Ukhona Okhathalela Ngempela
IZINKULUNGWANE zabantu zibonisa ukuthi ziyabakhathalela ngempela abanye. Azimane nje zibe nombono ongenaluzwela nowobugovu wokuthi izinkinga zabanye azifuni zona. Kunalokho, zenza konke ezingakwenza—ngezinye izikhathi zifaka ngisho nokuphila kwazo engozini—ukuze zinciphise ukuhlupheka. Lona umsebenzi omkhulu, owenziwa ube nzima nakakhulu amandla amakhulu ezingenakuwalawula.
Izici ezinjengobugovu, ukukhohlisa kwezombangazwe, izimpi nezinhlekelele ezingokwemvelo zingabhuntshisa ngisho “nemizamo eyenziwa ngokuqonda nangokuzimisela yokuqeda indlala,” kusho omunye osebenza njengomsizi. Ukuqeda indlala yinkinga eyodwa kuphela kweziningi abantu abakhathalelayo ababhekene nazo. Balwa nezinto ezinjengezifo, ubumpofu, ukungabi nabulungisa nokuhlupheka okukhulu okubangelwa impi. Kodwa ingabe bayaphumelela?
Isikhulu esiyinhloko senye inhlangano esizayo sathi labo abenza ‘imizamo enjalo eyenziwa ngokuqonda nangokuzimisela’ ukuze banciphise indlala nobuhlungu, banjengomSamariya onesihawu ochazwe emfanekisweni kaJesu Kristu. (Luka 10:29-37) Kodwa sathi kungakhathaliseki ukuthi benzani, inani lezisulu liyanda. Ngakho sabuza: “Yini umSamariya olungileyo okufanele ayenze uma ehamba ngendlela efanayo nsuku zonke iminyaka eminingana futhi ethola esinye isisulu sabaphangi isonto ngalinye eceleni komgwaqo?”
Kungaba lula ukungenwa yilokho okuye kwachazwa ngokuthi ‘ukugula okubulalayo kokukhathala komnakekeli,’ bese umane uyeka ukhungathekile. Labo ababakhathalela ngempela abanye abayeki, futhi kuyancomeka lokho. (Galathiya 6:9, 10) Ngokwesibonelo, indoda ethile eyabhalela i-Jewish Telegraph yaseBrithani yancoma oFakazi BakaJehova, okwathi ngesikhathi seJalimane yobuNazi “basiza izinkulungwane zamaJuda ukuze zisinde osizini lwase-Auschwitz.” Lo mlobi wathi: “Lapho ukudla kuyindlala, bahlanganyela isinkwa sabo nabafowethu nodadewethu [abangamaJuda]!” OFakazi baqhubeka benza ababengakwenza ngalokho ababenakho.
Nokho, iqiniso liwukuthi ukuhlanganyela isinkwa kukodwa ngeke kukuqede ngokuphelele ukuhlupheka kwabantu. Lokhu akushiwo neze ngesizathu sokululaza lokho abantu abanesihawu abaye bakwenza. Noma isiphi isenzo esinciphisa ukuhlupheka ngendlela efanele sibalulekile. Labo Fakazi babudambisa ubuhlungu beziboshwa ezazikanye nabo ngandlela-thile, futhi ekugcineni ubuNazi baqedwa. Nokho, isimiso sezwe esibangela ukucindezeleka okunjalo sisekhona, futhi abantu abangenakho ukukhathalela basebaningi. Ngempela, “kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.” (IzAga 30:14) Cishe uyazibuza ukuthi kungani kunjalo.
Kungani Kunobumpofu Nokucindezeleka?
UJesu Kristu wake wathi: “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi, futhi noma nini lapho nifuna ningabenzela okuhle ngaso sonke isikhathi.” (Marku 14:7) Ingabe uJesu wayesho ukuthi ubumpofu nokucindezeleka ngeke nanini kuphele? Ingabe njengabantu abathile, wayekholelwa ukuthi ukuhlupheka okunjalo kuyingxenye yohlelo lukaNkulunkulu lokunika abanesihawu ithuba lokubonisa ukuthi bakhathalela kangakanani? Cha! UJesu wayengakholelwa kulokho. Wayemane eveza iphuzu lokuthi ubumpofu buyoba ingxenye yokuphila uma nje lesi simiso sezinto sisekhona. Kodwa futhi uJesu wayekwazi nalokhu: Kwakungeyona injongo yokuqala kaYise osezulwini ukuba kube nezimo ezinjena emhlabeni.
UJehova uNkulunkulu wadala umhlaba ukuba ube ipharadesi, hhayi indawo ekhungethwe ubumpofu, ukungabi nabulungisa nokucindezeleka. Wabonisa indlela awukhathalela ngayo umkhaya wesintu ngokwenza amalungiselelo amahle ayeyonezela ekujabuleleni ukuphila. Phela, cabangela lona kanye igama lengadi abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, abazithola bekuyo! Yayibizwa ngokuthi i-Edene, okusho “Injabulo.” (Genesise 2:8, 9) UJehova akazange anike abantu izidingo zokuphila nje kuphela endaweni elufifi necindezelayo. Ekupheleni komsebenzi wakhe wokudala, uJehova wahlola lokho ayekwenzile futhi wathi “kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.
Khona-ke, kungani ubumpofu, ukucindezeleka, nezinye izimbangela zokuhlupheka kudlange kangaka emhlabeni namuhla? Lesi simiso sezinto esibi samanje sikhona ngenxa yokuthi abazali bethu bokuqala bakhetha ukuhlubuka kuNkulunkulu. (Genesise 3:1-5) Lokhu kwaphakamisa umbuzo wokuthi kwakulungile yini ngoNkulunkulu ukuba afune ukuba izidalwa zakhe zimlalele. Ngakho uJehova uye wavumela inzalo ka-Adamu ukuba ibe nesikhathi esilinganiselwe sokuzimela. UNkulunkulu wayesakukhathalela ukuthi kwenzekani emkhayeni wesintu. Wenza ilungiselelo lokulungisa wonke umonakalo owawuyobangelwa yilokho kuhlubuka kuye. Futhi maduze nje, uJehova uzobuqeda ubumpofu nokucindezeleka—eqinisweni, konke ukuhlupheka.—Efesu 1:8-10.
Inkinga Isintu Esingenakuyixazulula
Kuwo wonke amakhulu eminyaka kusukela ekudalweni komuntu, isintu siye sadeda nakakhulu ezindinganisweni zikaJehova. (Duteronomi 32:4, 5) Ngokuqhubeka kwabo benqaba imithetho nezimiso zikaNkulunkulu, abantu baye balwa bodwa, futhi ‘umuntu uye wabusa omunye kwaba ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Yonke imizamo yokwenza kube nomphakathi onobulungisa ngempela, ongenazo zonke lezi zinto ezikhathaza abantu abaningi abahluphekayo, iye yabhuntshiswa ubugovu balabo abafuna ukwenza izinto ngendlela yabo kunokuzithoba ebukhosini bukaNkulunkulu.
Kukhona nenye inkinga—iningi elingase liyichilizele eceleni njengenkolelo-ze engenangqondo. Umshoshozeli wokuhlubuka kuNkulunkulu usashoshozela abantu ukuba benze ububi futhi babe nobugovu. Lowo nguSathane uDeveli, futhi uJesu Kristu wambiza ngokuthi “umbusi walelizwe.” (Johane 12:31; 14:30; 2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19) Esambulweni esanikwa umphostoli uJohane, uSathane uchazwa njengembangela eyinhloko yomaye—nguye ngokuyinhloko “odukisa umhlaba wonke owakhiwe.”—IsAmbulo 12:9-12.
Kungakhathaliseki ukuthi abantu abathile babakhathalela kangakanani abantu abaphila nabo, ngeke nanini bakwazi ukubhubhisa uSathane uDeveli noma ukushintsha lesi simiso esenza kube nenani eliqhubeka landa lezisulu. Yini-ke edingekayo ukuze kuxazululwe izinkinga zesintu? Ikhambi alikhona ukuba kumane kube nothile okhathalelayo. Kudingeka kube nothile ofisayo nonamandla okubhubhisa uSathane naso sonke lesi simiso esingenabulungisa.
‘Intando Yakho Mayenzeke Emhlabeni’
UNkulunkulu uthembisa ukusiqeda lesi simiso sezinto esibi. Uyafisa futhi unamandla adingekayo okwenza kanjalo. (IHubo 147:5, 6; Isaya 40:25-31) Encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli eyisiprofetho, kuyabikezelwa: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) UJesu Kristu wayecabanga ngalo hulumeni wasezulwini ohlala njalo nozokwenza okuhle lapho efundisa abafundi bakhe ukuba bacele kuNkulunkulu ngomthandazo, bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
UJehova uyoyiphendula imithandazo enjalo ngoba uyawukhathalela ngempela umkhaya wesintu. Ngokwamazwi angokwesiprofetho eHubo 72, uNkulunkulu uyogunyaza iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba abakhulule phakade abampofu, abahluphekayo nabacindezelekile abasekela ukubusa kukaJesu. Ngakho, umhubi ophefumulelwe wahlabelela: “[INkosi kaNkulunkulu enguMesiya] izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo. . . . Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:4, 12-14.
Embonweni ohilela usuku lwethu, umphostoli uJohane wabona “izulu elisha nomhlaba omusha,” isimiso sezinto esisha ngokuphelele esimiswe uNkulunkulu. Yeka isibusiso esintwini esihluphekayo! Ebikezela lokho uJehova ayokwenza, uJohane wabhala: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ Futhi Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’ Futhi, uthi: ‘Loba, ngoba lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.’”—IsAmbulo 21:1-5.
Yebo, singawakholelwa la mazwi, ngoba akholekile futhi ayiqiniso. Ngokushesha uJehova uzothatha isinyathelo sokuqeda ubumpofu, indlala, ukucindezeleka, ukugula nakho konke ukungabi nabulungisa emhlabeni. Njengoba lo magazini uvame ukubonisa ngokomBhalo, intilibathwa yobufakazi ibonisa ukuthi siphila esikhathini lapho lezi zithembiso zizogcwaliseka khona. Izwe elisha elathenjiswa uNkulunkulu seliseduze! (2 Petru 3:13) Ngokushesha, uJehova “uyakugwinya ukufa kuze kube phakade” futhi ‘uyokwesula izinyembezi ebusweni bonke.’—Isaya 25:8.
Kuze kube yilapho lokhu kwenzeka, singajabula ngoba ngisho namanje kunabantu ababakhathalela ngempela abanye. Imbangela enkulu nakakhulu yokujabula iwukuthi uJehova uNkulunkulu ngokwakhe uyakhathalela ngempela. Ngokushesha uyoqeda konke ukucindezeleka nokuhlupheka.
Ungazethemba ngokuphelele izithembiso zikaJehova. Inceku yakhe uJoshuwa yenze njalo ngokuqinisekile. Ngaphandle kokungabaza, yatshela abantu bakaNkulunkulu basendulo: “Niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.” (Joshuwa 23:14) Ngakho-ke, njengoba lesi simiso sezinto esibi sisekhona, ungazivumeli ukuba ugajwe uvivinyo okungase kudingeke ubhekane nalo. Phonsa konke ukukhathazeka kwakho kuJehova, ngoba uyakhathalela ngempela.—1 Petru 5:7.
[Izithombe ekhasini 7]
Ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, umhlaba ngeke ube nobumpofu, ukucindezeleka, ukugula, nokungabi nabulungisa