Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 8/1 k. 28
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Sivumelekile Isithembu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasivumela Isithembu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Yini Engalungile Ngesithembu?
    I-Phaphama!—1991
  • Ungaba Kanjani Nokuphila Komndeni Okujabulisayo?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 8/1 k. 28

Imibuzo Evela Kubafundi

UJehova wasivumela isithembu ezincekwini zakhe zasendulo, ama-Israyeli, kodwa akasivumeli manje. Ingabe indinganiso yakhe iyashintsha?

UJehova akawushintshanga umbono wakhe ngesithembu. (IHubo 19:7; Malaki 3:6) Sasingeyona ingxenye yelungiselelo alenzele abantu ekuqaleni, futhi asiyona namanje. Lapho edala u-Eva njengomfazi ka-Adamu, uJehova wathi indinganiso yakhe kwakuwukuba indoda ibe nomfazi oyedwa. “Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.”—Genesise 2:24.

Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu Kristu wayiphinda le ndinganiso lapho ephendula ababembuza ngesahlukaniso nokuphinde ushade. Wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye.” UJesu wanezela wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.” (Mathewu 19:4-6, 9) Kusobala kulokhu ukuthi ukuthatha omunye noma abanye abafazi nakho kuwukuphinga.

Pho sasivunyelelwani isithembu endulo? Khumbula ukuthi akuyena uJehova owaqala lo mkhuba. Umuntu wokuqala oshiwo eBhayibhelini ukuthi wayenabafazi abangaphezu koyedwa uLameka, oyinzalo kaKhayini. (Genesise 4:19-24) Lapho uJehova eletha uZamcolo wosuku lukaNowa, uNowa wayenomfazi oyedwa kuphela kanjalo namadodana akhe amathathu. Bonke ababenesithembu babhujiswa uZamcolo.

Emakhulwini eminyaka kamuva lapho uJehova ekhetha ama-Israyeli njengabantu bakhe, abanye kuwo babenesithembu kakade, nakuba kusobala ukuthi okwakuvame kakhulu kwakuwukuba nomfazi oyedwa. UNkulunkulu akashongo ukuthi mayihlukane imikhaya enabafazi abangaphezu koyedwa. Esikhundleni salokho, wawubekela imithetho eqinile lo mkhuba.—Eksodusi 21:10, 11; Duteronomi 21:15-17.

Ukuthi lokhu kubekezelela isithembu kwakuyinto yesikhashana akubonakali nje kuphela ngalokho uJesu akusho ngendinganiso kaJehova yasekuqaleni ngomshado kodwa nangalokho umphostoli uPawulu akubhala ephefumulelwa umoya ongcwele kaNkulunkulu. Wathi: “Yileyo naleyo ndoda mayibe nowayo umfazi nalowo nalowo wesifazane abe nowakhe umyeni.” (1 Korinte 7:2) UPawulu waphefumulelwa nokuba abhale ukuthi noma iyiphi indoda emiswa ukuba ibe umbonisi noma inceku ekhonzayo ebandleni lobuKristu kumelwe kube “indoda emfazi munye.”—1 Thimothewu 3:2, 12; Thithu 1:6.

Ngakho, ukubekezelela kukaJehova isithembu kwaphela lapho kumiswa ibandla lobuKristu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Ngaleso sikhathi, indinganiso yomshado yabuyela kulokho eyayiyikho ekuqaleni kokudala kukaNkulunkulu owesilisa nowesifazane: ukuba indoda ibe nomfazi oyedwa. Yileyo indinganiso esebenzayo namuhla kubantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Marku 10:11, 12; 1 Korinte 6:9, 10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela