Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 6/15 kk. 4-7
  • Kungaqedwa Ukucekela Phansi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungaqedwa Ukucekela Phansi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umnyombo Wokucekela Phansi
  • Isiqondiso Esinengqondo Kwabasha
  • Okuthile Okungcono Kunokubhikisha
  • Ungaba Khona Umhlaba Omusha Ongenakho Ukucekela Phansi
  • Kungani Kunokucekela Phansi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izisulu Zenzondo Zigcwele Yonke Indawo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Usizo Lokuyeka Ubuhlongandlebe
    I-Phaphama!—2000
  • Kungani Abanye Bengafuni Ukufunda?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 6/15 kk. 4-7

Kungaqedwa Ukucekela Phansi

ABABHALI, uJane Norman noMyron W. Harris, bayachaza: “Ukucekela phansi okwenziwa yintsha bekulokhu kubhekwa njengokubonakaliswa kwendelelo nenzondo ngabantu abadala nezindinganiso zabo.” Nakuba intsha eningi ikholelwa ukuthi akukho lutho olungenziwa ukuze kushintshwe lesi simo, laba babhali bathi, “oyedwa kwabathathu ucabanga ukuthi ukucekela phansi okwenziwa intsha bekunganqandwa ukube abazali bebezinaka ngokwengeziwe izingane zabo, futhi abantu abasha bebengenaso kangaka isithukuthezi.” Nakuba ukugcina abantu abasha bematasa futhi beqashelwe ngezinga elingcono abazali babo kungakunciphisa ukucekela phansi, ingabe lokho kukodwa kungakwazi ukufinyelela emnyombweni wembangela?

Nakuba abantu abaningi abasha bengazidali izinkathazo lapho bengabodwa, uma beyiqembu noma bebabili, bangase bazame ukwenza banakwe, benze izinto eziwubuwula neziyichilo. Kwakunjalo ngoNelson, owayevame ukuthi lapho esebenzise izidakamizwa notshwala, abonise intukuthelo yakhe nokunganeliseki ngokwenza izenzo zokucekela phansi. UJosé, owashukunyiswa yizintshumayelo zeSonto LamaKatolika eziphathelene nezinguquko zokwabiwa kwezwe namalungelo ezisebenzi, waba nomuzwa wokuthi kufanele abe nengxenye ezitelekeni nasekucekeleni phansi okuhleliwe njengendlela yokubhikisha. Nokho, bobabili uNelson noJosé bathola okungcono kakhulu kunodlame noma ukucekela phansi.

Umnyombo Wokucekela Phansi

Ake sihlolisise ukuthi kungani intsha ethile ihileleka ekucekeleni phansi. Intsha eningi ididekile futhi “ichaza izwe njengendawo engahlelekile nenobuhlanya negcwele abantu abahlanyayo.” Noma kunjalo, ngokuphambene nalokho abanye abakukholelwayo, omunye umbiko wathi: “Intsha iyakhathazeka ngokuthi ukuphila kwayo kuyiholelaphi. Ikhathazeka kakhulu kunalokho abantu abadala abakucabangayo.” Engaqaphele noma eqaphele, osemusha ohileleke ekucekeleni phansi kungenzeka ukuthi ubonakalisa ukukhungatheka kwakhe okujulile, izinkinga ezingaxazululiwe noma izidingo ezinganelisiwe. Ngokokuhlola okukhulunywe ngakho ekuqaleni, “akekho noyedwa kwabahlolwa owavikela noma wasekela ukucekela phansi, ngisho nalabo abahlanganyela kukho.”

Kungenzeka ukuthi osemusha akavamile ukuzwa othile esho izwi lokwazisa noma lesikhuthazo. Njengoba imfundo iya ibaluleka ngokwengeziwe futhi sekunemisebenzi eyengeziwe edinga izinga eliphakeme lolwazi olukhethekile noma ikhono lezobuchwepheshe, angase azizwe engazethembi. Ngaphezu kwalokho, abazali, othisha noma ontanga bangase bathambekele ekugxekeni nasekufuneni okukhulu kakhulu, beqokomisa lokho osemusha akufinyelelayo, hhayi lokho ayikho njengomuntu. Abaningi bavukela noma bacekele phansi ngenxa nje yokuthi badumazekile ngabo ngokwabo. Ingabe uthando lwabazali nokunaka kwabo intsha ngeke yini kukunciphise kakhulu ukucindezeleka okunjalo?

Kungenzeka ukuthi uye waphawula ukuthi nakuba abanye abasemagunyeni bebonakala sebeyekile ukuzama ukulawula ukubhalwa kwezindonga nezinye izinhlobo zokuganga, izakhamuzi ezikhathazekile ngokuvamile zisabheke kothisha nasezisebenzini zasezikoleni ukuba balawule ukucekela phansi. Ngokuphathelene nokuqinisekiswa kokugcinwa komthetho, i-World Book Encyclopedia ithi: “Ukucekela phansi kunesijeziso senhlawulo noma ukuboshwa. Abanye ohulumeni banemithetho ebeka abazali icala ngokucekela phansi okwenziwa izingane zabo. Kodwa izenzo eziningi zokucekela phansi azinazo izijeziso. Ezimweni ezinjalo kunzima ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho, futhi inani lomonakalo wezenzo eziningi zokonakalisa alilikhulu ngokwanele ukuba lingenza kufaneleke ukuthatha isinyathelo esingokomthetho.” Omunye umbiko wabonisa ukuthi ngamaphesenti amathathu kuphela abenza lobu belelesi aboshwayo.

Cishe uzovuma ukuthi ukuwufeza kahle umthwalo wemfanelo wokuba umzali kungase kube indlela engcono kakhulu yokuhlasela umnyombo wokuganga. Kodwa lapho ukuphila komkhaya kuwohloka, umphakathi uyahlupheka. UProfesa Ana Luisa Vieira de Mattos, waseSão Paulo University, eBrazil, waphawula ukuthi esinye sezizathu zezinkinga ezikhona kubantu abasha “ukungaqondisi kahle kwabazali, ukuntuleka kwemithetho, ukuntuleka kokuxoxisana, ukunganakwa nokungabi nandaba.”

Esikhathini sethu ngokuqinisekile siye sabona ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu athi: “Ngenxa yokwanda kokungabi namthetho uthando lwesibalo esikhulu luyophola.” (Mathewu 24:12) Futhi ngubani ongaphika ukuthi amazwi alotshwe kweyesi-2 Thimothewu 3:1-4 ayafezeka? Umphostoli uPawulu wabhala: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” Iqiniso liwukuthi, ukuphila nje phakathi kwabantu abanjalo kuyakuthuthukisa ukuganga. Nokho, akudingeki siphele amandla. Imiphakathi iyonke iye yahluleka ukuqeda ukucekela phansi, kodwa singabathola abantu abaye baphumelela ekushintsheni ukuphila kwabo, abangasadeleli noma bangabi nandaba. Kubo ukucekela phansi kuye kwaqedwa.

Isiqondiso Esinengqondo Kwabasha

Yini eye yasiza abantu abacekela phansi nabanye ukuba bashintshe ubuntu babo? Nakuba kungase kubonakale kungakholakali kwabanye othisha nabazali, iBhayibheli linikeza isiqondiso esihle nesihambisana nesikhathi. Ngokusilandela, abantu ababecekela phansi baye bashintsha balalela umthetho kaNkulunkulu oqondile othi: “Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi.” (Eksodusi 23:2) Abaningi baye badonsekela eqinisweni eliseZwini likaNkulunkulu eliphathelene nezinkolelo nezimfundiso ababengaziqondi ngaphambili, futhi lokho abaye bakufunda kuye kwaba nethonya elihle kubo. Cabangela okuhlangenwe nakho kukaJosé, osemusha waseSão Paulo. Wakhula ekholelwa ekusebenziseni izithombe ekukhulekeleni. Lapho ezwa ukuthi uNkulunkulu unegama elithi Jehova, nokuthi akakuvumeli ukukhulekelwa kwezithombe, uJosé washintsha ukuze enze lokho okujabulisayo emehlweni kaNkulunkulu.—Eksodusi 20:4, 5; IHubo 83:18; 1 Johane 5:21; IsAmbulo 4:11.

Kunokuhlala ebhekene nezimo ezikhungathekisayo emaqenjini anobudlova nasezitelekeni, uNelson uye wathola ithemba langempela lekusasa, futhi liye lamenza wakhululeka kakhulu. Uthi: “Kunokuba ngilahlwe umkhaya wakithi ngenxa yokuba nabangane ababi nokuba umlutha wezidakamizwa, sekuyimina ohlonishwa kunabo bonke ekhaya. Ngokuvamile ubaba ucela mina ukuba ngiluleke abafowethu abadala. Kusukela ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngiye ngaba nenjabulo ngenxa yokuthi manje nginenjongo ekuphileni.” Futhi entsheni yasedolobheni enjengoMarco—ejwayele ukuhlala endaweni enobudlova—ukwazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza umhlaba ube ipharadesi kuye kwaba okujabulisa ngempela.—IsAmbulo 21:3, 4.

Cabangela nendaba yalowo owayeyilungu leqembu, eyisilwi sasemigwaqweni futhi ecekela phansi. Njengoba ayeyintandane enomlando odabukisayo wasebuntwaneni, kwamhlaba umxhwele uValter ukwazi ukuthi kulesi simiso esonakele nesibi, uNkulunkulu unabantu bakhe. Bazama ngobuqotho ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo, bebonisa ububele, ukucabangela nomusa. UValter uyachaza: “Ngokuvumelana namazwi kaJesu, manje nginomkhaya omkhulu, ‘abafowethu nodadewethu nomama nobaba.’ Ngokuphathelene nekusasa, ngibheke phambili esikhathini lapho abantu beyophila ngenjabulo nangobunye ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu wokulunga.”—Marku 10:29, 30; IHubo 37:10, 11, 29.

Okuthile Okungcono Kunokubhikisha

Ngaphezu kokubonisa ukucabangela nothando ngabantu abaphila nabo, laba bantu ababecekela phansi baye bafunda ‘ukuzonda okubi.’ (IHubo 97:10; Mathewu 7:12) Kuthiwani ngawe? Ngisho noma ungomunye wabahlupheka ngenxa yemiphumela yokucekela phansi okusakazekile, ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kuyokwenza uJehova abe ngokoqobo kuwe njengoBaba osezulwini onothando ofuna ukukunakekela. (1 Petru 5:6, 7) UNkulunkulu angakusiza ukuba ukhule ngokomoya, naphezu kobuthakathaka bakho siqu noma ubumpofu. Lokho ngokwakho kungokuthile okumangalisayo!

UJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bakufuna ngempela ukuba zonke izinhlobo zabantu zithole ithuba lokufunda iqiniso leBhayibheli. IZwi likaNkulunkulu lingenza okungaphezu kokusiza abantu ukuba bayeke ukucekela phansi kwamanje. Lingabashukumisela ukuba benze intuthuko eyengeziwe ekusebenziseni izimiso zaphezulu. Ngenxa yalokho, baba amalungu obuzalwane bomhlaba wonke obaziwa ngokuhlanzeka nangokuziphatha okuhle, okuyibandla lomhlaba wonke loFakazi BakaJehova. Ngokuvumelana neyabase-Efesu 4:24, la maKristu aqotho aye ‘agqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ Ngokushesha izwe lizogcwala abantu abanjalo ngoba yibona kuphela abayosinda futhi baphile phakade.—Qhathanisa noLuka 23:43.

Ungaba Khona Umhlaba Omusha Ongenakho Ukucekela Phansi

Ingabe uyakholelwa ukuthi ukucekela phansi kungaqedwa ngempela? Uma kunjalo, luyokwenzeka kanjani lolu shintsho olukhulu kangaka? Ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uyosiqeda lesi simiso esibi. Labo abahlala emhlabeni bayobekwa icala lokuphula ngamabomu noma imiphi imithetho kaNkulunkulu yokulunga. (Qhathanisa no-Isaya 24:5, 6.) Nakuba “abaphambukayo bayakubhujiswa bonke,” labo abathanda ukulunga bayosindiswa. ‘UJehova uyobasiza, abakhulule; abakhulule kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.’—IHubo 37:38-40.

Ngempela, umnyombo wokucekela phansi uyoqedwa ngokuphelele. Kuyoba okufanayo nangabo bonke ubugebengu, ukucindezeleka, ukuhlupheka nobubi. Kunalokho, ukuphila ezweni elisha kuyoba nokuthula, ukulunga kweqiniso, ukuzola nokulondeka. U-Isaya 32:18 uchaza lokho okuyogcwaliseka ngendlela engokoqobo: “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” Yebo, epharadesi elihle lomhlaba wonke kuyohlala abantu abababonisa uthando nababacabangelayo abanye.

Bekanye nezigidi zabanye, abantu ababecekela phansi kakade sebejabulela ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu. Abasahlanganyeli kunoma iziphi izenzo zokucekela phansi. Ingabe nawe uyovumela iZwi likaNkulunkulu likuqondise ekuphileni ezweni lakhe elisha? Kungani ungalingisi umhubi wasendulo owaloba isimemezelo sikaJehova esithi: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.”—IHubo 32:8.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukunaka kwabazali abantu abasha nokubathanda kuyabavikela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela