Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 6/15 kk. 3-4
  • Kungani Kunokucekela Phansi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunokucekela Phansi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubani Onganqanda Ukucekela Phansi?
  • Kungaqedwa Ukucekela Phansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izisulu Zenzondo Zigcwele Yonke Indawo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Kungani Enye Intsha Ijabula Ngokuphelele?
    I-Phaphama!—1996
  • Usizo Lokuyeka Ubuhlongandlebe
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 6/15 kk. 3-4

Kungani Kunokucekela Phansi?

“ANGINAKHO engingakusho.” La mazwi ayebhalwe ngezinhlamvu ezinkulu odongeni olwalusanda kupendwa endaweni enhle yaseSão Paulo. Ungase ucabange ukuthi yisenzo nje sokucekela phansi. Ukubhala izindonga kungenye nje yezinhlobo zokucekela phansi.

Ake ucabange ngabantu abangacabangi abacekela phansi bonakalise imoto yakho entsha. Noma ungase uphawule ukuthi impahla yomphakathi—ewusizo kwabaningi—iye yonakaliswa noma yashabalaliswa abantu abacekela phansi. Bakwenzelani? Yebo, kungani bekwenza? Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani izenzo zokucekela phansi zigcwele kangaka? Ezindaweni eziningi, labo abacekela phansi babonakala bejatshuliswa ukonakalisa noma ukuphula izindlwana zocingo. Kuvame ukuhlaselwa nezinto zokuthutha zomphakathi, njengezitimela noma amabhasi. Kubonakala sengathi akukho lutho abacekela phansi abalukhathalelayo. Kodwa iyini imbangela yokucekela phansi okuningi esikubonayo noma esibhekana nakho?

UMarco,a osemusha waseRio de Janeiro, wakhungatheka ngemva kokuba iqembu lakhe lihluliwe emdlalweni kanobhutshuzwayo—wakhungatheka kangangokuthi waqala ukujikijela ibhasi elalithwele abalandeli beqembu elinqobile ngamatshe. Noma, cabanga ngoClaus. Ngenxa yokungaphumeleli esikoleni, wathukuthela kangangokuthi waphihliza amafasitela ngamatshe. Nokho, leyo “njabulo” yashabalala lapho kucelwa uyise ukuba akhokhele umonakalo. Omunye osemusha, u-Erwin, wayefunda futhi esebenza. Yena nontanga yakhe babebhekwa njengentsha ekahle. Nokho, babezilibazisa ngokucekela phansi indawo yangakubo. Abazali baka-Erwin babengazi lutho ngalokho. UValter wayeyintandane eyazithola ingenakwenza ngokunye ngaphandle kokuhlala emigwaqweni yaseSão Paulo. Abangane bakhe abakhulu kwakuyiqembu labacekela phansi, futhi wayehlanganyela nabo, wafunda nobuciko bokulwa. Izibonelo ezinjengalezi ziyabonisa ukuthi bakhona abantu abacekela phansi, futhi imbangela yalokho, noma imizwa ehilelekile ekucekeleni phansi iyahlukahluka.

I-World Book Encyclopedia ithi: “Ukucekela phansi kungase kube isenzo sokuphindisela noma indlela yokuveza umbono ongokwezombangazwe. Kokubili abasha nabadala ngezinye izikhathi benza lobu bugebengu ngesizathu ‘sokuzijabulisa’ nje.” Nokho, kunokuba kumane kube ukuzijabulisa kwentsha, ukucekela phansi kungonakalisa kakhulu, kubulale ngisho nokubulala. Iqembu lentsha ethile lalifuna “ukuzijabulisa,” labe selibona owesilisa mumbe elele, lambhunyela ngoketshezi oluvutha ngokushesha, lamthungela. Leso sisulu, esasiyiNdiya, sashonela esibhedlela kamuva. Ngokombiko, “la mabhungu kuthiwa athi ayengacabangi ukuthi kukhona ongaba nendaba njengoba ziziningi izinxibi ezashiswa emgwaqweni, futhi kwangathathwa sinyathelo.” Kungakhathaliseki ukuthi ukucekela phansi kubonakala kungeke kulimaze muntu noma cha, izindleko zako ezingokwezimali nezingokomzwelo zinkulu ngokungenakubalwa. Ngakho, yini engalawula noma iqede ukucekela phansi?

Ubani Onganqanda Ukucekela Phansi?

Ingabe amaphoyisa nezikole zingakuqeda ukucekela phansi? Inkinga iwukuthi kungenzeka ukuthi iziphathimandla zimatasa ngezenzo zobugebengu ezimbi kakhulu, njengamacala okushushumbisa izidakamizwa noma ukubulala, kunamacala “angenasisulu.” Ngokwephoyisa elithile, lapho osemusha engena enkathazweni, ngokuvamile abazali “basola izingane ajwayelene nazo, isikole, noma amaphoyisa ngokumbopha.” Imfundo nokuqinisekisa ukugcinwa komthetho kungase kukwehlise ukucekela phansi; nokho, kuthiwani uma isimo sengqondo sabazali singashintshi? Elinye iphoyisa elisebenza ngezingane ezilengiselwe izigwebo lithi: “Yisithukuthezi nethuba. [Izingane ziba] ngaphandle ebusuku, zingenalutho lokulwenza. Futhi cishe aziqashelwe—ngale kwalokho bezingeke zibe ngaphandle.”

Nakuba ukucekela phansi kuyinkinga enkulu ezindaweni eziningi, cabangela indlela izinto ezingase zibuyiselwe ngayo esimweni sazo. Intsha ecekela phansi okukhulunywe ngayo ekuqaleni yashintsha; manje ikugwema ngokuphelele ukuziphatha okuphazamisa inhlalakahle yomphakathi. Yini eyenza lezi zigangi zangesikhathi esidlule zashintsha indlela yazo yokuphila? Futhi, ingabe ubungamangala uma ukucekela phansi bekungeke kuncishiswe nje kuphela kodwa uma bebungaqedwa? Sikumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela