Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 6/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngezilwane Ezifuywayo
    I-Phaphama!—2004
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuphatha Izilwane Ngonya—Ingabe Akulungile?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 6/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kuyisono ukubulala isilwane sasekhaya esigula kakhulu noma esesikhule kakhulu?

Abantu abaningi bathola izilwane ezihlukahlukene zithakazelisa futhi zijabulisa. Ezinye izilwane ezifuywayo ziba izilwane ezingabangane abahle. Ngokwesibonelo, izinja zaziwa ngokubalalela nangokubathanda kakhulu abanikazi bazo. Ngakho, ukusondelana abantu abangaba nakho nezilwane zasekhaya kuyaqondakala, ikakhulukazi isilwane osekuyiminyaka benaso.

Nokho, izilwane eziningi zasekhaya aziphili isikhathi eside kakhulu. Izinja zingaphila iminyaka engu-10 kuya kwengu-15 noma ngaphezudlwana, namakati ngokufanayo, kuye ngokuthi hlobo luni. Lapho sezikhule kakhulu, izilwane zasekhaya zingahlatshwa ukugula nokukhubazeka okungabangela ukucindezeleka kubanikazi bazo abakhumbula iminyaka yazo zisezincane futhi zisenamandla. Kungaba yisono yini ukukhulula izilwane ezinjalo osizini lwazo, ukuziphumuza?

UmKristu ufuna ukwenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu endleleni aphatha ngayo izilwane. Ukuziphatha ngonya ngokuqinisekile kuyangqubuzana nentando kaNkulunkulu, ngoba iZwi lakhe lithi: “Olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo.” (IzAga 12:10) Nokho, lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu ubheka izilwane ngendlela efanayo naleyo abheka ngayo abantu. Lapho uNkulunkulu edala abantu, wabonisa ukuthi kunomahluko ocacile phakathi kwabo nezilwane. Ngokwesibonelo, wanika abantu ithemba lokuphila phakade, kodwa akakaze adlulisele leli themba ezilwaneni. (Roma 6:23; 2 Petru 2:12) NjengoMdali, unelungelo lokukhetha ubuhlobo obufanele phakathi kwabantu nezilwane.

UGenesise 1:28 usitshela ukuthi ubuhlobo obunjani lobo. UNkulunkulu wathi kubantu bokuqala: “Nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.” Ngokufanayo, iHubo 8:6-8 lithi: “Konke [uNkulunkulu] ukubeké ngaphansi kwezinyawo zakhe [umuntu]: izimvu nezimbuzi nezinkomo, konke, nezilwane zasendle futhi, izinyoni zezulu nezinhlanzi zolwandle.”

UNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi bangazisebenzisa ngokufanele izilwane futhi bazibulale. Ngokwesibonelo, isikhumba sazo singasetshenziswa njengezingubo. UNkulunkulu futhi wanika abantu imvume yokudla inyama yezilwane ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa, enezela ekudleni okuyizimila ababekunikwe ekuqaleni.—Genesise 3:21; 4:4; 9:3.

Lokhu akugunyazi ukubulawa kwezilwane ngamabomu ngenjongo yokudlala. KuGenesise 10:9, iBhayibheli lichaza uNimrode ngokuthi “iphisi elinamandla.” Kodwa ivesi elifanayo lithi kwamenza ‘wamelana noJehova.’

Ngakho-ke, nakuba umuntu ebusa izilwane, akumelwe alisebenzise kabi lelo gunya kodwa kumelwe alisebenzise ngokuvumelana nezimiso zeZwi likaNkulunkulu. Lokhu kungahlanganisa nokungasivumeli isilwane sasekhaya ukuba sihlupheke ngokungadingekile ngenxa yokukhula kakhulu, ukulimala kabi, noma ukugula okubulalayo. Esimweni esinjalo, umKristu unomthwalo wemfanelo wokunquma ukuthi kumelwe enzeni. Uma enquma ukuthi kuyoba ukubonisa umusa ukungasivumeli isilwane sasekhaya siqhubeke sihlupheka ngaphandle kwethemba lokululama, angase akhethe ukusiphumuza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela