‘Umuntu Omuhle UNkulunkulu Uyamamukela’
KONKE ukuphila kuvela kuJehova uNkulunkulu. (IHubo 36:9) Yebo, “ngaye siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.” (IzEnzo 17:28) Izinhliziyo zethu azigcwali yini ukubonga uma sicabanga ngomvuzo awunika labo abanobuhlobo obuseduze naye? Phela, “isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade.” (Roma 6:23) Akuve kubalulekile ukuba sifune ukwamukelwa uJehova!
Umhubi usiqinisekisa ngokuthi ‘uNkulunkulu unika umusa.’ (IHubo 84:11) Uwunika bani? Ngokuvamile namuhla abantu babonisa abanye umusa ngenxa yemfundo, ingcebo, ibala, uhlanga, nokunye okunjalo. UNkulunkulu uwubonisa bani umusa? INkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo iyaphendula: “Umuntu omuhle uJehova uyamamukela, kodwa umuntu wemiqondo emibi uthi mubi.”—IzAga 12:2.
Kusobala ukuthi uJehova ujatshuliswa umuntu omuhle. Izimfanelo zomuntu omuhle zihlanganisa nokuzithiba, ukungakhethi, ukuthobeka, isihawu nokuba nengqondo. Imicabango yakhe ilungile, amazwi akhe ayakhuthaza, izenzo zakhe zinobulungisa futhi ziwusizo. Ingxenye yokuqala yesahluko 12 sencwadi yeBhayibheli, izAga, ibonisa indlela ubuhle okufanele bukuthonye ngayo ukuphila kwethu kwansuku zonke iveze nezinzuzo eziwumphumela wokubonisa le mfanelo. Ukuhlola lokho okushiwo lapho kuzosinika ‘ukuqondisisa kokwenza okuhle.’ (IHubo 36:3) Ukusebenzisa iseluleko sayo esihlakaniphile kuzosisiza ukuba uNkulunkulu asamukele.
Isiyalo Sibalulekile
“Othanda isiyalo ungothanda ulwazi,” kusho uSolomoni, “kodwa ozonda ukusolwa akacabangi.” (IzAga 12:1) Ngenxa yokuthi ulangazelela ukuzakha, umuntu omuhle uyasifisa isiyalo. Uyashesha ukusebenzisa iseluleko asithola emihlanganweni yobuKristu noma lapho exoxa nabanye. Kuye, amazwi asemiBhalweni nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini afana nezinkandi ezimshukumisela ukuba alandele inkambo elungile. Uhlwaya ulwazi futhi alusebenzisele ukwenza izindlela zakhe ziqonde. Yebo, othanda isiyalo uthanda nolwazi.
Asive sibalulekile isiyalo kubakhulekeli beqiniso—ikakhulu ukuzikhuza! Singase sifise ukuba nolwazi oluthé ukujula lweZwi likaNkulunkulu. Singase sifise ukuphumelela kakhudlwana enkonzweni yobuKristu futhi sibe abafundisi abangcono beZwi likaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Kodwa kudingeka sizithibe ukuze sifeze lezo zifiso. Ukuzithiba kudingekile nakwezinye izici zokuphila. Ngokwesibonelo, izinto ezenzelwe ukuvusa izifiso ezingafanele zixhaphakile namuhla. Akudingi yini ukuzithiba ukulawula iso ukuba lingagxili ezintweni ezingafanele? Ngaphezu kwalokho, njengoba “ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu [ku]kubi kusukela ebusheni,” ngempela kungavela umcabango ongcolile ekujuleni kwengqondo. (Genesise 8:21) Kudingeka ukuzithiba ukuze siphebeze umcabango onjalo.
Ngakolunye uhlangothi, umuntu ozonda ukusolwa akasithandi isiyalo nolwazi. Ngokuvumela ukuthambekela kobuntu okunesono ekwenqabeni ukusolwa, uzibeka ezingeni lesilwane—into engenangqondo—esintula izimiso zokuziphatha. Kumelwe simelane ngokuqinile nalokhu kuthambekela.
“Izimpande Ezingenakusishulwa”
Yiqiniso, umuntu omuhle akanakuba ongalungile noma ongenabulungisa. Ngakho nokulunga kuyadingeka ukuze samukelwe uJehova. INkosi uDavide yahlabelela yathi: “Wena, Jehova, uyobusisa noma ngubani olungile; uyobaphahla ngokwamukeleka, njengokungathi ngesihlangu esikhulu.” (IHubo 5:12) Eveza umahluko phakathi kwesimo sabalungile nesababi, uSolomoni uthi: “Akekho umuntu oyokuma aqine ngobubi; kodwa izimpande zabalungile, ngeke zinyakaziswe.”—IzAga 12:3.
Ababi bangase babonakale bephumelela. Cabanga ngalokho okwenzeka kumhubi u-Asafa. Uthi: “Mina, kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke, kusale kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.” Ngani? U-Asafa uyaphendula: “Ngaba nomona ngabaziqhayisayo, lapho ngibona ukuthula kwabantu ababi.” (IHubo 73:2, 3) Kodwa njengoba ayefika endaweni engcwele yethempeli likaNkulunkulu, waqaphela ukuthi uJehova wayebabeke emhlabathini oshelelayo. (IHubo 73:17, 18) Noma iyiphi impumelelo ababi abangabonakala beba nayo ingeyesikhashana. Kungani-ke kufanele sibe nomhawu ngabo?
Ngokungafani nabo, owamukelwa uJehova uzinzile. Esebenzisa isingathekiso sezimpande zesihlahla eziqinile, uSolomoni uthi: “Abantu abahle banezimpande ezingenakusishulwa.” (IzAga 12:3, The New English Bible) Izimpande ezingabonakali zesizemazema somuthi, njenge-sequoia yaseCalifornia, zingase zenabele endaweni engaphezu kwamahektare angu-1,5 zenze umuthi ukwazi ukumelana nezikhukhula nezivunguvungu ezinamandla. I-sequoia endekazi ingamelana ngisho nanokuzamazama komhlaba okukhulu.
Njengalezo zimpande ezisemhlabathini onothile, izingqondo nezinhliziyo zethu kudingeka zingene zijule eZwini likaNkulunkulu zimunce amanzi alo anika ukuphila. Ngaleyo ndlela ukholo lwethu luyagxila luqine, ithemba lethu liqiniseke lingantengantengi. (Hebheru 6:19) Ngeke ‘siyiswe lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso yenkohliso.’ (Efesu 4:14) Kuyiqiniso ukuthi siyoyizwa imiphumela yovivinyo olunjengesivunguvungu futhi singase sithuthumele ngenxa yobunzima. Kodwa ‘izimpande zethu ngeke zinyakaziswe.’
“Umfazi Onekhono Ungumqhele Kumnikazi Wakhe”
Abaningi bayasazi isisho (sesiNgisi) esithi “Indoda esekelwa umfazi okahle iyaphumelela.” Eveza ukubaluleka kowesifazane osekela umyeni wakhe, uSolomoni uthi: “Umfazi onekhono ungumqhele kumnikazi wakhe, kodwa owenza ngokuhlazisayo unjengokubola emathanjeni akhe.” (IzAga 12:4) Igama elithi “onekhono” lihlanganisa nezici eziningi zobuhle. Izimfanelo zowesifazane okahle, njengoba zichazwe ngokuningiliziwe encwadini yezAga isahluko 31, zihlanganisa nokukhuthala, ukwethembeka nokuhlakanipha. Owesifazane onalezi zimfanelo uwumqhele kumyeni wakhe ngoba ukuziphatha kwakhe okuhle kuletha udumo kuye futhi kwenza abanye bamhloniphe. Akalokothi agabadele noma ancintisane naye efuna ukuqashelwa. Kunalokho, ungumsizi ongumphelelisi womyeni wakhe.
Owesifazane angaziphatha kanjani ngokuhlazisayo, futhi kube namuphi umphumela? Lokhu kuziphatha okuhlazisayo kungasukela ekubeni ngumuntu onemibango kuye ekuphingeni. (IzAga 7:10-23; 19:13) Owesifazane owenza kanjalo umane nje umhudulela phansi umyeni wakhe. Ufana ‘nokubola emathanjeni’ ngomqondo wokuthi “umcekela phansi, njengesifo esenza buthaka umzimba,” ngokusho kwenye incwadi. Enye ithi, “ngokwenkulumo yanamuhla kungathiwa ‘umdlavuza’—isifo esiqeda umuntu amandla kancane kancane.” Kwangathi abafazi abangamaKristu bangalwela ukuba uNkulunkulu abamukele ngokuba nezimfanelo zomfazi onekhono.
Kuqala Imicabango Kulandele Izenzo Kulandele Imiphumela
Imicabango iholela ezenzweni, izenzo ziholele emiphumeleni. Ngokulandelayo uSolomoni ubonisa indlela imicabango eholela ngayo ezenzweni, eqhathanisa ababi nabahle. Uthi: “Imicabango yabalungile ingukwahlulela; ukuqondisa kwababi kuyinkohliso. Amazwi ababi angukuqamekela igazi, kodwa abaqotho bayokhululwa umlomo wabo.”—IzAga 12:5, 6.
Yona kanye imicabango yabantu abahle ihlanzekile futhi igxile ezintweni ezinhle nezilungile. Njengoba abalungile beshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangabanye abantu, izinhloso zabo zinhle. Ngakolunye uhlangothi, ababi bashukunyiswa ubugovu. Ngenxa yalokho, amacebo abo—izindlela zabo zokufinyelela imigomo yabo—ayakhohlisa. Izenzo zabo zinobuqili. Abangabazi ukumbekela ugibe ongenacala, mhlawumbe ngokummangalela ngamanga enkantolo. Amazwi abo ‘awukuqamekela igazi’ ngoba bafuna ukulimaza abangenacala. Abaqotho bayakwazi ukuyigwema le ngozi ngenxa yokuthi banolwazi ngamacebo amabi futhi banakho ukuhlakanipha okudingekayo ukuze baqaphe. Bangase bakwazi ngisho nokuxwayisa abangaqaphile futhi babakhulule emacebweni enkohliso abantu ababi.
Siyoba yini isigcino sabalungile nababi? “Ababi bayagumbuqelwa bangabikho, kodwa indlu yabalungile iyohlala imile,” kuphendula uSolomoni. (IzAga 12:7) Enye incwadi ithi le ndlu “imelela abendlu yomuntu nakho konke okuyigugu kuye okumenza aphile ngempela.” Ingabhekisela ngisho nasemkhayeni wolungile nasenzalweni yakhe. Noma ngabe ikuphi, iphuzu lalesi saga licacile: Olungile uyokuma aqine lapho ebhekene nobunzima.
Othobekile Kuyomhambela Kahle
Igcizelela ukubaluleka kokuqonda, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Umuntu uyodunyiswa ngenxa yomlomo wakhe onokuqonda, kodwa osontekile enhliziyweni uyokwedelelwa.” (IzAga 12:8) Umuntu onokuqonda akazivumeli aphahluke. Uyacabanga ngaphambi kokuba akhulume futhi unobuhlobo obunokuthula nabanye ngoba ‘umlomo onokuqonda’ umenza awakhethe kahle amagama akhe. Umuntu onokuqonda ‘uyawagodla amazwi akhe’ lapho kukhulunywa izindaba zokucabangela eziwubuwula. (IzAga 17:27) Umuntu onjalo uyadunyiswa futhi uJehova uyajatshuliswa nguye. Yeka ukuthi uhluke kanjani kumuntu onemibono esontekile evela ‘enhliziyweni esontekile’!
Yebo, uyadunyiswa umuntu onokuqonda, kodwa isaga esilandelayo sisifundisa ngokubaluleka kokuthobeka. Sithi: “Ungcono othathwa kalula kodwa ebe enenceku kunozikhazimulisayo kodwa ebe eswele isinkwa.” (IzAga 12:9) Kubonakala sengathi uSolomoni uthi kungcono ukuba ngumuntu ophansi onokuncane, onenceku eyodwa kuphela, kunokusebenzisa izinto eziyizidingo zokuphila emzamweni wokulondoloza izinga eliphezulu lokuphila. Yiseluleko esihlakaniphile ngempela lesi kithi—ukuba siphile ngokwalokho esinakho!
Impilo Yokulima Inikeza Izifundo Ngobuhle
Ethathela empilweni yokulima, uSolomoni ufundisa izifundo ezimbili ngobuhle. Uthi: “Olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo, kodwa isihe sababi sinesihluku.” (IzAga 12:10) Umuntu olungile uziphatha ngomusa izilwane zakhe. Uyazazi izidingo zazo futhi uyayikhathalela inhlalakahle yazo. Umuntu omubi angase athi uyazikhathalela izilwane, kodwa izidingo zazo aziyithinti imizwa yakhe. Ushukunyiswa ubugovu, futhi indlela aziphatha ngayo izilwane isekelwe enzuzweni angayenza ngazo. Lokho umuntu onjalo angase akubheke njengokuziphatha kahle izilwane kungase eqinisweni kube impatho eyisihluku.
Isimiso sokuphatha izilwane ngomusa siyasebenza nasekunakekeleni izilwane zasendlini. Akuve kungaba isihluku ukufuya izilwane bese sizibangela ukuhlupheka okungadingekile ngokungazinaki noma ngokuziphatha kabi! Uma isilwane sizwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yesifo noma ukulimala okubi, kungaba umusa ukusiqedela.
Ethathela kwesinye futhi isici sempilo yokulima—ukulima umhlabathi—uSolomoni uthi: “Olima umhlabathi wakhe uyokwaneliswa yisinkwa.” Ngempela, ukukhandleka okunenjongo kunemivuzo. “Kodwa ophishekela izinto ezingasizi ngalutho uswele inhliziyo.” (IzAga 12:11) Ngenxa yokuntula ukwahlulela okuhle noma ukuqonda, ‘oswele inhliziyo’ uphishekela izinto ezingenamsebenzi, ezingaqinisekile, nezingenanzuzo. Zicacile izifundo ezikula mavesi amabili: Yiba nomusa futhi ukhuthale.
Olungile Uyachuma
“Omubi ufisa inyamazane yabantu ababi,” kusho le nkosi ehlakaniphile. (IzAga 12:12a) Omubi ukwenza kanjani lokho? Kusobala ukuthi ukwenza ngokufisa impango etholakala ngezindlela ezimbi.
Kungathiwani ngomuntu omuhle? Umuntu onjalo uthanda isiyalo futhi ugxilile okholweni. Ulungile futhi unobulungisa; unokuqonda futhi uthobekile; unozwela futhi ukhuthele. Futhi uSolomoni uthi “impande yabalungile, iyathela,” noma “iyachuma.” (IzAga 12:12b; New International Version) “Impande yabalungile iyohlala phakade,” kusho i-American Translation. Umuntu onjalo uzinzile futhi ulondekile. Ngempela, ‘umuntu omuhle uNkulunkulu uyamamukela.’ Ngakho, ‘masethembele kuJehova senze okuhle.’—IHubo 37:3.
[Izithombe ekhasini 31]
Njengomuthi onempilo, ukholo lolungile lugxilile