Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 11/1 kk. 3-6
  • Induduzo Ngabacindezelwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Induduzo Ngabacindezelwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Wasendulo Owaqaphela Ukucindezelwa
  • Kuseduze Kuphele Ukucindezelwa
  • Ukhona Okhathalela Ngempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Duduza Abasosizini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ingatholakalaphi Induduzo Yeqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ubani Ongakhulula Labo Abakhalela Usizo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 11/1 kk. 3-6

Induduzo Ngabacindezelwe

UYE waphawula yini ukuthi kukho konke ukuphila kwakho kunamagama abelokhu ephindaphindwa ezihlokweni zezindaba? Ingabe usukhathele ukufunda amagama anjengathi impi, ubugebengu, inhlekelele, indlala, nokuhlupheka? Nokho, kunegama elilodwa eliye lasweleka ngokuphawulekayo emibikweni yezindaba. Kodwa liyigama elisho okuthile isintu esikudinga kakhulu. Leli gama lithi “induduzo.”

“Ukududuza” kusho “ukunikeza amandla nethemba” ‘nokuqeda ukudabuka noma izinkathazo’ zothile. Ngenxa yezinxushunxushu lelizwe eliye labhekana nazo kuleli khulu lama-20, ithemba nokuqedwa kokudabuka kudingeka kakhulu. Yiqiniso, abanye bethu namuhla bajabulela ukunethezeka okwengeziwe kunalokho okhokho bethu abake bakucabanga. Lokhu kubangelwa ikakhulu yintuthuko engokwesayensi. Kodwa isayensi nezobuchwepheshe akuzange kusiduduze ngomqondo wokususa zonke izimbangela zokuhlupheka esintwini. Ziyini lezi zimbangela?

Emakhulwini amaningi eminyaka adlule indoda ehlakaniphile uSolomoni yakhuluma ngembangela yokuhlupheka eyodwa eyisisekelo lapho ithi: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba-ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Isayensi nezobuchwepheshe kuhlulekile ukushintsha ukuthambekela komuntu kokufuna ukubusa omunye umuntu. Ekhulwini lama-20, lokhu kuye kwaholela ebushiqeleni obucindezelayo ngaphakathi kwamazwe nasezimpini ezesabekayo phakathi kwamazwe.

Kusukela ngo-1914 kuye kwafa abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu ngenxa yempi. Cabanga ngosizi lwabantu oluboniswa yilesi sibalo—izigidi zemikhaya elilayo nedinga induduzo. Futhi izimpi ziholela kwezinye izinhlobo zokuhlupheka ngaphandle kokubulawa ngobudlova. Ekupheleni kwempi yezwe yesibili, kwakunababaleki abangaphezu kwezigidi ezingu-12 eYurophu. Eminyakeni yamuva nje, abantu abangaphezu kwesigidi nengxenye baye babaleka ezindaweni ezinempi eNingizimu-mpumalanga Asia. Emazweni aseBalkan impi iye yaphoqelela abangaphezu kwezigidi ezimbili ukuba babaleke emakhaya abo—ezimweni eziningi bebalekela “ukuhlanzwa kohlanga.”

Ngokuqinisekile ababaleki bayayidinga induduzo, ikakhulukazi labo abashiya amakhaya abo bengenalutho ngaphandle kwezinto abangazithwala, bengazi ukuthi kufanele babhekephi noma ukuthi ikusasa libaphatheleni bona nemikhaya yabo. Abantu abanjalo baphakathi kwezisulu ezidabukisa kakhulu zokucindezelwa; badinga induduzo.

Ezingxenyeni zomhlaba ezinokuthula kakhudlwana, izigidi ziphila cishe njengezigqila zesimiso sezwe sezomnotho. Yiqiniso, abanye bangase babe nezinto eziningi ezibonakalayo. Nokho, iningi usuku nosuku libhekana nomshikashika wokuziphilisa. Abaningi bafuna indawo yokuhlala efanelekile. Amanani andayo aswele umsebenzi. “Umhlaba,” kubikezela iphephandaba lase-Afrika, “uphokophele enhlekeleleni yokusweleka komsebenzi engakaze ibonwe, okuyothi ngonyaka ka-2020 kube kunabantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,3 abengeziwe abathungatha imisebenzi.” Ngokuqinisekile abantu abacindezelwe ngokwezomnotho badinga “amandla nethemba”—induduzo.

Ngenxa yezimo ezinzima, abanye baphendukela ebugebengwini. Njengoba kulindelekile, lokhu kumane kubangele izisulu zabo ubunzima, futhi amazinga aphakeme obugebengu anezela umuzwa wokucindezelwa. Esinye isihloko samuva nje kuyi-Star, iphephandaba laseGoli, eNingizimu Afrika, sasithi: “Usuku ‘ezweni elinokubulalana kunawo wonke emhlabeni.’” Lesi sihloko sachaza usuku oluvamile eGoli namaphethelo. Ngalolo suku olulodwa, kwabulawa abantu abangu-4 kwathi abangu-8 baphucwa izimoto. Kwenye indawo yabantu abami kahle kwabikwa ukugqekeza okungu-17. Ngaphezu kwalokho, kwaba nezenzakalo eziningana zokuphanga kuhlonyiwe. Ngokwaleli phephandaba, amaphoyisa achaza lolu suku ngokuthi “luthulathulile.” Kuyaqondakala ukuthi izihlobo zababulewe nalabo ababhekana nokugqekezelwa nokuphucwa izimoto bazizwa becindezelwe kabuhlungu. Badinga isiqinisekiso nethemba—induduzo.

Emazweni athile, kunabazali abathengisela izingane zabo ebufebeni. Kubikwa ukuthi elinye izwe elise-Asia eligobhozelwa izihambi ‘ezivakasha ngenxa yobulili’ linezifebe eziyizigidi ezimbili, eziningi zazo ezathengwa noma zathunjwa ziyizingane. Bakhona yini abantu abacindezelwe ngaphezu kwalezi zisulu ezidabukisayo? Ukhuluma ngalolu hwebo olungcolile, umagazini i-Time wabika ngengqungquthela yango-1991 yezinhlangano zabesifazane zaseNingizimu-mpumalanga Asia. Kuyo, kwalinganiselwa ukuthi “kwakuthengiswe abesifazane abayizigidi ezingu-30 emhlabeni wonke kusukela maphakathi nawo-1970.”

Yebo, akudingeki ukuba izingane zize zithengiselwe ebufebeni ukuze zixhashazwe. Inani elandayo lihlukunyezwa ngokomzimba noma lidlwengulwe nokudlwengulwa abazali nezihlobo emakhaya. Izingane ezinjalo zingase zihlale nezibazi ezingokomzwelo isikhathi eside. Ngokuqinisekile, njengezisulu ezidabukisayo zokucindezelwa, ziyayidinga induduzo.

Umuntu Wasendulo Owaqaphela Ukucindezelwa

INkosi uSolomoni yashaqwa izinga lokucindezelwa kwabantu. Yabhala: “Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.”—UmShumayeli 4:1.

Uma eminyakeni engu-3 000 edlule lenkosi ehlakaniphile yaqaphela ukuthi abacindezelwe babemdinga kakhulu umduduzi, ibingathini namuhla? Nokho, uSolomoni wayazi ukuthi akukho muntu ongaphelele, ngisho naye uqobo, owayenganikeza induduzo edingwa isintu. Kwakudingeka othile omkhulu ukuze aqede amandla abacindezeli. Ingabe ukhona umuntu onjalo?

EBhayibhelini, iHubo 72 likhuluma ngomduduzi omkhulu wabo bonke abantu. Leli hubo labhalwa uyise kaSolomoni, iNkosi uDavide. Umbhalo ongenhla kwalo uthi: “ElikaSolomoni.” Ngokusobala, labhalwa iNkosi uDavide eyase igugile mayelana naLowo owayeyozuza isihlalo sayo sobukhosi njengefa. Ngokwaleli hubo, Lona wayeyoletha impumuzo ehlala njalo ekucindezelweni. ‘Ezinsukwini zakhe olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Uyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.’—IHubo 72:7, 8.

Lapho uDavide ebhala lamazwi, cishe wayecabanga ngendodana yakhe uSolomoni. Kodwa uSolomoni waqaphela ukuthi kwakungaphezu kwamandla akhe ukukhonza isintu ngendlela echazwe kuleli hubo. Amazwi aleli hubo wayengawagcwalisa ngezinga elincane kuphela futhi kuzuze isizwe sakwa-Israyeli, hhayi umhlaba wonke. Ngokusobala, leli hubo eliphefumulelwe eliyisiprofetho lalikhomba kothile owayemkhulu kakhulu kunoSolomoni. Kwakungubani lowo? Kwakungaba nguJesu Kristu kuphela.

Lapho ingelosi imemezela ukuzalwa kukaJesu, yathi: “UJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise.” (Luka 1:32) Ngaphezu kwalokho, uJesu wabhekisela kuye ngokwakhe ngokuthi “okuthile okungaphezu kukaSolomoni.” (Luka 11:31) Kusukela uJesu avuselwa ngakwesokudla sikaNkulunkulu, ubelokhu esezulwini, endaweni angawagcwalisa ekuyo amazwi eHubo 72. Ngaphezu kwalokho, uye wamukela amandla negunya kuNkulunkulu lokuphula ijoka labacindezeli abangabantu. (IHubo 2:7-9; Daniyeli 2:44) Ngakho uJesu uyilowo oyogcwalisa amazwi eHubo 72.

Kuseduze Kuphele Ukucindezelwa

Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi ukukhululeka kuzo zonke izinhlobo zokucindezelwa kwabantu kuzokwenzeka maduze nje. Lokhu kuhlupheka nokucindezelwa okungakaze kubonwe okukhona kuleli khulu lama-20 kwabikezelwa uJesu njengengxenye yesibonakaliso esasiyophawula ‘isiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3) Phakathi kokunye, wabikezela ukuthi: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Leso sici sesiprofetho saqala ukugcwaliseka cishe ngesikhathi impi yezwe yokuqala eyagqashuka ngaso ngo-1914. UJesu wanezela: “Ngenxa yokwanda kokungabi namthetho uthando lwesibalo esikhulu luyophola.” (Mathewu 24:12) Ukungabi namthetho nokungabi naluthando kuye kwaveza isizukulwane esibi nesicindezelayo. Ngakho kumelwe ukuba siseduze isikhathi sokuba uJesu Kristu angenele njengeNkosi yomhlaba entsha. (Mathewu 24:32-34) Kuyosho ukuthini lokho ngabantu abacindezelwe abanokholo kuJesu Kristu nababheka kuye njengoMduduzi wesintu omiswe ngokwaphezulu?

Ukuze sithole impendulo yalowo mbuzo, masifunde amazwi engeziwe eHubo 72 agcwaliseka kuKristu Jesu: “Iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni ayo.” (IHubo 72:12-14) Ngakho iNkosi kaNkulunkulu emisiwe, uJesu Kristu, iyoqikelela ukuthi akekho okudingeka ahlupheke ngenxa yokucindezelwa. Inamandla okuqeda zonke izinhlobo zokungabi nabulungisa.

Omunye angase athi, ‘Kuhle impela lokho, kodwa kuthiwani ngesikhathi samanje? Kunayiphi induduzo ngalabo abahluphekayo njengamanje?’ Eqinisweni, ikhona induduzo ngabacindezelwe. Izihloko ezimbili ezilandelayo ezikulomagazini zizobonisa indlela izigidi eziyithola ngayo induduzo kwamanje ngokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu weqiniso, uJehova, neNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu. Ubuhlobo obunjalo bungasiduduza phakathi nalezi zikhathi ezicindezelayo futhi bungaholela umuntu ekuphileni okumi phakade okungenakho ukucindezelwa. Ethandaza, uJesu wathi kuNkulunkulu: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Akukho muntu oyocindezela omunye ezweni elisha likaNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela