Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngezilwane Ezifuywayo
NJENGOBA sekuphawuliwe, umuntu wanikezwa umthwalo wokunakekela umhlaba nazo zonke izilwane ezikuwo. IBhayibheli lithi: “Konke [uNkulunkulu] ukubeké ngaphansi kwezinyawo zakhe: izimvu nezimbuzi nezinkomo, konke, nezilwane zasendle futhi, izinyoni zezulu nezinhlanzi zolwandle.”—IHubo 8:6-8; 115:16.
Kubalulekile ukuthi abantu bawufeza kanjani umthwalo wabo wemfanelo wokunakekela izilwane. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo.” (IzAga 12:10) Yebo, imithetho uNkulunkulu ayinika u-Israyeli yayisigcizelela ngokuphindaphindiwe isidingo sokuzibonelela izilwane. (Duteronomi 22:4, 10; 25:4) Lapho befeza umthwalo wabo wemfanelo, abantu baye bafuya izilwane zasekhaya, futhi baye bathambisa ngisho nezasendle base bezifuya.—Genesise 1:24.
Nokho, kuhle sikhumbule ukuthi iBhayibheli ligcizelela umahluko phakathi kwabantu nezilwane. Abantu, hhayi izilwane, benziwa ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu.’ (Genesise 1:26) Futhi nakuba izilwane zadalelwa ukuba ziphile isikhathi esilinganiselwe, abantu babenethemba lokuphila phakade emhlabeni. (Genesise 3:22, 23; IHubo 37:29) UJesu Kristu wathi ukuze sijabulele “ukuphila okuphakade,” kumelwe sibonise ukholo futhi singenise ulwazi ngoNkulunkulu—okuyizinto izilwane ezingenakukwazi ukuzenza. (Johane 3:36; 17:3) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lifanisa labo abangalufanelekele uvuko ‘nezilwane ezingenangqondo ngokwemvelo ezizalelwa ukuba zibanjwe futhi zibhujiswe.’—2 Petru 2:9-12.
Zadalelwa Inzuzo Yomuntu
UNkulunkulu wadala izilwane ngokwenzuzo yabantu. Izilwane zingabasiza ukuba benze umsebenzi wabo futhi zingaba abangane kubo. Ziphakamisa nothando kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuqinisekile kuyajabulisa ukubuka ubuhle bezilwane nokufunda okwengeziwe ngoMdali ngokubhekisisa ukuhlakanipha kwazo okumangalisayo okungokwemvelo. (IHubo 104:24; IzAga 30:24-28; Roma 1:20) Esinye sezibonelo eziningi zokuhlakanipha okunjalo sibonakala ezinambuzaneni. Iyamangalisa ngempela indlela izinyosi ezikhulumisana ngayo nezilandela ngayo iziyalezo zokuya emithonjeni yokudla—ingasaphathwa indlela eziwakha ngayo amakhekheba azo ayinkimbinkimbi.
Izilwane zingabazuzisa abantu ngokuba ukudla. Ekuqaleni, uNkulunkulu wayenikeze abantu uhlaza kuphela njengokudla kwabo. Kodwa eminyakeni engaphezu kuka-1 600 kamuva—ngemva kweSikhukhula sosuku lukaNowa—uNkulunkulu wathi: “Zonke izilwane ezihambayo eziphilayo zingaba ukudla kini. Njengezimila eziluhlaza, ngininika zona zonke.” (Genesise 1:29; 9:3) Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu wabavumela abantu ukuba badle izilwane. Kusobala ukuthi le mvume yayizuzisa umuntu, nakuba ekuqaleni uNkulunkulu ayengazange afake inyama njengengxenye yokudla komuntu.
Izinkinga Ngezilwane Ezifuywayo Namuhla
Kubonakala sengathi phakathi nawo wonke umlando, izilwane zazingavamile ukugcinwa endlini, futhi lokhu kusenjalo ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Nokho, ezikhathini zamuva nje, njengoba abantu bethuthela emadolobheni futhi beceba, sekuyinto evamile ukuba nezilwane ezihlala endlini. Lokhu kuye kwadala izinkinga ezithile emazweni asethuthukile.
Phakathi kwezilwane ezifuywayo ezibalelwa ezigidini ezingu-500 emhlabeni wonke, ezingaba amaphesenti angu-40 zitholakala kwelase-United States. Kulelo zwe, kunezinja eziyizigidi ezingu-59 namakati ayizigidi ezingu-75. Nokho, eLondon naseParis kuneziningi zalezi zilwane endlini ngayinye kunaseNew York City!
Eminyakeni embalwa edlule eParis, kwaqashwa izinqodlana ezingaba ngu-70 okuthiwa ama-caninette ukuba zisuse indle yezinja emigwaqweni. Kulinganiselwa ukuthi indle yezinja zaseParis ezingaba ngu-250 000 yayiba amathani angu-25 ngosuku, engaphansi kwengxenye yayo yayiqoqwa ngama-caninette. Kubikwa ukuthi abantu abaningi babelimala futhi balaliswe esibhedlela minyaka yonke ngemva kokushelela benyathelé indle yezinja.
Kukhona-ke nenkinga yomsindo. Abanye abanikazi bezinja babekezelela ukuziphatha kwezilwane zabo abebengeke bakubekezelele kubantu. Ngokwe-Pet Care Forum, “abanikazi bezinja ezikhonkotha njalo kubonakala behlakulela ikhono lokuwuziba umsindo.” Ngokwesibonelo, abanye abazikhuzi izinja zabo uma zikhonkotha, ngisho nalapho umsindo wazo uphazamisa ingxoxo ebalulekile.
Ngakolunye uhlangothi, inja ingase ibe nokuthula yaneliseke lapho inomniniyo kodwa ibe uhlupho emphakathini uma umniniyo engekho. Kuyiqiniso ukuthi abanikazi bezilwane ezifuywayo bangase bazithande izilwane zabo yize zinamaphutha, kodwa umakhelwane osebenza ebusuku noma umama ongumakhelwane ozama ukulalisa usana lwakhe angase angakuthetheleli ezikwenzayo. Ngaphezu kwalokho, izilwane ezinesithukuthezi zingase ziziphathe ngendlela ecekela phansi, zicindezeleke futhi zibe nolaka.
Ukwanda ngokushesha kwezilwane ezifuyiwe kuyinkinga enkulu ikakhulukazi emadolobheni. Kulinganiselwa ukuthi kuzalwa izinja eziyizigidi ezingu-17 namakati ayizigidi ezingu-30 unyaka ngamunye e-United States. Izigidi zalezi zilwane zigcina zisezikhungweni zezilwane, lapho unyaka ngamunye kulelo zwe kuphela kulinganiselwa ukuthi kubulawa eziyizigidi ezine kuya kweziyisithupha.
Kungani izilwane eziningi kangaka zithunyelwa ezikhungweni zezilwane? Ngokuvamile kungenxa yokuthi uthando ngesilwane esifuywayo luphela ngokushesha. Umdlwane othandekayo noma umthinyane omuhle uyakhula ube yisilwane esikhulu esidinga ukunakekelwa. Kodwa kungase kungabikho muntu ekhaya onesikhathi noma isineke sokudlala noma sokuqeqesha leso silwane. Umlobi onguchwepheshe wezilwane uDkt. Jonica Newby uthi: “Ngokuphambene nalokho iningi elikucabangayo, ucwaningo olwenziwe emhlabeni wonke lubonisa ngokungaguquki ukuthi isigamu sezinja ezithunyelwa ezikhungweni zezilwane zisuke zingalahliwe, kodwa abanikazi baziyisa lapho ngoba sebekhathele ukukhonkotha kwazo, ukucekela phansi, noma umdlandla wezilwane zabo.”
Ipheshana elikhuluma ngokwanda ngokweqile kwezilwane ezifuywayo lifingqa lesi simo ngale ndlela: “Izilwane eziphilayo seziyizinto zokulahlwa ezigonwa lapho zisezinhle bese zilahlwa uma seziwuhlupho. Ukunganakwa okunjalo kwezilwane kwandile futhi kuwohloza izindinganiso zethu.”
Izici Ezibalulekile Okufanele Zicatshangelwe
Ukufuya isilwane, ikakhulukazi edolobheni, kudinga ukucatshangelwa ngokujulile. Izilwane ezinomdlandla zidinga ukuvivinya umzimba nsuku zonke ukuze zihlale ziphilile. “Inhlolo-vo Kazwelonke Yabantu Nezilwane” e-Australia yathi: “Ukuhambahamba nokuzivivinya kuyinto edingwa umzimba neshukumisa ingqondo yenja. Kungaba inkinga ukulawula izinja ezingawuvivinyi ngokwanele umzimba.” Nokho, abanikazi bezilwane abaningi basuke bekhathele beyingcuba ngemva kokusebenza kanzima usuku lonke ukuba bangakhipha izinja zabo zithi ukuhambahamba zisebenzise amandla abelokhu evalelekile.
Ngakho abantu abafuna ukufuya izilwane kufanele bazibuze le mibuzo: ‘Ingabe ngizokwazi ukusinakekela kahle isilwane engisifuyile? Ingabe indlela yami yokuphila izokwenza ukuba isilwane engisifuyile singakutholi ukunakwa usuku lonke? Ngizoba naso yini isikhathi sokukhipha isilwane sami sishaywe umoya noma sokudlala naso? Uma inja yami idinga ukuqeqeshwa, ingabe ngizimisele ukuyiqeqesha noma ukuyiyisa esikoleni sokuqeqesha izinja? Ingabe ukufuya isilwane kuzongiphuca isikhathi sezinto ezibaluleke kakhudlwana?’
Enye indaba okufanele icatshangelwe ukuthi ukufuya isilwane kuyabiza. Inhlolo-vo yabanikazi bezilwane yathola ukuthi izindleko zikadokotela zokunakekela inja ngonyaka e-United States zazingu-R1 407, kanti ezokunakekela ikati zazingu-R746. Lezo zindleko zazingahlanganisi ukudla okudingekayo nezinye izidingo zansuku zonke. Ngaphezu kwalokho, kweminye imiphakathi kunezindleko zokubhalisa lezo zilwane.
Kuyinselele Ukuba Nombono Olinganiselayo
Kumelwe ukuba uMdali wethu uyajabula lapho sijabulela indalo yakhe eyizilwane futhi siyiphatha ngothando. Khona-ke, uyavuma yini ukuthi akunakuba yinto efanele ukuphatha izilwane ngonya? Nokho, njengendlela yokuzijabulisa, abantu bavame ukuvumela izilwane, ezinjengezinkunzi, izinja nezinkukhu, ukuba ziphathwe ngesihluku futhi zife ngokuqhathwa. Ngeshwa, indlela abantu abaphatha ngayo izilwane ayihambisani njalo nozwela uNkulunkulu ayehlose ukuba ziphathwe ngalo.
Ngakolunye uhlangothi, indlela abanye abantu abakhathalela ngayo izilwane abazifuyile iza ngaphambi kwezinto ezibaluleke kakhulu. Eqinisweni, uma ukuthanda izilwane kungalawulwa ngendlela enengqondo, ukuphila kwezilwane kungabonakala kubaluleke ngisho nangaphezu kokwabantu. Ngokwesibonelo, lapho kuqubuka umlilo esibhedlela esithile sezilwane, ngesikhathi abanikazi bazo bemi ngaphandle, kubikwa ukuthi abanye “bazama ukuphulukundlela ezisebenzini zomlilo ezazizungeze le ndawo, bekhala bethi babefuna ukufa nezithandwa zabo.”
Kuyiqiniso ukuthi kungadabukisa kakhulu, kubangele ngisho nosizi, ukubona isilwane osithandayo sifa. Kodwa nasesimweni esinjalo, kufanele kube nokulinganisela okuthile. Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, izilwane azidalwanga ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi zazingahloselwe ukuba ziphile phakade, njengabantu. Likhuluma ngendlela uNkulunkulu enza ngayo abantu, iBhayibheli lithi: “Ufake ngisho nobuphakade ezingqondweni zabo.” Kodwa akushiwo kanjalo ngezilwane.—UmShumayeli 3:11, Byington.
Ngakho, iBhayibheli alisho ukuthi akulungile ukubulala izilwane—empeleni, okwamanje ziwumthombo ovamile wokudla kwezigidi zabantu. Kodwa kuthiwani ngokubulala isilwane osifuyile—ngokwesibonelo, isilwane esigulayo futhi esihluphekayo? Leso kungaba yisinqumo esinzima nesicindezela ngempela! Kodwa, umuntu othanda isilwane asifuyile angase aphethe ngokuthi ukwenza kanjalo ngendlela esheshayo nengebuhlungu kungcono kunokunikeza isilwane sakhe esiqotho ukwelashwa okubizayo okunweba nje isikhathi sokuhlupheka—nokungase kuqede imali yomkhaya.
UNkulunkulu uyithanda ngokujulile indalo yakhe engabantu; ingabe thina akufanele sizibonelele futhi sizithande izilwane asiphathise zona ukuba sizinakekele futhi sizengamele? Labo abanothando olunjalo ngokuvamile baye bakhangwa amathemba amangalisayo okujabulela ukusondelana nezilwane njengoba uMdali wethu ayehlosile ekuqaleni. Isihloko esiphetha lolu chungechunge sizoxoxa ngalesi sici sendaba yezilwane ezifuywayo.
[Isithombe ekhasini 15]
Kungani izigidi zezilwane ezikhungweni zezilwane zibulawa unyaka ngamunye?
[Umthombo]
© Hulton-Deutsch Collection/CORBIS
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Ukufuya isilwane kungadinga okungaphezu kwalokho abaningi abakuqaphelayo, ikakhulukazi kubantu abahlala emadolobheni
[Isithombe ekhasini 17]
UMdali wethu uyajabula uma siphatha izilwane ngomusa