UJehova, UNkulunkulu Weqiniso
“Ungikhululile, Jehova Nkulunkulu weqiniso.”—IHUBO 31:5.
1. Kwakunjani ezulwini nasemhlabeni ngesikhathi kungekho manga?
KWAKE kwaba khona isikhathi lapho kwakungekho manga. Emazulwini angabonakali kwakuhlala izidalwa zomoya eziphelele, zikhonza uMdali wazo, ‘uNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5) Kwakungekho manga, kungekho nkohliso. UJehova wayekhuluma okuyiqiniso emadodaneni akhe omoya. Wenza kanjalo ngoba wayewathanda amadodana akhe futhi enesithakazelo esijulile enhlalakahleni yawo. Isimo emhlabeni naso sasinjalo. UJehova wadala indoda nowesifazane bokuqala, futhi ngomzila okhethwe nguye, wayelokhu ekhuluma nabo ngendlela ecacile, engagwegwesi neneqiniso. Yeka indlela okumelwe ukuba kwakumangalisa ngayo!
2. Ubani owasungula amanga, futhi kungani?
2 Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, enye indodana kaNkulunkulu yomoya, ngokwedelela yanquma ukuzimisa unkulunkulu oyimbangi, iphikisane noJehova. Lesi sidalwa somoya, esabe sesaziwa ngokuthi uSathane uDeveli, safuna ukuba abanye basikhulekele. Ukuze afinyelele umgomo wakhe, uSathane wasungula amanga ukuze awasebenzisele ukufaka abanye ngaphansi kokuqondisa kwakhe. Ngokwenza kanjalo, waba yikho kokubili ‘umqambimanga noyise wamanga.’—Johane 8:44.
3. U-Adamu no-Eva basabela kanjani emangeni kaSathane, futhi kwaba namiphi imiphumela?
3 Esebenzisa inyoka, uSathane watshela u-Eva, owesifazane wokuqala, ukuthi uma ewushaya indiva umyalo kaNkulunkulu adle isithelo esenqatshelwe, wayengeke afe. Kwakungamanga lawo. USathane waqhubeka etshela u-Eva ukuthi uma esidla isithelo uzofana noNkulunkulu, azi okuhle nokubi. Nalokhu, kwakuwukusenga ezimithiyo. Nakuba u-Eva ayengakaze atshelwe amanga, kumelwe ukuthi waqaphela ukuthi lokho ayekuzwa kushiwo inyoka kwakungavumelani nalokho uNkulunkulu ayekutshele u-Adamu, umyeni wakhe. Noma kunjalo, u-Eva wakhetha ukukholelwa uSathane, hhayi uJehova. Ekhohliswe ngokuphelele, u-Eva wasithatha isithelo, wasidla. Kamuva, u-Adamu naye wasidla. (Genesise 3:1-6) Njengo-Eva, u-Adamu wayengakaze awezwe amanga, kodwa-ke yena akakhohliswanga. (1 Thimothewu 2:14) Ngezenzo zakhe, wabonisa ukumlahla uMenzi wakhe. Isintu sathola imiphumela eyinhlekelele. Ngenxa yokungalaleli kuka-Adamu, isono nokufa—kanye nenkohlakalo nezinto eziningi ezibangela usizi—kwasakazekela kuyo yonke inzalo yakhe.—Roma 5:12.
4. (a) Imaphi amanga aqanjwa e-Edene? (b) Kufanele senzeni ukuze singadukiswa uSathane?
4 Amanga nawo asakazeka. Kufanele siqonde ukuthi lawo manga aqanjwa ensimini yase-Edene ayewusongo olubhekiswe ekubeni neqiniso kukaJehova uqobo. USathane wagomela ngokuthi uNkulunkulu, ngokukhohlisa, wayencisha umbhangqwana wokuqala ongabantu okuthile okuhle. Ngokuqinisekile, lokho kwakungenjalo. U-Adamu no-Eva abazuzanga lutho ngokungalaleli kwabo. Bafa, njengoba nje uJehova ayeshilo. Noma kunjalo, uSathane waqhubeka ehlasela uJehova ngokunyundela, kangangokuthi, emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uJohane waphefumulelwa ukuba abhale ukuthi uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Ukuze sigweme ukudukiswa uSathane uDeveli, kufanele sikwethembe ngokuphelele ukuba neqiniso kukaJehova neZwi lakhe. Ungakwakha futhi ukuqinise kanjani-ke ukuthembela kwakho kuJehova, umelane ngokuqinile nenkohliso namanga agqugquzelwa iSitha sakhe?
UJehova Uyalazi Iqiniso
5, 6. (a) UJehova unaluphi ulwazi? (b) Lunjani ulwazi lwabantu uma luqhathaniswa nolukaJehova?
5 IBhayibheli likhomba uJehova ngokuphindaphindiwe njengalowo “owadala zonke izinto.” (Efesu 3:9) “[Nguye] owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho.” (IzEnzo 4:24) Njengoba uJehova enguMdali, wazi iqiniso ngazo zonke izinto. Ngokwesibonelo: Cabanga ngendoda eziklamela futhi izakhele yona indlu yayo, ibeke isitini ngasinye, izibambele mathupha wonke umsebenzi. Leyo ndoda iyoyazi leyo ndlu njengoba izazi yona futhi iyoyiqonda ukudlula noma ubani owayebukele. Abantu bazazi kahle izinto abaziklamayo nabazenzayo. Ngokufanayo, uMdali wazi ukusuka nokuhlala kwakho konke akudalile.
6 Umprofethi u-Isaya wabuveza kahle ububanzi bolwazi lukaJehova. Siyafunda: “Ngubani olinganise amanzi enkothweni yesandla sakhe, walinganisa ububanzi bamazulu ngokwawo ngobubanzi besandla sakhe wafaka esilinganisweni uthuli lomhlaba, noma wakala izintaba ngesikali, namagquma wawakala esikalini? Ngubani olinganise umoya kaJehova, ngubani futhi njengomuntu wakhe omelulekayo ongamenza azi utho? Ngubani abonisané naye ukuze amenze aqonde, futhi ngubani omfundisa indlela yobulungisa, noma omfundisa ulwazi, noma omenza azi indlela yokuqonda kwangempela?” (Isaya 40:12-14) Ngempela, uJehova “unguNkulunkulu wolwazi” futhi ‘uphelele ngolwazi.’ (1 Samuweli 2:3; Jobe 36:4; 37:16) Akuve kukuncane esikwaziyo uma kuqhathaniswa nokukaJehova! Naphezu kolwazi oluhlaba umxhwele isintu esiye saluqoqa, ukuyiqonda kwethu indalo ebonakalayo akufinyeleli ngisho ‘nasemaphethelweni ezindlela zikaNkulunkulu.’ Kufana ‘nomnyenyezo’ lapho uqhathaniswa ‘nokuduma okunamandla.’—Jobe 26:14.
7. Waqaphelani uDavide ngolwazi lukaJehova, futhi ngenxa yalokho, yini okumelwe siyivume?
7 Njengoba uJehova asidala, kusobala ukuthi usazi kahle kamhlophe. INkosi uDavide yakuqaphela lokhu. Yabhala: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami. Ucabangelé umcabango wami ukude. Ukuhamba kwami nokulala kwami ngenabe ukulinganisile, futhi usujwayelene ngisho nanazo zonke izindlela zami. Ngoba akukabikho zwi olimini lwami, kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.” (IHubo 139:1-4) Yebo, uDavide waqaphela ukuthi abantu banenkululeko yokuzikhethela—uNkulunkulu usenze sakwazi ukukhetha ukumlalela noma ukungamlaleli. (Duteronomi 30:19, 20; Joshuwa 24:15) Nokho, uJehova usazi kangcono kakhulu kunokuba sizazi thina. Usifunela okungcono kakhulu, futhi uyakwazi ukuqondisa izindlela zethu. (Jeremiya 10:23) Ngempela, akukho mfundisi, akukho sazi, akukho meluleki okuhlomele kangcono ukusifundisa iqiniso, asenze sihlakaniphe futhi sijabule.
UJehova Uneqiniso
8. Sazi kanjani ukuthi uJehova uneqiniso?
8 Kungenye into ukulazi iqiniso, kodwa kungenye into ehluke kakhulu ukulikhuluma njalo, ukuba neqiniso. Ngokwesibonelo, uDeveli wakhetha ‘ukungami aqine eqinisweni.’ (Johane 8:44) Ngokuphambene, uJehova ‘uchichima iqiniso.’ (Eksodusi 34:6) ImiBhalo ikufakazela njalo ukuba neqiniso kukaJehova. Umphostoli uPawulu wathi ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga,’ wathi futhi uNkulunkulu ‘akanakuqamba amanga.’ (Hebheru 6:18; Thithu 1:2) Ukuba neqiniso kuyingxenye ebalulekile yobuntu bukaNkulunkulu. Singancika futhi sithembele kuJehova ngoba uneqiniso; akakaze abakhohlise abathembekileyo bakhe.
9. Igama likaJehova lihlobene kanjani neqiniso?
9 Lona kanye igama likaJehova lifakazela ukuba kwakhe neqiniso. Igama likaNkulunkulu lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Le ncazelo ikhomba uJehova njengalowo oqhubeka njalo eba nguMgcwalisi wakho konke akuthembisayo. Akekho omunye okwazi ukwenza into enjalo. Njengoba uJehova engoPhezukonke, akukho lutho olungavimba ukugcwaliseka kwezinjongo zakhe. Akukhona nje ukuthi uJehova uneqiniso kuphela kodwa futhi uyena kuphela onamandla nokuhlakanipha kokwenza konke akushoyo ukuba kugcwaliseke.
10. (a) UJoshuwa wazibonela kanjani ukuba neqiniso kukaJehova? (b) Iziphi izithembiso zikaJehova oye wazibona zigcwaliseka?
10 UJoshuwa wayengomunye wabaningi abazibonela ngawabo izimangaliso ezifakazela ukuba neqiniso kukaJehova. UJoshuwa wayeseGibhithe ngesikhathi uJehova ehlisa izinhlupho eziyishumi phezu kwesizwe sakhona, ngayinye eyibikezela kusengaphambili. Phakathi kwezinye izinto ezabikezelwa, uJoshuwa wabona ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova zokukhulula ama-Israyeli eGibhithe nokuwaholela eZweni Lesithembiso, enqoba amabutho anamandla aseKhanani ayemelana nama-Israyeli. Ngasekupheleni kokuphila kwakhe, uJoshuwa watshela amadoda amadala esizwe sakwa-Israyeli: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.” (Joshuwa 23:14) Nakuba ungakaze uzibonele ngawakho izimangaliso ezabonwa uJoshuwa, ingabe uye wakubona ukuba neqiniso kwezithembiso zikaNkulunkulu ekuphileni kwakho?
UJehova Wembula Iqiniso
11. Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna ukudlulisela iqiniso esintwini?
11 Cabanga ngomzali onolwazi olubanzi kodwa oqabukelayo ekhuluma nezingane zakhe. Awubongi yini ngokuthi uJehova akanjalo? Ngothando uJehova uyakhuluma nesintu, futhi ukwenza ngomusa. ImiBhalo imbiza ‘ngoMfundisi Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Ngomusa wakhe ongafanelwe, uxhumana ngisho nalabo abangathambekele ekumlaleleni. Ngokwesibonelo, uHezekeli wabelwa ukuyoshumayela kulabo uJehova ayebazi ukuthi ngeke balalele. UJehova wathi: “Ndodana yomuntu, hamba ungene phakathi kwendlu ka-Israyeli, ukhulume ngamazwi ami kuyo.” Wabe esexwayisa: “Ngeke ifune ukukulalela, ngoba ayifuni ukungilalela; ngoba bonke abendlu ka-Israyeli banamakhanda alukhuni nezinhliziyo ezilukhuni.” Kwakuyisabelo esinzima leso, kodwa uHezekeli wasenza ngokwethembeka, futhi ngokwenza kanjalo, wayebonisa ububele bukaJehova. Uma uzithola usesabelweni sokushumayela esinzima futhi uthembela kuNkulunkulu, ungaqiniseka ukuthi uyokuqinisa njengoba aqinisa umprofethi uHezekeli.—Hezekeli 3:4, 7-9.
12, 13. UNkulunkulu uye waxhumana ngaziphi izindlela nabantu?
12 UJehova ufisa ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Ukhulumile ngabaprofethi, wakhuluma ngezingelosi, wakhuluma ngisho nangeNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu. (Hebheru 1:1, 2; 2:2) KuPilatu, uJesu wathi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso. Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” UPilatu wayenethuba elingenakuqhathaniswa lokufundiswa ngokuqondile yiNdodana kaNkulunkulu iqiniso ngelungiselelo likaJehova lensindiso. Nokho, uPilatu wayengekho ngasohlangothini lweqiniso, futhi wayengafuni ukufunda kuJesu. Kunalokho, uPilatu waphendula sakubhuqa: “Liyini iqiniso?” (Johane 18:37, 38) Akuve kudabukisa! Nokho, abaningi balilalela iqiniso uJesu ayelimemezela. Wathi kubafundi bakhe: “Ayajabula amehlo enu ngoba ayabona, nezindlebe zenu ngoba ziyezwa.”—Mathewu 13:16.
13 UJehova uye walilondoloza iqiniso ngokusebenzisa iBhayibheli futhi wenza ukuba litholakale kubantu yonke indawo. IBhayibheli lembula izinto njengoba zinjalo. Lichaza izimfanelo zikaNkulunkulu, izinjongo zakhe, nemiyalo yakhe, kanye nesimo sesintu njengoba sinjalo. UJesu wathi kuJehova emthandazweni: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Ngenxa yalokhu, iBhayibheli liyincwadi ehlukile. Ilona lodwa elabhalwa ngaphansi kokuphefumulelwa uNkulunkulu owazi zonke izinto. (2 Thimothewu 3:16) Liyisipho esiyigugu esintwini, isipho izinceku zikaNkulunkulu ezisazisa kakhulu. Siyobe senza ngokuhlakanipha uma silifunda nsuku zonke.
Bambelela Ngokuqinile Eqinisweni
14. Iziphi ezinye zezinto uJehova athi uzozenza, futhi kungani kufanele simkholwe?
14 Kufanele sikuthathe ngokungathí sina lokho uJehova asitshela khona eZwini lakhe. Uyilokho athi uyikho, futhi uyokwenza lokho athi uyokwenza. Sinazo zonke izizathu zokuthembela kuNkulunkulu. Singamkholelwa uJehova lapho ethi uyoletha “impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:8) Singamethemba futhi uJehova uma ethi uyabathanda labo abaphishekela ukulunga, lapho ethi uyobanika ukuphila okuphakade labo ababonisa ukholo, nalapho ethi uyobuqeda ubuhlungu, ukukhala, ngisho nokufa. UJehova wagcizelela ukuba nokwethenjelwa kwalesi sithembiso sokugcina ngokunika umphostoli uJohane lo myalo: “Loba, ngoba la mazwi athembekile ayiqiniso.”—IsAmbulo 21:4, 5; IzAga 15:9; Johane 3:36.
15. Imaphi amanye amanga uSathane awaqambayo?
15 USathane uhluke ngokuphelele kuJehova. Kunokuba aqondise, uyadukisa. Ukuze afinyelele injongo yakhe yokuyekisa abantu ukukhulekela okumsulwa, uSathane uqamba intilibathwa yamanga. Ngokwesibonelo, uSathane ubengathanda ukuba sikholwe ukuthi uNkulunkulu ukude lé nathi futhi akuthi díki kuYe ngokuhlupheka okusemhlabeni. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uzikhathalela ngokujulile izidalwa zakhe futhi uyabuzonda ububi nokuhlupheka. (IzEnzo 17:24-30) USathane ufuna futhi ukuba abantu bakholelwe ukuthi ukuphishekela izinto ezingokomoya kuwukudlala ngesikhathi. Ngokuphambene nalokho, imiBhalo isiqinisekisa ngokuthi “uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” Ngaphezu kwalokho, ikubeka ngokucacile ukuthi “uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 6:10; 11:6.
16. Kungani kufanele amaKristu ahlale eqaphile futhi ebambelele ngokuqinile eqinisweni?
16 Ngokuqondene noSathane, umphostoli uPawulu wabhala: “Unkulunkulu walesi simiso sezinto [u]ye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:4) Njengo-Eva, abanye bakhohliswe ngokuphelele uSathane uDeveli. Abanye balandela inkambo ka-Adamu, okwathi engakhohliswanga, ngamabomu wakhetha indlela yokungalaleli. (Jude 5, 11) Ngakho-ke, kubalulekile ngamaKristu ukuba ahlale eqaphile, ebambelele ngokuqinile eqinisweni.
UJehova Ufuna ‘Ukholo Olungenabuzenzisi’
17. Kumelwe senzeni ukuze sithole umusa kaJehova?
17 Njengoba eneqiniso ezindleleni zakhe zonke, uJehova ulindele labo abamkhulekelayo ukuba nabo babe neqiniso. Umhubi wabhala: “O Jehova, ngubani oyoba yisimenywa etendeni lakho? Ngubani oyohlala entabeni yakho engcwele? Yilowo ohamba ngokungenaphutha futhi okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.” (IHubo 15:1, 2) KumaJuda ayehlabelela lawo mazwi, ukuphathwa kwentaba kaJehova engcwele, ngokungangabazeki kwakuwakhumbuza iNtaba iZiyoni, lapho iNkosi uDavide yaletha khona umphongolo wesivumelwano etendeni eyayilimise khona. (2 Samuweli 6:12, 17) Intaba kanye netende kwakuwakhumbuza ngendawo uJehova ayehlala kuyo ngokomfanekiso. Abantu babengaya kuNkulunkulu kuleyo ndawo ukuyocela umusa wakhe.
18. (a) Kudingekani ukuze ube ngumngane kaNkulunkulu? (b) Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 Noma ubani ofuna ubungane noJehova kufanele akhulume iqiniso “enhliziyweni yakhe,” hhayi nje ngezindebe zakhe kuphela. Abangane bakaNkulunkulu beqiniso kufanele bathembeke ezinhliziyweni zabo, banikeze ubufakazi ‘bokholo olungenabuzenzisi,’ ngoba izenzo zeqiniso zivela enhliziyweni. (1 Thimothewu 1:5; Mathewu 12:34, 35) Umngane kaNkulunkulu akayena umkhohlisi, ngoba “uJehova uyanengwa ngumuntu . . . onenkohliso.” (IHubo 5:6) OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bakusebenzela kanzima ukuba neqiniso, belingisa uNkulunkulu wabo. Isihloko esilandelayo sizohlola le ndaba.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani uJehova azi iqiniso ngayo yonke into?
• Yini ebonisa ukuthi uJehova uneqiniso?
• UJehova ulembule kanjani iqiniso?
• Ngokuqondene neqiniso, kufunekani kithi?
[Izithombe ekhasini 10]
UNkulunkulu weqiniso wazi konke ngakudalile
[Izithombe ekhasini 12, 13]
Izithembiso zikaJehova ziyogcwaliseka