UJesu Angakushintsha Kanjani Ukuphila Kwakho?
UJESU KRISTU wayenguMfundisi Omkhulu owayehlala ePalestina cishe eminyakeni engu-2 000 edlule. Kuncane kakhulu okwaziwayo ngokuphathelene nesikhathi lapho esemncane. Nokho, kunobufakazi obuhle bokuthi lapho eneminyaka engaba ngu-30 ubudala, waqala inkonzo yakhe ‘yokufakazela iqiniso.’ (Johane 18:37; Luka 3:21-23) Abafundi abane abaloba umlando wokuphila kwakhe bagxila eminyakeni emithathu nengxenye eyalandela.
Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu Kristu wanika abafundi bakhe umyalo ongaba ikhambi leziningi zezinkinga zezwe. Yimuphi lowo myalo? UJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane.” (Johane 13:34) Yebo, ikhambi leziningi zezinkinga zesintu uthando. Ngesinye isikhathi, lapho uJesu ebuzwa ukuthi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke, waphendula: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke.’ Lona umyalo omkhulu kunayo yonke nowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’”—Mathewu 22:37-40.
UJesu wasibonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi singamthanda kanjani uNkulunkulu nabantu esiphila nabo. Ake sicabangele izibonelo ezimbalwa, sibone ukuthi yini esingayifunda kuye.
Izimfundiso Zakhe
Kwenye yezintshumayelo ezaziwa kakhulu emlandweni, uJesu Kristu watshela abalandeli bakhe: “Akekho ongaba isigqila samakhosi amabili; ngoba uyozonda enye futhi athande enye, noma anamathele kwenye futhi adelele enye. Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Mathewu 6:24) Ingabe imfundiso kaJesu yokubeka uNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu isengasebenza nanamuhla, njengoba abantu abaningi kangaka bekholelwa ukuthi imali ixazulula zonke izinkinga? Yiqiniso, siyayidinga imali ukuze siphile. (UmShumayeli 7:12) Nokho, uma sivumela ‘iNgcebo’ ibe inkosi yethu, “uthando lwemali” luyosilawula, lubuse konke ukuphila kwethu. (1 Thimothewu 6:9, 10) Abaningi abaye bawela kulolu gibe baye bagcina belahlekelwe imikhaya yabo, impilo yabo ngisho nawukuphila kwabo.
Ngakolunye uhlangothi, ukubheka kuNkulunkulu njengeNkosi yethu kusinika injongo ekuphileni. NjengoMdali, unguMthombo wokuphila, ngakho nguye kuphela okufanelekelayo ukuba simkhulekele. (IHubo 36:9; IsAmbulo 4:11) Labo abafunda ngezimfanelo zakhe futhi bamthande, bashukumiseleka ukuba bagcine imiyalo yakhe. (UmShumayeli 12:13; 1 Johane 5:3) Ngokwenza kanjalo, sizizuzisa thina.—Isaya 48:17.
ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu wafundisa abafundi bakhe nendlela yokubonisa abantu abaphila nabo uthando. Wathi: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Igama elithi “abantu” uJesu alisebenzisa lapha lihlanganisa ngisho nezitha zomuntu. Entshumayelweni efanayo, wathi: “Qhubekani nithanda izitha zenu futhi nithandazela labo abanishushisayo.” (Mathewu 5:43, 44) Uthando olunjalo belungeke yini luxazulule eziningi zezinkinga esibhekene nazo namuhla? Umholi wamaHindu uMohandas Gandhi wayecabanga kanjalo. Ucashunwa ethi: “Lapho sihlangana ndawonye ezimfundisweni ezabekwa uKristu kule Ntshumayelo yaseNtabeni, siyobe sixazulule izinkinga . . . zezwe lonke.” Uma izimfundiso zikaJesu eziphathelene nothando zisetshenziswa, zingaxazulula eziningi zezinkinga zesintu.
Izenzo Zakhe
UJesu akazange agcine ngokufundisa amaqiniso ajulile ngokuphathelene nendlela yokubonisa uthando kodwa futhi wayekwenza lokho ayekufundisa. Ngokwesibonelo, wabeka izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe. Ngolunye usuku uJesu nabafundi bakhe babematasa besiza abantu kangangokuthi baswela ngisho nesikhathi sokudla. UJesu wakubona kudingekile ukuba abafundi bakhe baphumule isikhashana, wabe eseya nabo endaweni engenabantu. Kodwa uma befika lapho, bathola isixuku sesibalindile. Wawuyosabela kanjani lapho ubona isixuku esilindele ukuba usebenze kuyilapho wena uzizwa udinga ukuphumula kancane? UJesu “waba nesihawu ngaso” futhi “waqala ukusifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:34) Njalo, lokhu kukhathalela kukaJesu abanye kwakumshukumisela ukuba abasize.
UJesu wenza okungaphezu kokufundisa abantu. Wabasiza nangezindlela ezizuzisayo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi wanika abantu abangaphezu kuka-5 000 ukudla ababemlalelé kwaze kwashona ilanga. Ngemva nje kwalokho, wanika esinye isixuku esikhulu ukudla—kulokhu esingaphezu kuka-4 000—esasimlalele izinsuku ezintathu saze saphelelwa ukudla. Esenzakalweni sokuqala, wasebenzisa izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, futhi kwesamuva wasebenzisa izinkwa ezingu-7 nezinhlanzi ezincane ezimbalwa. (Mathewu 14:14-22; 15:32-38) Ingabe kwakuyizimangaliso? Yebo, wayengumenzi wezimangaliso.
UJesu waphulukisa nabaningi abagulayo. Waphulukisa izimpumputhe, izinyonga, abanochoko nezithulu. Phela wavusa ngisho nabafileyo! (Luka 7:22; Johane 11:30-45) Ngesinye isikhathi owayenochoko wamncenga: “Uma nje ufuna, ungangenza ngihlanzeke.” Wasabela kanjani uJesu? “Khona-ke waba nesihawu, futhi welula isandla sakhe wamthinta, wathi kuye: ‘Ngiyafuna. Yenziwa uhlanzeke.’” (Marku 1:40, 41) Ngezimangaliso ezinjalo, uJesu wabonisa indlela ayebathanda ngayo abahluphekayo.
Ingabe ukuthola kunzima ukuzikholelwa izimangaliso zikaJesu? Kunjalo ngabanye. Nokho, khumbula ukuthi uJesu wazenza obala izimangaliso zakhe. Ngisho nabaphikisi bakhe, ababezama ukuthola amaphutha kuye njalo, babengenakukuphika ukuthi wayengumenzi wezimangaliso. (Johane 9:1-34) Ngaphezu kwalokho, izimangaliso zakhe zazinenjongo. Zasiza abantu ukuba bambheke njengaLowo owayethunywe uNkulunkulu.—Johane 6:14.
Ngokwenza izimangaliso, uJesu wayengazifuneli ukunakwa. Kunalokho, wakhazimulisa uNkulunkulu, uMthombo wamandla akhe. EKapernawume wake waba sendlini egcwele abantu. Indoda ethile efe uhlangothi yayifuna ukwelashwa kodwa ingakwazi ukungena. Ngakho abangane bayo bayingenisa ophahleni bayehlisa ngohlaka. Lapho uJesu ebona ukholo lwabo, wamphulukisa owayefe uhlangothi. Ngenxa yalokho, abantu “bakhazimulisa uNkulunkulu” bathi: “Asikaze sikubone okufana nakho.” (Marku 2:1-4, 11, 12) Izimangaliso zikaJesu zadumisa uJehova, uNkulunkulu wakhe, futhi zasiza labo ababedinga usizo.
Nokho, izimangaliso zokuphulukisa abagulayo zazingeyona injongo esemqoka yenkonzo kaJesu. Omunye owabhala umlando wokuphila kukaJesu wachaza: “Lezi zilotshwé phansi ukuze nikholelwe ukuthi uJesu unguKristu iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi, ngenxa yokukholwa, nibe nokuphila ngegama lakhe.” (Johane 20:31) Yebo, uJesu weza emhlabeni ukuze abantu abakholwayo bathole ukuphila.
Umhlatshelo Wakhe
Ungase ubuze, ‘Ingabe uJesu weza emhlabeni? Wayevelaphi?’ UJesu ngokwakhe wathi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumile.” (Johane 6:38) Ngaphambili wayephila njengeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Yayiyini-ke intando yaLowo owayemthume emhlabeni? UJohane, omunye wabalobi bamaVangeli, uthi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Kwakungenzeka kanjani lokhu?
IBhayibheli lembula indlela ukufa okwaba ngayo isenzakalo isintu esingenakusigwema. Umbhangqwana wokuqala ongabantu wamukela kuNkulunkulu ukuphila, unethemba lokuphila phakade. Nokho, wakhetha ukuvukela uMenzi wawo. (Genesise 3:1-19) Ngenxa yalesi senzo, isono sabantu bokuqala, inzalo ka-Adamu no-Eva yazuza njengefa ifa elingamukeleki lokufa. (Roma 5:12) Ukuze isintu sithole ukuphila kwangempela, kumelwe kususwe isono nokufa.
Akekho usosayensi ongasusa ukufa ngohlobo oluthile lobuchwepheshe bokushintsha izakhi zofuzo. Kodwa uMdali wesintu unendlela yokwenza isintu esilalelayo siphelele ukuze siphile phakade. EBhayibhelini leli lungiselelo libizwa ngokuthi isihlengo. Umbhangqwana wokuqala wazithengisa wona nenzalo yawo ebugqilini besono nokufa. Wathengisa ngokuphila kwawo njengabantu abaphelele abalalela uNkulunkulu ukuze uphile ungancikile kuNkulunkulu, uzenzele izinqumo zawo ngokuphathelene nokuthi yikuphi okuhle nokubi. Ukuze kuphinde kuthengwe lokho kuphila okuphelele kobuntu, kwakudingeka kukhokhwe inani elilingana nelokuphila komuntu ophelele okwalahlekela abazali bethu bokuqala. Njengoba abantu babenokungapheleli abakuzuze njengefa, babengakufanelekeli ukukhokha lelo nani.—IHubo 49:7.
Ngakho uJehova uNkulunkulu wangenela ukuze asize. Wadlulisela ukuphila okuphelele kweNdodana yakhe ezelwe yodwa esibelethweni sencasakazi, eyazala uJesu. Emashumini eminyaka edlule, ubungase uwenqabe umqondo wokuzala kwencasakazi. Nokho, namuhla ososayensi baye bakwazi ukwakha izilwane nge-DNA yezinye, futhi bafaka i-DNA yesinye kwesinye. Khona-ke, ngubani ongalingabaza ngokufanelekile ikhono loMdali lokukwazi ukweqa inqubo evamile yokuzala?
Lapho sekukhona ukuphila okuphelele kobuntu, latholakala inani lokuhlenga isintu esonweni nokufa. Nokho, ingane eyazalwa emhlabeni inguJesu kwakudingeka ikhule ibe “udokotela” okwazi ukunikeza “ikhambi” lokwelapha izinkinga zesintu. Lokhu yakwenza ngokuphila ukuphila okuphelele nokungenasono. UJesu akazange alubone nje usizi lwesintu esingaphansi kwesono kodwa wabhekana nokulinganiselwa okungokwenyama kokuba umuntu. Lokhu kwamenza waba udokotela onesihawu nangokwengeziwe. (Heberu 4:15) Ukuphulukisa kwakhe ngokuyisimangaliso ngesikhathi sokuphila kwakhe emhlabeni kwafakazela ukuthi uyafisa futhi unamandla okwelapha abagulayo.—Mathewu 4:23.
Ngemva kwenkonzo yeminyaka emithathu nengxenye lapha emhlabeni, uJesu wabulawa abaphikisi bakhe. Wabonisa ukuthi umuntu ophelele angamlalela uMdali wakhe naphezu kovivinyo olunzima kunalo lonke. (1 Petru 2:22) Ukuphila kwakhe okuphelele kobuntu anikela ngako kwaba inani lesihlengo, elikwazi ukuhlenga isintu esonweni nokufa. UJesu Kristu wathi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Johane 15:13) Ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuselwa ekuphileni komoya, futhi ngemva kwamasonto athile wanyukela ezulwini ukuze ayonika uJehova uNkulunkulu inani lesihlengo. (1 Korinte 15:3, 4; Heberu 9:11-14) Ngokwenza kanjalo, uJesu wakwazi ukusebenzisa inzuzo yomhlatshelo wakhe wesihlengo kulabo abamlandelayo.
Ingabe ungathanda ukuzuza kule ndlela yokuphulukiswa kokugula okungokomoya, okungokomzwelo nokungokwenyama? Ukuze uzuze kudingeka ube nokholo kuJesu Kristu. Kungani ungazizeli ngokwakho kuDokotela? Lokho ungakwenza ngokufunda ngoJesu Kristu nangendima yakhe ekusindiseni isintu esithembekile. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza.
[Isithombe ekhasini 5]
UJesu uyafisa futhi unamandla okwelapha abagulayo
[Isithombe ekhasini 7]
Ukufa kukaJesu kukuthinta kanjani?