Hlakulela Umoya Wokupha
AKEKHO umuntu ozalwa enomoya wokupha. Ngokwemvelo usana lufuna ukwanelisa lokho okufunwa yilo nokudingwa yilo, lungabi nandaba ngisho nanezithakazelo zabalunakekelayo. Nokho, ingane igcina ifundile ukuthi akuyona yodwa ebalulekile. Kumelwe icabangele nabanye, futhi kumelwe ingagcini ngokufunda ukwamukela kuphela kodwa nokupha abanye yabelane nabo. Umoya wokupha udinga ukuhlakulelwa.
Akubona bonke abantu abaphayo—ngisho nabapha kakhulu—abasuke benomoya wokupha. Abanye bangase banikele enhlanganweni ethile ukuze bazithuthukise bona. Abanye bangase banikele ukuze badunyiswe abantu. Nokho, ukupha okwenziwa amaKristu eqiniso kuhlukile. Ziyini-ke izici zokupha okukhuthazwa eZwini likaNkulunkulu? Ukuhlola kafushane ukupha kwamaKristu ekhulu lokuqala kuzowuphendula lowo mbuzo.
Izibonelo Zokupha KobuKristu
Ukupha kobuKristu, okuchazwe eBhayibhelini, ngokuvamile ‘kwakuwukupha abanye’ ababenesidingo sangempela. (Hebheru 13:16; Roma 15:26) Kwakungamelwe kwenziwe ngokuphoqwa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Ukupha kwakungamelwe futhi kwenzelwe ukubukisa. U-Ananiya noSafira benza kanjalo, bajeza kanzima.—IzEnzo 5:1-10.
Lapho amaJuda namaproselithe amaningi ayevela kude ebuthanele umkhosi wePhentekoste eJerusalema ngo-33 C.E., kwavela isidingo esikhulu sokupha. Yilapho lapho abalandeli bakaJesu “bagcwala [khona] umoya ongcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi.” Bangungwa isixuku esikhulu salalela inkulumo kaPetru eshukumisayo mayelana noJesu Kristu. Kamuva, abantu babona uPetru noJohane bephulukisa unyonga ngasemnyango wethempeli, futhi bezwa uPetru ephinda ekhuluma ngoJesu nangesidingo sokuphenduka. Kwaphenduka izinkulungwane zabhapathizwa njengabalandeli bakaKristu.—IzEnzo, izahluko 2 no-3.
Laba ababesanda kuphenduka babefuna ukuhlala eJerusalema ukuze abaphostoli bakaJesu babafundise okwengeziwe. Kodwa abaphostoli babengazinakekela kanjani izidingo zazo zonke lezo zihambi? Ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: “Bonke ababengabanini bamasimu noma bezindlu babekuthengisa futhi balethe abakuzuzile ngezinto ezithengisiwe bakubeke ezinyaweni zabaphostoli. Kwakube sekwabelwa lowo nalowo ngokwesidingo sakhe.” (IzEnzo 4:33-35) Impela, leli bandla laseJerusalema elalisanda kwakhiwa lalinomoya wokupha!
Kamuva, namanye amabandla abonisa umoya ofanayo wokupha. Ngokwesibonelo, amaKristu aseMakedoniya, nakuba ayempofu kwawona, anikela ngaphezu kwamandla awo enikelela abafowabo abaswele eJudiya. (Roma 15:26; 2 Korinte 8:1-7) Ibandla laseFilipi lalivelele ekusekeleni kwalo inkonzo kaPawulu. (Filipi 4:15, 16) Ibandla laseJerusalema nsuku zonke lalabela abafelokazi abaswele ukudla, futhi abaphostoli bamisa amadoda afanelekayo ayisikhombisa ukuze aqiniseke ukuthi abekho abafelokazi abanganakwa.—IzEnzo 6:1-6.
Amabandla obuKristu okuqala ayeshesha ukusabela ngisho nalapho esazibonela kude izikhathi ezinzima ziza. Ngokwesibonelo, lapho umprofethi u-Agabu ebikezela ukufika kwendlala enkulu, abafundi ebandleni lase-Antiyokiya YaseSiriya “banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya.” (IzEnzo 11:28, 29) Yeka umoya omuhle abawubonisa ngokucabanga ngezidingo zabanye kusengaphambili futhi bazilungiselele!
Yini eyayishukumisela amaKristu okuqala ukuba aphe futhi abe nothando kangaka? Empeleni, umuntu uba kanjani nomoya wokupha? Kuningi esingakufunda ngokuhlola kafushane isibonelo seNkosi uDavide.
Ukusekela KukaDavide Ukukhulekela Kweqiniso Ngesandla Esivulekile
Iminyaka ecishe ibe ngu-500, umphongolo wesivumelwano—ibhokisi elingcwele elalimelela ukuba khona kukaJehova—wawungenandawo yokuhlala ezinzile. Wawugcinwa etendeni, noma etabernakele, elaligcogconyiswa lapho u-Israyeli ezulazula ehlane nalapho engena eZweni Lesithembiso. INkosi uDavide yayinesifiso esikhulu sokuwuthatha umphongolo etendeni owawugcinwa kulo, yakhele uJehova indlu efanelekayo owawuzohlala kuyo lo mphongolo ongcwele. Ekhuluma nomprofethi uNathani, uDavide wathi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari, kodwa umphongolo wesivumelwano sikaJehova ungaphansi kwezindwangu zamatende.”—1 IziKronike 17:1.
Nokho, uDavide wayekade eyindoda yezimpi. Ngakho uJehova wathi nguSolomoni indodana yakhe okwakuzothi phakathi nokubusa okunokuthula, akhe ithempeli elizohlala umphongolo wesivumelwano. (1 IziKronike 22:7-10) Nokho, lokhu akuzange kuwudambise umoya wokupha kaDavide. Wahlela iqembu elikhulu, waqala ukulungiselela izinto ezaziyosetshenziswa ekwakhiweni kwethempeli. Kamuva watshela uSolomoni: “Ngiye ngalungiselela indlu kaJehova amathalenta egolide ayizinkulungwane eziyikhulu namathalenta esiliva ayisigidi, kanti ithusi nensimbi ayikho indlela yokukukala ngoba kuye kwaba kuningi kakhulu; ngizilungiselele nezingodo namatshe.” (1 IziKronike 22:14) Enganelisekile ngalokho, uDavide wathatha emcebweni wakhe wanikela ngegolide nesiliva okunenani elingaphezu kuka-R9 300 000 000 ngokwezilinganiso zanamuhla. Ngaphezu kwalokho, nezikhulu zanikela kakhulu. (1 IziKronike 29:3-9) UDavide wawubonisa impela umoya wokupha ngesandla esivulekile!
Yini eyashukumisela uDavide ukuba aphe kangaka? Wayeqaphela ukuthi konke ayekuqongelele nayekufezile kwakuwumphumela wesibusiso sikaJehova. Wavuma emthandazweni: “O Jehova Nkulunkulu wethu, yonke le nsada esiye sayilungiselela ukukwakhela indlu yegama lakho elingcwele, ivela esandleni sakho, futhi yonke ingeyakho. Futhi ngazi kahle, Nkulunkulu wami, ukuthi wena ungumhloli wenhliziyo, nokuthi ujabulela inhliziyo eqondile. Mina ngokwami, ngobuqotho benhliziyo yami ngiye nganikela zonke lezi zinto, futhi manje ngijabulelé ukubona abantu bakho abalapha benikela kuwe ngokuzithandela.” (1 IziKronike 29:16, 17) UDavide wayebazisa ubuhlobo bakhe noJehova. Wayesiqaphela isidingo sokukhonza uNkulunkulu “ngenhliziyo ephelele nangomphefumulo ojabulayo,” futhi wayekujabulela ukwenza kanjalo. (1 IziKronike 28:9) Zona kanye lezo zimfanelo zashukumisa namaKristu okuqala ukuba abonise umoya wokupha.
UJehova UnguMuphi Omkhulu Kunabo Bonke
Isibonelo sokupha esizidlula zonke esikaJehova. Unothando nokukhathalela kangangokuthi “[wenza] ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi [wenza] imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.” (Mathewu 5:45) Unika sonke isintu “ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” (IzEnzo 17:25) Yebo, njengoba umfundi uJakobe esho, “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini.”—Jakobe 1:17.
Isipho esikhulu kunazo zonke uJehova asiphe zona ukuthumela ‘iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.’ (Johane 3:16) Akekho ongathi simfanele leso sipho, “ngoba bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23, 24; 1 Johane 4:9, 10) Isihlengo sikaKristu siyisisekelo nomzila ‘wesipho sikaNkulunkulu sesihle esingachazeki,’ okungukuthi, ‘umusa kaNkulunkulu ongafanelwe odlulele.’ (2 Korinte 9:14, 15) Ebonga ngesipho sikaNkulunkulu, uPawulu wenza ukuphila kwakhe kwagxila emsebenzini ‘wokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’ (IzEnzo 20:24) Wayeqaphela ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.
Namuhla, lokhu kufezwa ngomsebenzi omkhulu wokushumayela nokufundisa osunabele emazweni angu-234 emhlabeni wonke. UJesu wakubikezela lokhu kwanda lapho ethi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Yebo, “izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Ngonyaka odlule, abamemezeli bezindaba ezinhle abangaphezu kwezigidi eziyisithupha banikela amahora angu-1 202 381 302 kulo msebenzi, baqhuba nezifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-5 300 000. Njengoba ukuphila kwabantu kusengozini, le mfundo ibaluleke kakhulu.—Roma 10:13-15; 1 Korinte 1:21.
Unyaka ngamunye kunyatheliswa izigidi zezincwadi—kuhlanganise namaBhayibheli nezincwajana—ukuze kusizwe labo abalambele iqiniso leBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, kukhiqizwa amakhophi angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Njengoba abantu besabela ezindabeni ezinhle, ayanda amaHholo OMbuso namaHholo Omhlangano oFakazi BakaJehova akhiwayo, ayizikhungo zemfundo yeBhayibheli. Unyaka ngamunye kuhlelwa imihlangano yesifunda, imihlangano yosuku olukhethekile, nemihlangano yesigodi. Futhi kuhlale kuqeqeshwa izithunywa zevangeli, ababonisi abajikelezayo, abadala, nezinceku ezikhonzayo. Siyambonga uJehova ngokwenza wonke la malungiselelo atholakale ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Yeka indlela esikuthanda ngayo ukubonisa ukumbonga kwethu!
Ukubonisa Ukubonga UJehova
Njengalapho kwakhiwa ithempeli nalapho kwaneliswa izidingo zamabandla obuKristu ekhulu lokuqala, ukusekela zonke lezi zinto ngezimali kwenziwa ngeminikelo yokuzithandela kuphela. Nokho, kumelwe kukhunjulwe ukuthi akekho ongacebisa uJehova, uMnikazi wazo zonke izinto. (1 IziKronike 29:14; Hagayi 2:8) Ngakho, iminikelo iwubufakazi bothando lwethu ngoJehova nesifiso sethu sokuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. UPawulu uthi lezi zenzo zokupha ziveza “isenzo sokubonisa ukubonga kuNkulunkulu.” (2 Korinte 9:8-13) UJehova uyakukhuthaza ukupha okunjalo ngoba kubonisa ukuthi sinomoya ofanele nenhliziyo emthandayo. Uyobabusisa labo abanomoya wokupha futhi abancika kuye, abenze bachume ngokomoya. (Duteronomi 11:13-15; IzAga 3:9, 10; 11:25) UJesu wasiqinisekisa ukuthi lokho kwakuyobangela injabulo, ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
AmaKristu anomoya wokupha awahlali nje alinde izikhathi zokuhlupheka. Kunalokho, afuna amathuba ‘okwenza okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nawo okholweni.’ (Galathiya 6:10) Ekhuthaza ukupha okufana nokukaNkulunkulu, uPawulu wabhala: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” (Hebheru 13:16) Ukusebenzisa lokho esinakho—isikhathi, amandla, nezimali zethu—ukuze sisize abanye futhi sithuthukise ukukhulekela okumsulwa kumjabulisa kakhulu uJehova uNkulunkulu. Ngempela, uyawuthanda umoya wokupha.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28, 29]
Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo
IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE
Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”
Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Accounting Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini. Amasheke kufanele abhalelwe i-“Watch Tower.” Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane eshoyo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.
ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA
Imali ingase inikelwe ngaphansi kwelungiselelo elikhethekile lokuthi uma onikelayo eyicela, umnikelo ubuyiselwe kuye. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Accounting Office yehhovisi legatsha lendawo ekhelini elishiwo ngenhla.
UKUPHA OKUHLELIWE
Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:
Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.
Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa onikele.
Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa noma isiphi isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.
Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi noma ehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini.
Accounting Office
Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
Private Bag X2067,
Krugersdorp, 1740
Ucingo: (011) 761-1000
[Isithombe ekhasini 26]
Yini eyashukumisela amaKristu okuqala ukuba abe nomoya wokupha?