Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 5/1 kk. 18-22
  • Qinisanani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qinisanani
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Usizo Oluqinisayo”
  • Okwenza UPawulu Wadinga “Usizo Oluqinisayo”
  • Indlela Yokuba “Usizo Oluqinisayo”
  • Indlela Ibandla Elingasiza Ngayo
  • UJehova—UMthombo Oyinhloko Wamandla
  • Siza Abanye Bahambe Ngokufanele UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ibandla LobuKristu—Umthombo Wosizo Oluqinisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • UJehova Unika Okhatheleyo Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • AmaKristu Ayadingana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 5/1 kk. 18-22

Qinisanani

“Bona kanye laba babe usizo oluqinisayo kimi.”—KOLOSE 4:11.

1, 2. Kungani abangane bakaPawulu bamvakashela ejele nakuba kwakunezingozi?

KUNGABA ingozi ukuba ngumngane womuntu ogqunywe ejele—ngisho noma lowo mngane wakho eboshwe ngokungafanele. Iziphathimandla zasejele zingase zingakwethembi, zikubheke ngeso elibukhali konke okwenzayo ukuze ziqiniseke ukuthi akukho bugebengu obenzayo. Ngakho, kungadinga isibindi ukulokhu uxhumana nomngane wakho futhi umvakashela ejele.

2 Nokho, ilokho kanye abanye babangane bomphostoli uPawulu abakwenza eminyakeni engaba ngu-1 900 edlule. Abanqikazanga ukuvakashela uPawulu ngesikhathi eboshiwe ukuze bamnike induduzo nesikhuthazo ayesidinga futhi bamqinise ngokomoya. Kwakungobani laba bangane abaqotho? Futhi yini esingayifunda ekubeni kwabo nesibindi, ubuqotho nasebunganeni babo?—IzAga 17:17.

“Usizo Oluqinisayo”

3, 4. (a) Obani abangane bakaPawulu abahlanu, futhi baba yini kuye? (b) Yini “usizo oluqinisayo”?

3 Ake sibuyele emuva ngasonyakeni ka-60 C.E. Umphostoli uPawulu usejele eRoma ngecala lamanga lokuvukela umbuso. (IzEnzo 24:5; 25:11, 12) UPawulu ubala amaKristu amahlanu ama ngakuye: UThikhiku wasesifundeni sase-Asiya, owayeyisithunywa sakhe siqu ‘nenceku ekanye naye eNkosini’; u-Onesimu waseKolose, ‘umfowabo othembekile nothandekayo’; u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika, owayeke waba “isiboshwa esikanye” noPawulu; uMarku, umzala kaBarnaba isithunywa sevangeli kanye noPawulu, futhi owaloba iVangeli elibizwa ngegama lakhe; noJustu, omunye wababeyizisebenzi kanye noPawulu “ngenxa yombuso kaNkulunkulu.” UPawulu uthi ngalaba abahlanu: “Bona kanye laba babe usizo oluqinisayo kimi.”—Kolose 4:7-11.

4 UPawulu washo amazwi anamandla mayelana nosizo laba bangane bakhe abaqotho abamnika lona. Wasebenzisa igama lesiGreki (pa·re·go·riʹa) elihunyushwe ngokuthi “usizo oluqinisayo,” elitholakala kuleli vesi kuphela eBhayibhelini. Leli gama linezincazelo eziningi futhi lalisetshenziswa ikakhulu kwezokwelapha.a Lingahunyushwa ngokuthi ‘induduzo, ukudambisa, noma impumuzo.’ UPawulu wayedinga lolo hlobo lokuqiniswa, futhi la madoda amahlanu amnika lona.

Okwenza UPawulu Wadinga “Usizo Oluqinisayo”

5. Nakuba ayengumphostoli, yini uPawulu ayidinga, futhi yini sonke esiyidingayo ngezikhathi ezithile?

5 Kungase kubamangalise abanye ukuthi uPawulu, umphostoli, wakudinga ukuqiniswa. Kanti-ke wakudinga. Yiqiniso ukuthi uPawulu wayenokholo oluqinile, futhi wayeseke wahlukunyezwa kakhulu emzimbeni, ethola ‘amagalelo ngokweqile,’ eba ‘sonqenqemeni lokufa kaningi’ ezwa nezinye izinhlungu. (2 Korinte 11:23-27) Noma kunjalo, wayengumuntu, futhi bonke abantu ngezikhathi ezithile bayayidinga induduzo nokuqiniswa ukholo ngosizo lwabanye. Kwakunjalo ngisho nangoJesu. Ngobusuku bakhe bokugcina, kwabonakala kuye ingelosi eGetsemane “yamqinisa.”—Luka 22:43.

6, 7. (a) ERoma, obani abamdumaza uPawulu, futhi obani abamkhuthaza? (b) Hlobo luni losizo abafowabo bakaPawulu abangamaKristu abamnika lona eRoma, ngaleyo ndlela beba “usizo oluqinisayo”?

6 UPawulu naye wakudinga ukuqiniswa. Lapho efika eRoma eyisiboshwa, abantu bakubo abamamukelanga ngemfudumalo. Iningi lala maJuda lalingasamukeli isigijimi soMbuso. Ngemva kokuba amadoda avelele kumaJuda evakashele uPawulu lapho ayeboshwe khona, ukulandisa okusencwadini yezEnzo kuthi: “Abanye baqala ukuzikholwa izinto ezazishiwo; abanye babengakholwa. Ngakho, ngenxa yokuthi babengavumelani, bamuka.” (IzEnzo 28:17, 24, 25) Kumelwe ukuthi ukuntula kwabo ukwazisa ngomusa kaJehova ongafanelwe kwamzwisa ubuhlungu obukhulu uPawulu. Indlela azizwa ngayo ngale ndaba ibonakala encwadini ayeyibhalele ibandla laseRoma eminyakeni embalwa ngaphambili: “Nginosizi olukhulu nobuhlungu obungapheli enhliziyweni yami. Ngoba bengingafisa sengathi ngabe mina ngokwami ngihlukanisiwe noKristu njengoqalekisiwe ngenxa yabafowethu [amaJuda], izihlobo zami ngokwenyama.” (Roma 9:2, 3) Noma kunjalo, wabathola abangane abaqotho beqiniso eRoma, abasibindi sabo nothando lwabo lwabuthoba ubuhlungu benhliziyo yakhe. Babengabafowabo bangempela abangokomoya.

7 Baba kanjani usizo oluqinisayo labo bazalwane abahlanu? Abavumanga ukuba ukuboshwa kukaPawulu kubenze bamgweme. Esikhundleni salokho, ngothando nangokuzithandela babemenzela izinto ayengakwazi ukuzenzela zona njengoba ayeboshiwe. Ngokwesibonelo, babeyizithunywa zikaPawulu bemhambisela izincwadi nemiyalezo yomlomo emabandleni ahlukahlukene; babeletha imibiko ekhuthazayo kuPawulu ngenhlala-kahle yabazalwane eRoma nakwezinye izindawo. Kungenzeka babemtholela nezinto ayezidinga, njengezingubo zasebusika, imiqulu nezinto zokubhala. (Efesu 6:21, 22; 2 Thimothewu 4:11-13) Zonke lezo zenzo eziwusizo zamqinisa futhi zamkhuthaza lo mphostoli owayeboshiwe, kangangokuthi naye waba “usizo oluqinisayo” kwabanye, kuhlanganise namabandla ephelele.—Roma 1:11, 12.

Indlela Yokuba “Usizo Oluqinisayo”

8. Isiphi isifundo esingasifunda ekuvumeni kukaPawulu ngokuthobeka ukuthi wayeludinga “usizo oluqinisayo”?

8 Yini esingayifunda kule ndaba kaPawulu nalezi zisebenzi ezinhlanu ayekanye nazo? Ake sibheke isifundo esisodwa ngokukhethekile: Kudinga isibindi nokuzidela ukusiza umuntu osebunzimeni. Ngaphezu kwalokho, kudinga ukuzithoba ukuvuma ukuthi nathi singaludinga usizo ngezikhathi zokucindezeleka. UPawulu akagcinanga ngokuvuma ukuthi wayeludinga usizo kodwa futhi walwamukela ngokwazisa futhi wabatusa labo ababemnika lona. Akakubhekanga njengophawu lokuba buthaka noma njengento emehlisayo ukwamukela usizo kwabanye, nathi akufanele sikubheke kanjalo. Uma singathi akwenzeki sidinge usizo oluqinisayo singabe sisho ukuthi sinamandla angaphezu kwavamile. Khumbula, isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi ngisho nomuntu ophelele ngezinye izikhathi kungase kudingeke akhalele usizo.—Hebheru 5:7.

9, 10. Imuphi umphumela omuhle ongaba khona lapho umuntu evuma ukuthi uyaludinga usizo, futhi lokhu kungaba naliphi ithonya kwabanye emkhayeni nasebandleni?

9 Kungaba nemiphumela emihle uma labo abaholayo bevuma ukuthi nabo kukhona abangakwazi ukukwenza nokuthi bathembele ekusekelweni abanye. (Jakobe 3:2) Ukuvuma kanjalo kuyabuqinisa ubuhlobo phakathi kwalabo abasegunyeni nalabo abangaphansi kwalelo gunya, okukhuthaza ukukhulumisana okuhle nokukhululekile. Ukuthobeka kwalabo abavumayo ukwamukela usizo kuba yisifundo kwabanye abasesimweni esifanayo. Kubonisa ukuthi labo abaholayo nabo bangabantu futhi bayangeneka.—UmShumayeli 7:20.

10 Ngokwesibonelo, izingane zingakuthola kulula ukwamukela usizo ezilunikwa abazali ekubhekaneni nezinkinga nezilingo uma zazi ukuthi abazali bazo nabo bábhekana nezinkinga ezifanayo beseyizingane. (Kolose 3:21) Ngaleyo ndlela, kungaba khona ukukhulumisana okuhle phakathi komzali nengane. Izixazululo ezingokomBhalo zinganikezwa ngokuphumelelayo futhi zamukelwe kalula. (Efesu 6:4) Ngokufanayo, amalungu ebandla ayozimisela ukwamukela usizo kubadala uma eqaphela ukuthi abadala nabo banazo izinkinga, izinto abazesabayo nezibadidayo. (Roma 12:3; 1 Petru 5:3) Nalapha futhi, kungaba khona ukukhulumisana okuhle, kunikezwe iseluleko esingokomBhalo, umphumela ube ukuqina kokholo. Masikhumbule ukuthi manje abafowethu nodadewethu bakudinga kakhulu ukuqiniswa.—2 Thimothewu 3:1.

11. Kungani bebaningi kangaka namuhla abadinga “usizo oluqinisayo”?

11 Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, singobani, noma ukuthi sibadala kangakanani, sonke siyobhekana nokucindezeleka ekuphileni ngezikhathi ezithile. Linjalo izwe lanamuhla. (IsAmbulo 12:12) Izimo ezinjalo ezihlukumezayo ngokomzimba nangokomzwelo zivivinya izinga lokholo lwethu. Kungavela izimo ezivivinyayo emsebenzini, esikoleni, ekhaya, noma ebandleni. Zingabangelwa ukugula okubi noma into ebuhlungu eyenzeka esikhathini esidlule. Uma oshade naye, umdala noma umngane ekukhuthaza ngamazwi omusa nangezenzo zokusiza—akuve kungathoba lokho. Phela kufana namafutha athobayo esikhunjeni esigazukile! Ngakho uma ubona omunye wabafowenu esesimweni esinjalo, yiba usizo oluqinisayo kuye. Noma, uma ukhungethwe inkinga ethile ecindezelayo, cela usizo kwabafanelekayo ngokomoya.—Jakobe 5:14, 15.

Indlela Ibandla Elingasiza Ngayo

12. Yini ngamunye ebandleni angayenza ukuze aqinise abafowabo?

12 Bonke ebandleni, kuhlanganise nabasebancane, bangenza okuthile ukuze baqinise abanye. Ngokwesibonelo, ukuba khona kwakho njalo emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini kwenza lukhulu ekuqiniseni ukholo lwabanye. (Hebheru 10:24, 25) Ukuqinisela kwakho enkonzweni engcwele kuwubufakazi bobuqotho bakho kuJehova futhi kubonisa ukuthi uhlala uphapheme ngokomoya naphezu kobunzima okungenzeka ubhekene nabo. (Efesu 6:18) Lokho kuqinisela kungabaqinisa abanye.—Jakobe 2:18.

13. Yini engenza abanye bangabe besahlanganyela, futhi yini engenziwa ukuze basizwe?

13 Ngezinye izikhathi, izingcindezi zokuphila noma obunye ubunzima kungabangela abanye ukuba banciphise ijubane noma bangabe besahlanganyela enkonzweni yasensimini. (Marku 4:18, 19) Kungenzeka ukuthi asisababoni abapholile emihlanganweni yebandla. Nokho, cishe basenalo uthando ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Yini engenziwa ukuze baqiniswe ukholo? Ngomusa abadala bangabasiza ngokubavakashela. (IzEnzo 20:35) Namanye amalungu ebandla angacelwa ukuba asize. Ukuvakashelwa ngothando okunjalo kungaba yilona khambi elidingekayo ukuze kuvuselelwe ababuthaka okholweni.

14, 15. Isiphi iseluleko uPawulu asinikezayo ngokuqinisa abanye? Nikeza isibonelo sebandla elasisebenzisa lesi seluleko.

14 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, sisekele ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:14) Mhlawumbe leyo ‘miphefumulo ecindezelekile’ ithola ukuthi amandla ayo ayaphela futhi ayikwazi ukunqoba izithiyo ebhekene nazo ngaphandle kosizo. Ingabe ungasiza? Inkulumo ethi “nisekele ababuthakathaka” iye yahunyushwa ngokuthi “ukubambelela” noma “ukunamathela” kwababuthakathaka. UJehova uzithanda zonke izimvu zakhe futhi ziyigugu kuye. Akazibheki njengezingasho lutho, futhi akafisi ukuba nayinye iyeke ukumkhonza. Ungalisiza yini ibandla ‘libambelele’ kwababuthakathaka ngokomoya baze baqine?—Hebheru 2:1.

15 Omunye umdala wavakashela umbhanqwana oshadile okwase kuyiminyaka eyisithupha upholile. Lo mdala uyabhala: “Ukukhathalelwa ngomusa nangothando lo mbhanqwana owakuboniswa yilo lonke ibandla kwaba nethonya elikhulu kangangokuthi kwawushukumisela ukuba ubuyele emhlambini.” Lo dade owayesepholile wazizwa kanjani ngokuhanjelwa amalungu ebandla? Manje uthi: “Okwasisiza saphinde sahlanganyela ukuthi akekho kubazalwane ababesivakashela noma kodade ababehamba nabo owayebonisa isimo sokusahlulela noma sokusigxeka. Kunalokho, babesiqonda isimo futhi besikhuthaza ngemiBhalo.”

16. Ubani ohlale ekulungele ukusiza abadinga ukuqiniswa?

16 Yebo, umKristu oqotho uyakujabulela ukuba usizo oluqinisayo kwabanye. Futhi njengoba izimo zishintsha ekuphileni kwethu, nathi singase sithole ukuqiniswa abafowethu. Nokho, kumelwe silivume iqiniso lokuthi kungenzeka kungabi khona muntu ongasisiza lapho sidinga usizo. Noma kunjalo, ukhona onguMthombo wamandla ohlale ekhona, ohlale ezimisele ukusiza, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 27:10.

UJehova—UMthombo Oyinhloko Wamandla

17, 18. UJehova wayiqinisa kanjani iNdodana yakhe, uJesu Kristu?

17 Lapho ebethelwe esigxotsheni, uJesu wamemeza: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.” (Luka 23:46) Wabe esefa. Emahoreni ambalwa nje ngaphambi kwalokho, wayeboshiwe futhi abangane bakhe abaseduze babemshiyile babaleka ngenxa yokwesaba. (Mathewu 26:56) UJesu wasala yedwa noMthombo owodwa kuphela wamandla—uYise wasezulwini. Noma kunjalo, ukuthembela kwakhe kuJehova akubanga yize. Ngenxa yobuqotho bakhe kuYise, uJesu wavuzwa ngokusekelwa uJehova ngobuqotho.—IHubo 18:25; Hebheru 7:26.

18 Kuyo yonke inkonzo yayo yasemhlabeni, uJehova wanika iNdodana yakhe, uJesu, lokho eyayikudinga ukuze igcine ubuqotho kuze kube ngomzuzu wokugcina. Ngokwesibonelo, ngemva nje kokuba ebhapathiziwe, okwakuphawula ukuqala kwenkonzo yakhe, uJesu wezwa izwi likaYise lithi uyamamukela futhi liqinisekisa uthando lwaKhe ngaye. Lapho uJesu edinga ukusekelwa, uJehova wathuma izingelosi ukuba zimqinise. Lapho ebhekene novivinyo olukhulu kunalo lonke ekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJehova wazizwa ngomusa izicelo zakhe nokunxusa kwakhe. Nakanjani konke lokhu kwakuwusizo oluqinisayo kuJesu.—Marku 1:11, 13; Luka 22:43.

19, 20. Singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyosiqinisa lapho sidinga usizo?

19 UJehova ufuna ukuba nguMthombo oyinhloko wamandla nakithi. (2 IziKronike 16:9) UJehova, uMthombo wangempela wawo wonke amandla, angaba usizo oluqinisayo kithi lapho sidinga usizo. (Isaya 40:26) Impi, ubumpofu, ukugula, ukufa noma ukungapheleli kwethu ngokwethu kungasicindezela kakhulu. Lapho izinkathazo zokuphila sezibonakala zisinqoba ‘njengesitha esinamandla,’ uJehova angaba izikhwepha namandla ethu. (IHubo 18:17; Eksodusi 15:2) Usilungiselele usizo olunamandla—umoya wakhe ongcwele. Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova anganika “okhatheleyo amandla” ukuze ‘akhuphuke ngamaphiko njengezinkozi.’—Isaya 40:29, 31.

20 Umoya kaNkulunkulu ungamandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke. UPawulu wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” Yebo, uBaba wethu osezulwini onothando angasinika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze sikwazi ukukhuthazelela zonke izinkinga ezibuhlungu kuze kube yilapho enza “konke kube kusha” ePharadesi alithembisile eseliseduze kangaka.—Filipi 4:13; 2 Korinte 4:7; IsAmbulo 21:4, 5.

[Umbhalo waphansi]

a I-Vine’s Complete Expository Dictionary of Old and New Testament Words, kaW. E. Vine, ithi: “Isimo esiyisenzo saleli gama [pa·re·go·riʹa] sisho imithi ethobayo.”

Uyakhumbula?

• Abazalwane baseRoma baba kanjani “usizo oluqinisayo” kuPawulu?

• Yiziphi izindlela esingaba ngazo “usizo oluqinisayo” ebandleni?

• UJehova uba kanjani uMthombo wethu wamandla oyinhloko?

[Isithombe ekhasini 18]

Abazalwane bába “usizo oluqinisayo” kuPawulu ngokumsekela ngobuqotho, ngokumkhuthaza nangokumenzela izinto ayengakwazi ukuzenzela zona

[Isithombe ekhasini 21]

Abadala bayahola ekuqiniseni umhlambi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela