Ibandla LobuKristu—Umthombo Wosizo Oluqinisayo
UPOPI, intokazi esanda kweva eminyakeni engu-20 yobudala, wayekhungathekile ngenxa yesimo esibuhlungu sasekhaya esasihilela ukungakhulumisani ngokukhululekile nabazali bakhe.a Ngemva kokuthulula isifuba sakhe kumdala ongumKristu nomkakhe, wababhalela wathi: “Ngiyanibonga kakhulu ngokuzinika isikhathi sokuxoxa nami. Anazi ukuthi ukungikhathalela kwenu kusho okukhulu kangakanani kimi. Ngiyambonga uJehova ngokunginika abantu engingabathemba nengingaxoxa nabo.”
UToula, owesifazane osanda kushonelwa umyeni onezingane ezimbili ezevé eshumini nambili ubudala, wazithola esotakwini lwezinkinga ezikhathazayo, ezingokomzwelo nezingokwezimali. Yena nezingane zakhe babevakashelwa njalo umbhangqwana oshadile ongamaKristu osebandleni lakubo owawufike ubaqinise. Ngemva kokuba ebhekene ngokuphumelelayo nesimo sakhe, wawuthumela ikhadi, ethi: “Nginikhumbula njalo emithandazweni yami. Ngikhumbula ningisiza futhi ningisekela izikhathi eziningi.”
Ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi ‘ziyakusinda’ izingcindezi ezikhulayo zaleli zwe? (Mathewu 11:28) Ingabe ‘ukuhlangabezana nesikhathi nethuba’ kuye kona ukuphila kwakho ngezenzakalo ezibuhlungu? (UmShumayeli 9:11) Khona-ke awuwedwa. Kodwa njengoba izinkulungwane zabacindezelekile sezazi, nawe ungathola usizo oluzuzisayo ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova. Ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu wathola ukuthi amakholwa athile ayekanye naye ‘ayewusizo oluqinisa’ ngokukhethekile kuye. (Kolose 4:10, 11) Nakuwe kungenzeka okufanayo.
Ukusekela Nokusiza
EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elithi “ibandla” lihunyushwe lisuselwa egameni lesiGreki elithi ek·kle·siʹa, elisho iqembu labantu ababizelwe ndawonye. Lelo gama limumethe umqondo wobumbano nokusekelana.
Ibandla lobuKristu lisekela iqiniso leZwi likaNkulunkulu futhi limemezela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. (1 Thimothewu 3:15; 1 Petru 2:9) Nokho, ibandla libuye lisekele ngokomoya futhi lisize labo abahlanganyela kulo. Kulo, umuntu angathola iqembu labangane abanothando, abakhathalelayo nabanakekelayo, abazimisele ukusiza nokududuza abanye lapho becindezelekile.—2 Korinte 7:5-7.
Selokhu kwathi nhló, abakhulekeli bakaJehova bazithola bephephile futhi belondekile ebandleni lakhe. Umhubi wabonisa ukuthi wayejabula futhi azizwe elondekile lapho ephakathi kwebandla labantu bakaNkulunkulu. (IHubo 27:4, 5; 55:14; 122:1) Ngokufanayo namuhla, ibandla lobuKristu liyinhlangano yamakholwa andawonye akhanayo nakhuthazanayo.—IzAga 13:20; Roma 1:11, 12.
Amalungu ebandla afundiswa ‘ukusebenza okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo ahlobene nawo okholweni.’ (Galathiya 6:10) Imfundo esekelwe eBhayibhelini ayitholayo iwashukumisela ukuba abonisane uthando lobuzalwane nokusondelana okunesisa. (Roma 12:10; 1 Petru 3:8) Abazalwane nodade ebandleni bashukunyiselwa ukuba babe nomusa, ukuthula nobubele besisa. (Efesu 4:3) Kunokuba babe abakhulekeli nje kuphela, babonisa ukubakhathalela ngothando abanye.—Jakobe 1:27.
Ngakho-ke, labo abacindezelekile bathola umoya wemfudumalo owakha isimo esinjengesomkhaya ebandleni. (Marku 10:29, 30) Umuzwa wokuba yilungu leqembu elisondelene nelinothando uyabaqinisa. (IHubo 133:1-3) Ngebandla, “isigqila esikholekile nesiqondayo” sinikeza “ukudla” okungokomoya okunomsoco “ngesikhathi esifanele.”—Mathewu 24:45.
Usizo Oluvela Kubabonisi Abanothando
Amalungu ebandla lobuKristu angalindela ukuthola kulo abelusi abanothando, abaqondayo nabafanelekayo, abasekelayo ngokomoya nabakhuthazayo. Abelusi abanezimfanelo ezinjalo ‘banjengendawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini.’ (Isaya 32:1, 2) Abadala, noma ababonisi, abamiswe ngumoya banakekela abantu bakaNkulunkulu abanjengezimvu, bakhuthaze abagulayo nabacindezelekile, futhi bafune ukubuyisa labo abaye bona.—IHubo 100:3; 1 Petru 5:2, 3.
Yiqiniso, indikimba yabadala bebandla ayilona iqembu labelaphi abaqeqeshiwe noma odokotela, abakwaziyo ukwelapha izinkinga zempilo emizimbeni noma ezingqondweni zamakholwa akanye nabo. Kulesi simiso sezinto, abagulayo ‘basamdinga udokotela.’ (Luka 5:31) Nokho, abelusi abanjalo bangabasiza labo abadinga usizo olungokomoya. (Jakobe 5:14, 15) Noma nini lapho kungenzeka, abadala bahlela nolunye usizo.—Jakobe 2:15, 16.
Ubani ogqugquzela leli lungiselelo lothando? NguJehova uNkulunkulu uqobo! Umprofethi uHezekeli uveza uJehova njengothi: “Ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. . . . Ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo . . . Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise.” UNkulunkulu uyazikhathalela nezimvu ezibuthakathaka.—Hezekeli 34:11, 12, 15, 16.
Usizo Lwangempela Ngesikhathi Esifanele
Ingabe usizo lwangempela luyatholakala ngempela ebandleni lobuKristu? Yebo, futhi izibonelo ezilandelayo zibonisa izimo ezihlukahlukene ibandla eliba usizo kuzo.
◆ Ukushonelwa othandekayo. Umyeni ka-Anna washona ngemva kokugula isikhathi eside. “Kusukela ngaleso sikhathi, abafowethu abangamaKristu bangibonisa uthando olufudumele,” esho. “Amazwi omusa asekelayo nakhuthazayo engiwezwa njalo kwengikholwa nabo, kanye nokwanga kwabo okusuka enhliziyweni, kuye kwangenza ngaqhubeka ngiqiné idolo kunokuba ngivele ngiphele amandla, futhi ngibonga uJehova. Uthando lwabo luye lwangenza ngazizwa ngisekelwé kakhulu, futhi ekugcineni ngazizwa ngikhuthazekile futhi nginakekelwé ngesisa.” Kungenzeka nawe uye wehlelwa yisenzakalo esidabukisayo sokushonelwa othandekayo. Ngezikhathi ezinjalo, amalungu ebandla angakunika induduzo oyidinga kakhulu futhi akusekele ngokomzwelo.
◆ Ukugula. U-Arthur, umbonisi ojikelezayo wasePoland, wayewahambela njalo amabandla ase-Asia Ephakathi ukuze awaqinise ngokomoya. Kokunye kwalokhu kuhambela, wagula kakhulu futhi waba nezinkinga ezinkulu lapho eselulama. “Ngifuna ukunitshela ukuthi banginakekela kanjani abazalwane nodade [edolobheni eliseKazakhstan],” kukhumbula u-Arthur ngokwazisa okukhulu. “Abazalwane nodade, abaningi babo engingabazi—ngisho nabantu abasathakazela—baletha imali, ukudla nemithi. . . . Futhi babekwenza ngenjabulo enkulu.
“Cabanga indlela engazizwa ngayo lapho ngithola imvilophu enemali nale ncwadi ethi: ‘Mzalwane Othandekayo, ngiyakhonza kakhulu kuwe. Umama unginike imali ka-ice cream, kodwa ngiboné ukuthi angiyinike wena ukuze uthole imithi. Ngicela usheshe ube ngcono. UJehova usidinga phakade. Ngikufisela okuhle. Ngicela uphinde usixoxele ezinye izindaba ezimnandi nezifundisayo. UVova.’ ” Yebo, njengoba kubonakala lapha, abancane nabadala ebandleni banganikeza usizo oluqinisayo ezikhathini zokugula.—Filipi 2:25-29.
◆ Ukucindezeleka. UTeri wayefisa ngokusuka enhliziyweni ukukhonza njengephayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Nokho, ngenxa yezinkinga kwadingeka ayeke ukuphayona. “Ngazizwa nginecala kakhulu ngokuzama ukukhonza kulo mkhakha bese ngingaqedi ngisho nonyaka,” esho. UTeri wenza iphutha lokucabanga ukuthi ukwamukeleka kwakhe kuJehova kuxhomeke kuphela esilinganisweni senkonzo amenzela yona. (Bheka umahluko kuMarku 12:41-44.) Ecindezelekile impela, wazihlukanisa nabantu. Kodwa wabe esethola usizo oluqabulayo ebandleni.
UTeri uyakhumbula: “Udade osekhulile oyiphayona wangisiza ngokunganqikazi futhi wangilalela lapho ngithulula imizwa yami. Lapho sengihamba kwakhe, ngangizizwa sengathi ngethulwe umthwalo. Kusukela ngaleso sikhathi, lo dade oyiphayona nomyeni wakhe, ongumdala ebandleni, bangisiza kakhulu. Babengishayela ucingo nsuku zonke bengibuza ukuthi nginjani. . . . Ngezinye izikhathi baye bangivumela ukuba ngibe khona esifundweni sabo somkhaya, okuye kwagcizelela kimi ukubaluleka kokuba imikhaya ihlale isondelene.”
Akuyona into engavamile kwabaningi—ngisho nakumaKristu azinikezele—ukuba bacindezeleke, badikibale futhi babe nesithukuthezi. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi ebandleni likaNkulunkulu lukhona usizo lothando nolungenabugovu!—1 Thesalonika 5:14.
◆ Izinhlekelele nezingozi. Zibeke esimweni somkhaya onamalungu amane owalahlekelwa yiyo yonke impahla yawo lapho kusha umuzi wawo. Ngokushesha kwenzeka lokho lo mkhaya okubiza ngokuthi “isenzakalo esikhuthazayo esiyosithinta phakade futhi esasenza sahlatshwa umxhwele uthando lweqiniso oluphakathi kwabantu bakaJehova.” Uyachaza: “Ngokushesha sathola inqwaba yezingcingo zabafowethu nodadewethu abangokomoya abaqotho besisekela futhi besizwela. Ucingo lwalukhala njalo. Ukukhathalela nothando oluqotho lwawo wonke umuntu kwakushukumisa kangangokuthi sakhala izinyembezi zokubonga.”
Ngemva kwesikhashana, abadala bebandla bahlela iqembu elikhulu labazalwane, okwathi ngezinsuku ezimbalwa, bawakhela umuzi omusha lo mkhaya. Umakhelwane wababaza wathi: “Uze uzozibonela! Kusebenza yonke inhlobo yomuntu laphaya—amadoda, abesifazane, abamnyama, amaHispanic!” Lokhu kwakuwubufakazi obucacile bothando lobuzalwane.—Johane 13:35.
AmaKristu akanye nalo mkhaya awunika nezambatho, ukudla nemali. Ubaba wakhona uthi: “Lokhu kwenzeka ngesikhathi sikaKhisimusi lapho bonke abantu bephana izipho, kodwa singasho ngobuqotho ukuthi akekho umuntu owaphiwa ngobuqotho nangomusa omkhulu kunathi.” Futhi bayanezela: “Kancane kancane siya sikhohlwa ngomlilo futhi esikhundleni sawo sikhumbula izenzo zomusa nabangane abaqotho. Siyambonga uBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova, ngokuthi sinomkhaya wabafowethu omuhle kangaka nobumbene emhlabeni, futhi siyabonga ngokuthi siyingxenye yawo!”
Yiqiniso, akwenzeki kuzo zonke izinhlekelele ezinjengalena ukusiza ngale ndlela, futhi akukhona ukuthi kulindelekile. Kodwa ngokuqinisekile lesi senzakalo sibonisa ukusekela ibandla elingase likunikeze.
Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu
Abanye baye bathola omunye umthombo wosizo namandla ebandleni lobuKristu. Uyini lowo mthombo? Izincwadi ezilungiselelwe “yisigqila esikholekile nesiqondayo.” Ezivelele kulezi omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ukuze banikeze iseluleko esinokuqonda nemfundo esebenzisekayo, lab’ omagazini bancika ngokuyinhloko ekuhlakanipheni kwaphezulu okutholakala eBhayibhelini. (IHubo 119:105) Ukwaziswa okungokomBhalo kugcwaliselwa ngokucwaninga ngobuqotho nangendlela enegunya izindaba ezinjengokucindezeleka engqondweni, ukululama ngemva kokuxhashazwa, izinkinga ezihlukahlukene zenhlalo nezomnotho, izinselele intsha ebhekana nazo nezinkinga zasemazweni asathuthuka. Ngaphezu kwakho konke, lezi zincwadi zisekela indlela kaNkulunkulu njengeyindlela yokuphila engcono kunazo zonke.—Isaya 30:20, 21.
Unyaka ngamunye, i-Watch Tower Society ithola izinkulungwane zezincwadi zokwazisa. Ngokwesibonelo, mayelana nesihloko se-Phaphama! esikhuluma ngokuzibulala, insizwa ethile yaseRussia yabhala: “Ngenxa yokuthi ngivame ukucindezeleka, . . . sekukaningi ngicabanga ukuzibulala. Lesi sihloko saqinisa inkolelo yami yokuthi uNkulunkulu uzongisiza ngisingathe izinkinga zami. Ufuna ngiphile. Ngiyambonga ngokungisekela kwakhe ngalesi sihloko.”
Uma izinkathazo eziqhubekayo zaleli zwe zibonakala zinzima kakhulu ukuba ubhekane nazo, ungaqiniseka ukuthi kunendawo ephephile ebandleni lobuKristu. Yebo, uma ugwadule olomile lwalesi simiso esingenaluthando lukuqeda amandla, ungathola ichibi eliqabulayo enhlanganweni kaJehova. Ngemva kokuthola ukusekelwa okunjalo, nawe ungenanela imizwa yowesifazane ongumKristu owabhekana ngokuphumelelayo nokugula okukhulu komyeni wakhe, wayesebhala: “Ngenxa yothando nokukhathalela esaboniswa kona, ngizizwa sengathi uJehova wayesibeke entendeni yesandla sakhe phakathi nalesi sikhathi sosizi. Angive ngibonga ngokuba yingxenye yenhlangano kaJehova emangalisayo!”
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Izithombe ekhasini 26]
Singabanika usizo oluqinisayo abagulayo, abashonelwe, nabanye