Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 5/15 kk. 17-19
  • Hlale Uqinile Ngokomoya Lapho Unakekela Isihlobo Esigulayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlale Uqinile Ngokomoya Lapho Unakekela Isihlobo Esigulayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungalinganisela Kanjani?
  • Indlela Abanye Abangasiza Ngayo
  • UJehova Uyayazisa Imizamo Yakho
  • UNkulunkulu Uye Wasula Izinyembezi Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • ‘Kodwa Angimthandi UJehova!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Yazisani Asebekhulile Abaphakathi Kwenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukunakekela Asebekhulile—Umthwalo Wemfanelo WamaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 5/15 kk. 17-19

Hlale Uqinile Ngokomoya Lapho Unakekela Isihlobo Esigulayo

UKIM, onguFakazi, watholakala enesimila esinomdlavuza eduze komgogodla.a Umyeni wakhe, uSteve, uthi: “Ngemva kokuhlinzwa, uKim welashwa ngemisebe nangamakhemikhali. Ngenxa yalokhu kwelashwa, waba buthaka kakhulu. Wayesehamba kanzima.”

Uyalubona yini usizi uSteve abhekana nalo lapho ebona umkakhe amthandayo ewohlozwa yilesi sifo? Mhlawumbe kunelungu lomkhaya wakho eliphethwe isifo esiwohlozayo noma elibhekene nemiphumela yokuguga. (UmSh. 12:1-7) Uma kunjalo, uyazi ukuthi ukuze unakekele umuntu omthandayo ngempumelelo, kumelwe nawe uzinakekele. Uma uba buthaka ngokomoya, amandla akho angokomzwelo nangokomzimba ayoncipha bese ungakwazi ukunakekela izidingo zelungu lomkhaya wakho. Ungalinganisela kanjani phakathi kwemithwalo yakho yemfanelo yobuKristu nokunakekela isihlobo esigulayo noma esikhulile? Kukhona yini okungenziwa amalungu ebandla lobuKristu ukuze abonise ukucabangela abagulayo?

Ungalinganisela Kanjani?

Ukuze ulinganisele phakathi kwengokomoya nempilo yakho lapho unakekela isihlobo esigulayo, kudingeka uvumelane nezimo futhi wonge isikhathi sakho namandla. IzAga 11:2 zithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” Kulo mongo, igama elithi ‘isizotha’ lisho ukuqaphela ukulinganiselwa kwakho. Ukuze uqiniseke ukuthi awuzikhandli kakhulu, kungase kudingeke uhlole isimiso nemithwalo yakho yemfanelo.

USteve, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wabonisa ukuhlakanipha nesizotha ngokuhlolisisa imithwalo yakhe yemfanelo. Ngaphandle komsebenzi wokuziphilisa, wayekhonza njengomxhumanisi wendikimba yabadala futhi engumbonisi wenkonzo ebandleni lakubo e-Ireland. Wayephinde abe ilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela. USteve uthi: “UKim akakaze akhononde ngokuthi angimnaki ngokuchitha isikhathi esiningi kakhulu kule mithwalo yemfanelo. Kodwa ngangazi ukuthi ngangizikhandla ngokweqile.” USteve wasilungisa kanjani lesi simo? Uthi: “Ngemva kokuthandaza ngaso, nganquma ukuyeka ukukhonza njengomxhumanisi wendikimba yabadala. Ngaqhubeka ngikhonza njengomdala, kodwa ngokuphathisa abanye ebandleni eminye yale mithwalo yemfanelo, ngakwazi ukuba nesikhathi sokunakekela uKim.”

Ngokuhamba kwesikhathi, uKim waba ngcono. USteve noKim baphinde bahlola isimo sabo, futhi esekelwa umkakhe, waphinde wakwazi ukusingatha imithwalo yemfanelo ayenayo ebandleni. USteve uyachaza: “Siye safunda ukwenza lokho izimo zethu ezisivumela ukuba sikwenze. Ngimbonga kakhulu uJehova ngokungisiza, nomkami ngokungisekela engakhonondi naphezu kwempilo yakhe ebuthaka.”

Cabanga nangokuhlangenwe nakho kukaJerry, umbonisi ojikelezayo, nomkakhe uMaria. Kwadingeka bashintshe imigomo yabo ukuze banakekele abazali babo asebekhulile. UMaria uthi: “Mina nomyeni wami sasinomgomo wokuba izithunywa zevangeli kwelinye izwe. Nokho, uJerry unguzinyo-bulala kubo futhi abazali bakhe babedinga ukunakekelwa. Ngakho, sanquma ukuhlala e-Ireland ukuze sibanakekele. Ngokwenza lokho, sakwazi ukuqhubeka sinakekela ubabezala lapho esesibhedlela ngaphambi kokuba ashone. Manje sixhumana nsuku zonke nomamezala futhi asikude, uyakwazi ukusithola kalula noma nini uma esidinga. Ibandla ahlanganyela kulo alive libe wusizo futhi liye lasekela, okwenza sikwazi ukuqhubeka sijikeleza.”

Indlela Abanye Abangasiza Ngayo

Lapho edingida ukuthi iluphi usizo lwezinto ezibonakalayo okufanele lunikezwe abafelokazi asebekhulile ebandleni, umphostoli uPawulu wabhala: “Uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” UPawulu wakhumbuza amaKristu akanye nawo ukuthi ukuze inkambo yawo ‘yamukeleke emehlweni kaNkulunkulu,’ kwakumelwe anakekele abazali bawo asebekhulile nogogo nomkhulu. (1  Thim. 5:4, 8) Nokho, abanye ebandleni bangasiza futhi kufanele basize.

Cabanga ngoHakan no-Inger, umbhangqwana osukhulile ohlala eSweden. UHakan uthi: “Lapho kutholakala ukuthi umkami unomdlavuza, sobabili sethuka kakhulu. U-Inger ubelokhu engumqemane. Manje kwase kudingeka siye esibhedlela nsuku zonke ukuze ayokwelashwa, futhi imiphumela yalokho kwelashwa yayimwohloza. Phakathi nalesi sikhathi wayehlala ekhaya, futhi kwakudingeka ngibe naye ukuze ngimnakekele.” Ibandla labasiza kanjani?

Abadala ebandleni bahlela ukuba lo mbhangqwana ulalele imihlangano ngocingo. Ngaphezu kwalokho, abazalwane nodade babehlale bewuthinta ngocingo futhi bewuvakashela. Babebuye bawubhalele izincwadi namakhadi. UHakan uthi: “Sakuzwa ukusekelwa yibo bonke abazalwane nosizo lukaJehova. Lokhu kwasisiza ukuba sihlale siqinile ngokomoya. Okujabulisayo ukuthi u-Inger useluleme futhi sesiyakwazi ukuya emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso.” Lapho amalungu ebandla enza konke angakwenza ukuze asize abagulayo noma asebekhulile ebandleni, azibonisa ‘engabangane beqiniso ababonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi engabafowabo bomuntu abazalelwe isikhathi sosizi.’—IzAga 17:17.

UJehova Uyayazisa Imizamo Yakho

Ukunakekela isihlobo esigulayo kungakhandla ngempela. Nokho, iNkosi uDavide yabhala: “Uyajabula umuntu owenza ngokumcabangela ophansi,” njengomuntu odinga usizo ngoba egula.—IHu. 41:1.

Kungani labo abanakekela abagulayo bejabula? IzAga 19:17 zithi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” UNkulunkulu weqiniso unesithakazelo esikhulu ezincekwini zakhe eziqotho ezigulayo futhi uyambusisa umuntu ozibonisa umusa. Umhubi uDavide wahlabelela: “UJehova uqobo uyomsekela [lowo muntu] okhukhweni lokugula; ngokuqinisekile wonke umbhede wakhe uyowushintsha phakathi nokugula kwakhe.” (IHu. 41:3) Singaqiniseka ngokuthi uma kwenzeka umuntu onakekela abanye ngothando eba sebunzimeni, uJehova uyomsiza.

Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakuqaphela futhi uyakwazisa esikwenzayo lapho sinakekela isihlobo esigulayo! Nakuba ukwenza kanjalo kungase kudinge umzamo, imiBhalo isiqinisekisa ngokuthi “uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.”—Heb. 13:16.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 18]

Hlale uqinile ngokomoya futhi wamukele usizo lwabanye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela