Jabulani KuJehova, Nethabe
UKUQEDA ngempumelelo noma imuphi umsebenzi ofanelekayo kuba isikhathi senjabulo njalo. Isimiso esaqhutshwa ngo-March 13, 1999, eWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, ngokuqinisekile saba isenzakalo esinjalo kubafundi abangu-48 bekilasi le-106 leWatchtower Bible School of Gilead.
Amazwi okuvula kaTheodore Jaracz, oyilungu leNdikimba Ebusayo, owathweswa iziqu ekilasini lesi-7 laseGileyadi nowayengusihlalo wesimiso sokuthwesa iziqu, aqokomisa amazwi eHubo 32:11 athi: “Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo.” Echaza ukuthi kungani kwakufaneleka ukuba wonke umuntu ajabule kulesi senzakalo, wathi: “Ezenzakalweni ezinjengalezi sijabula ngenxa yalokho uJehova akufezayo ngabalungileyo, kuhlanganise nabafundi bethu balapha eGileyadi.” Nakuba kungabafundi abenza amalungiselelo okuza eSikoleni SaseGileyadi futhi bezikhandla ngenkuthalo ukuze bayifanelekele inkonzo yezithunywa zevangeli, nguJehova owenza konke kufinyelele esiphethweni esiyimpumelelo. (IzAga 21:5; 27:1) UMfoweth’ uJaracz wagcizelela ukuthi lokho yikho okwenza ‘sijabule kuJehova.’
Phakathi kwalabo ababesehholo lasePatterson kwakunamalungu emikhaya nalabo ababemenywe abafundi ababevela emazweni angu-12 bezobona lesi senzakalo esijabulisayo. Njengoba kwakulindelwe isimiso esasizolandela, kwakuzwakala umoya wenjabulo kubo bonke abangu-5 198 ababekhona—kuhlanganise namalungu omkhaya waseBethel aseBrooklyn, ePatterson naseWallkill, ayexhunyaniswe ngezingcingo, ekwazi ukuzwa nokubona.
Banxuswa Ukuba Balondoloze Umoya Wenjabulo
Lapho uMfoweth’ uJaracz esonga amazwi akhe okuvula, wethula isikhulumi sokuqala ezikhulumini ezinhlanu ezazibalungiselele isiyalo esikhuthazayo esingokomBhalo labo ababethweswa iziqu eGileyadi kuhlanganise nabo bonke ababekhona.
Kwaqala uWilliam Malenfant, owathweswa iziqu ekilasini lama-34 laseGileyadi, manje okhonza njengomsizi eKomitini Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo. Ngokuphathelene nesihloko sakhe esasithi “Akukhona ‘Konke’ Okuyize!” esisekelwe kumShumayeli 1:2, wabuza: “Ingabe uSolomoni wayesho ukuthi konke, ngomqondo ophelele waleli gama, kuyize?” Ephendula wathi: “Cha. Wayesho ukuthi imisebenzi yabantu eyishaya indiva intando yaphezulu, imisebenzi engahlangene nentando yaphezulu—konke lokho kuyize.” Ngokuphambene, ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso uJehova akulona ize; kungokufanayo nangokutadisha iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli nokulifundisa abanye. UNkulunkulu akayikhohlwa imizamo enjalo eyenziwa izinceku zakhe. (Heberu 6:10) Empeleni, ngisho noma labo abaye bathola umusa kuNkulunkulu bengase behlelwe usizi, ‘bayobe beboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova.’ (1 Samuweli 25:29) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukucabanga ngalokho! Ukukhumbula la maqiniso kungasiza bonke abakhulekeli bakaJehova ukuba balondoloze umoya wenjabulo.
UJohn Barr oyilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuthaza ikilasi elithweswa iziqu ngenkulumo ethi “Thola Injabulo Esabelweni Sakho Sezithunywa Zevangeli.” Wabonisa ukuthi inkonzo yezithunywa zevangeli ingokuthile uJehova uNkulunkulu abelokhu ekwazisa kakhulu. “Ingokuthile okuhlangene kakhulu nokubonakalisa kukaJehova uthando lwakhe ngezwe. Wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa kulo mhlaba. UJesu wayeyisithunywa sevangeli esikhulu nesivelele kunazo zonke.” Nakuba ababethweswa iziqu kwakungabazuzisa ukucabanga ngoshintsho uJesu okwadingeka alwenze ukuze aphumelele esabelweni sakhe sasemhlabeni, izinzuzo zenkonzo kaJesu yokuba isithunywa sevangeli zisengabazuzisa nabanye. UMfoweth’ uBarr wathi lokhu kungenxa yokuthi uJesu wayekujabulela ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, futhi wayewathanda amadodana abantu. (IHubo 8:30, 31) UMfoweth’ uBarr wanxusa ababethweswa iziqu ukuba banamathele ezabelweni zabo, hhayi ngoba nje bekhuthazela, kodwa ngenxa yokukujabulela ukwenza kanjalo. Wancenga ikilasi: “Ncikani kuJehova; ngeke anidumaze.”—IHubo 55:22.
Isikhulumi esalandela, uLloyd Barry, elinye lamalungu eNdikimba Ebusayo, sasikhethe isihloko esithi “Ukuhamba Ngegama LikaJehova Phakade.” Njengoba ayekhonze njengesithunywa sevangeli iminyaka engaphezu kuka-25 eJapane ngemva kokuphothula ekilasini le-11 laseGileyadi, uMfoweth’ uBarry waxoxa ngezinye zezinto izithunywa zevangeli zakuqala ezazibhekana nazo, wachaza nezinselele zazo. Isiphi iseluleko esiwusizo ayesiphathele ikilasi elalithweswa iziqu? “Ngaphezu kwakho konke, londoloza ingokomoya. Nakhu okunye, funda ulimi nesiko. Qhubeka ukwazi ukubona izinto ezihlekisayo. Futhi bambelela emsebenzini; ungakhathali noma uphele amandla.” UMfoweth’ uBarry watshela ababethweswa iziqu ukuthi ezabelweni zabo zakwamanye amazwe, babeyohlangana nabantu abaningi abahamba ngegama lawonkulunkulu abahlukahlukene, wabe esebakhumbuza amazwi kaMika athi: “Bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.” (Mika 4:5) Isibonelo sezithunywa zevangeli zangesikhathi esidlule ngokuqinisekile sizikhuthaza ngokunamandla zonke izinceku zikaNkulunkulu ukuba ziqhubeke zihamba ngegama likaJehova futhi zimkhonze ngokwethembeka.
Owalandela esimisweni kwaba ofundisayo eGileyadi uLawrence Bowen. Isihloko senkulumo yakhe sasiwumbuzo othi, “Uyoba Yini?” Wabonisa ukuthi ukuphumelela enkonzweni kaNkulunkulu kuxhomeke ekubeni nokholo nasekuthembeleni kuJehova. Ukuncika ngokuphelele kuJehova kwenza iNkosi u-Asa yawanqoba ngokuphumelelayo amabutho ezitha ayeyisigidi. Nokho umprofethi u-Azariya wayikhumbuza ngesidingo sokuqhubeka incika kuNkulunkulu, wathi: “UJehova unani, uma ninaye.” (2 IziKronike 14:9-12; 15:1, 2) Njengoba igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, linomqondo wokuthi uba yinoma yini edingekayo ukuze afeze injongo yakhe—kungakhathaliseki ukuthi lokho kusho ukuthi abe uMondli, uMvikeli, noma ngisho noMahluleli—izithunywa zevangeli ezincika kuJehova futhi zisebenze ngokuvumelana nenjongo yakhe ziyophumelela ezabelweni zazo. (Eksodusi 3:14) UMfoweth’ uBowen waphetha ngokuthi: “Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uma nje usenza injongo kaJehova ibe injongo yakho, uyokwenza ukuba ube yinoma yini edingekayo ukuze ufeze isabelo sakho.”
Isikhulumi sokugcina kule ngxenye yesimiso kwakunguWallace Liverance, owayeyisithunywa sevangeli ngaphambili nosebhalisa esikoleni manje. Inkulumo yakhe, enesihloko esithi “Gcina IZwi LikaNkulunkulu Liphila Futhi Lisebenza Kuwe,” yakhuluma ngesigijimi noma isithembiso sikaNkulunkulu esingahluleki esilokhu siqhubekela phambili ekugcwalisekeni. (Heberu 4:12) Sithonya ukuphila kwalabo abasivumelayo ukuba senze kanjalo. (1 Thesalonika 2:13) Lelo zwi lingagcinwa kanjani liphila futhi lisebenza ekuphileni kwethu? Ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo. UMfoweth’ uLiverance wakhumbuza ababethweswa iziqu ngezindlela zokutadisha iBhayibheli abazifunde eGileyadi ezihlanganisa ukufunda nokuthola umqondo weZwi likaNkulunkulu nendlela elisebenza ngayo. Wacaphuna amazwi ka-Albert Schroeder, oyilungu leNdikimba Ebusayo owayekhonza njengosihlalo wekomiti eyamisa iSikole SaseGileyadi eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule, athi: “Ngokusebenzisa umongo, umuntu uyakwazi ukuthola amandla agcwele angokomoya nokunemba okulungiselelwe uNkulunkulu eZwini lakhe.” Le ndlela yokutadisha iBhayibheli igcina iZwi likaNkulunkulu liphila futhi lisebenza.
Okuhlangenwe Nakho Okujabulisayo Nezingxoxo
Ngemva kwezinkulumo, izilaleli zajabulela ukuzwa ezinye zezinto ezijabulisayo abafundi ababeye babhekana nazo. Liqondiswa uMark Noumair, owayeyisithunywa sevangeli nosefundisa eGileyadi, iqembu labafundi lalandisa futhi labonisa indlela elazama ngayo ukufakaza ezimweni ezihlukahlukene. Abanye babephumelele ukuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu ensimini ngokuphawula izimo zabo nalokho abakushoyo nangokubonisa isithakazelo kubo. Ngakho abafundi ‘babezinaka njalo bona nokufundisa kwabo’ futhi babenesithakazelo ngempela ekusizeni abanye bazuze insindiso.—1 Thimothewu 4:16.
Kwanikezwa ukusikisela okuningi okuwusizo, futhi abazalwane abaningana abanokuhlangenwe nakho, ababeqeqeshwa esikoleni samalungu amakomiti amagatsha esasiseWatchtower Educational Center, bakwenza kwaba sobala ukuthi inkonzo yezithunywa zevangeli iyajabulisa. UMfoweth’ uSamuel Herd noMfoweth’ uRobert Johnson abasebenza endlunkulu baxoxa ngendlela eshukumisayo nabameleli bamahhovisi amagatsha eNhlangano, elaseBolivia, eZimbabwe, eNicaragua, eCentral African Republic, eDominican Republic, ePapua New Guinea nelaseCameroon.
Ngemva kokuzwa lokho abafundi abaye babhekana nakho kanye nezingxoxo, uGerrit Lösch, owathweswa iziqu ekilasini lama-41 laseGileyadi noseyilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo yokugcina eyayinesihloko esishukumisa ingqondo esithi “Ingabe ‘Ungumuntu Othandekayo’?” UMfoweth’ uLösch waqala ngokukhumbuza ababethweswa iziqu ukuthi abantu abazange bambheke njengothandekayo uJesu, iNdodana kaNkulunkulu ephelele, kodwa ‘wayedeleliwe, washiywa ngabantu.’ (Isaya 53:3) Ngakho akumangazi ukuthi namuhla emazweni amaningi omhlaba, izithunywa zevangeli azamukeleki. Ngakolunye uhlangothi, phakathi neminyaka eminingi uDaniyeli ekhonza eBabiloni, uMdali wambiza izikhathi ezintathu ngokuthi ‘othandekayo’ esebenzisa ingelosi. (Daniyeli 9:23; 10:11, 19) Yini eyenza uDaniyeli waba njalo? Lapho ezivumelanisa nesiko laseBabiloni, akazange ayekethise ezimisweni zeBhayibheli; wathembeka ngazo zonke izindlela, engasebenzisi isikhundla sakhe ukuze azizuzise; futhi wayengumfundi oshisekayo weZwi likaNkulunkulu. (Daniyeli 1:8, 9; 6:4; 9:2) Futhi wayethandaza njalo kuJehova futhi eshesha ukukhazimulisa uNkulunkulu ngalokho ayekufeza. (Daniyeli 2:20) Ngokulandela isibonelo sikaDaniyeli, izinceku zikaNkulunkulu zingaba ezithandekayo, hhayi ezweni, kodwa kuJehova uNkulunkulu.
Ephetha lesi simiso esingokomoya esikhuthazayo, usihlalo wafunda ezinye zezincwadi zocingo nemiyalezo eyayivela emhlabeni wonke. Khona-ke, ngamunye wemibhangqwana engu-24 wathola isitifiketi sawo, kwamenyezelwa nezwe owawabelwe kulo. Ekugcineni, owayemelele ikilasi wafunda incwadi ebhalelwe iNdikimba Ebusayo nomkhaya waseBethel, ezwakalisa ukwazisa ikilasi elinakho ngokuqeqeshwa nokwenziwa kwalo lilungele izabelo zalo ezinyangeni ezinhlanu ezidlule.
Lapho isimiso siphela, kwakuzwakala ‘ukuthokoza nokubonga’ esixukwini esase sihamba.—Nehemiya 12:27.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Imininingwane Yekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 10
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 19
Inani labafundi: 48
Inani lemibhangqwana eshadile: 24
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13
[Isithombe ekhasini 25]
Ikilasi Le-106 Elithweswe Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Deakin, D.; Puopolo, M.; Laguna, M.; Davault, S.; Dominguez, E.; Burke, J. (2) Gauter, S.; Vazquez, W.; Seabrook, A.; Mosca, A.; Helly, L.; Breward, L. (3) Brandon, T.; Olivares, N.; Coleman, D.; Scott, V.; Petersen, L.; McLeod, K. (4) McLeod, J.; Thompson, J.; Luberisse, F.; Speta, B.; Lehtimäki, M.; Laguna, J. (5) Gauter, U.; Dominguez, R.; Helly, F.; Smith, M.; Beyer, D.; Mosca, A. (6) Scott, K.; Seabrook, V.; Spe- ta, R.; Coleman, R.; Breward, L.; Davault, W. (7) Smith, D.; Lehtimäki, T.; Petersen, P.; Thompson, G.; Vaz- quez, R.; Beyer, A. (8) Luberisse, M.; Deakin, C.; Brandon, D.; Puopolo, D; Olivares, O.; Burke, S.