Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb15 kk. 166-167
  • Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘UJehova Wenze Ubuso Bakhe Bakhanya Kubo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kuphaphamele Ukuthola Abantu Abayizithulu Ensimini Yenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indlela UNkulunkulu Azinakekela Ngayo Izithulu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Asibakhohliwe Abayizithulu
    Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
yb15 kk. 166-167

IDOMINICAN REPUBLIC

Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso

UJosé Pérez

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1960

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1982

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Lapho uJosé esengumfana, wadonswa uthando lwabazalwane wayesamukela iqiniso, nakuba ayengekho owayazi ulimi lwezandla ebandleni.

Isithombe ekhasini 166

LAPHO ngisemncane, ngaba isithulu ngabe sengifunda ulimi lwezandla esikoleni sezithulu. Ngaqala ukuzwa iqiniso ngineminyaka engu-11 lapho umkhaya wangakithi ongoFakazi ungimemela emihlanganweni yebandla. Nakuba ngingaziqondanga izinkulumo, ngamukelwa ngokufudumele ngase nginquma ukuqhubeka ngiya emihlanganweni. Abantu abaningi ebandleni bangimemela ukuyodla nabo nokwenza ezinye izinto.

Ngo-1982 ngaba ummemezeli, kamuva ngalowo nyaka ngabhapathizwa. Ngo-1984 ngashada no-Eva, naye oyisithulu. Nakuba sasingawaqondi ngokugcwele amaqiniso eBhayibheli, sabona ngothando, oluwuphawu lwethu, ukuthi yinhlangano kaJehova le futhi sakujabulela ukuba kulelo bandla.—Joh. 13:35.

Ngo-1992 kwenziwa amalungiselelo okufundisa abazalwane nodade uLimi Lwezandla LwaseMelika. Ngokushesha laba bamemezeli baqala ukufuna abantu abayizithulu babashumayeza izindaba ezinhle. Kwathi ngo-1994 umsebenzi ensimini yolimi lwezandla wanda masinyane lapho umbhangqwana wasePuerto Rico umenyelwa egatsheni ukuba ufundise abazalwane nodade abangu-25 ulimi lwezandla.

Kamuva kuwo lowo nyaka, mina no-Eva saqala ukuhlanganyela neqembu lolimi lwezandla elalisanda kwakhiwa. Kwakungemva kokuhlanganyela imihlangano ngolimi lwezandla lapho saqala khona ukuziqonda kahle izimfundiso zeBhayibheli, ezinjengenselele uSathane ayibekela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke nendima yoMbuso KaMesiya enjongweni kaNkulunkulu.

Ngo-December 1, 1995, kwamiswa amabandla oLimi Lwezandla LwaseMelika eSanto Domingo naseSantiago. Ngo-August 2014, kwase kunamabandla olimi lwezandla angu-26 namaqembu angu-18.

Mina no-Eva safundisa izingane zethu ezintathu ulimi lwezandla njengolimi lwasekhaya. Indodana yethu yokuqala u-Éber, isiza egatsheni lase-United States ngokuhumushela olimini lwezandla. Ngiyinceku ekhonzayo ebandleni, u-Eva uyiphayona elivamile.

Ukwanda ensimini yoLimi Lwezandla LwaseMelika kusukela ngo-1995 kuya ku-2014

  • 1995

    amabandla amabili

    Isithombe ekhasini 167
  • 2014

    amabandla angu-26, amaqembu angu-18

    Isithombe ekhasini 167
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela