Siwuhlobo Olunokholo
Ukwakha Ukholo Ngokutadisha IBhayibheli ENdiya
KUSUKELA ezintabeni eziphakeme nezilele iqhwa zaseHimalaya enyakatho kuya ogwini lwe-Indian Ocean olugcwele inkungu eningizimu, elaseNdiya yizwe elinokwahlukahluka, ngokuma kwezwe nangokwenkolo. Kubantu bakhona abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane, abangamaphesenti angaba ngu-83 bangamaHindu, abangamaphesenti angu-11 bangamaSulumane, bese kuthi ingxenye esele ibe ngamaKristu okuzisholo, amaSikh, amaBuddha namaJain. Bonke banenkululeko yokukhulekela. I-World Book Encyclopedia ithi: “Inkolo inendima esemqoka endleleni yokuphila yaseNdiya.”
Uma sithi baphila ngokuvumelana nokholo lwabo lobuKristu sibachaza kahle oFakazi BakaJehova, abangaphezu kuka-21 200 eNdiya. Njengabahlobo babo abangokomoya kwezinye izingxenye zomhlaba, oFakazi eNdiya bakubheka njengelungelo ukusiza omakhelwane babo ukuba bakhe ukholo oluqinile eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ake ubone indlela omunye umkhaya waseChennai eningizimu yelaseNdiya owawathola ngayo amaqiniso eBhayibheli.
Ngaphambi kokuba uhlangane noFakazi BakaJehova, lo mkhaya wawuhileleke kakhulu ezinhlanganweni zobuKatolika ezelapha ngokuyisimangaliso, ezithi zibona imibono, zikhuluma ngezilimi futhi ziphulukisa abagulayo. Lo mkhaya wawuvelele esontweni nasemphakathini, futhi amanye amalungu alo mkhaya ayeze abizwe abantu ngokuthi “swami,” okusho ukuthi “nkosi.” Kwabe sekuthi ngolunye usuku kwafika uFakazi kulo mkhaya futhi wawubonisa eBhayibhelini ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu uMninimandla onke, njengoba kukholelwa kanjalo ngokuvamile. Lo Fakazi wawubonisa nokuthi igama likaNkulunkulu nguJehova nokuthi injongo kaJehova ngomhlaba iwukuwenza ipharadesi elihle.—IHubo 83:18; Luka 23:43; Johane 3:16.
Ngenxa yokuthi ayelihlonipha iZwi likaNkulunkulu futhi ekuthanda lokho ayekuzwa, amalungu alo mkhaya avuma ukuba oFakazi BakaJehova bawaqhubele isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Lokhu kwabangela ukuba ahlekwe abantu asonta nabo. Nokho, lo mkhaya wawulokhu uzimisele ukuqhubeka nesifundo sawo seBhayibheli. Njengoba ulwazi lwawo lwalwanda futhi ukholo lwawo luya luqina, wayiyeka imikhuba yawo yenkolo yamanga. Namuhla, amalungu amathathu alo mkhaya angoFakazi ababhapathiziwe abashisekayo, futhi umama ukhonza njengephayona elisizayo njalo lapho engase akwazi.
Ukholo Lokunqoba Ukukhubazeka
USunder Lal, insizwa yasedolobhaneni lasePunjab, wayedinga ukholo nesibindi esikhulu ukuze ahlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabanye. (Mathewu 24:14) Okokuqala, wayeshiye izinkolelo zomkhaya nedolobhana lakubo zohide lonkulunkulu ukuze akhulekele uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Okwesibili, uSunder Lal akanamilenze.
Ngaphambi kuka-1992, uSunder Lal wayephila ngokwenza into eyodwa njalo. Wayengumsizi kadokotela futhi ehlanganyela nomkhaya wakhe ekukhulekeleni onkulunkulu abahlukahlukene, beqondiswa umfundisi ababemkhethile. Kwabe sekuthi ngobunye ubusuku wawa lapho ewela ujantshi wesitimela. Wanyathelwa yisitimela futhi samnquma yomibili imilenze kusukela emathangeni. Nakuba engafanga, ukuphila kwakhe kwaba lusizi. Ngokuqondakalayo, uSunder Lal wacindezeleka kakhulu waze wacabanga nokuzibulala. Umkhaya wakhe wamsekela, kodwa ikusasa lakhe lalibonakala lingenathemba.
USunder Lal wabe esevakashelwa omunye woFakazi BakaJehova futhi wambonisa eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu uthembise ukwenza umhlaba ube yipharadesi elijabulisayo nokwenza bonke abamthandayo nabamesabayo baphile saka. USunder Lal wavuma ukuba nesifundo seBhayibheli, futhi kwaphela unyaka etadisha ngenkuthalo. Wamenywa ukuba aye emihlanganweni yamaKristu futhi ekugcineni waya egibele ngemuva ebhayisekilini lomngane wakhe. Nakuba kwakubuhlungu ukuhamba kanjalo, umvuzo waba mkhulu. Lokho ayekufunde esifundweni sakhe seBhayibheli kwaqinisekiswa lapho ehlangana nabanye abazikholelwa ngempela izithembiso zeZwi likaNkulunkulu futhi abaphila ngokuvumelana nezimfundiso zeBhayibheli.
USunder Lal waqala ukuhlanganyela izindaba ezinhle nomakhelwane bakhe, futhi ngo-1995 wabhapathizwa. Ekuqaleni, wayehlanganyela enkonzweni ngokuzihudula esuka endlini eya kwenye edolobhaneni lakubo, okwakuyindlela yakhe evamile yokuhamba. Kodwa manje unesipho asithola kubafowabo abangokomoya—ibhayisekili elinamasondo amathathu elakhelwe ngokukhethekile “ukushovwa” ngezandla. Ngenxa yaleli bhayisekili lakhe, manje akancikile kwabanye ngezinye izinto futhi uyakwazi ukuzihambela yedwa ukuya emihlanganweni yebandla okuwuhambo olungamakhilomitha angu-12. Ngezinye izikhathi uhamba eziphephweni ezinemvula; ngezinye ekushiseni okungaphezu kuka-43°C.
Ngaphezu kokuya emihlanganweni, uSunder Lal uqhuba izifundo eziningi zeBhayibheli nabanye abafisa ukuthola usizo ukuze bakhe ukholo oluqinile kuNkulunkulu weqiniso, uJehova. Eqinisweni, abangu-7 balabo ayebafundela iBhayibheli sebebhapathiziwe, ngokufanayo nabanye abathathu aqala ukuxoxa nabo kodwa baqhutshelwa isifundo seBhayibheli oFakazi akanye nabo.
NgokweBhayibheli, “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) Kodwa kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade,’ isifundo sasikhathi sonke seZwi likaNkulunkulu singakha ukholo oluqinile. (IzEnzo 13:48) Futhi isifundo esinjalo senza amehlo agcwale ithemba lekusasa elihle ngokumangalisayo—okuyinto abantu abaningi ngokwandayo eNdiya ababonisa ukholo kuyo.
[Ibalazwe ekhasini 30]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
AFGHANISTAN
PAKISTAN
NEPAL
BHUTAN
CHINA
BANGLADESH
MYANMAR
LAOS
THAILAND
VIETNAM
CAMBODIA
SRI LANKA
INDIA
[Umthombo]
Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.