokwenqaba inkonzo yezempi engcolisa unembeza wabo wobuKristu—Georgiadis v. Greece, ECHR (1997).
◻ lokukhetha ukwelashwa nemithi engangcolisi unembeza wabo—Malette v. Shulman, Ontario, Canada, Appeal Court (1990); Watch Tower v. E.L.A., Superior Court, San Juan, Puerto Rico (1995); Fosmire v. Nicoleau, New York, U.S.A., Court of Appeals (1990).
◻ lokukhulisa abantwana babo ngokuvumelana nezinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini ngisho noma lezi zinkolelo zibekelwa inselele izimpikiswano zokuwina abantwana—St-Laurent v. Soucy, Supreme Court of Canada (1997); Hoffmann v. Austria, ECHR (1993).
◻ lokuba nezinhlangano ezingokomthetho ezingakhokhiswa intela njengezinye izinhlangano zenkolo eziqashelwayo—People v. Haring, New York, U.S.A., Court of Appeals (1960).
◻ lokutholela labo abamiswe ohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele indlela ebonelelayo yentela efanayo naleyo enikezwa izisebenzi zenkolo zesikhathi esigcwele zezinye izinkolo—Brazil’s National Institute of Social Security, Brasília, (1996).
[Isithombe ekhasini 20]
UMinos Kokkinakis nomkakhe
[Isithombe ekhasini 20]
UKunihito Kobayashi
[Umthombo Wesithombe ekhasini 19]
The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck