Isishayo Sanamuhla Sokungalingani
“La maqiniso siwabheka njengasobala, okuthi bonke abantu badalwa belingana, ukuthi uMdali wabo wabanika amaLungelo athile abangenakuwephucwa, ukuthi ahlanganisa ukuPhila, iNkululeko nokuphishekela iNjabulo.”—Isimemezelo Sikazibuse, esathathwai-United States ngo-1776.
“Bonke abantu bazalwa bekhululekile futhi belingana ngamalungelo.”—Isimemezelo Samalungelo Abantu Nawezakhamuzi, esathathwa iSigungu Sikazwelonke saseFrance ngo-1789.
“Bonke abantu badalwa bekhululekile futhi belingana ngesithunzi nangamalungelo.”—Isimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu, esathathwa iSigungu Sikazwelonke SeZizwe Ezihlangene ngo-1948.
AKUNGATSHAZWA ngakho. Kuyo yonke indawo abantu banesifiso sokuba kube nokulingana. Kodwa ngokudabukisayo, lona kanye iqiniso lokuthi umqondo wokulingana kwabantu kuye kwadingeka uphindwe kaningi kangaka lifakazela ukuthi kuze kube manje isintu siye sahluleka ukuba nokulingana.
Ingabe ukhona ongagomela ngokuthi manje njengoba sisekupheleni kwekhulu lama-20, izinto ziye zashintsha zaba ngcono? Ingabe zonke izakhamuzi zase-United States nezaseFrance, noma zanoma yimaphi amazwe angu-185 angamalungu eZizwe Ezihlangene, zinawo ngempela amalungelo alinganayo okucatshangwa ukuthi zazalwa nawo?
Nakuba umbono wokulingana kwabo bonke abantu ungase ube “sobala,” amalungelo ‘okuPhila, okuKhululeka nawokuphishekela iNjabulo’ awalingani nakancane kubo bonke abantu. Ngokwesibonelo, yikuphi ukulingana kwamalungelo okuphila esingakhuluma ngakho uma ingane yase-Afrika kumelwe ihlanganyele udokotela oyedwa nabanye abantu abangu-2 569, kuyilapho ingane yaseYurophu imhlanganyela nabangu-289 kuphela? Noma, yikuphi ukulingana okukhona kwamalungelo okukhululeka nokuphishekela injabulo uma abafana abayingxenye eyodwa kwezintathu namantombazane ayizingxenye ezimbili kwezintathu eNdiya eyokhula engafundile, kuyilapho ezindaweni ezinjengeJapane, iJalimane neBrithani, ingane ngayinye iqiniseka ngemfundo?
Ingabe abantu basemazweni aseMelika Ephakathi abathola umholo ongamaRandi angu-8 530 umuntu emunye ekuphileni, bajabulela “isithunzi namalungelo” afanayo nalabo baseFrance, lapho umholo womuntu ngamunye ungamaRandi angu-154 440? Ingabe izinsana ezingamantombazane zase-Afrika okulindeleke ukuba ziphile iminyaka engu-56 ziyalingana nezinsana ezingamantombazane zaseNyakatho Melika okulindeleke ukuba ziphile iminyaka engu-79?
Ukungalingani kunezici eziningi, zonke zimbi. Ukungalingani ngokwezinga lokuphila, amathuba okwelashwa nemfundo kumane nje kungezinye zazo. Ngezinye izikhathi kusetshenziswa ukuhlukana ngokwezombangazwe, ngokohlanga noma ngokwenkolo ekugodleleni abantu isithunzi nenkululeko yabo. Yize kukhulunywa kangaka ngokulingana, siphila ezweni elingenakho ukulingana. Njengesishayo—“into ebangela ukuhlupheka okukhulu noma okusakazekile,” ngokwendlela elichazwa ngayo leli gama—ukungalingani kusakazeke kuzo zonke izigaba zomphakathi wesintu. Ubuhlungu okukubangela ngobumpofu, ukugula, ukuntula imfundo, ukuntula imisebenzi nobandlululo, buhlaba bufinyelele enhliziyweni.
“Bonke abantu badalwa belingana.” Yeka umqondo omuhle! Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi kwenzeka okuphambene ngokuphelele nalokho!
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
UN PHOTO 152113/SHELLEY ROTNER