Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 8/1 k. 18
  • UNkulunkulu Uye Wasula Izinyembezi Zakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Uye Wasula Izinyembezi Zakhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlale Uqinile Ngokomoya Lapho Unakekela Isihlobo Esigulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Kungani Bekumelwe Ubaba Afe?
    I-Phaphama!—1994
  • Kuthiwani Uma Ngithandana Nomuntu Ongakholwa?
    I-Phaphama!—1994
  • UJehova Wangisiza Ukuba Ngikwazi Ukubhekana Nezinselele Zokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 8/1 k. 18

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

UNkulunkulu Uye Wasula Izinyembezi Zakhe

ABANTU abavumelanisa ukuphila kwabo nemithetho nezimiso zikaJehova babusiswa kakhulu. Nakuba ukwenza izinguquko ezidingekile kungelula ngaso sonke isikhathi, luyatholakala usizo nesikhuthazo. (IHubo 84:11) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseNingizimu-mpumalanga ye-Asia kuyakufakazela lokhu.

Lapho eseholidini, uFakazi waseFrance waxoxa nomninisitolo okuthiwa nguKima ngenjongo kaJehova ngomhlaba. Washiyela uKim incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Lapho eyiphenya le ncwadi, uKim wabona amazwi athi, “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo.” (IsAmbulo 21:4) “Leli vesi langithinta kakhulu,” kukhumbula uKim. “Uma umuntu engibona ngimamatheka futhi ngixoxa usuku lonke esitolo wayengeke asho ukuthi lapho ngifika ekhaya kusihlwa, ngangikhala ngize ngifikelwe ubuthongo.” Eveza imbangela yosizi lwakhe, uthi: “Ngase ngineminyaka engu-18 ngihlalisana nendoda ethile futhi ngangiphatheke kabi kakhulu ngoba yayingafuni sishade. Ngangifuna ukuyeka ukuphila ngale ndlela, kodwa njengoba ngase nginesikhathi eside kangaka ngihlala nayo, ngangingenaso isibindi engangisidinga.”

Ngemva kwesikhashana, uKim wavuma ukutadisha iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova okuthiwa uLinh. “Ngangimagange ukusebenzisa lokho iBhayibheli elikufundisayo,” kusho uKim. “Ngokwesibonelo, ngayeka ukukhulekela okhokho bami, yize lokhu kwangibangela ukuphikiswa umndeni. Ngaphezu kwalokho, ngazama ukuba sibhalise umshado wethu, kodwa indoda engangihlala nayo yenqaba. Phakathi nalesi sikhathi esinzima, loya Fakazi waseFrance wayeqhubeka engithumelela izincwadi zeBhayibheli, kanti noLinh wayengikhuthaza kakhulu. Isineke nokusekela kothando kwalab’ odade kwangisiza ukuba ngikhuthazele ngize ngikwazi ukubona ubunjalo bale ndoda engangihlala nayo. Ngathola ukuthi kakade yayisibe ‘namakhosikazi’ angu-5 nezingane ezingu-25! Lokhu kwanginika isibindi sokuyishiya.

“Kwakungelula ukuphuma emzini omkhulu onethezekile ngiye endlwaneni encane. Ngaphezu kwalokho, leya ndoda engangikade ngihlala nayo yangicindezela ukuba ngibuye ngizohlala nayo futhi, yangisongela nangokungishisa nge-asidi uma ngenqaba. Ngosizo lukaJehova, ngakwazi ukwenza okulungile.” UKim waqhubeka ethuthuka futhi wagcina ebhapathiziwe ngo-April 1998. Ngaphezu kwalokho, odadewabo ababili nendodana yakhe esindadlana baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

“Ngangiye ngicabange ukuthi ukuphila kwami kuyohlala kungenathemba,” kusho uKim. “Kodwa namuhla ngiyajabula, angisakhali ebusuku. UJehova usezisulile kakade izinyembezi emehlweni ami.”

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela