Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe UNkulunkulu Uyasivumela Isithembu?
Cha; isimiso uNkulunkulu asibeka e-Edene lapho eshadisa abantu bokuqala sithi indoda kumelwe ibe nomfazi oyedwa. Kamuva, uJesu Kristu wasigcizelela leso simiso nakubalandeli bakhe.—Genesise 2:18-24; Mathewu 19:4-6.
Ingabe amadoda aphila ngaphambi kwezikhathi zobuKristu anjengo-Abrahama, uJakobe, uDavide noSolomoni awazange abe nesithembu? Aba naso, kodwa iBhayibheli lithi yayinjani leyo mishado? Libonisa ukuthi kwakunezingxabano nokulwa emndenini ka-Abrahama noJakobe ngenxa yalo mkhuba. (Genesise 16:1-4; 29:18–30:24) Kamuva, uMthetho kaNkulunkulu wanezela nalo mthetho owawuqondiswe enkosini ngayinye: “Akufanele . . . izandisele abafazi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki.” (Duteronomi 17:15, 17) USolomoni akawulalelanga lo mthetho ngoba waganwa abafazi abangaphezu kuka-700! Okudabukisayo ukuthi inhliziyo yakhe yagcina iphambukile kuJehova ngenxa yethonya elibi labafazi bakhe abaningi. (1 AmaKhosi 11:1-4) Kusobala ukuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi isithembu sibi.
Noma kunjalo, abanye bangase bazibuze ukuthi kungani uNkulunkulu akhetha ukubekezelela isithembu phakathi kwabantu bakhe. Cabanga ngalokhu: Kwake kwenzeka yini wagcina ifenisha yakho ethile owawungasayifuni ngenxa yokuthi iguge kakhulu, kodwa wacabanga ukuthi ngeke kulunge ukuyilahla ngaleso sikhathi ngoba lokho kwakuzobanga izinkinga ezithile? Yiqiniso, izindlela nemicabango kaNkulunkulu kuphakeme kunokwethu. (Isaya 55:8, 9) Ngakho, kunezizathu ezinengqondo ezabangela uJehova wabekezelela isithembu okwesikhashana.
Khumbula ukuthi e-Edene uJehova wathembisa ukuthi wayeyoletha “inzalo” eyayiyogcina ibhubhise uSathane. Kamuva, u-Abrahama watshelwa ukuthi wayeyoba uyise wesizwe esikhulu nokuthi leyo Nzalo ebikezelwe yayiyovela ohlwini lwakhe lozalo. (Genesise 3:15; 22:18) USathane wayezimisele ukuvimba leyo Nzalo ukuba ingafiki. Ngakho, into ayeyifuna kakhulu kwakuwukuqeda isizwe sakwa-Israyeli wasendulo. Wayevame ukusiyenga ukuba sone ukuze uNkulunkulu angabe esasithanda noma asivikele.
Ukuze aphebeze lokho kuhlasela kukaSathane, uJehova wayethumela ngokuphindaphindiwe abaprofethi bakhe ukuba baxwayise abantu bakhe lapho bebonakala bechezuka ezimisweni zakhe ezilungile. Kodwa wayazi kusengaphambili ukuthi abantu bakhe babeyohluleka ngokuphindiwe ukulalela ngisho nemithetho eyisisekelo, njengokungakhonzi izithombe. (Eksodusi 32:9) Uma babehlulwa ukulalela umthetho oyisisekelo ngaleyo ndlela, babeyowulalela kanjani owenqabela isithembu? Njengoba uJehova ekuqonda kahle ukwakheka kwabantu, wabona ukuthi kwakungakabi isikhathi sokuwenqabela lo mkhuba owawusunezimpande. Ukube wawenqabela ngaleso sikhathi, kwakuyoba lula kakhulu ngoSathane ukuyengela ama-Israyeli esonweni.
Ukusibekezelela kukaJehova okwesikhashana isithembu kwasiza nangezinye izindlela. Kwasiza ekwandeni ngokushesha kwesizwe. Inani elikhulu labantu laliyoqinisekisa ukuthi isizwe sasiyoqhubeka sikhona kuze kube yilapho kufika uMesiya. Kungenzeka nokuthi isithembu sabavikela ngezinga elithile abesifazane, baba nekhaya ababengakhosela kulo ezikhathini eziyingozi.
Nokho, ungakhohlwa ukuthi uJehova akazange awusungule lo mkhuba. Wawubekezelela isikhashana esithile, ngesikhathi esifanayo wabeka imithetho ethile ukuze kungabi nabahlukumezekayo. (Eksodusi 21:10, 11; Duteronomi 21:15-17) Lapho uJehova ekhetha ukuqeda isithembu phakathi kwabakhulekeli bakhe, wasebenzisa iNdodana yakhe uqobo ukuba igcizelele isimiso somshado asimisa e-Edene. Yingakho-ke uJesu enqabela abalandeli bakhe ukuthatha isithembu. (Marku 10:8) Leli qiniso lacaca nakakhulu: UMthetho KaMose wawulungile ngesikhathi sawo, kodwa “umthetho kaKristu” muhle nakakhulu.—Galathiya 6:2.