Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 2/1 k. 24
  • ‘Bezwa’ Umyalezo WoMbuso EBrazil

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Bezwa’ Umyalezo WoMbuso EBrazil
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • ‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kuphaphamele Ukuthola Abantu Abayizithulu Ensimini Yenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 2/1 k. 24

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

‘Bezwa’ Umyalezo WoMbuso EBrazil

UKUZE bamemezele izindaba ezinhle zoMbuso kwabayizithulu, oFakazi BakaJehova abaningi baye bazimisela ukuqala umsebenzi onzima wokufunda uLimi Lwezandla LwaseBrazil. Imizamo yabo iveza imiphumela emihle kakhulu, njengoba kubonisa lokhu okulandelayo okwenzeka.

U-Eva,a owesifazane oyisithulu waseSão Paulo, waqala ukufunda ulimi lwezandla ngemva kokuba yena nezingane zakhe ezintathu sebehlala nendoda eyisithulu. Ngelinye ilanga besezitolo, u-Eva nesoka lakhe bahlangana neqembu loFakazi abayizithulu base bemenyelwa emhlanganweni eHholo LoMbuso. Bavuma becabanga ukuthi kwakuzoba umbuthano wokuzijabulisa.

Ngenxa yokuthi wayengalwazi kahle ulimi lwezandla, kuncane kakhulu u-Eva akuzwa kulowo mhlangano. Kamuva, oFakazi abambalwa bammemela ekhaya labo ukuze bajabulele ukudla okulula. Besebenzisa izithombe ezisencwajaneni ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, bachaza isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi umhlaba uzoba ipharadesi. U-Eva wakuthanda lokho akuzwa wayeseqala ukuba khona njalo emihlanganweni.

Ngokushesha ngemva kwalokho, u-Eva walishiya isoka lakhe ukuze aphile ngezindinganiso zeBhayibheli. Naphezu kokuphikiswa kanzima umkhaya wakhe, waqhubeka ethuthuka ngokomoya wabhapathizwa ngo-1995. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, u-Eva wabhalisela ukuba yiphayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Kusukela ngaleso sikhathi usesize abantu abane abayizithulu baze bazinikezela futhi babhapathizwa.

UCarlos wazalwa eyisithulu. Kusukela esemncane wahileleka ekusebenziseni izidakamizwa, ekuziphatheni okubi nasekwebeni. Ngenxa yokusongelwa elinye iqembu lezigelekeqe, wabalekela eSão Paulo wahlala noJoão isikhashana. UJoão naye wayeyisithulu njengoCarlos futhi ewumdlwembe.

Eminyakeni embalwa kamuva, uCarlos wezwa isigijimi soMbuso, okwamenza walungisa ukuphila kwakhe washada ngokusemthethweni. Ngemva kokwenza lokho imiBhalo ekushoyo, uCarlos wabhapathizwa ebonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova. Engazi uCarlos, uJoão naye wayesezizwile izindaba ezinhle futhi esenze nezinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe. Lapho ezwa ukuthi uJehova akakwamukeli ukusetshenziswa kwezithombe, uJoão wabalahla “osanta” bakhe ayenabo. Ngemva kokushiya indlela yakhe yangaphambili yokuphila, uJoão naye wabhapathizwa.

Yayingeve inkulu injabulo lapho uCarlos noJoão behlangana eHholo LoMbuso futhi bebona izinguquko ngamunye ayezenzile! Bobabili manje bayizinhloko zemikhaya ezinakekela imikhaya yazo futhi bangabamemezeli boMbuso abashisekayo.

Kumanje, eBrazil kunamabandla olimi lwezandla angu-30 namaqembu angu-154, anabamemezeli abangaphezu kuka-2 500, phakathi kwabo okunabangu-1 500 abayizithulu. EMihlanganweni Yesigodi ‘Yabafundisi BeZwi LikaNkulunkulu’ ka-2001 eyayiqhutshelwa abayizithulu eBrazil, kwaba khona abangaphezu kuka-3 000, kwabhapathizwa abangu-36. Kwethenjwa ukuthi ngesibusiso sikaJehova kusazoba nabaningi abengeziwe abayizithulu abazokwamukela isigijimi soMbuso.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela