Njengomfelokazi, Ngathola Induduzo Yangempela
Njengoba ilandiswa nguLily Arthur
Isikhonzi esisesincane soFakazi BakaJehova sasihamba endlini ngendlu engxenyeni yaseOotacamund, eNdiya. Ngokwesiko abesifazane babengamvuleli umuntu onjalo abangamazi eminyango. Ngemva kwamahora ambalwa, sikhathele futhi kungathi siphelelwe ithemba, sajika ukuze siye ekhaya. Kodwa sama, sizizwa siphoqelekile ngandlela-thile ukuba singene emnyango olandelayo. Cabangela lokho okwenzeka, njengoba kuchazwa owesifazane owamvulela umnyango.
NGIGONÉ umntwana wami wentombazane onezinyanga ezimbili nendodana yami enezinyanga ezingu-22 iseceleni kwami, ngokushesha ngavula umnyango futhi ngabona umuntu engingamazi emile lapho. Ngobusuku obandulelayo nje ngangikade ngicindezeleke kakhulu. Ngifuna induduzo, ngangiye ngathandaza: “Baba osezulwini, ngicela ungiduduze ngeZwi lakho.” Manje okwangimangaza ukuthi lomuntu engingamazi wachaza: “Ngikulethele isigijimi senduduzo nethemba okuvela eZwini likaNkulunkulu.” Ngaba nomuzwa wokuthi kwakumelwe ukuthi ungumprofethi othunyelwe uNkulunkulu. Kodwa yisiphi isimo esasingishukumisele ukuba ngithandazele usizo?
Ukufunda Amaqiniso EBhayibheli
Ngazalwa ngo-1922 emzaneni waseGudalur emaGqumeni amahle aseNilgiri aseningizimu yeNdiya. Umama washona lapho ngineminyaka emithathu ubudala. Kamuva, uBaba, owayengumfundisi ongumProthestani, waphinde washada. Ngokushesha lapho sesikwazi ukukhuluma, uBaba wafundisa abafowethu nodadewethu kanye nami ukuthandaza. Lapho sengineminyaka emine, nsuku zonke lapho uBaba ehlezi etafuleni lokubhala efunda iBhayibheli, ngangisuke ngihlezi phansi ngifunda iBhayibheli lami siqu.
Ekukhuleni kwami, ngaba uthishelakazi. Khona-ke, lapho ngifinyelela iminyaka engu-21 yobudala, ubaba wangihlelela umshado wami. Mina nomyeni wami sabusiswa ngendodana, uSunder, futhi kamuva nangendodakazi, uRathna. Nokho, cishe ngesikhathi uRathna azalwa ngaso, umyeni wami wagula kakhulu, futhi ngokushesha ngemva kwalokho washona. Ngineminyaka engu-24 ubudala, ngokungazelelwe ngase ngingumfelokazi nginomthwalo wemfanelo wabantwana ababili abancane.
Ngemva kwalokho nganxusa uNkulunkulu ukuba angiduduze ngokuvela eZwini lakhe, futhi kwakungosuku olulandelayo lapho kwafika khona isikhonzi soFakazi BakaJehova. Ngasingenisa futhi ngemukela incwadi ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso.” Ngalobobusuku lapho ngiyifunda, ngangilokhu ngibona igama elithi Jehova, kimina elalingokuthile okuyinqaba kakhulu. Kamuva isikhonzi sabuya futhi sangibonisa eBhayibhelini ukuthi leli yigama likaNkulunkulu.
Ngokushesha ngafunda nokuthi izimfundiso ezinjengoZiqu-zintathu nesihogo somlilo azisekelwe eBhayibhelini. Ngafikelwa induduzo nethemba lapho ngifunda ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu umhlaba uyoba yipharadesi futhi abathandekayo abafile bayobuya ngovuko. Okubaluleke kunakho konke, ngaqala ukwazi nokuthanda uNkulunkulu weqiniso, uJehova, owayewuzwile umthandazo wami futhi wangisiza.
Ukuhlanganyela Ulwazi Olusha
Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngangiweqe kanjani ngangawafunda lawomavesi eBhayibheli anegama likaNkulunkulu. Futhi kungani ngingazibonelanga mina siqu lapho ngifunda iBhayibheli ithemba elicacile lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi? Ngangifundisa esikoleni esenganyelwe abavangeli bamaProthestani, ngakho ngabonisa umphathi wesikole lamavesi eBhayibheli. (Eksodusi 6:3; IHubo 37:29; 83:18; Isaya 11:6-9; IsAmbulo 21:3, 4) Ngamphawulela ukuthi ngandlela-thile sasiye sangawanaka. Kodwa okwangimangalisa ukuthi akazange abonakale ejabula.
Khona-ke ngabhalela uthisha-nhloko owayekwelinye idolobha, ngicaphuna lamavesi eBhayibheli. Ngacela ithuba lokukhuluma naye. Waphendula ngokuthi uyise, umfundisi owaziwayo ovela eNgilandi, wayezoxoxa nami ngalendaba. Umfowabo kathisha-nhloko wayengumbhishobhi ovelele.
Ngalungiselela wonke amaphuzu nemibhalo futhi ngathatha incwadi yami ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso” nabantwana bami ngaya edolobheni elilandelayo. Ngomdlandla ngachaza ukuthi uJehova ungubani, ukuthi akekho uZiqu-zintathu, nezinye izinto engangizifundile. Balalela isikhashana kodwa abazange basho lutho. Khona-ke umfundisi ovela eNgilandi wathi: “Ngizokuthandazela.” Khona-ke wangithandazela engibeke izandla wabe esengimukisa.
Ukufakaza Emgwaqweni
Ngolunye usuku isikhonzi soFakazi BakaJehova sangimema ukuba ngenze ukufakaza kwasemgwaqweni ngomagazini beNqabayokulinda nePhaphama! Ngasitshela ukuthi leyo kwakuyinto engangingasoze ngiyenze. Uyabona, eNdiya abantu babengambheka ngenye indlela owesifazane owayengama emgwaqweni noma ahambe endlini ngendlu. Kwakungaletha isihlamba edumeleni lalowowesifazane ngisho nakwelomkhaya wakubo. Njengoba ngangimthanda ngokujulile futhi ngimhlonipha ubaba, ngangingafuni ukumlethela isihlamba.
Kodwa isikhonzi sangibonisa ivesi leBhayibheli elithi: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Sathi: “Wenza inhliziyo kaJehova ithokoze ngokubonakalisa obala ukuthi ungowakhe noMbuso wakhe.” Njengoba ngangikufisa ngaphezu kwanoma yini enye ukwenza inhliziyo kaJehova ithokoze, ngathatha isikhwama sikamagazini ngahamba nesikhonzi saya emsebenzini wokufakaza emgwaqweni. Ngisho namanje ngisahluleka ukucabanga ukuthi ngakwenza kanjani. Kwakungu-1946, cishe izinyanga ezine ngemva kokuhanjelwa kwami.
Ukukhuthazelwa Ukunqoba Ukwesaba
Ngo-1947, ngamukela umsebenzi wokufundisa emaphethelweni aseMadras, ogwini oluseMpumalanga yeNdiya, futhi ngathuthela lapho nabantwana. Iqembu elincane loFakazi BakaJehova abacishe babe yisishiyagalombili lalihlangana njalo edolobheni. Ukuze sibe khona kuleyomihlangano, kwakumelwe sihambe amakhilomitha angu-26. Emuva ngalesosikhathi eNdiya, abesifazane ngokuvamile babengahambi bodwa. Babethembela emadodeni ukuba ahambe nabo. Ngangingazi ukuthi ligitshelwa kanjani ibhasi, ukuthi ithikithi licelwa kanjani, ukuthi kwehliwa kanjani ebhasini, njalonjalo. Nganginomuzwa wokuthi kwakumelwe ngabe ngikhonza uJehova, kodwa kanjani? Ngakho ngathandaza: “Jehova Nkulunkulu, angikwazi ukuphila ngaphandle kokukukhonza. Kodwa akunakwenzeka nakancane ngami njengowesifazane ongumNdiya ukuba ngiye endlini ngendlu.”
Nganginethemba lokuthi uJehova wayezongivumela ukuba ngife ukuze ngikhululeke kulenkinga. Nokho, nganquma ukufunda okuthile eBhayibhelini. Kwenzeka ukuba ngilivule encwadini kaJeremiya, lapho lithi khona: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule.”—Jeremiya 1:7, 8.
Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova ngempela wayekhuluma nami. Ngakho ngama isibindi futhi khona manjalo ngaya emshinini wami wokuthunga futhi ngathunga isikhwama sokuphatha omagazini. Ngemva komthandazo oqotho, ngahamba ngedwa ngiya endlini ngendlu, ngahambisa zonke izincwadi zami, ngaze ngaqalisa ngisho nesifundo seBhayibheli ngalolosuku. Ngazimisela ukuba uJehova eze kuqala ekuphileni kwami, futhi ngabeka ukuthembela nokwethemba kwami okuphelele kuye. Umsebenzi wokushumayela wasobala waba ingxenye evamile yokuphila kwami naphezu kokuhlanjalazwa ngamazwi. Naphezu kokuphikiswa, umsebenzi wami waba nethonya elinamandla kwabathile.
Lokhu kwabonakala ngenkathi mina nendodakazi yami sihamba endlini ngendlu eMadras eminyakeni eminingi kamuva. Indoda ehloniphekile engumHindu, ijaji laseNkantolo Ephakeme, ingabuqondi kahle ubudala bami, yathi: “Labomagazini ngabazi ungakazalwa ngisho nokuzalwa! Eminyakeni engamashumi amathathu edlule kwakuvame ukuma owesifazane othile eMgwaqweni uMount futhi abahambise.” Yafuna isikhokhelo.
Kwenye indlu iBrahman engumHindu, isikhulu esesathatha umhlala-phansi, yasingenisa futhi yathi: “Eminyakeni eminingi edlule kunowesifazane owayevame ukuhambisa INqabayokulinda eMgwaqweni uMount. Ngizokuthatha lokho eninginikeza khona ngenxa yokuhlonipha yena.” Kwadingeka ngimamatheke ngoba ngangazi ukuthi ngangiyilowo wesifazane bobabili ababekhuluma ngaye.
Ukuqiniswa Nokubusiswa
Kwakungo-October 1947 lapho ngabonakalisa khona ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngalesosikhathi ngangiwukuphela kowesifazane onguFakazi okhuluma isiTamil kulo lonke izwe, kodwa manje amakhulukhulu abesifazane abangamaTamil bangoFakazi BakaJehova abathembekile, abakhuthele.
Ngemva kokuba sengibhapathiziwe, ukuphikiswa kweza nhlangothi zonke. Umfowethu wabhala: “Uye weqela ngalé kwakho konke ukufaneleka nokuhlonipheka.” Ngabuye ngathola ukuphikiswa futhi esikoleni engangisebenza kuso kanye nasemphakathini. Kodwa nganamathela ngokuseduze ngisho nangokwengeziwe kuJehova ngomthandazo oqhubekayo, oqotho. Uma ngiqwasha phakathi nobusuku, khona manjalo ngangikhanyisa isiketekete futhi ngitadishe.
Njengoba ngangiqina, ngangisesimweni esingcono kakhudlwana sokududuza nokusiza abanye. Omunye wesifazane osekhulile ongumHindu engangimfundela wathatha ukuma okuqinile ngokukhulekela uJehova. Lapho efa, omunye wesifazane kulelokhaya wathi: “Okwasijabulisa kakhulu kwakuwukwethembeka kwakhe kuNkulunkulu akhetha ukumkhulekela kwaze kwaba sekugcineni.”
Omunye wesifazane engangimfundela wayengalokothi amamatheke. Ubuso bakhe ngaso sonke isikhathi babukhombisa ukukhathazeka nokudumala. Kodwa ngemva kokumfundisa ngoJehova, ngamkhuthaza ukuba athandaze kuye, ngoba uyazazi izinkathazo zethu futhi uyasinakekela. Ngesonto elilandelayo ubuso bakhe babuchachambile. Ngangiqala ngqá ukumbona emamatheka. “Bengithandaza kuJehova,” echaza, “futhi nginokuthula kwengqondo nenhliziyo.” Wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi usalokhu ethembekile naphezu kobunzima obuningi.
Ukulinganisa Imithwalo Yemfanelo
Njengoba nganginabantwana ababili abancane okwakumelwe ngibanakekele, ngaba nomuzwa wokuthi ukuba nokwenzeka kwesifiso sami sokukhonza uJehova isikhathi esigcwele njengephayona kwakungenakwenzeka. Kodwa-ke kwavuleka enye intuba yenkonzo lapho kudingeka othile owayezohumushela izincwadi zeBhayibhelini olimini lwesiTamil. Ngosizo lukaJehova ngakwazi ukunakekela lesosabelo, futhi ngesikhathi esifanayo, ngisebenze njengothishelakazi, nginakekele abantwana, ngenze umsebenzi wami wasekhaya, ngibe khona kuyo yonke imihlangano, futhi ngihlanganyele enkonzweni yasensimini. Ekugcineni, lapho abantwana sebebadala, ngaba iphayona elikhethekile, ilungelo engiye ngalijabulela iminyaka engu-33 edlule.
Ngisho nalapho uSunder noRathna besebancane, ngazama ukugxilisa kubo uthando ngoJehova nesifiso sokubeka izithakazelo zakhe kuqala kuzo zonke izici zokuphila kwabo. Babazi ukuthi umuntu wokuqala okwakufanele bakhulume naye lapho bevuka nguJehova nokuthi nguYena ongowokugcina okwakufanele bakhulume naye ngaphambi kokuyolala. Futhi babazi ukuthi ukulungiselela imihlangano yobuKristu nenkonzo yasensimini akufanele kunganakwa ngenxa yomsebenzi wesikole wasekhaya. Nakuba ngangibakhuthaza ukuba benze konke abangakwenza emsebenzini wabo wasesikoleni, angizange ngilokothe ngigcizelele ekutheni bathole amamaki aphakeme, ngesaba ukuthi lokho babeyokwenza into ebaluleke ukwedlula zonke ekuphileni kwabo.
Ngemva kokuba sebebhapathiziwe, babesebenzisa amaholide esikole ukuze baphayone. Ngakhuthaza uRathna ukuba abe nesibindi, angabi novalo namahloni njengoba ngangiye ngaba njalo. Ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme nokuqeqeshelwa ezebhizinisi, waqala ukuphayona, futhi kamuva waba iphayona elikhethekile. Ngokuhamba kwesikhathi, washada nombonisi ojikelezayo, uRichard Gabriel, njengamanje okhonza njengomqondisi weKomiti Yegatsha yeWatch Tower Society eNdiya. Bona nendodakazi yabo, uAbigail, basebenza isikhathi esigcwele egatsheni laseNdiya, futhi indodana yabo encane, uAndrew, ingummemezeli wezindaba ezinhle.
Nokho, lapho uSunder eneminyaka engu-18 wangizwisa ubuhlungu ngenkathi eyeka ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Iminyaka eyalandela yayingeyosizi kimina. Ngaqhubeka nginxusa kuJehova ukuba athethelele noma ngabe ikuphi ukushiyeka okungenzeka ngaba nakho ekumkhuliseni futhi abuyisele uSunder emqondweni ohluzekile ukuze abuye. Kodwa, ngokuhamba kwesikhathi, ngalahla lonke ithemba. Khona-ke ngolunye usuku eminyakeni engu-13 kamuva weza futhi wangitshela: “Mama, ungakhathazeki, kuzolunga.”
Ngokushesha ngemva kwalokho, uSunder wenza imizamo ekhethekile yokuba avuthwe ngokomoya. Wathuthukela ephuzwini lokunikezwa ububonisi ebandleni loFakazi BakaJehova. Kamuva wayeka umsebenzi wakhe oholela kahle ukuze abe iphayona. Manje yena nomkakhe, uEsther, bakhonza ndawonye kulomsebenzi eBangalore engxenyeni engaseningizimu yeNdiya.
Induduzo Yokuphila Konke
Kaningi ngibonga uJehova ngokungivumela ukuba ngidlule ekuhluphekeni nasebunzimeni kuleminyaka edlule. Ngaphandle kokuhlanganwe nakho okunjalo bengingeke ngibe nalo ilungelo eliyigugu lokunambitha ngokwezinga elingaka ubuhle bukaJehova, ububele bakhe, nokubonakalisa kwakhe ukunakekela komusa nothando. (Jakobe 5:11) Kuyathokozisa ukufunda eBhayibhelini ngokunakekela nokukhathalela kukaJehova ‘ngentandane nomfelokazi.’ (Duteronomi 24:19-21) Kodwa akulutho uma kuqhathaniswa nenduduzo nenjabulo yokuzwa ngokoqobo ukunakekela kwakhe nokukhathalela.
Ngiye ngafunda ukuthemba nokuthembela ngokuphelele kuJehova, ngingenciki kokwami ukuqonda, kodwa kuzo zonke izindlela zami ngimazise. (IHubo 43:5; IzAga 3:5, 6) Njengomfelokazi osemusha, ngathandaza kuNkulunkulu ukuba angiduduze ngeZwi lakhe. Manje, njengoba ngineminyaka engu-68 ubudala, ngingasho ngokuqinisekile ngithi ekuqondeni iBhayibheli nasekusebenziseni iseluleko salo, ngiye ngathola induduzo engenakulinganiswa.
[Isithombe ekhasini 26]
ULily Arthur enamalungu omkhaya wakhe