ISikole SaseGileyadi Iminyaka Engu-60 Yokuqeqesha Izithunywa Zevangeli
“NGENXA yokutadisha kwethu iBhayibheli ngokujulile, sasondela eduze noJehova futhi safunda okwengeziwe ngenhlangano yakhe. Lokhu kwasilungiselela ukuphila esabelweni sakwelinye izwe.” Wayichaza kanjalo imfundo ayithola e-Watchtower Bible School of Gilead omunye owathweswa iziqu ekilasini lokuqala. Kusukela samiswa eminyakeni engu-60 edlule, iSikole SaseGileyadi besilokhu sithumela izithunywa zevangeli. Ngo-March 8, 2003, kwathwesa iziqu ikilasi le-114 e-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York. Abangu-6 404 ababebuthene ehholo nasezindaweni ezazixhunywe nge-satellite babelalele ngokucophelela isimiso esasinezinkulumo, izingxoxo nabathile, kanye nengxoxo neqembu.
UTheodore Jaracz, ilungu leNdikimba Ebusayo, wayengusihlalo. Amazwi akhe okuvula áveza ukuthi izilaleli ezikhona zixube izinhlanga, kukhona izivakashi ezivela e-Asia, eCaribbean, eMelika Ephakathi neseNingizimu kanye naseYurophu. Esekela lokho ayekusho kweyesi-2 Thimothewu 4:5, uMzalwan’ uJaracz wagcizelela umsebenzi oyinhloko wesithunywa sevangeli esiqeqeshwe eGileyadi—‘ukwenza umsebenzi womvangeli.’ Izithunywa zevangeli zifakazela iqiniso ngokufundisa abantu iBhayibheli.
Abafundi Bathola Iziyalo Zokugcina
Enkulumweni yokuqala ochungechungeni lwezinkulumo ezimfushane, uJohn Larson, ilungu leKomiti Yegatsha lase-United States, wakhuluma ngesihloko esiqinisa ukholo esithi: “Uma UNkulunkulu Engakithi, Ubani Oyomelana Nathi?” (Roma 8:31) Isikhulumi sachaza izizathu zeBhayibheli zokuba abafundi bathembele ngokuphelele emandleni kaJehova okubasiza ukuba banqobe noma iziphi izithiyo abangase bahlangabezane nazo ezabelweni zabo. Esebenzisa eyabaseRoma 8:38, 39, uMzalwan’ uLarson waluleka abafundi wathi: “Yimani nicabange ngamandla kaNkulunkulu awasebenzisayo ukuze anisize, futhi nikhumbule ukuthi akukho okungaqeda uthando uJehova analo ngani.”
Isikhulumi esalandela esimisweni kwakunguGuy Pierce, ilungu leNdikimba Ebusayo. Wakhetha isihloko esithi “Gcina Amehlo Akho Ejabula!” (Luka 10:23) Wachaza ukuthi injabulo yangempela ihilela ukwazi uJehova, ukuqonda injongo yakhe yaphakade kanye nokubona ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli. Noma kuphi lapho beya khona, abafundi bangayilondoloza injabulo yangempela ngokugcina amehlo abo ejabule. UMzalwan’ uPierce wakhuthaza abathweswe iziqu ukuba bazindle ngokujulile ngobuhle bukaJehova futhi bagcine izingqondo nezinhliziyo zabo zigxile ekwenzeni intando yaKhe. (IHubo 77:12) Ngokulondoloza isimo sengqondo esihle, abathweswe iziqu banganqoba noma iziphi izinkinga abangahlangabezana nazo.
Ababili kwababefundisa ikilasi nsuku zonke balivalelisa ngamazwi akhuthazayo. Esihlokweni senkulumo yakhe, uLawrence Bowen wabuza umbuzo othi “Ingabe Ufuna Udumo?” Abantu abaningi bahlobanisa udumo nokuvelela kwabo siqu. Nokho, umhubi u-Asafa waqala ukuqonda ukuthi luyini udumo, noma inkazimulo yangempela—umcebo ongenakuqhathaniswa nalutho wokuba nobuhlobo obuhle noJehova. (IHubo 73:24, 25) Abafundi abathweswe iziqu bakhuthazwa ukuba balondoloze ubuhlobo obuseduze noJehova ngesifundo seBhayibheli esiqhubekayo esijulile. Izingelosi “zifisa ukulunguza” ukuze zibone imininingwane emayelana nendlela injongo kaJehova efezeka ngayo ngoKristu. (1 Petru 1:12) Zifuna ukwazi konke ezingase zikwazi ngoYise ukuze zibonakalise inkazimulo yakhe. Ngemva kwalokho isikhulumi sakhuthaza abafundi ukuba bakhazimulise uJehova ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli ngokusiza abanye bathole lo mcebo ongenakuqhathaniswa nalutho.
UWallace Liverance, obhalisa abafundi esikoleni, waphetha uchungechunge oluvulayo lwezinkulumo ngenkulumo enesihloko esithi “Khuluma Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Okusemfihlweni Engcwele.” (1 Korinte 2:7) Kumayelana nani lokhu kuhlakanipha kukaNkulunkulu uPawulu akhuluma ngakho ngesikhathi esenkonzweni yokuba isithunywa sevangeli? Kuyindlela kaJehova yokuhlakanipha nenamandla yokuletha ukuthula nobunye emhlabeni wonke. Lokhu kuhlakanipha kugxile kuJesu. Kunokuba ashumayele ivangeli lezenhlalo, uPawulu wasiza abantu ukuba babone indlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo imiphumela yesono sika-Adamu. (Efesu 3:8, 9) Isikhulumi sakhuthaza izilaleli sathi: “Sebenzisani ilungelo lenu lenkonzo njengoPawulu, owayebheka isabelo sakhe sokuba isithunywa sevangeli njengethuba lokusiza abantu babone indlela uJehova ayoyifeza ngayo injongo yakhe.”
Ngemva kwalokhu, uMark Noumair, omunye umfundisi waseGileyadi, wengamela ingxoxo enomdlandla nabafundi abambalwa bekilasi. Isihloko esithi “Ukutadisha IZwi LikaNkulunkulu Kuveza Izikhonzi Ezishisekayo” sagcizelela amazwi kaPawulu akweyabaseRoma 10:10. Ikilasi lalandisa ngezinto eziningi ezijabulisayo ezenzeka enkonzweni yasensimini ngesikhathi lisafunda esikoleni. Lezo zinto zabonisa ukuthi uma sitadisha futhi sizindla ngeZwi likaNkulunkulu, izinhliziyo zethu ziyogcwala izinto ezinhle ezimayelana noJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe futhi siyotshela abanye ngazo. Phakathi nezinyanga ezinhlanu behleli e-Watchtower Educational Center, abafundi baqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-30 nabantu abathakazelayo emasimini amabandla aseduze awasebenza njalo.
Sekukhuluma Abavuthiwe
Ngesikhathi besafunda esikoleni, kwabazuzisa abafundi ukuba nobudlelwane namalungu omkhaya waseBethel yase-United States. Amalungu ezisebenzi zegatsha, uRobert Ciranko noRobert P. Johnson, asingatha ingxoxo nabambalwa asebekhonze uJehova ngokwethembeka isikhathi eside, okwakukhona kubo ababonisi abajikelezayo manje abathola ukuqeqeshwa okukhethekile e-Watchtower Educational Center. Bonke labo okwaxoxwa nabo babeneziqu zaseGileyadi futhi babeke bakhonza njengezithunywa zevangeli. Kwakubaqinisa abafundi nemikhaya yabo kanye nabangane ukuzwa amazwi okuhlakanipha avela kula madoda angokomoya angomakad’ ebona.
Phakathi kwezinye izeluleko abazinikeza, bathi: “Zigcine umatasa ngangokusemandleni akho enkonzweni nasebandleni.” “Ungazibheki njengobaluleke kakhulu. Gxila enjongweni yakho yokuba isithunywa sevangeli, futhi wenze isabelo sakho sibe ikhaya lakho.” Ezinye zezinto eziwusizo abazisho zabonisa indlela ukuqeqeshwa eGileyadi okusihlomisa ngayo isikhonzi ukuba senze umsebenzi omuhle, kungakhathaliseki ukuthi sabelwa kuphi. Nakhu okunye kwalokho abakusho: “Safunda ukubambisana nokusebenza ndawonye.” “Isikole sasisiza ukuba samukele amasiko amasha.” “Safundiswa ukusebenzisa imiBhalo ngendlela entsha.”
UJohn E. Barr, osenesikhathi eside eyilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eyinhloko esimisweni. Isihloko sakhe esisekelwe emBhalweni sasithi “Izwi Labo Laphumela Kuwo Wonke Umhlaba.” (Roma 10:18) Wabuza wathi, Ingabe namuhla abantu bakaNkulunkulu bakwazile ukuhlangabezana nale nselele? Yebo, bakwazile! Kusukela kudala ngo-1881, abafundi be-Nqabayokulinda babuzwa ukuthi: “Ingabe niyashumayela?” Isikhulumi sabe sesikhumbuza bonke ababelalele isimemezelo esiyingqopha-mlando sango-1922 emhlanganweni owawuseCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., esasithi: “Memezelani iNkosi noMbuso Wayo!” Ngokuhamba kwesikhathi, intshiseko yezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile yazishukumisela ukuba zimemezele amaqiniso amangalisayo oMbuso kuzo zonke izizwe. Ngezincwadi nangomlomo, izindaba ezinhle zifinyelele emajukujukwini omhlaba—kwaba udumo kuJehova. Esiphethweni esishukumisayo, uMzalwan’ uBarr wakhuthaza abathweswe iziqu ukuba bazazise izibusiso zabo, ethi: “Usuku nosuku, lapho nithandaza kuJehova nisezabelweni zenu, mbongeni ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo ngokuba nengxenye ekugcwalisekeni kwala mazwi athi, ‘Izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba.’”
Ngemva kwale nkulumo, kwafundwa imikhonzo, usihlalo wayesebanikeza ama-diploma bonke abathweswe iziqu. Kuleyo njabulo exubene nobuhlungu bokushiya isikole esithandekayo, owayemele ikilasi wabe esefunda izwi lesinqumo elisuka ezinhliziyweni elalibhekiswe kuyiNdikimba Ebusayo nomkhaya waseBethel, libonisa ukuzimisela kwabathweswe iziqu esikoleni ukudumisa uJehova “kusukela manje kuze kube nini nanini.”—IHubo 115:18.
Sithandazela ukuba laba abathweswe iziqu bazivumelanise namakhaya abo amasha futhi basize ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke, njengoba nje nalabo abangaphambi kwabo benze kanjalo iminyaka engu-60.
[Ibhokisi ekhasini 23]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 12
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 16
Inani labafundi: 48
Isilinganiso seminyaka yobudala: 34,4
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17,6
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13,5
[Isithombe ekhasini 24]
Ikilasi Le-114 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Rosa, D.; Garrigolas, J.; Lindström, R.; Pavanello, P.; Tait, N. (2) Van Hout, M.; Donabauer, C.; Martínez, L.; Millar, D.; Festré, Y.; Nutter, S. (3) Martínez, P.; Clarke, L.; Maughan, B.; Fischer, L.; Romo, G. (4) Romo, R.; Eadie, S.; Tuynman, C.; Campbell, P.; Millar, D.; Rosa, W. (5) Lindström, C.; Garrigolas, J.; Markevich, N.; Lindala, K.; van den Heuvel, J.; Tait, S.; Nutter, P. (6) Maughan, P.; Pavanello, V.; Eadie, N.; West, A.; Clarke, D.; Markevich, J. (7) Fischer, D.; Donabauer, R.; Curry, P.; Curry, Y.; Carfagno, W.; West, M.; Tuynman, A. (8) Van Hout, M.; Campbell, C.; Festré, Y.; Carfagno, C.; van den Heuvel, K.; Lindala, D.