Umvuzo Wokuziqhenya—Mkhulu Kangakanani?
INGABE wake wasebenzelana nomuntu owayezama ngenhloso ukukwenza uzizwe ungelutho? Mhlawumbe imenenja, umqashi, umbonisi ngisho noma isihlobo esasikweya, sikudelela ngokuphelele? Wazizwa kanjani ngalowo muntu? Ingabe wakhangwa ubuntu bakhe? Lutho neze! Ngani? Ngoba ukuziqhenya kwakha imingcele futhi kuqede ukukhulumisana.
Ukuziqhenya kwenza umuntu abukele phansi wonke omunye umuntu, ngendlela yokuthi yena ahlale ebonakala ephakeme. Umuntu onesimo esinjalo akavamile ukusho okuhle ngabanye. Kuhlale kunamazwana angemahle ajobelelwayo—“yebo, kungase kube iqiniso, kodwa unale nkinga noma lokhu kushiyeka.”
Kwethi Thoughts of Gold in Words of Silver, ukuziqhenya kuchazwa ngokuthi “ububi obuhlale bunqoba. Kuyamonakalisa umuntu, kumshiye enokuncane kakhulu ongakuthanda.” Ingabe kuyamangaza ukuthi akekho ozizwa ekhululekile uma enomuntu oziqhenyayo? Eqinisweni, ukuziqhenya ngokuvamile kuphumela ekuntulekeni kwabangane beqiniso. Le ncwadi iyaqhubeka ithi: “Ngokuphambene, izwe lithanda abathobekile—hhayi abathobekile abaziqhenyayo ngako, kodwa abathobeke ngempela.” IBhayibheli lisho ngokufanelekile ukuthi: “Ukuzazisa komuntu kumenza athotshiswe, ozithobayo uyozuza udumo.”—IzAga 29:23, The Jerusalem Bible.
Nokho, ngaphandle kobungane nodumo lwabantu, ukuziqhenya kubuthinta kanjani ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu? UNkulunkulu ubabheka kanjani abaziqhenyayo, abazidlayo nabagabadelayo? Ukuziqhenya noma ukuthobeka—ingabe kusho okuthile kuye?
Isifundo Sokuthobeka
Umlobi ophefumulelwe wezAga uthi: “Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.” (IzAga 16:18, 19) Ubuhlakani balawo mazwi bufakazelwa kahle yindaba kajenene waseSiriya uNahamani, owayephila ngesikhathi somprofethi wakwa-Israyeli u-Elisha.
UNahamani wayenochoko. Efuna okwakuzomelapha, waya eSamariya ecabanga ukuthi wayezokwazi ukukhuluma mathupha no-Elisha. Kunalokho, umprofethi wathumela inceku yakhe neziyalezo zokuba uNahamani ayogeza izikhathi eziyisikhombisa eMfuleni iJordani. Leyo mpatho neseluleko kwamthukuthelisa uNahamani. Kungani umprofethi ayengaphumi azokhuluma naye mathupha kunokuba athumele inceku? Futhi ngokuqinisekile, noma imuphi umfula waseSiriya wawufana neJordani! Wayenenkinga yokuziqhenya. Waba yini umphumela? Ngokujabulisayo, wagcina esamukele iseluleko esihlakaniphile. “Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.”—2 AmaKhosi 5:14.
Ngezinye izikhathi ukuzithoba okuncane nje kuzuzisa kakhulu.
Ukulahlekelwa Ngenxa Yokuzikhukhumeza
Nokho, ukuziqhenya kungasilahlekisela okukhulu kunokugejwa inzuzo ethile nje. Kunelinye izinga lokuziqhenya elichazwa igama lesiGreki elithi hybris. Ngokwesazi sesiGreki uBarclay, elithi “hubris lisho inhlanganisela yokuziqhenya nonya . . . , indelelo enokuzikhukhumeza eyenza [umuntu] axove imiphefumulo yabantu aphila nabo.”
Isibonelo esicacile salolu hlobo lokuziqhenya ngokweqile sitholakala eBhayibhelini. Sisendabeni kaHanuni, inkosi yabakwa-Amoni. I-Insight on the Scriptures iyachaza: “Ngenxa yomusa wothando uNahashi ayembonise wona, uDavide wathumela izithunywa ukuba ziyoduduza uHanuni ngokushonelwa uyise. Kodwa uHanuni, enziwa amakhosana akhe ukuba akholelwe ukuthi uDavide wayemane enza icebo lokuhlola umuzi, wahlazisa izinceku zikaDavide ngokugunda ingxenye yezintshebe zazo nokusika izingubo zazo phakathi nendawo kuze kuyofika ezinqeni abese ezixosha.”a Ngokuphathelene nalesi senzakalo, uBarclay uyaphawula: “Leso senzo kwakuyi-hubris. Kwakuwukwethukwa, ukudlovulwa nokuhlaziswa emphakathini konke kuhlangene ndawonye.”—2 Samuweli 10:1-5.
Yebo, umuntu oziqhenyayo uyakwazi ukweyisa futhi ahlazise abanye. Uyakujabulela ukuzwisa abanye ubuhlungu ngendlela engenaluzwela nengenabuntu abese enamela ukungakhululeki nokuhlazeka kwabo. Kodwa ukweya noma ukonakalisa ukuzihlonipha komuntu kuyinkemba esika nhlangothi zombili. Kuphumela ekulahlekelweni umngane, futhi kungenzeka, kwakhe nesitha.
UmKristu weqiniso angakubonisa kanjani ukuziqhenya okulimaza kanjalo, njengoba iNkosi yakhe imyale ukuba ‘athande umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena’? (Mathewu 7:12; 22:39) Kuphambene nakho konke uNkulunkulu noKristu abayikho. Ngenxa yalokhu, uBarclay uphawula athi: “I-hubris ukuziqhenya okwenza umuntu eyise uNkulunkulu.” Iwukuziqhenya okuthi: “Akakho uNkulunkulu.” (IHubo 14:1) Noma njengoba kushiwo kumaHubo 10:4: “Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: ‘Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu;’ injalo imicabango yakhe yonke.” Ukuziqhenya noma ukuzidla okunjalo, akuhlukanisi umuntu nabangane nezihlobo kuphela kodwa kumhlukanisa nanoNkulunkulu. Yeka ukulahlekelwa!
Ungavumeli Ukuziqhenya Kukonakalise
Ukuziqhenya kungaba ngezinhlobo eziningi—ukuziqhenya okubangelwa ubuzwe, ubuhlanga, izinga lokuphila, uzalo, imfundo, ingcebo, isimo somuntu emphakathini namandla. Ngandlela-thile, ukuziqhenya kungangena ngesinyenyela kuwe bese konakalisa ubuntu bakho.
Kaningi umuntu ubonakala ethobekile lapho esebenzelana nabaphakeme kunaye noma ngisho nabantu abasezingeni elifana nelakhe. Kodwa kwenzekani lapho lowo muntu obonakala ethobekile ethola isikhundla segunya? Ngokushesha, uba umashiqela owenza ukuphila kwalabo ababheka njengabaphansi kube lusizi! Lokhu kungase kwenzeke kwabanye lapho begqoka iyunifomu noma befaka ibheji elisikisela amandla. Ngisho nezisebenzi zikahulumeni zingaziqhenya lapho zisebenzelana nomphakathi, zicabanga ukuthi umphakathi uyazikhonza, hhayi ukuthi zona zikhonza wona. Ukuziqhenya kungakwenza ube nokhahlo, ungabi nozwela; kanti ukuzithoba kungakwenza ube nomusa.
UJesu wayengaziqhenya futhi abe nokhahlo lapho enabafundi bakhe. Wayengumuntu ophelele, iNdodana kaNkulunkulu, esebenzelana nabalandeli abangaphelele, abenza izinto bengacabangile kahle nabanamawala. Nokho, isiphi isimemo asidlulisela kulabo abalalela? “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Ingabe siyazama ngaso sonke isikhathi ukulandela isibonelo sikaJesu? Noma ingabe siba nokhahlo, sibe abangaguquki, omashiqela, abangenamusa nabaziqhenyayo? NjengoJesu zama ukuqabula, ungacindezeli. Yenqaba umphumela owonakalisayo wokuziqhenya.
Ukuzihlonipha Noma Ukuzicabangela Ngokweqile
Imfanelo ehlobene nalena kodwa enhle ukuzihlonipha okusesilinganisweni noma okufanelekile. Ukuzihlonipha kusho ukuba nenhlonipho ngawe ngokwakho. Kusho ukuthi uyakukhathalela ukuthi abantu bacabangani ngawe. Uyakukhathalela ukubukeka nedumela lakho. Isaga seSpanishi siyiqiniso, “Ngitshele ukuthi uhamba nobani, ngizokutshela ukuthi ungubani.” Uma ukhetha ukuzihlanganisa nabantu abangamadlabha, amavila, abaluhlaza nabanolimi olungcolile, khona-ke uyofana nabo. Isimo sabo sizokungena, bese untula ukuzihlonipha njengabo.
Yiqiniso, kunokunye okudlulela ngalé kwalokho—ukuziqhenya okuholela ekuzicabangeleni ngokweqile noma ekuqhosheni. Ababhali nabaFarisi bosuku lukaJesu babeziqhenya ngamasiko nokubukeka kwabo okweqisayo okungokwenkolo. UJesu waxwayisa ngabo: “Yonke imisebenzi abayenzayo bayenzela ukuba babonwe abantu; ngoba bawenza abe banzi amabhokisi aqukethe imibhalo abawagqoka njengezinto zokubalonda, futhi bandise izinsephe zezingubo zabo [ukuze babonakale behlonipha uNkulunkulu ngokwengeziwe]. Bathanda indawo evelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa nezihlalo ezingaphambili emasinagogeni, nokubingelelwa ezigcawini nokubizwa abantu ngokuthi Rabi.”—Mathewu 23:5-7.
Khona-ke, okudingekayo isimo sengqondo esinokulinganisela. Khumbula futhi ukuthi uJehova ubona inhliziyo, hhayi nje ukubukisa kwangaphandle. (1 Samuweli 16:7; Jeremiya 17:10) Ukuzibona ulungile akukhona ukulunga kukaNkulunkulu. Nokho, umbuzo manje uwukuthi, Singakuhlakulela kanjani ukuthobeka kwangempela futhi sigweme ukulahlekelwa okukhulu ngenxa yokuziqhenya?
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 4]
Ukuzithoba okuncane kwamzuzisa kakhulu uNahamani