Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 3/1 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Uyihlo Unesihe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • “Konke Akwenzayo Kunobulungisa”
    Sondela KuJehova
  • Lingisa UJehova—Bonisa Ubulungisa Nokulunga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Sikhonza UNkulunkulu “Ocebile Ngesihe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 3/1 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe inembile inkulumo ethi isihe sikaJehova sithambisa ubulungisa bakhe?

Nakuba le nkulumo iye yasetshenziswa, kungcono kakhulu ukuyigwema njengoba yenza kuzwakale sengathi isihe sikaJehova sithambisa noma sithiba ubulungisa bakhe, njengokungathi isihe sakhe sikhulu kunale mfanelo ethe ukuba lukhuni ewubulungisa. Lokho kuyiphutha.

Igama lesiHeberu elisho “ubulungisa” lingasho futhi “isahlulelo.” Ubulungisa buhlobene kakhulu nokulunga. Nokho, elithi ubulungisa livame ukusebenza kwezomthetho. Ngokuvamile akunjalo ngelithi ukulunga. Yiqiniso ukuthi ubulungisa bukaJehova bungahlanganisa nokukhipha isijeziso esifanele, kodwa futhi bungahilela nokusindisa labo abafanelwe insindiso. (Genesise 18:20-32; Isaya 56:1; Malaki 4:2) Ngakho ubulungisa bukaJehova akufanele bubhekwe njengobulukhuni noma obudinga ukuthanjiswa.

Igama lesiHeberu elisho “isihe” lingabhekisela esenzweni sokuzibamba lapho ukhipha isahlulelo. Lingabhekisela nasekuboniseni isihawu ngezenzo, ukunikeza usizo kwabasesimweni esibi.—Duteronomi 10:18; Luka 10:29-37.

UJehova unguNkulunkulu wakho kokubili ubulungisa nesihe. (Eksodusi 34:6, 7; Duteronomi 32:4; IHubo 145:9) Ubulungisa bakhe nesihe sakhe kokubili kuphelele futhi kusebenza ndawonye ngokuvumelana. (IHubo 116:5; Hoseya 2:19) Zombili lezi zimfanelo zilingana noma ziphelelisana ngokuphelele. Ngakho, uma singathi isihe sikaJehova sithambisa ubulungisa bakhe, kungadingeka sithi futhi ubulungisa bakhe buthambisa isihe sakhe.

U-Isaya waprofetha: “UJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela [“wobulungisa,” The New English Bible].” (Isaya 30:18) Lapha u-Isaya ubonisa ukuthi ubulungisa bukaJehova bubangela izenzo zesihe, hhayi ukuthi isihe sakhe sithambisa noma sithiba ubulungisa bakhe. UJehova ubonisa isihe ngoba enobulungisa futhi enothando.

Yiqiniso, umbhali weBhayibheli uJakobe wabhala: “Isihe sethaba ngokunqoba phezu kwesahlulelo.” (Jakobe 2:13b) Nokho, kulo mongo uJakobe akakhulumi ngoJehova kodwa ngamaKristu abonisa isihe—ngokwesibonelo, kwabahluphekile nabampofu. (Jakobe 1:27; 2:1-9) Lapho abantu abanesihe kanjalo belethwa ekwahlulelweni, uJehova uyakuqaphela ukuziphatha kwabo bese ngesihe ebathethelela ngesisekelo somhlatshelo weNdodana yakhe. Ngaleyo ndlela, ukuziphatha kwabo ngendlela enesihe kuyasinqoba noma isiphi isahlulelo sokulahlwa ebesibafanele.—IzAga 14:21; Mathewu 5:7; 6:12; 7:2.

Ngakho kuyiphutha ukuthi ubulungisa bukaJehova buthanjiswa isihe sakhe. KuJehova lezi zimfanelo ezimbili zilingana ngokuphelele. Futhi zombili zilingana nanezinye izimfanelo zikaJehova, ezinjengothando nokuhlakanipha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela