Bazali, Yini Efundiswa Yisibonelo Senu?
“Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.”—EFESU 5:1, 2.
1. Luhlobo luni lweziqondiso uJehova azinika umbhangqwana wokuqala ongabantu?
UJEHOVA unguMsunguli welungiselelo lomkhaya. Yonke imikhaya ikhona ngenxa yakhe ngoba nguye owakha umkhaya wokuqala futhi wanikeza umbhangqwana wokuqala ongabantu amandla okuzala. (Efesu 3:14, 15) Wanikeza u-Adamu no-Eva iziyalezo eziyisisekelo mayelana nemithwalo yabo yemfanelo, wabanika nethuba elanele lokuzifeza bezicabangela bona ngokwabo. (Genesise 1:28-30; 2:15-22) Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile, imikhaya kwadingeka ibhekane nezimo ezinzima kakhulu. Noma kunjalo, ngothando uJehova wanikeza iziqondiso ezaziyosiza izinceku zakhe ukuba zibhekane nezimo ezinjalo.
2. (a) Yiziphi izindlela uJehova aye wagcizelela ngazo iseluleko esilotshiwe ngokufundisa ngomlomo? (b) Yimuphi umbuzo okudingeka abazali bazibuze wona?
2 NjengoMfundisi wethu Omuhle, uJehova uye wenza okungaphezulu kakhulu kokusinika iziqondiso ezilotshiwe eziphathelene nalokho okufanele sikwenze nokufanele sikugweme. Ezikhathini zasendulo wayenikeza iziqondiso ezilotshiwe futhi efundisa nangomlomo ngabapristi, abaprofethi nezinhloko zemikhaya. Obani abasebenzisayo ukuze afundise ngomlomo osukwini lwethu? Abadala abangamaKristu nabazali. Uma ungumzali, ingabe uyayifeza ingxenye yakho yokufundisa umkhaya wakho izindlela zikaJehova?—IzAga 6:20-23.
3. Yini izinhloko zemikhaya ezingayifunda kuJehova ngokuphathelene nokufundisa okuphumelelayo?
3 Kumelwe kwenziwe kanjani lokho kufundisa emkhayeni? UJehova ubeka isibonelo. Ukubeka ngokucacile ukuthi yini enhle, yini embi, futhi uphindaphinda kaningi. (Eksodusi 20:4, 5; Duteronomi 4:23, 24; 5:8, 9; 6:14, 15; Joshuwa 24:19, 20) Usebenzisa imibuzo ecabangisayo. (Jobe 38:4, 8, 31) Ushukumisa imizwelo yethu futhi alolonge izinhliziyo zethu ngemifanekiso nangezibonelo zasekuphileni okungokoqobo. (Genesise 15:5; Daniyeli 3:1-29) Bazali, lapho nifundisa izingane zenu, ingabe niyazama ukulingisa leso sibonelo?
4. Sifundani kuJehova ngokuphathelene nokunikeza isiyalo, futhi kungani isiyalo sibalulekile?
4 UJehova uqinile ekumeleleni okulungile, kodwa uyayiqonda imiphumela yokungapheleli. Ngakho ngaphambi kokuba ajezise, uyabafundisa futhi abanikeze izixwayiso nezikhumbuzo eziphindaphindiwe abantu abangaphelele. (Genesise 19:15, 16; Jeremiya 7:23-26) Lapho eyala, ukwenza ngezinga elifanele, angeqisi. (IHubo 103:10, 11; Isaya 28:26-29) Uma leyo kuyiyona ndlela esisebenzelana ngayo nezingane zethu, kunikeza ubufakazi bokuthi siyamazi uJehova, futhi kuyoba lula kuzo ukuba nazo zimazi.—Jeremiya 22:16; 1 Johane 4:8.
5. Yini abazali abangayifunda kuJehova mayelana nokulalela?
5 Ngokumangalisayo, uJehova uyalalela njengoba enguBaba osezulwini onothando. Akamane anikeze imiyalo kuphela. Usikhuthaza ukuba sithululele izinhliziyo zethu kuye. (IHubo 62:8) Futhi uma imizwa esiyivezayo ingashayi khona kahle-hle, akathethi ngenhlokomo ezulwini. Usifundisa ngesineke. Ngakho-ke, yeka ukuthi sifaneleka kanjani iseluleko somphostoli uPawulu: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo”! (Efesu 4:31–5:1) Yeka isibonelo esihle uJehova asibekela abazali njengoba bezama ukufundisa izingane zabo! Yisibonelo esisithinta izinhliziyo futhi sisenze sifune ukuhamba endleleni yakhe yokuphila.
Ithonya Lesibonelo
6. Isimo sengqondo nesibonelo sabazali kuzithonya kanjani izingane zabo?
6 Ngaphezu kokufundisa ngomlomo, isibonelo sinethonya elikhulu kwabancane. Bethanda noma bengathandi abazali, izingane zabo ziyobalingisa. Kungase kubajabulise abazali—ngezinye izikhathi kubethuse—ukuzwa izingane zabo zisho izinto eziye zishiwo yibo uqobo. Lapho kokubili ukuziphatha nesimo sengqondo sabazali kubonisa ukuthi bazazisa ngokujulile izinto ezingokomoya, lokhu kuba nethonya elihle ezinganeni.—IzAga 20:7.
7. Luhlobo luni lwesibonelo somzali uJefta asibekela indodakazi yakhe, futhi kwaba namuphi umphumela?
7 Umphumela wesibonelo sabazali uboniswe kahle eBhayibhelini. UJefta, owasetshenziswa nguJehova ekuholeni u-Israyeli lapho enqoba abakwa-Amoni, wayengubaba. Impendulo ayinikeza inkosi yabakwa-Amoni ibonisa ukuthi kumelwe ukuba uJefta wayevamile ukufunda umlando wokusebenzelana kukaJehova no-Israyeli. Wayecaphuna kalula kuwo, futhi wabonisa ukholo olunamandla kuJehova. Akungabazeki ukuthi isibonelo sakhe sasiza indodakazi yakhe ukuba ibe nokholo nomoya wokuzidela eyawubonisa lapho ingenela inkonzo yokuphila kwayo konke njengowesifazane ongashadile ozinikele kuJehova.—AbAhluleli 11:14-27, 34-40; qhathanisa noJoshuwa 1:8.
8. (a) Yisiphi isimo sengqondo esihle esaboniswa abazali bakaSamuweli? (b) Kwamzuzisa kanjani lokho uSamuweli?
8 USamuweli naye wayeyisibonelo lapho eseyingane futhi ethembekile kuNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakhe esengumprofethi. Ungathanda yini izingane zakho zibe njengaye? Hlaziya isibonelo esabekwa abazali bakaSamuweli, u-Elkana noHana. Nakuba babenezinkinga ezithile emndenini wabo, babeya njalo ukuyokhulekela eShilo, lapho kwakukhona khona itabernakele elingcwele. (1 Samuweli 1:3-8, 21) Phawula indlela uHana athandaza ngayo ngomuzwa ojulile. (1 Samuweli 1:9-13) Phawula indlela bobabili ababezizwa ngayo ngokubaluleka kokufeza noma yisiphi isithembiso abasenza kuNkulunkulu. (1 Samuweli 1:22-28) Isibonelo sabo esihle ngokungangabazeki sasiza uSamuweli ukuba abe nezimfanelo ezamsiza ukuba aphishekele inkambo elungile—ngisho nalapho abantu ayephakathi kwabo, ababethi bakhonza uJehova, bebonisa ukungazihloniphi izindlela zikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova waphathisa uSamuweli umthwalo wemfanelo wokuba umprofethi waKhe.—1 Samuweli 2:11, 12; 3:1-21.
9. (a) Yimaphi amathonya asekhaya aba nomphumela omuhle kuThimothewu? (b) Luhlobo luni lomuntu uThimothewu aba yilo?
9 Ungathanda yini ukuba indodana yakho ibe njengoThimothewu, okwathi eseyinsizwa wasizana nomphostoli uPawulu? Uyise kaThimothewu wayengakholwa, kodwa unina noninakhulu babeka isibonelo esihle sokwazisa izinto ezingokomoya. Akungabazeki ukuthi lokhu kwasiza ekubekeleni uThimothewu isisekelo esihle ekuphileni njengomKristu. Sitshelwa ukuthi unina, u-Evnike, noninakhulu uLowisi ‘babenokholo olungenabo noma ibuphi ubuzenzisi.’ Ukuphila kwabo njengamaKristu kwakungekhona okokumbuluza; babephila ngokuvumelana ngempela nalokho ababethi bayakukholelwa, futhi bafundisa uThimothewu omncane ukuba enze okufanayo. UThimothewu wabonisa ukuthi wayenokwethenjelwa nokuthi wayeyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle yabanye.—2 Thimothewu 1:5; Filipi 2:20-22.
10. (a) Yiziphi izibonelo ezingaphandle kwasekhaya ezingase zithonye izingane zethu? (b) Kufanele sisabele kanjani lapho la mathonya ebonakala enkulumweni noma esimweni sengqondo sezingane zethu?
10 Izingane zethu azithonywa yizibonelo ezisekhaya nje kuphela. Kunezingane ezifunda nazo esikoleni, othisha abanomsebenzi wokulolonga izingqondo ezisencane, abantu abanomuzwa onamandla wokuthi wonke umuntu kufanele ahambisane namasiko agxilile esizwe noma omphakathi, osaziwayo bezemidlalo abadunyiswa yonke indawo ngezinto abazifezayo, nezikhulu zikahulumeni ukuziphatha kwazo okuvezwa ezindabeni. Izigidi zezingane ziye zabona unya lwezimpi. Ingabe kufanele kusimangaze uma la mathonya ebonakala enkulumweni noma esimweni sengqondo sezingane zethu? Sisabela kanjani lapho ebonakala? Ingabe ukuzikhakhabisa noma ukuzithethisa kuyayixazulula inkinga? Kunokuba siziphendule ngokushesha izingane zethu, ngeke yini kube ngcono ukuzibuza thina ukuthi, ‘Ingabe kukhona okuthile endleleni uJehova asebenzelana ngayo nathi okungangisiza ukuze ngibone indlela yokusingatha lesi simo?’—Qhathanisa neyabaseRoma 2:4.
11. Lapho abazali benza amaphutha, lokhu kungase kusithonye kanjani isimo sengqondo sezingane zabo?
11 Yiqiniso, abazali abangaphelele ngeke bazisingathe ngendlela engcono kakhulu njalo izimo. Bayowenza amaphutha. Lapho izingane zikubona lokho, ingabe kuyokwenza zingabe zisabahlonipha abazali bazo? Kungakwenza, ikakhulukazi uma abazali bezama ukushalazela amaphutha abo ngokugcizelela ngokhahlo ukuthi yibo abanegunya. Kodwa umphumela ungase uhluke kakhulu uma abazali bethobekile futhi bewavuma ngokukhululekile amaphutha abo. Kulokhu, bangazibekela isibonelo esiwusizo izingane zabo, njengoba kudingeka zifunde ukwenza okufanayo.—Jakobe 4:6.
Lokho Isibonelo Sethu Esingakufundisa
12, 13. (a) Yini okudingeka izingane ziyifunde ngothando, futhi lokhu kungafundiswa kanjani ngendlela ephumelela kakhulu? (b) Kungani kubalulekile ukuba izingane zifunde ngothando?
12 Ziningi izifundo eziwusizo ezingafundiswa ngokuphumelela kakhulu lapho ukufundisa ngomlomo kuhambisana nesibonelo esihle. Cabanga ngezimbalwa zazo.
13 Ukubonisa uthando olungenabugovu: Esinye sezifundo ezibaluleke kakhulu esidinga ukugxiliswa ngesibonelo yilokho okushiwo uthando. “Sinothando, ngoba [uNkulunkulu] wasithanda kuqala.” (1 Johane 4:19) UnguMthombo wothando nesibonelo salo esizidlula zonke. Lolu thando olunezimiso, i-a·gaʹpe, kukhulunywa ngalo izikhathi ezingaphezu kweziyikhulu eBhayibhelini. Luyimfanelo ehlukanisa amaKristu eqiniso. (Johane 13:35) Uthando olunjalo kufanele silubonise ngoNkulunkulu noJesu Kristu futhi silubonise komunye nomunye—ngisho nakubantu okungenzeka asibakhonzile. (Mathewu 5:44, 45; 1 Johane 5:3) Lolu thando kumelwe lube sezinhliziyweni zethu futhi lubonakale ekuphileni kwethu ngaphambi kokuba sikwazi ukufundisa izingane zethu ngalo ngokuphumelelayo. Izenzo zikhuluma kangcono kunamazwi. Emkhayeni, izingane kudingeka zibone futhi zizwe uthando nezimfanelo ezihlobene nalo, njengokusondelana ngokomzwelo. Ngaphandle kwalokhu, ingane ayikhuli kahle ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Izingane kudingeka futhi zibone indlela uthando nokusondelana ngokomzwelo okuboniswa kahle ngayo kumaKristu esikanye nawo angewona awasekhaya.—Roma 12:10; 1 Petru 3:8.
14. (a) Izingane zingafundiswa kanjani ukwenza umsebenzi osezingeni elihle oletha ukwaneliseka? (b) Kungenziwa kanjani lokhu esimweni somkhaya wakho?
14 Ukufunda ukusebenza: Umsebenzi uyisici esiyisisekelo sokuphila. Ukuze umuntu abe nomuzwa wokuthi ubalulekile, kudingeka afunde ukwenza umsebenzi osezingeni elihle. (UmShumayeli 2:24; 2 Thesalonika 3:10) Uma ingane inikezwa imisebenzi engazange iyifundiswe bese ithethiswa uma ingayenzi kahle, ingase ingafundi ukwenza umsebenzi omuhle. Kodwa lapho izingane zifunda ngokusebenza nabazali bazo futhi zinconywa ngokufanele, cishe ziyofunda ukwenza umsebenzi ozenza zaneliseke. Uma isibonelo sabazali sihambisana nezincazelo, izingane zingase zingagcini ngokufunda ukuthi wenziwa kanjani umsebenzi othile kodwa zingafunda nendlela yokunqoba izinkinga, ukunamathela emsebenzini uze uphele kanye nokucabanga nokwenza izinqumo. Kulokhu zingase zisizwe ziqonde ukuthi noJehova uyasebenza, ukuthi wenza umsebenzi omuhle nokuthi uJesu ulingisa uYise. (Genesise 1:31; IzAga 8:27-31; Johane 5:17) Uma umkhaya ulima noma unebhizinisi elithile, amanye amalungu omkhaya angase asebenze ndawonye. Noma mhlawumbe umama angase afundise indodana noma indodakazi yakhe ukupheka nokucoca ngemva kokudla. Ubaba osebenza kude nasekhaya angahlela ukuba lapho esekhaya enze imisebenzi ethile nezingane zakhe. Yeka indlela okuzuzisa ngayo lapho abazali bengagcini ngokucabanga ngokufezwa kwemisebenzi yamanje kodwa becabanga nangokuhlomisela izingane ukuphila!
15. Zingafundiswa ngaziphi izindlela izifundo zokuba nokholo? Bonisa.
15 Ukulondoloza ukholo naphezu kokuhlupheka: Ukholo nalo luyisici esibaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Lapho kuxoxwa ngokholo esifundweni somkhaya, izingane zingase zifunde ukuluchaza. Zingase ziqaphele nobufakazi obenza ukholo lwazo luqale ukukhula ezinhliziyweni zazo. Kodwa lapho zibona abazali bazo bebonisa ukholo olungazamazami lapho bebhekene nokulingwa okunzima, kungase kube nomphumela othinta konke ukuphila kwazo. Owesifazane okwakufundwa naye iBhayibheli ePanama wasongelwa umyeni wakhe ngokumxosha ekhaya uma ayengayeki ukukhonza uJehova. Noma kunjalo, yena nezingane zakhe ezine ezincane, babehamba ngezinyawo njalo amakhilomitha angu-16, bese behamba ngebhasi amanye amakhilomitha angu-30 beya eHholo LoMbuso eliseduze. Ekhuthazwe yileso sibonelo, amalungu angaba ngu-20 omkhaya wakhe aye athatha indlela yeqiniso.
Ukubeka Isibonelo Ngokufunda IBhayibheli Nsuku Zonke
16. Kungani kutuswa ukuba umkhaya ufunde iBhayibheli nsuku zonke?
16 Enye yezinkambiso eziwusizo kakhulu umkhaya ongazakha—inkambiso eyozuzisa abazali futhi ibe yisibonelo izingane ezingasilingisa—ukufunda iBhayibheli njalo. Uma kungenzeka, lifundeni nsuku zonke iBhayibheli. Okubaluleke kakhulu akusona isilinganiso sokufundiwe. Okubaluleke kakhulu ukulifunda njalo nendlela elifundwa ngayo. Ekufundweni kweBhayibheli nezingane, kungase kunezelwe ukulalela INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli esekhasethini uma ikhona ngolimi lwenu. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kusisiza sigcine imiqondo kaNkulunkulu ikhanya kithi. Futhi uma lokho kufundwa kweBhayibheli kungagcini ngokwenziwa abantu ngabanye kodwa kwenziwa yimikhaya, kuyosiza imikhaya ukuba ihambe ezindleleni zikaJehova iyonke. Yilo mkhuba owawukhuthazwa eMihlanganweni ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ esanda kudlula, edrameni ethi Mikhaya—Ukufunda IBhayibheli Nsuku Zonke Makube Yindlela Yenu Yokuphila!—IHubo 1:1-3.
17. Ukufunda iBhayibheli njengomkhaya nokubamba imibhalo eyisihluthulelo ngekhanda kusiza kanjani ekusebenziseni iseluleko esikweyabase-Efesu 6:4?
17 Ukufunda iBhayibheli njengomkhaya kuvumelana nalokho umphostoli uPawulu akubhala encwadini yakhe ephefumulelwe eya kumaKristu ase-Efesu, ukuthi: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Kusho ukuthini lokho? ‘Ukuqondisa umqondo’ ngokwezwi nezwi kusho ‘ukufaka umqondo kokuthile’; ngakho obaba abangamaKristu banxuswa ukuba bafake umqondo kaJehova uNkulunkulu ezinganeni zabo—basize izingane zabo zazi imicabango kaNkulunkulu. Ukukhuthaza izingane ukuba zibambe ngekhanda imiBhalo eyisihluthulelo kungasiza ekufezeni lokhu. Umgomo uwukwenza imiqondo kaJehova iqondise ukucabanga kwezingane ukuze izifiso nokuziphatha kwazo kuye ngokuya kubonisa izindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi izingane zikanye nabazali noma cha. IBhayibheli liyisisekelo salokho kucabanga.—Duteronomi 6:6, 7.
18. Lapho ufunda iBhayibheli, yini engase idingeke ukuze (a) uliqonde ngokucacile? (b) uzuze eselulekweni elisiqukethe? (c) usabele kulokho elikwembulayo ngenjongo kaJehova? (d) uzuze kulokho elikushoyo ngezimo zengqondo nezenzo zabantu?
18 Yiqiniso, ukuze iBhayibheli lithonye ukuphila kwethu, kudingeka sikuqonde elikushoyo. Kwabaningi, lokhu kungase kudinge ukuba bafunde izingxenye zalo kaningana. Ukuze sikuqonde ngokugcwele okushiwo yinkulumo ethile, kungase kudingeke sibheke amanye amagama kusichazamazwi noma kuyi-Insight on the Scriptures. Uma umbhalo uneseluleko noma umyalo, zinike isikhathi sokuxoxa ngezimo eziwenza ufaneleke osukwini lwethu. Mhlawumbe ungabe usubuza, ‘Ukusebenzisa lesi seluleko kungasizuzisa kanjani?’ (Isaya 48:17, 18) Uma umbhalo ukhuluma ngesici esithile senjongo kaJehova, buza ukuthi, ‘Kukuthinta kanjani ukuphila kwethu lokhu?’ Mhlawumbe ufunda indaba ekhuluma ngezimo zengqondo nezenzo zabantu. Yikuphi ukucindezela ababebhekene nakho ekuphileni? Babhekana kanjani nakho? Singazuza kanjani esibonelweni sabo? Njalo yenza kube nesikhathi sokuxoxa ngalokho indaba ekushoyo ekuphileni kwethu namuhla.—Roma 15:4; 1 Korinte 10:11.
19. Siyobe sizinikezani izingane zethu uma siba abalingisi bakaNkulunkulu?
19 Yeka indlela enhle yokugxilisa imiqondo kaNkulunkulu ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu! Ngokwenza kanjalo siyosizakala ngempela ukuba sibe “ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Futhi siyonikeza isibonelo esikufanelekela ngempela ukulingiswa yizingane zethu.
Uyakhumbula?
◻ Abazali bangazuza kanjani esibonelweni sikaJehova?
◻ Kungani ukufundisa izingane ngomlomo kumelwe kuhambisane nesibonelo esihle sabazali?
◻ Yiziphi ezinye zezifundo ezifundiseka kangcono kakhulu ngesibonelo sabazali?
◻ Singazuza kanjani ngokugcwele ekufundeni iBhayibheli njengomkhaya?
[Izithombe ekhasini 10]
Abaningi bayakujabulela ukufunda iBhayibheli njengomkhaya